For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
Ngabe Ngisaphila “Ngendlela Yokujabula” na?
NgoFebhruwari 2024


“Ngabe Ngisaphila ‘Ngendlela Yokujabula’ na?,” Okwakha Intsha, Feb. 2024.

UMyalezo Wanyanga Zonke we-For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) yangoFebhruwari 2024

2 uNefi 5

Ngabe Ngisaphila “Ngendlela Yokujabula” na?

Nansi enye imibono yokuthi uphile ngendlela uNefi athi abantu bakhe babephila ngayo.

Isithombe
intsha

Umfanekiso wenziwe ngu-Alyssa Gonzalez

Isikhashana emva kokuhlukana namaLamani, uNefi wathi abantu bakhe baphila “ngendlela yenjabulo” (2 uNefi 5:27). Uma kubhekwa ukuthi bekunelinye iqembu labantu ebelifuna ukubabulala (bheka 2 uNefi 5:1-6,14), lokho kungase kumangaze. Umuntu engajabula kanjani ngaphansi kwezimo ezinje?

Okokuqala, qaphela ukuthi “saphila ngendlela yokujabula” akuqondile ukuthi “wonke amaNefi ayejabulile mihla namalanga.” Kusho ukuthi babephila ngohlobo lwendlela, futhi benza uhlobo lwezinto ngokuvamile ezaziholela enjabulweni. Sekukonke, naphezu kwezingqinamba zabo, kwakuyisikhathi esijabulisayo.

Pho ithini “indlela yokujabula” na? Singakuphinda kanjani ezimpilweni zethu, nazo ezinezingqinamba? Ake sibheke!

  • Lalela. “Saqaphela ukugcina … imiyalelo yeNkosi” (2 uNefi 5:10).

    Ukuphila ivangeli Isinyathelo sokuqala (1). Ungase ujabule isikhashana esonweni, kodwa ngeke kube isikhathi eside. Ukungamlaleli uNkulunkulu ngamabomu akukaze nanini kube “yindlela yokujabula” (bheka u-Alima 41:10).

  • Cwaninga imibhalo engcwele. “Futhi mina, Nefi, … ngangiyilethile nemibhalo eyayiqoshwe ezingcwepheni zethusi” (2 uNefi 5:12). “Sayicwaninga futhi sathola ukuthi yayingethandekayo kakhulu; yebo, ingeyegugu elikhu kithina” (1 uNefi 5:21) .

    Abantu baNefi babenayo imibhalo engcwele. Futhi abazange nje babe nawo—bawacwaninga.

  • Lalela abaholi abaphefumulelwe. “Mina, Nefi, nempela ngangcwelisa uJakobe, kanye noJosefa, ukuze babe ngabaphristi kanye nabafundisi ezweni labantu bami” (2 uNefi 5:26).

    Labo thisha basebenzisa imibhalo engcwele njengomhlahlandlela wabo (bheka 2 uNefi 4:15; 6:4).

  • Hamba uye ethempelini (nezinye izindawo ezingcwele). “Mina, Nefi, nempela ngakha ithempeli” (2 uNefi 5:16).

    Kubalulekile ukuba nezindawo ezingcwele ezifana nendlu yokukhonzela namaThempeli ukuze abafundi bahlangane futhi bakhonze. (Singacabanga ukuthi amaNefi ayengenalo nje ithempeli—kodwa ayelisebenzisa.) Uma ungakwazi ukuya ethempelini mathupha, ungakwazi ukwenza umsebenzi womlando womndeni.

  • Zisukumele. “Ngabafundisa abantu bami ukwakha izakhiwo, kanye nokusebenza. … [Mina] Nefi, ngenza abantu bami ukuthi bakhuthale, nokuthi basebenze ngezabo izandla” (2 uNefi 5:15, 17).

    Ingxenye “yendlela yokujabula” ukuba nento oyenzayo! Isabelo, umsebenzi, isibopho—into ekunika ukugxila nenjongo (enesikhathi esifanele ukuthi uphumule). Kunzima ukujabula uma ubhorekile njalo.

Ungasho ukuthi usaphila ngendlela yokujabula na? Uma kungenjalo, isibonelo sikaNefi singakunika imibono ukuthi ungathuthuka kanjani.