Friend (Umngani)
UJakobe noNefi Bamubona uJesu
NgoMashi 2024


“UJakobe noNefi Bamubona uJesu,” Friend (Umngani), ngoMashi 2024, 26–27.

Umlayezo waNyanga zonke we Friend (Umngani) ngoMashi 2024

UJakobe noNefi Bamubona uJesu

Isithombe
omunye umbhalo

Imifanekiso ngu-Andrew Bosley

UJakobe wayengumfowabo kaNefi omncane. Wazalwa ngemva kokuba umndeni wabo usuhambile eJerusalema. UJakobe wafika ezweni lesethembiso esengumntwana.

Isithombe
omunye umbhalo

UJakobe noNefi bobabili bamubona uJesu Kristu. Babelana ngobufakazi babo nemindeni yabo ukuze babasize bafunde ngoJesu.

Isithombe
omunye umbhalo

Babelana ngamazwi omprofethi u-Isaya futhi. U-Isaya naye wayembonile uJesu futhi wabhala ngaye emibhalweni engcwele. UJakobe noNefi basebenzisa amazwi ka-Isaya avela emibhalweni engcwele ukufundisa imindeni yabo ngoJesu.

Isithombe
omunye umbhalo

Bafundisa ukuba uJesu wayezofika emhlabeni. Wayezokufa aphinde aphile futhi. Babelana ngobufakazi babo bukaJesu Kristu ukuze imindeni yabo iyolangazelela ukubuya Kwakhe.

Ikhasi Lokufaka Imibala

UJesu UnguMsindisi Wethu

Isithombe
omunye umbhalo lapha

Umfanekiso ngu-Adam Koford

Uluzwa nini uthando lukaJesu na?