Ngo-2010–2019
Cabanga Ngezibusiso
Okthoba 2012


Cabanga Ngezibusiso

uBaba wethu waseZulwini uyazi ngezidingo zethu futhi uzakusisiza uma sicela usizo Kuyena.

Bafowethu kanye nodade abathandekayo, lenkomfa iqeda iminyaka engu 49 njengoba ngasekelwa, ngoOkthoba 4, 1963, njengelungu Lekhoramu Lababostoli Beshumi Nambili. Iminyaka eyisishagalolunye iyiminyaka eminingi. Ngezindlela eziningi, kepha, isikhathi sibukeka sifishane kusukela ngesikhathi ngema endaweni yokukhuluma kwiThabenakeli futhi nganikeza inkulumo yami yokuqala kwinkomfa kawonkewonke.

Okuningi sekushintshile kusukela ngoOkthoba  4, 1963. Siphila esikhathini esikhethekile kumlandu wonhlaba. Sibusisekile ngokuningi. Futhi ngesinye isikhathi kunzima ukubona izinkinga kanye nomqondo ovulekile phakathi kwethu futhi singapheli amandla. Ngitholile ukuthi, kakhudlwana kunokugxila ezintweni ezingekho, uma singabheka emuva futhi sicabange ngezibusiso ezimpilweni zethu, kanye nezibukeka zincane, ngesinye isikhathi nezibusiso ezinganakiwe, singathola ukujabula okukhulu.

Njengoba ngaphinda ngabuka iminyaka engu 49 eyadlulayo, Ngiyengathola izinto ezimbalwa. Enye ukuthi izifundo eziningi engizitholile zazingezona ezingabukeka zimangaza. Ngokweqiniso, ngesikhathi zivela, njalo zazibukeka zingezona ezibonakalayo futhi ezijwayelekile. Kepha, ngokubheka emuva, zakhulisa futhi zabusisa izimpilo —hhayi nezinye ezami ezazincane. Ngingaluleka lomsebenzi kuwe—ngisho, ukuthi uthatha iqoqo ngempilo yakho futhi ubheke izibusiso, ezinkulu kanye nezincane, ozitholile.

Okuhlezi emqondweni wami ngasosonke isikhathi ukuthi imikhuleko yethu iyalalelwa futhi iphendulwe. Siyalazi iqiniso elitholakala ku 2 Nifayi eNcwadini kaMomoni: “Umuntu ungumuntu, ukuze athole injabulo.” 1 Ngibeka ubufakazi bami ukuthi yonke injabulo iza ngokubona ukuthi singakwazi ukukhulumisana kanye noBaba wethu waseZulwini ngomkhuleko nokuthi leyo mikhuleko izawulalelwa futhi iphendulwe—mhlawumbe hhayi kanjani futhi ngasiphi isikhathi silindele ukuba iphendulwe, kepha izaku phendulwa futhi nguBaba waseZulwini owaziyo futhi osithandayo ngokuphelele futhi ofisa sithole injabulo. Akazange Asithembise na, “Iba ngozithobileyo; futhi iNkosi uNkulunkulu uzakuhola ngesandla, futhi akunikeze impendulo yemikhuleko yakho”?2

Kwimizuzu embalwa enginikezwe yona, Ngithanda ukwabelana kanye nani isibonelo esincane sezifundo engazithola lapho imikhuleko yezwakala futhi yaphendulwa lapho, uma ngibheka umuva, kwaletha izibusiso empilweni yami kanye nasezimpilo zabanye. Ijenali yezinsuku zonke yami, engiyigcine kuyoyonke leminyaka, isize ukuletha okubalulekile lokho engicabanga ukuthi bekungeke ngakukhuluma.

Ekuqaleni kuka 1965, Nganikezwa umsebenzi wokuba ngiye kwinkomfa yesiteki futhi ngiphathe imihlangano kuyonke indawo Yeningizimu nePasifikhi. Ngangiqala ukuvakashela kuleyongxenye yomhlaba, futhi kwaba isikhathi esingasoze sakhohlweka. Okuningi okwakungcwele ngesimo kwenzeka ngalomsebenzi njengoba ngahlangana nabaholi, amalungu, kanye nabafundisi bezenkolo.

Ngempela viki yangoMgqibelo kanye Nesonto, uFebuwari 20 kanye no 21, sasise Brisbane, eAustralia, ukuyophatha imihlangano yenkomfa ejwayelekile yesiteki saseBrisbane.Ngesikhathi semihlangano ngoMgqibelo, ngaziswa kumongameli wesifunda esasiduzane nakuleyondawo. Ngenkathi ngixhawula isandla sakhe, ngabanomgqondo onamandla ukuthi ngangidinga ukukhuluma naye futhi ngimululeke, ngase ngimcela ukuba angiphelekezele kumhlangano wangeSonto ekuseni ngosuku olulandelayo ukuze lokhu kufezeke.

Emva komhlangano wangeSonto, sathola ithuba lokuvakasha sobabili. Sakhuluma ngemisebenzi yakhe eminingi njengomongameli wesifunda. Ngengoba senza njalo, ngazizwa ngigculisekile ukunikeza yena umbono obhekene nomsebenzi wabafundisi bezenkolo nokuthi yena kanye namalungu akhe bangasiza abafundisi bezenkolo ngokuphelele emisebenzini yabo endaweni yakhe. Ngathola kamuva ukuthi lendoda yayisoloku ikhulekela ukuholwa mayelana nalokhu. Kuye ukuvakasha kwethu kwakuwubufakazi obuyisipesheli ukuthi imikhuleko yakhe yezwakala futhi yaphenduleka. Lokhu kwabukeka kuwumhlangano ongabukeki umkhulu kepha wona engangikholelwa ukuba waholwa nguMoya ongcwele futhi owenza umehluko empilweni kamongameli wesifunda kanye nakubaphathi futhi nakwimpilo yamalungu akhe futhi nakwimpumelelo yabafundisi bezenkolo kuleyo ndawo.

Bafowethu kanye nodade, izinjongo zeNkosi sifezeka njalo njengoba silalela ukuholwa nguMoya ongcwele. Nginethemba ukuthi uma sivumela kakhulu ugqozu kanye nemigqondo eza kithi, iNkosi izakusinikeza kakhulu imisebenzi Yakhe.

Ngifundile, njengoba ngakhuluma kweminye yemilayezo, ungabekeli emuva ukugqugquzeleka. Kwesinye isehlakalo eminyakeni eminingi eyadlulayo, ngangibhukuda eDeseret Gym yakudala eSalt Lake City ngenkathi ngifikelwa ugqozi lokuba ngihambe ngiye Esibhedlela seNyuvesi ukuyo vakashela umngane wami owayelungile owahlukana nemilenze yakhe ngenxa yesifo imaligancy kanye nokuhlinzwa okwalandela. Ngashiya ichibi ngesidumo, ngembatha, masishane ngangena indlela yami ukuyobona lendoda eyayilungile.

Uma ngifika ekamelweni lakhe, ngathola ukuthi lalingena muntu. Emva kokubuza ngathola ukuthi mhlawumbe ngingamthola endaweni yokubhukuda khona lapho esibhedlela, endaweni eyayisetshenziselwa ukulapha umzimba. Lokho kwenzakala kanjalo. Waziholela lapho ngesihlalo sakhe esinamasondo futhi wayeyedwa lapho kulelokamelo. Wayesengxenyeni eqhelile kwichibi, eduzane kwendawo ejulile. Ngamemeza, wase eqhuba isihlalo sakhe esinamasondo ukuzongibingelela. Saba nosuku olujabulisayo, ngase ngimphelekezela ekamelweni lakhe lesibhedlela, lapho engamunikeza khona isibusiso.

Ngezwa kamuva kumgane wami ukuthi wayedumele ngempela ngalolosuku futhi wayesecabanga nokuzibulala. Wayekhulekela usizo kepha waqala ukuzwa ukuthi imikhuleko yakhe ayiphendulwa. Waya echibini ngomqondo wokuthi lokhu kungaba indlela yokuqeda ubuhlungu bakhe—ngokuhambisa isihlalo sakhe esinamasondo phakathi lapho ichibi lijulile khona. Ngafika ngesikhathi esibalulekile kakhulu, ekuphenduleni kwalokho engikwaziyo kwakuwugqozu oluvela phezulu.

Umngane wami wakwazi ukuphila iminyaka eminingi—iminyaka egcwele injabulo kanye nokubonga. Ngijabule kangakanani ukuba ngiyengaba ithulusi ezandleni zeNkosi kulolosuku elalibaluleke kakhulu echibini lokubhukuda.

Kwesinye isehlakalo, njengoba uDade uMonson kanye name sasishayela inqola emva kokuvakashela abangane, ngazizwa nginomqondo ukuthi kumele siye edolobheni—uhambo olunamamayeli amaningi—ukuyovakashela umfelokazi owayesekhulile futhi okewaphila ewadini yethu. Igama lakhe kwakungu Zella Thomas. Ngalesosikhathi, wayengumhlali kwisenta yokunakekelwa. Kuleyontambama samthola ephelelwe ngamandla kepha elele ngokuthula embhedeni wakhe.

uZella ube yimpumputhe isikhathi eside, kepha wakwazi ukuzwa amazwi ethu mashishane. Wacela ukuba ngimnikeze isibusiso, egcizelela ukuthi wayezimisele ukufa uma iNkosi yayifuna ukuba abuyele ekhaya. Kwaba khona umoya ongcwele omuhle, othulile ekamelweni, futhi sonke besazi ukuthi isikhathi sakhe esasisele salapha emhlabeni sasizoba sincane. uZella wangibamba ngesandla wasethi ukhulekile ngamandla ukuthi ngize ngizombona futhi ngimnikeze isibusiso. Ngamtshela ukuthi size ngenxa yogqozu oluvela kuBaba wethu waseZulwini. Ngamqabula esiphongweni sakhe, ngokwazi ukuthi mhlawumbe angisoze ngambona futhi ngokwempilo yangenyama. Lokho kwabayiqiniso, ngoba washona ngosuku olulandelayo. Ukwazi ukunikeza induduzo kanye noxolo kuZella wethu owayelungile kwaba isibusiso kuye kanye nakithi.

Ithuba lokuba yisibusiso empilweni yomunye liza njalo singalindelanga. Ngobunye ubusuku obakade ubanda kakhulu kunguMgqibelo ngesikhathi sasebusika ngo 1938 – 84, udade uMonson kanye nami sashayela amamayela amaningana ukuya entabeni yaseMidway, eUtah, lapho sinekhaya khona izinga lokubanda ngalobobusuku lalingaphansi kuka 24 wezingaqwa (–31°C), futhi sasifuna ukuqiniseka ukuthi konke kuhamba kahle ekhaya lapho. Sabheka futhi sathola ukuthi kwakulungile, sasesihamba sibuyela eSalt Lake City. Sakwazi ukuba siphumelele amamayela ambalwa ukuya emgwaqweni omkhulu ngaphambi kokuba imoto yethu ime ingasasebenzi. Sasixakekile ngempela. Ngangingajwayele, noma yinini, ukuba ngigodole kanjena ngalobobusuku.

Ngokungabaza saqala ukuhamba sibheke ngasedolobheni eliseduze, izinqola zisidlula zipopoza. Ekugcineni imoto eyodwa yema, futhi insizwa esencane yazinikezelela ukuba isize. Sagcina sitholile ukuthi udizili owawusentangini lwenqola luye lwashuba ngenxa yamakhaza, okwenza kwaba nzima kithina ukuba sishayele inqola. Lensizwa encane eyayilungile yashayela isibuyisela emuva ekhaya lethu eMidway. Ngalingeka ukuba ngimkhokhele ngenxa yosizo lwakhe, kepha ngomusa wenqaba. Wakhombisa ukuthi wayenguMfana Ongumhloli futhi ofuna ukubuyisela okuhle. Ngaziveza kuyena, futhi wakhombisa ukujabulela lokho okungumusa okuba asize. Ngamcabangela ukuthi angaba kumnyaka yobufundisi bezenkolo, ngabuza ukuba wayeneplani lokuyosebenza kumishini. Wabonisa ukuthi wayenganaso isiqiniseko sokuba wayefuna ukwenzani.

Umsombuluko olandelayo ekuseni, ngabhalela incwadi lensizwa esencane ngiyibonga ngomusa wayo. Encwadini ngamgqugquzela ukuba ayosebenza kumishini ngokuphelele. Ngafaka enye yamakhophi ezincwadi zami futhi ngagcizelela izehluko ngomsebenzi wobufundisi bezenkolo.

Emva kweviki umama walensizwa esencane wangishayela ucingo engiyalela ukuthi indodana yakhe yayindoda encane eyayihlakaniphile kepha ngenxa yezimfundiso ezinye empilweni yayo, isifiso sakhe sakudala ukuyosebenza kumishini sashabalala. Wakhuluma ukuthi yena kanye nobaba wayo bayebazila futhi bakhulekela ukuthi inhliziyo yayo ingashinstha. Babeka igama layo kuhlelo lokukhulekela eThempelini laseProvo eUtah. Bathemba ukuthi ngandlela thize, ngenye indlela, inhliziyo yayo ingathinteka ngokulunga futhi ibuyele esifisweni sayo ukugcwalisa imishini futhi nokuyosebenzela iNkosi ngokholo. Unina wayefuna mina ngazi ukuthi wabona lesehlakalo salobobusuku obumakhaza njengempendulo yemikhuleko yakhe esikhundleni sakhe. Ngathi, “Ngiyavumelana kanye nawe.”

Emva kwezinyanga ezimbalwa futhi nokukhulumisana kanye nalensizwa esencane, uDade uMonson kanye nami sajabula kakhulu ukuya emcimbini wakhe wokumvalelisa kumishini ngaphambi kokuba ahambe aye kumishini eKhanada Vancouver.

Ingabe kwaba inhlanhla ukuba izindlela zethu zihlangane kulobobusuku obumakhaza kaDisemba? Angithembi nakancane. Kakhudlwana, ngikholelwa ekutheni ukuhlangana kwethu kwakuyimpendulo kumthandazo oqotho kamama kanye nobaba ngendodana abayithandayo.

Futhi, bafowethu kanye nodade, uBaba wethu waseZulwini uyazi izidingo zethu futhi uzakusisiza njengoba sicela usizo Kuye. Ngikholelwa ukuthi akukho ukukhathazeka kwethu okuncane kakhulu noma okungabalulekile. iNkosi phakathi kwemininingwane yezimpilo zethu.

Ngizothanda ukuvala ngokulandisa enye yezimfundo ezenzeke maduzane esathintha abayikhulu. Kwenzeka kumcimbi wokubhiyozela imvelaphi eThempelini laseDolobheni iKansas, emva nje kwezinyanga ezinhlanu ezadlula. Njengoba okuningi okwenzekayo ezimpilweni zethu, ngalesosikhathi kubukeka sengathi enye yezimfundiso lapho yonke into ihamba kahle. Kepha-ke, njengoba ngafunda ngezimo ezihlangene nomcimbi wokubhiyozela imvelaphi ngalobobusuku ngaphambi kokuba ithempeli libusiswe, ngabona ukuthi umsebenzi ngalobobusuku wawungajwayelekile. Kepha, wawuyisimangaliso.

Njengazonke izehlakalo zemvelaphi ezenzeka kanye nokubusisa kwethempeli, abasebasha eDolobheni laseKansas Missouri kwiSifunda seThempeli bazilolongela umsebenzi wokubukisa ngamaqembu ahlukene ezindweni zabo. Iplani kwakungukuthi bazakuhlangana bonke ndawonye kwisenta enkulu yakamasipala eyayichashiwe ekuseni kwangoMgqibelo komsebenzi wokubukisa ukuze bafunde ukungena ngesikhathi esithize futhi bakwazi ukungena kanjani, lapho ekumele bame khona, futhi isikhala esingakanani esimele sibe khona phakathi kwabo kanye nomuntu oseceleni kwabo, basishiye kanjani isiteji, njalonjalo —imininingwane eminingi ekwamele bayikhumbule kulolosuku njengoba labo ababephethe behlanganisa izithombe ndawonye ukuze umsebenzi wokugcina ubukeke umuhle futhi une zinga eliphakeme.

Kwakunenkinga eyodwa futhi enkulu ngalolosuku. Abakhi bombukiso bonke babethembele kwiziqephu esezithwebuliwe lezo ezazizoboniswa kumbukiso omkhulu owaziwa ngokuthiwa iJumbotron. Leziqephu esezirekhodiwe zazibalulekile kakhulu kuwowonke ophethelene nokwakha umbukiso. Abazange bahlanganise konke ndawonye, kepha esinye nesinye isiqephu sasizoboniswa umdlalo olandelayo. Isiqephu serekhodi sasiphethe isiqephu esasisasazwa kumabona kude leso abakhi bombukiso bathembele kuso.

Abasebenza ngokulungisa basebenza kanzima ukuxazulula inkinga ngesikhathi abasebasha balindile, abangamakhulu babo, baphelelwa isikhathi sokuzilolonga. Isimo sabukeka singezu kulunga.

Umbhali kanye nomqondisi womcimbi, uSusan Cooper, ekugcineni wachaza: “ Njengoba sisuka ku PlaniA ukuya ku B kuya ku Z, sasazi ukuthi kwakungasebenzeki …Njengoba sasibuka uhlelo, sasazi ukuthi kwakuzoba ngaphezulu kwethu, kepha sasazi ukuthi sinezinye ezingamandla amakhulu ngaphansi—3,000 yolusha. Sasidinga ukuya phansi kubo siyobatshela [bona] ukuthi kwakwenzekalani futhi sisebenzise ukholo lwabo.” 3

Kwakusele ihora nje phambi kokuba ababukeli baqale ukungena kwisenta, abasebasha abangu 3,000 baguqile phansi futhi bekhuleka ndawonye. Bakhulekela ukuthi labo abasebenza kuJumbotron bangathola ugqozu lokwazi ukuthi benzeni ukuze bayilungise; bacela kuBaba wabo waseZulwini ukuba enze lokho bona abangakwazi ukukwenza ngenxa yesikhathi esasingasekho.

Wakhuluma omunye owabhala ngayo emva, “Kwakungumkhuleko abasebasha engeke basoze bawukhohlwa hhayi ngenxa yokuthi phansi kwakuqinile, kepha umoya ongcwele wancibilikisa amathambo abo.” 4

Akuzange kwaphela isikhathi eside omunye wabasebenzi ngokulungisa weza ukuzobatshela ukuthi inkinga itholakele futhi isilungisiwe. Wabhekisa isixhazululo kwinhlanhla, kepha bonke labo abasebasha babazi kangcono.

Ngesikhathi singena kwisentha kamasipala ngalobobusuku, sasinganawo umbono ngobunzima bosuku. Safunda ngabo kuphela ekugcineni. Lokho esakubona, kodwa, kwakungumbonakaliso, omuhle, okhazimulayo—enye emihle kakhulu engike ngayibona. Ulusha lwakhipha umoya ongcwele onenkazimulo, onamandla owezwa nguwowonke okade elapho. Babebukeka bazi ukuba bangena kuphi, kumele bame kuphi, futhi nokwazi ukusebenzisana nalabo ababengabadlali eduzane nabo. Ngenkathi ngithola ukuthi ukuzilolonga kwabo kwayekiswa masishane nokuthi ezinye zezingoma azange zalolongwa yiqembu lonke, ngamangala. Akekho aweyezokwazi. iNkosi ngempela yenza umehluko.

Angiyekeli ukuba ngimangaliswe ngendlela iNkosi ingagqugquzela futhi ihole ubude kanye nobubanzi bombuso Wakhe futhi abe nesikhathi sokuletha ugqozu mayelana noyedwa—noma owodwa umcimbi wokubhiyozela imvelaphi noma eyodwa iJumbotron. Iqiniso ukuthi Uyakwazi, futhi Uyenza, kungubufakazi bami.

Bafowethu kanye nodade, iNkosi ikhona ezimpilweni zethu zonke, Yena uyasithanda. Ufuna ukusibusisa. Ufuna sifune usizo lwakhe. Njengoba Yena asikhomba futhi asihola njengoba Yena ezwa futhi aphendule imikhuleko yethu, sizakuthola injabulo lapha kanye nalapho leyo Yena ayifisayo ngathi. Make sibheke izibusiso ezimpilweni zethu, ngiyakhuleka egameni likaJesu Krestu, uMsindisi wethu, amen.

Notes

  1. 2 uNifayi 2:25.

  2. Imfundiso kanye Nezivumelwano 112:10.

  3. Susan Cooper, in Maurine Proctor, “Nothing’s Too Hard for the Lord: The Kansas City Cultural Celebration,” Meridian Magazine, May 9, 2012, ldsmag.com.

  4. Proctor, Meridian Magazine, May 9, 2012.