ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 78


Isigaba 78

Isambulo esanikwa ngo Joseph Smith, umPhrofethi, eKirtland, e-Ohio, ngomhlaka 1 Mashi, 1832. Ngalolo suku, umPhrofethi kanye nabanye abaholi babehlangene ukuzobhunga ngokwaku phathelene neBandla. Lesi sambulo ekuqaleni sasiyala umPhrofethi, uSidney Rigdon, kanye no Newel K. Whitney ukuba bahambe baye eMissouri ukuyokwenza imizamo yokumisa ibhizinisi leBandla lokuthenga nokuthengisa izimpahla kanye neloku khipha izincwadi ngokuthi bakhe “inkampani” eyayizo bhekana nalemizamo, nokwenza izimali zokumisa iSiyoni ukuze kuzuze abampofu. Lenkampani, eyayaziwa ngokuthi iNkampani yoBumbano, yamiswa ngo Epreli 1832 yase ihlakazwa ngo 1834 (bheka isigaba 82). Ngesikhathi esithile emva kokuhlakazwa kwale nkampani, futhi ngokuyalela kuka Joseph Smith, amagama athi “okumayelana nendlu yengcebo yabampofu” athatha indawo yalawa athi “ukumiswa kwebhizinisi lokuthenga nokuthengisa izimpahla kanye neloku khipha izincwadi” kulesi sambulo, phezu kwalokho igama elithi “uhlelo” lathatha indawo yaleli elithi “inkampani.”

1–4, AbaNgcwele kufanele bahlele futhi bamise indlu yengcebo; 5–12, Ukusebenzisa ngokuhlakanipha impahla yabo kuzoholela ensindisweni; 13–14, IBandla kufanele lizimele linganciki emandleni asemhlabeni; 15–16, UMikhayeli(u-Adamu) usebenza ngokuyalelwa oNgcwele (uKristu); 17–22, Babusisiwe abathembekileyo, ngokuba bazofumana ifa lazo zonke izinto.

1 INkosi yakhuluma kuJoseph Smith, omNcane, ithi: Ngilaleleni, kusho iNkosi uNkulunkulu wenu, nina enigcotshelwe aebuphristini obukhulu bebandla lami, enibuthene ndawonye;

2 Futhi nilalele aukuyala kwakhe bonigcobileyo kusuka phezulu, oyokhuluma ezindlebeni zenu amazwi okuhlakanipha, ukuze nisindiswe ngokuphathelene naleyonto eniyilethe phambi kwami, kusho iNkosi uNkulunkulu.

3 Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, isikhathi sesifikile, futhi bhekani, futhi bheka, kudingekile ukuthi abantu bami abahleleke, ekuqondiseni nasekusunguleni izindaba bzendlu yengcebo yabantu bami cabampofu, kulendawo nasezweni lase dSiyoni

4 Ukuze kube khona okungenaku guqulwa nokwaphakade ukumiswa futhi nohlelo ebandleni lami, ukuqhuba inhloso, enizinikele kuyo, ukuze kusindiswe abantu, futhi kukhazimuliswe uBaba wenu osezulwini;

5 Ukuze anilingane ngezibopho zezinto zasezulwini, yebo, neze zinto zasemhlabeni futhi, ukuze nithole izinto zasezulwini.

6 Ngokuba uma ningalingani ezintweni zasemhlabeni ngeke nilingane ekuzuzeni izinto zasezulwini;

7 Ngokuba uma nifisa ukuthi ngini nike indawo ezweni alesilestiyali, kufanele nizi blungiselele cngokwenza izinto enginiyale ngazo nezidingekayo kini.

8 Manje, ngiqinisile ngithi isho kanje iNkosi, kufanele ukuthi zonke izinto zenzelwe ainkazimulo yami, yini enihlangene ndawonye ngalolu bhlelo;

9 Noma, ngamanye amazwi, inceku yami uNewel K. Whitney nenceku yami uJoseph Smith, omNcane, nenceku yami uSidney Rigdon mabahlale emkhandlwini nabangcwele abaseSiyoni;

10 Kungenjalo auSathane ufuna ukujika izinhliziyo zabo zisuke eqinisweni, ukuze bavaleke amehlo futhi bangaziqondi izinto ezilungiselwe bona.

11 Ngalokho-ke, umyalelo ngininika wona, wokuthi nizilungiselele futhi nizihlele ngesibopho noma aisivumelwano saphakade esingeke siphulwe.

12 Futhi lowo osiphulayo uyolahlekelwa yisikhundla nesimo sakhe ebandleni, futhi uyonikelwa aezinhluphweni zikaSathane kuze kube wusuku lokuhlengwa.

13 Bhekani, lokhu wukulungiselela enginilungiselela ngakho, futhi nesi sekelo, futhi nesibonelo engini nika sona, ngaso eningafeza imiyalelo eni nikwe yona;

14 Ukuze ngosizo lwami, nakuba aizinhlupho zizokwehlela phezu kwenu, ukuze ibandla lizimele ngaphezulu kwazo zonke ezinye izidalwa ezingaphansi kwezwe lesilestiyali;

15 Ukuze nenyukele aemqheleni osulungiselwe nina, futhi nenziwe bababusi phezu kwemibuso eminingi, kusho iNkosi uNkulunkulu, oNgcwele waseSiyoni, omise izisekelo zase-cAdamu-ondi Ahman;

16 Obeke auMikhayeli ukuba abe yinkosana yenu, futhi wamisa izinyawo zakhe, futhi wambeka phezulu, futhi wamnika izikhiye zensindiso ngaphansi koku lulekwa noku yalelwa ngoNgcwele, ongenaso isiqalo sezinsuku noma isiphetho sempilo.

17 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini, ningabantwana abancane, futhi anikaziqondi okwamanje ukuthi zinkulu kangakanani izibusiso uBaba anazo ezandleni zakhe futhi anilungiselele zona;

18 Futhi anikwazi aukubekezelela zonke izinto manje; nokho, yibani nenjabulo, ngokuba bngizonihola phambili. Umbuso ungowenu nezibusiso zawo zingezenu, nengcebo cyaphakade ingeyenu.

19 Futhi lowo owemukela izinto zonke angokubonga uyokwenziwa abe nenkazimulo enkulu; futhi izinto zalomhlaba ziyokwengezwa kuye, ngisho bokuphindwe kaningi, yebo, nangaphezulu.

20 Ngalokho-ke, yenzani izinto enginiyale ngazo, kusho umHlengi wenu, ngisho iNdodana u-aAhman, olungisa zonke izinto ngaphambi kokuba banithathe;

21 Ngokuba niyi abandla leNkosana, futhi izoni bthatha ngefu, futhi yabele wonke umuntu ingxenye yakhe.

22 Futhi lowo othembekileyo anongumphathi bohlakaniphileyo uyofumana ifa lazo czonke izinto. Amen.