ImiBhalo eNgcwele
Isandulelo


Isandulelo

IGugu leNani eliKhulu yinhlanganisela yemisebenzi yekhethelo ephatha imininingwane ebalulekile yenkolo nemfundiso yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Lemisebenzi yahunyushwa futhi yavezwa ngumPhrofethi uJoseph Smith, futhi eminingi yakhishwa kumaphephandaba eBandla ezinsukwini zakhe.

Inhlanganisela yokuqala yemisebenzi enesihloko esithi IGugu leNani eliKhulu yenziwa ngo 1851 yiGosa uFranklin D. Richards, ngaleso sikhathi owayeyilungu lomKhandlu wabayiShumi namBili futhi engumongameli weMishini yaseBrithani. Inhloso yayo kwakungukwenza kubelula kakhulu ukutholakala kwezimfundiso ezibalulekile ezazingakandi ngesikhathi sikaJoseph Smith. Ngokwanda kwamalungu eBandla kuwo wonke amazwekazi aseYurophu naseMelika, kwaba nesidingo sokwenza lemisebenzi itholakale. IGugu leNani eliKhulu lathola ukusetshenziswa okukhulu futhi emuva kwalokho laba ngumsebenzi owemukelekile weBandla ngosizo lobuMongameli bokuQala ngomhlangano omkhulu owawuse Salt Lake City ngomhlaka 10 Oktoba 1880.

Sekwenziwe okuningi ukubuyekezwa kokuqukethwe yilomsebenzi ngokwezidingo zeBandla. Izingxenye zencwadi kaMose ezazingekho encwadini eyakhishwa okokuqala zengezwa ngonyaka ka 1878. Ngo1902 izingxenye ezithile zeGugu leNani eliKhulu ezaziphindaphinda umsebenzi owawusu khishiwe kwiMfundiso neziVumelwano zashiywa. Ukuhlelwa kwalomsebenzi ukuba ube yizahluko namavesi, nezengezo, kwenziwa ngonyaka ka 1902. Ukukhishwa kokuqala okwakuyizinhla ezimbili zamakhasi, nohla lwamagama nezihloko, kwenziwa ngonyaka ka 1921. Alukho olunye ushintsho olwenziwa kwaze kwaba ngo-Epreli ngonyaka ka 1976, lapho imisebenzi emibili yezambulo yengezwa khona. Ngonyaka ka 1979 lemisebenzi emibili yasuswa kwiGugu leNani eliKhulu futhi yafakwa kwiMfundiso neziVumelwano, lapho esivela khona manje njengezigaba 137 kanye no 138. Kulencwadi ekhishwe manje yeGugu leNani eliKhulu sekwenziwe olunye ushintsho ukuze kube khona ukuvumelana kwamagama nemibhalo yaphambilini.

Lokhu okulandelayo yisandulelo esifushane sokuphakathi:

  1. Okukhethiweyo okuthathwe eNcwadini kaMose. Lena yingxenye yamazwi athathwe encwadini kaGenesise ewukuhunyushwa kweBhayibheli okwenziwa nguJoseph Smith, akuqala ngoJuni 1830.

  2. INcwadi ka-Abrahama. Lokhu wukuhunyushwa okwenziwa ngokuholwa nguMoya oNgcwele kwemibhalo ka Abrahama. Lokhu kuhunyushwa uJoseph Smith wakuqala ngonyaka ka 1835 emva kokuthola okusaphepha elalinemibhalo lakudala laseGibithe. Lokhu kuhunyushwa kwakhishwa ngokulandelana kwiphephandaba iTimes and Seasons kusuka ngomhlaka 1 Mashi 1842, eNauvoo, e-Illinois.

  3. Joseph Smith—Mathewu. Lena yingxenye ethathwe ebufakazini bukaMathewu ekuhunyushweni kweBhayibheli okenziwa nguJoseph Smith (bheka iMfundiso neziVumelwano 45:60–61 ngokuphathelene nomyalezo kaNkulunkulu wokuba kuqalwe ukuhunyushwa kweTestamente eliSha).

  4. Joseph Smith—uMlando. Lana ngamazwi athathwe ebufakazini nasemlandweni ogunyaziwe kaJoseph Smith, akulungisa nomabhalane bakhe ngonyaka ka 1838 kuya koka 1839 futhi nokwakhishwa ngokulandelana kwiphephandaba iTimes and Seasons eNauvoo, e-Illinois, kusuka ngomhlaka 15 Mashi, 1842.

  5. ImiBhalo yoKholo yeBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Lokhu kwabhalwa nguJoseph Smith kwakhishwa kwiphephandaba iTimes and Seasons ngomhlaka 1 Mashi 1842, kuphelezelwa wumlando omfushane weBandla futhi nokwa kwaziwa njengeNcwadi ayibhalela uWentworth.