Ngo-2010–2019
Wokuzisola kanye nokubeka Izinqumo
Okthoba 2012


Wokuzisola kanye nokubeka Izinqumo

Uma sizibandakanya ngokulandela ubungcwele kanye nenjabulo, singahle singene kancane endleleni yokuzisola.

Ngokuzisola

Mongameli Monson, siyakuthanda. Siyabonga ngesimemezelo ezigqugquzelisayo futhi esibalulekile mayelana nethempeli Elisha kanye nomsebenzi wabafundisi bezenkolo. Ngenxa yabo, Ngiyathemba izibusiso eziphakeme zizakuza kithi kanye nakwizizukulwane ezizayo.

Bafowethu kanye nodade abathandekayo, bangane bami abathandekayo! Sonke siphila ngokwenyama. Ngiyathemba ukuthi lokhu angeke kwavela njengesimangaliso kunoma ngubani.

Akekho noyedwa kithina ozakuba emhlabeni isikhathi eside. Sineminyaka ebalulekile leyo, esimweni sangunaphakade, asifiki ngisho nokucwayiza kweso.

Bese-ke siyehlukana. Imiphefumulo yethu “ iyahanjiswa ekhaya kuloyo Nkulunkulu owasinikeza [thina] impilo.” .”1 Sibeka phansi imizimba yethu futhi siyekele izinto zalomhlaba njengoba singena embusweni olandelayo wempilo yethu .

Ngenkathi sisebancane, kubukeka sengathi sizawuphila ingunaphakade. Sicabanga ukuthi ilanga lizakuvela unomphela ngaphezudlwana nje kwembulunga, futhi ikusasa lethu libukeka njengendlela engapheliyo enwebekile phambi kwethu.

Kepha-ke, uma sikhula, sibheka kakhulu emuva futhi simangalele ubufishane baleyondlela. Simangalele ukuphangisa mashishane kweminyaka. Futhi siphinde sicabange ngokhetho esilwenzile kanye nezinto esizenzile. Esehlakalweni, sikhumbula izikhathi ezinhle eziletha ukufudumala emphefumulweni yethu kanye nenjabulo ezinhlizweni zethu. Kepha siyakhumbula futhi ukuzisola —izinto ezifisa ukuba singabuyela kuzona emuva futhi sizishintshe.

Umongikazi onakekela labo abagulayo uthi wayehlala njalo ebuza umbuzo olula kwizigulane zakhe njengoba bezilungiselela ukushiya lemphilo.

“Unakho ukuzisola na? ebuza. 2

Ukuba seduzane kulelosuku lokugcina esikhathini esiningi kuletha ukucaca emcabangweni futhi kuletha umqondo kanye nombono. Manje-ke ngenkathi labantu bebuzwa mayelana nokuzisola kwabo, bavula izinhliziyo zabo. Babhekisa kulokho ababengakushintsha uma nje kuphela bebangabuyisela isikhathi emuva.

Njengoba ngangicabanga lokho abakusho, kwangithinta ukuthi imithetho yokuqala yevangeli likaJesu Krestu ingashintsha ngokulunga indlela yempilo yethu, uma nje kuphela singawusebenzisa.

Akukho olutheni olumangazayo mayelana nemithetho yevangeli. Sikufundile emibhalweni engcwele, sixoxisane ngayo kuSonto Sikole, futhi siwuzwile isikhathi esiningi endaweni yokukhuluma. Lemithetho engcwele kanye nezimilo ziqondile futhi ziyezwakala kahle; zinhle, zijulilele, futhi zinamandla; futhi nangempela zingasisiza sikwazi ukugwema ukuzisola okuzayo.

Ngifisa Ukuba Ngiyengachitha Isikhathi Esiningi kanye Nabantu Engibathandayo

Mhlawumbe ukuzisola okujwayelekile ukuba izigulane ezifayo zakhuluma ukuthi babefisa ukuba bayebachitha isikhathi esiningi kanye nalabo ababathandayo.

Ikakhulukazi amadoda acula lesililo sokuzila esijwayelekile: bona “ bazisola kakhulu ngokuchitha isikhathi esiningi sezimpilo zabo ku [suku] endaweni … yokusebenzela.”3 Abaningi bahlukane nokucabanga ngokhetho lelo eliza ekuchitheni isikhathi kanye nomndeni kanye nabangane. Bakhumbula ukwakha ubudlelwane obuqinile kanye nalabo ababalulekile kubo.

Akulona iqiniso ukuthi esikhathini esiningi sihlala simatasatasa? Futhi, kuyadabukisa ukuthi, futhi sigqoka ubutasatasa bethu njengebheji yokuhlonishwa, sengathi ukuba matasatasa, ngokwakhona ukuphumelela noma isiboniso sempilo ephakeme.

Kunjalo?

Ngicabanga ngeNkosi futhi Nesiboneleo, uJesu Krestu, kanye nempilo Yakhe emfishane phakathi kwabantu baseGalilee kanye naseJerusalema. Ngizamile ukumcabanga Yena amatasatasa phakathi kwemihlangano noma esebenza ngokwenza izinto eziningi ukuthola uhlelo lwezinto ezibalulekile ukuba zifezeke.

Angikuboni lokho.

Kepha ngibona iNdodana kaNkulunkulu eyayinesihawu futhi nokukhathalela abanye iphila impilo nsuku zonke ngenjongo. Ngenkathi ehlangana nalabo ababeseduzane Naye. Bazizwa bebalulekile futhi bathandeka. Wayazi isisindo esingapheliyo sabantu Yena ayehlangana nabo. Wababusisa, wabashumayela. Wabaphakamisela phezulu, wabaphilisa. Wabanikeza isipho esihle kakhulu sesikhathi Sakhe.

Esikhathini sethu kulula nje ukwenza sengathi sichitha isikhathi nabanye. Ngokucifiza i-mouse, singa “xhumana” kanye nabayizinkulungwane zaba “ngane: ngaphandle kokubonana ngamehlo enyama nomunye wabo. iTheknoloji ingaba into enhle, futhi iyasiza ngenkathi singekho eduzane nalabo esibathandayo bethu. Mina kanye nonkosikazi wami sihlala kude kakhulu kunamalungu emndeni ethu abalulekile; siyakwazi lokho ukuthi kunjani. Kepha-ke, Ngiyathemba ukuthi asihambi endleleni eyiyona elungile, umuntu munye noma siwumphakathi, uma sixhumana kanye nomndeni ikakhulukazi ngokuposa izithomba ezihlekisayo, sithumele izinto ezingabalulekile, noma sixhumanisa esibathandayo kumasayithi e-internethi. Ngiyathemba ikhona indawo yalemisebenzi, kepha kuyisikhathi esingakanani esifisa ukusichitha khona? Uma sihluleka ukunikezela ngokwethu kanye nesikhathi esingahlukene kulabo ababulukeke ngokweqiniso kithina, ngolunye usuku sizakuzisola.

Make senze isinqumo sokunakekela labo esibathandayo ngokugcina isikhathi esibalulekile kanye nabo, senze izinto sonke, futhi sikhulise izinkumbulo ezithandekayo.

Ngifisa Sengathi Ngiyengafinyelela Ekhonweni Lami

Futhi okunye ukuzisola abantu abakushoyo kwakuwukuthi bahluleka ukuba ilowo muntu babezizwa sengathi bangahle babe nguyena. Uma bebheka emuva ngempilo yabo, bayabona ukuthi azange bafinyelele ekhonweni labo, ukuthi izingoma eziningi zisele zingekaculwa.

Angikhulumi lapha ngokugibela isitebhisi sokuphumelela kumabizo ahlukene ethu. Lesositebhisi noma-ke singabukeka sengathi silunge kakhulu lapha emhlabeni, cishe kufike esinyathelweni esisodwa kuhambo olukhulu olulindele thina.

Kodwa, Ngikhulumela ekubeni ngibe umuntu loyo uNkulunkulu, uBaba wethu wasZulwini, ahlose ukuba thina sibe uyena.

Sifika lapha kulomhlaba, njengoba asho umbhali nkondlo, “amafu wenkazimulo ahambayo” 4 avela empilweni yangaphambili kwalena.

uBaba wethu WaseZulwini ubona ikhono lwethu lwangempela. Wazi izinto ngathi thina esingazazi ngokwethu.

Yingani, pho, sizinikezela ngesikhathi sethu kakhulu kanye nomfutho ezintweni lezo eziphelayo, ezingabalulekile, futhi okungezona ezempela? Siyenqaba ukubona umsangano wokulandela ezingabalulekile futhi eziphelayo?

Kungaba ukuhlakanipha kithina ukuba “sibekele [thina] imicebo ezulwini, lapho ibhu noma ukugqwala kungoni, futhi lapho amasela angangeni phakathi noma batshonsthe na”?5

Siyenza kanjani lokho? Ngokulandela isibonelo soMsindisi, ngokusebenzisa izimfundiso Zakhe ezinsukwini zezimpilo zethu, ngokuthanda uNkulunkulu kanye nabazalwane ngokweqiniso.

Nangempele angeke sakwazi ukwenza lokho sihudula izinyawo, sibheke isikhathi isikhathi eside, sikhonondela njengoba sibhekane nokusiza abanye.

Uma kufika ekuphileni ivangeli, akumele sibe njengomfana owafaka uzwane lwakhe emanzini futhi wasebika ukuba uhambile wayobhukuda. Njengamadodana kanye namadodakazi kaBaba wethu waseZulwini, sinekhono lokwenza okuningi. Ngokuba, izinhloso ezilungile azanele. Kumele senze. Okubaluleke kakhulu, kumele sibe yilokho uBaba waseZulwini afuna sibe yikhona.

Ukubeka ubufakazi ngevangeli kuhle, kepha ukuba yisibonelo esiphilayo sevangeli elibuyisiwe kungcono kakhulu.Ukufisa ukuba sithembeke kakhulu ezivumelwaneni zethu kuhle; ngempela ukuba nokholo ezivumelwaneni ezingcwele—ngisho nokuphila impilo elungile, ukukhokha okweshumi kanye nokunikela, ukugcina izwi lenhlakanipho, futhi nokusebenzela ngokusiza labo abanezidingo—kulungile kakhulu. Ekumemezeleni ukuthi sizakubeka isikhathi esiningi ekuthandazeni njengomndeni, ukufunda umbhalo ongcwele, kanye nemisebenzi ephathelene kanye nomndeni wonke ulungile; kepha ngokweqiniso ukwenza zonke lezinto kancane kancane kuza letha izibusiso zasezulwini ezimpilweni zethu.

Ukuba ngabalandeli ukulandela ubungcwele kanye nenjabulo. Kuyindlela yethu yokuba sijabule kakhulu.

Make sikhethe ukulandela uMsindisi futhi sisebenze ngokucophelele ukuba sibe ngulowomuntu esenzelwe ukuba sibe nguyena. Make silalele futhi sihloniphe ukugqugquzelelwa nguMoya oyiNgcwele. Njengoba senza njalo, uBaba waseZulwini uzakuveza izinto kithi ekade singazazi ngathi. Uzakukhanyisa indlela phambi kwethu futhi avule amehlo ethu ukuba sibone amakhono angaziwa futhi mhlawumbe amakhono esingazange sacabanga ukuthi sinawo.

Uma thina sizibandakanya kakhulu ekulandeleni ubungcwele kanye nenjabulo, sizakuba kancane endleleni yokuzisola. Uma sithembele kumusa woMsindisi, yilapho esizakuzizwa ukuthi sisendleleni leyo uBaba wethu waseZulwini ahlose ukuba siyithathe.

Ngifisa Sengathi Ngazivumela Ukuba Ngijabule Kakhulu

Okunye ukuzisola kwalabo ababebazi ukuba sebazokufa kungahle kumangaze ngenye indlela. Bafisa sengathi bazivumela ukuba bajabule kakhudlwana.

Esikhathini esiningi sizithola sisemcabangweni ongekho ukuthi kunento engekho eduzane kithi engaletha kithi injabulo: isimo somndeni esingconywana, isimo sezimali esingconywana, noma emaphethelweni wesivivinyo esinzima.

Uma sikhula, sibheka kakhulu emuva futhi sibuke ukuthi izimo ezingaphandle azisho lutho noma azinqumi injabulo yetho.

Thina sibalulekekile.Thina sinquma injabulo yethu.

Mina nawe ekugcineni yithina esiphethe injabulo yethu.

Unkosikazi wami, uHarriet, kanye nami sithanda ukugibela amabhayisikili. Kuyajabulisa ukuphumela ngaphandle futhi sijabulele ubuhle bemvelo. Sinezindlela zethu esithanda ukuzi hamaba, kepha asinaki kakhulu ukuba sihambe kangakanani noma siqhuba ngesivinini esingakanani uma siqhathanisa nabanye abagibeli bamabhayisikili.

Kepha-ke, ngesinye isikhathi ngicabanga ukuthi kumele sibe nomfutho wokuncintisana kakhudlwana. Futhi ngicabanga ukuthi singathola nesikhathi esingcono noma sigibela ngejubane eliphezulu uma nje kuphela singasebenza kakhudlwana. Bese-ke ngesinye isikhathi ngenza iphutha elikhulu lokukhuluma ngalombono kunkosikazi wami othandekayo.

Ukuphatheka kwakhe okujwayelekile kumbono wami ngalendlela njalo kunomusa omkhulu, kucacile kakhulu, futhi kuqondile kakhulu. Uyamoyizela bese ethi, “Dieter, akusiwona umjaho; kuwuhambo. Jabulela lesikhashana.”

Angaba neqiniso kangakanani!

Ngesinye isikhathi empilweni sibhekisisa emaphethelweni bese sihluleka ukuthola injabulo kuhamba lona ngokwalo. Angihambi kanye nonkosikazi wami ngamabhayisikili ngokuba ngijabulela ukuceda. Ngiyaya ngokuba ulwazi engilithola nginaye lumtoti futhi liyajabulisa.

Akubukeki sengathi ubulima ukumosha ubumtoti kanye nolwazi lwenjabulo ngokuba njalo silindele isikhathi lapho kuzophela?

Silalela umculo omnandi silindele inothi yokugcina ukuba iphele ngaphambi kokuba thina sijabule ngokweqiniso? Cha. Silalela futhi sixhumane nomculo ohlukene, isigqi, kanye nokuvumelana phakathi kwengoma.

Sibeka imithandazo yethu kuphela ngo “amen” noma isiphetho emgqondweni?Cha akusinjalo. Sithandazela ukuba seduzane kanye noBaba wethu waseZulwini, ukuthola uMoya Wakhe ongcwele futhi sizwe uthando Lwakhe.

Akumele silindele ukuba sijabule kuze kufike ibanga elithize elizayo, bese sithola kuphela ukuthi leyo njabulo kade ihlezi ikhona—sonke isikhathi! Impilo akumele yajabulelwa kuphela ngokubheka izinto esezidlulile empilweni. “Lolu usuku iNkosi elenzile … ,” umculi wabhala. “Thokoza futhi ujabulele ukuba kulona.”6

Bafowethu kanye nodade, noma isimo sethu sinjani, noma izivivinyo zethu noma izinyamezelo zethu zinjani, kunento nsuku zonke esingayijabulela futhi siyilondoloze. Kunento nsuku zonke leyo eletha ukubonga kanye nenjabulo kuphela nje uma singayibona futhi siyijabulele.

Mhlawumbe kumele sibheke kancanyana ngamehlo ethu bese kakhudlwana ngezinhliziyo zethu. Ngithanda lesisho: “Umuntu obona kahle kuphela ngenhliziyo. Noma yini ebalulekile ayibonakali ngamehlo.” 7

Siyaliwe “ukuba sibonge kuzozonke izinto.”8 Akusincono ukuba sibone ngamehlo ethu kanye nezinhliziyo ngisho nezinto ezincaneesingakwazi ukuba sikubonge, ngaphandle kokukhulisa okungalungile esimweni sethu samanje?

INkosi ithembisile, “Loyo owamukelayo zonke izinto ngokubonga uzakuthola udumo; kanye nezinto zalapha emhlabeni zizakungezwa kuyena, futhi namakhulu aphindekile.”9

Bafowethu kanye nodade, nezibusiso eziningi zikaBaba wethu waseZulwini, iPlani lakhe elinomusa lwensindiso, amaqiniso angempela wevangeli elibuyisiwe, kanye nalohambo lwasemhlabeni oluhle, “asizange sicabange ukuthokoza na? ”10

Make sicabange ngokuba sijabule, noma ngabe isimo sethu sinjani.

Wokubeka Izinqumo

Ngolunye usuku sizakuthatha isinyathelo esingeke sagwemeka futhi sidlule kulendawo yasemhlabeni siye kwenye indawo. Ngolunye usuku sizabheka emuva ngezimpilo zethu futhi sicabange uma besingaba ngcono, senze ukhetho olungcono, noma sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakaniphileyo.

Ukugwema ukuzisola ngokweqiniso kwempilo, kungaba ukuhlakanipha uma singenza izinqumo namuhla, Ngakho-ke, asenze njalo:

  • Khetha ukuba uchithe isikhathi esiningi kanye nalabo esibathandayo.

  • Khetha ukuba uzame kakhudlwana ngokuzimisela ukuba ube umuntu uNkulunkulu afuna ube nguyena.

  • Khetha ukuba uthole injabule, noma ngabe isimo sethu sinjani.

Kungubufakazi bami ukuthi okuningi ukuzisola kwangempela kwakusasa kungagwenywa ngokulandela uMsindisi namuhla. Uma sonile noma senze iphutha—uma senze ukhetho lolo manje esizisolayo ngalo—kunesipho esihle sokuHlawulelwa kukaKrestu, ngakho singakwazi ukuxolelwa. Asikwazi ukubuyela emuva futhi sishintshe osekudlulile, kepha singacela uxolo. Umsindisi angasusa izinyembezi zakho zokuzisola11 futhi asuse umthwalo wezono zethu.12 Ukuhlawulelwa Kwakhe kusivumela ukuba siyekele osekudlulile emuva futhi siye phambili ngezandla ezihlanzekile, inhliziyo ehlanzekileyo,13 nokuzimisela ukwenza okungcono futhi kakhulukazi ube ngcono.

Yebo, lempilo idlula masishane; izinsuku zethu zibukeka sengathi ziphela masishane; futhi ukufa kubukeka kusabeka ngesinye isikhathi. Noma-ke kunjalo, umoya wethu uzaqhubeka uphile futhi ngolunye usuku uhlanganiswe kanye nomziba ovukile ukuba uthole umbuso wakuphila ingunaphakade. Ngibeka ubufakazi bami ukuthi ngokuba uKrestu unozwelo, sonke sizakuphila futhi siphile ingunaphakade. Ngokuba uMsindisi wethu kanye Nomkhululi, ngolunye usuku sizakuzwisisa ngokweqiniso futhi sithokozele umqondo wamagama “ ubuhlungu bokufa bususiwe nguKrestu.”14

Indlela yokugcwalisa ikusasa lethu elingcwele njengamadodana kanye namadodakazi kaNkulunkulu kuyingunaphakade. Bafowethu kanye nodade bami abathandekayo, bangane abathandekayo, kumele siqale sihambe leyo lendlela yangunaphakadenamuhla; akumele sithathe kalula usuku olulodwa. Ngiyathandaza ukuthi singalindi kuze kufike esikhathini sokuba sizimisele ukufa ngaphandle kokufunda iqiniso lokuphila.