For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
NginguMfundi kaJesu Kristu
NgoJanuwari 2024


“NginguMfundi kaJesu Kristu,” Okwakha Intsha, ngoJanuwari 2024.

UMyalezo waNyangazonke wephephabhuku Okwakha Intsha, ngoJanuwari 2024

Ngingu Mfundi ka Jesu Kristu

Ungamlandela uMsindisi usabalalise izwi Lakhe kwabanye.

Isithombe
Uphawu lweNdikimba Yentsha wonyaka-2024

Wake wazibuza ukuthi kungani, ngemva kokuphilisa abantu, uJesu ayetshela abanye babo ukuthi bangatsheli muntu (bheka NgokukaMakhu 7:36)? Esinye isizathu singase sihlobane nohlobo lwabalandeli Ayebadinga. Ungahle ucabange ukuthi uma abantu bekhuluma ngokuphulukiswa kwabo kungaba yindlela enhle kaJesu ukuheha abalandeli. Nokho ke, uJesu wayengadingi abalandeli nje. Wayedinga abafundi.

UJesu wathi kuPhethro no-Andreya, “Ngilandeleni” (NgokukaMathewu 4:19). “Isihumusho sikaJoseph Smith salelivesi sifundeka kanje, ”Nginguye okubhalwe ngaye ngabaphrofethi; ngilandeleni” (Ukuhunyushwa Okwenziwangu-Joseph Smith, NgokukaMathewu 4:18 [ku NgokukaMathewu 4:19, embhalweni waphansi a]). Isimemo kwakungesona esokuchitha isikhathi Naye okwesikhashana. Wayefuna ukuba babe ngabafundi Bakhe ingunaphakade.

Wayengafuni ukuba bambuke efundisa abantu, ethanda abantu nokwenza izimangaliso nje. Wayefuna ukuthi benze okufanayo. Wayefuna ukuba umsebenzi Wakhe ube ngumsebenzi wabo. Ukukhetha uKristu kwakusho ukuthi babezofunda ukusiza njengoba ayesiza futhi bacabange njengoba Ayecabanga. Babezozijwayeza ukuphila ngendlela Yena ayephila ngayo, futhi wayezobafundisa aphinde abanike usizo ababeludinga ukuze bafane kakhulu Naye.

Isithombe
UJesu Kristu

Igama lesiGreki elisho umfundi lithi mathetes. Kusho okungaphezu kokuba ngumlandeli noma ngumfundi. Livamise ukuba lihunyushwe ngokuthi ngumfundi. Ngesikhathi sikaKristu, abafundi ngokujwayelekile babekhetha inkosi ababefuna ukuba bafunde kuyo ngeso elibheke ekubeni ngamakhosi ngokwabo. UKristu akazange awulandele lomkhuba owawusujwayelekile. Wayijika lento wafuna abafundi Bakhe esikhundleni salokho. Namuhla, uKristu usimema ukuba size Kuye. Usibiza ukuba sibe ngabafundi Bakhe futhi simemezele izwi Lakhe phakathi kwabantu Bakhe, ukuze babe nokuphila okuphakade (bheka 3 Nefi 5:13).

Omunye wenhlangano yamantombazane wase-Haiti e-Caribbean wabonisa isifiso sakhe sokuba ngumfundi kaKristu ngokumema umngane wakhe owayengelona ilungu leBandla ukuba baye naye engqungqutheleni ye-For the Strength of Youth (Okwakha Intsha). Ekuqaleni ubaba kamngane wakhe wayengafuni ukunika indodakazi yakhe imvume yokuba ihambe. Abaholi beBandla bachaza mayelana nolwazi oluhle olwalumlindile kanye nabeluleki babadala abasebasha abamangalisayo ababezobe bemunakekela. Ubaba wanika indodakazi yakhe imvume yokuba iyothamela, nangemva kokuba ebone umehluko okwawenza empilweni yayo, wayinika futhi imvume yokuthamela imihlangano yaseBandleni, futhi—emuva kwezinyanga eziyisithupha—yabhabhadiswa.

Omunye wenhlangano yabafana wase-Argentina eNingizimu neMelika wabonisa isifiso sakhe sokuba ngumfundi kaKristu ngokwabelana nomngane wakhe uswidi ngesikhathi begibele ibhasi elaliya eskoleni. Lapho esefika engxenyaneni eyayinambitheka njengekhofi, wachaza ukuthi wayengakaze aqalise ukunambitheka kwalowo kunambitheka njengoba wayengekho emndenini wakhe owayephuza ikhofi. Lokho kwaholela engxoxweni eyayimayelana neBandla, okwaholela ekumenyweni ukuba eze emihlanganweni, okwagcina kuholele ekutheni umngane wakhe abandakanye nebandla futhi ayokwenza umsebenzi wobuthunywa e-Chile.

Akuwona wonke umuntu okhuluma naye ngeBandla noma omumema ezintweni ezenziwayo eBandleni ozofuna ukubandakanya nalo. Lokho kulungile. Akusibona bonke uKristu ayekhuluma nabo ngesikhathi senkonzo Yakhe yasemhlabeni ababandakanya. Noma kunjalo, lapho sikhetha ukuba ngabafundi bakaJesu Kristu futhi simemezela izwi Lakhe, uzosinika isibindi nosizo lwaphezulu. Sizofunda ukuthi singafana kanjani kakhulu Naye, futhi yilokho abafundi abakwenzayo.