ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 135


Isigaba 135

Isaziso ngokufela ukholo kukaJoseph Smith umPhrofethi nomfowabo, uHyrum Smith uMphatriyakhe, eCarthage, e-Illinois, ngomhlaka 27 Juni, 1844. Lombhalo wafakwa ekugcineni encwadini yeMfundiso neziVumelwano yangonyaka ka 1844, okwase kusele kancane ukuba ilungele ukukhishwa ngesikhathi uJoseph noHyrum Smith bebulawa.

1–2, UJoseph noHyrum bafela ukholo beseTilongweni lase Carthage; 3, Isikhundla esikhulu somPhrofethi siyamenyezelwa; 4–7, Igazi labo elingenacala lifakaza ngokuthi lomsebenzi uyiqiniso nokuthi uvela kuNkulunkulu.

1 Ukuqinisa ubufakazi balencwadi neNcwadi kaMormoni, sazisa angokufela ukholo kuka buJoseph Smith umPhrofethi, noHyrum Smith uMphatriyakhe. Badutshulwa bese ctilongweni laseCarthage, ngomhlaka 27 Juni 1844, ngezikhathi zehora lesihlanu ntambama, yisixuku esasihlomile—bezipende baba mnyama—sabantu ababeyikhulu namashumi amahlanu kuya kumakhulu amabili. dUHyrum wadutshulwa kuqala futhi wawa ngesizotha, ememeza ethi: Ngiyindoda efileyo! UJoseph wagxuma esuka ewindini, futhi wadutshulwa wafa kulowo mzamo, ememeza ethi: O Nkosi Nkulunkulu wami! Bobabili badutshulwa emva kokuba sebefile, ngendlela enonya, futhi bobabili bathola izinhlamvu ezine.

2 aUJohn Taylor noWillard Richards, ababili babayiShumi namBili, kwakuyibona bantu kuphela endlini ngaleso sikhathi; owokuqala walinyazwa ngendlela enonya ngezinhlamvu ezine, kodwa wabuye walulama; owesibili, ngosizo lukaNkulunkulu wasinda ngaphandle ngisho kwembobo engutsheni yakhe.

3 aUJoseph Smith, umPhrofethi no bMboni weNkosi, usenze okuningi, ngaphandle kukaJesu kuphela, ukuze abantu basindiswe kulomhlaba, kunanoma yimuphi omunye umuntu owake waphila kuwo. Esikhathini esifishane seminyaka engamashumi amabili, useveze iNcwadi kaMormoni, ayihumushe ngesipho nangamandla kaNkulunkulu, futhi ube yindlela yokuyikhipha kumazwekazi amabili; usethumele cukuphelela kwevangeli laphakade, eliqukethwe yiyo, emagunjini amane omhlaba; useveze izambulo nemiyalelo eyenza lencwadi yeMfundiso neziVumelwano, futhi neziningi ezinye izincwadi ezinolwazi nezimfundiso ukuze kuzuze abantwana babantu; usehlanganise izinkulungwane eziningi zabaNgcwele beziNsuku zokuGcina, usemise didolobha elikhulu, futhi washiya udumo negama okungeke kwashabalaliswa. Waphila emkhulu, futhi wafa emkhulu emehlweni kaNkulunkulu nakubantu bakhe; futhi njengabaningi abagcotshiweyo beNkosi ezikhathini zasendulo, usekuqinisile ukuthunywa kwakhe nemisebenzi yakhe engegazi lakhe uqobo; futhi ngokunjalo nomfowabo uHyrum. Empilweni babengehlukene, futhi nasekufeni babengehlukene!

4 Ngesikhathi uJoseph eya eCarthage ukuyoziletha kulokho okwakuthiwa kuyizidingo zomthetho, ezinsukwini ezimbili noma ezintathu ezandulela ukubulawa kwakhe, wathi: “Ngihamba njenge amvana iyohlatshwa; kodwa ngizolile njengokusa kwasehlobo; nginonembeza ongenacala kuNkulunkulu, nakubantu bonke. Ngizofa ngingenacala, futhi ngesikhathi esizayo kuyothiwa ngami—wabulawa ngonya”—Ngalokho kusa, emva kokuba uHyrum eselungiselele ukuhamba—ngabe kufanele kuthiwe ukuyobulawa na? yebo, ngokuba kwabanjalo—wafunda lesi sigaba esilandelayo, ngasekupheleni kweseshumi nambili isahluko sika-Etere, eNcwadini kaMormoni, wayesegoqa ikhasi lencwadi kulesosigaba:

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngakhuleka eNkosini ukuthi ibe nomusa kwabeZizwe, ukuze babe nesihe. Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yathi kimi: Uma bengenaso isihe akusho lutho kuwe, wena wethembekile; ngalokho-ke izingubo zakho ziyokwenziwa azihlanzeke. Futhi ngenxa yokuthi ububonile ubuthakathaka bakho, uyokwenziwa uqine, ngisho kangangoba uzohlala phansi endaweni engiyilungisile ezindlini eziningi zikaBaba. Manje mina … sengiyavalelisa kwabeZizwe; yebo, futhi ngokunjalo nakubafowethu engibathandayo, kuze kube sihlangana phambi bkwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, lapho bonke abantu beyokwazi ukuthi izingubo zami azichaphazelekanga ngegazi lenu. cOfakazi sebefile manje, futhi nobufakazi babo bunamandla.

6 UHyrum Smith wayeneminyaka engamashumi amane nane ubudala ngoFebruwari, 1844, kanti uJoseph Smith wayeneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili ngoDisemba, 1843; futhi kusuka manje amagama abo ayobalwa nawalabo abafela ukholo; futhi umfundi kuzo zonke izizwe uyokhumbula ukuthi iNcwadi kaMormoni, nalencwadi yeMfundiso neziVumelwano zebandla, zabanga ukuchitheka kwegazi elihle kakhulu lekhulu neshumi nesishiyagalolunye leminyaka ukuba zikhishwe ukuze kusindiswe umhlaba owonakeleyo; futhi nokuthi uma umlilo ungashisa aumuthi oluhlaza ukuze kudunyiswe uNkulunkulu, kuyoba lula kangakanani ukushisa imithi eyomileyo ukususa ukonakala esivinini. Baphilela udumo; bafela udumo; futhi udumo lungumvuzo wabo waphakade. Izikhathi ngezikhathi amagama abo ayodluliswa ezizukulwaneni njengamatshe aligugu kwabangcwelisiweyo.

7 Babengenacala, njengoba babelokhu betholakala phambilini, futhi babevalelwe etilongweni ngozungu lwamambuka nabantu ababi; futhi igazi labo elingenacala phansi etilongweni laseCarthage liyisi sicilelo esisobala esinanyathiselwe ku “buMormoni” esingasoze senqatshwa yinoma iyiphi inkantolo emhlabeni, futhi igazi labo elingenacala elisesihlangwini sesiFundazwe sase-Illinois, nesethembiso esephulwa yisiFundazwe njengokuthenjiswa ngumbusi, liwubufakazi bobuqiniso bevangeli laphakade umhlaba wonke ongeke wabuphikisa; futhi igazi labo elingenacala elisefulegini lenkuleko, futhi nakwi-magna charta yaseMelika, liyinxusa lenkolo kaJesu Kristu, eliyothinta izinhliziyo zabantu abathembekile phakathi kwezizwe zonke; futhi igazi labo elingenacala, negazi elingenacala labo bonke abafela ukholo ngaphansi kwe-aaltare elabonwa nguJohane, liyokhala eNkosini yamaBandla, ize ithole impindiselo yalelo gazi emhlabeni. Amen.