For the Strength of Youth (Okwakha Intsha)
For the Strength of Youth (Okwakha Intsha): UMyalezo WoMsindisi Kuwe
NgoMashi 2024


“For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha): UMyalezo WoMsindisi Kuwe,” For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha), ngoMashi 2024.

UMyalezo waNyanga zonke For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngoMashi 2024

For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha): UMyalezo WoMsindisi Kuwe

Lesi siqondiso sikusiza ukuthi uxhume izinqumo zakho kuJesu Kristu kanye nemfundiso Yakhe.

Isithombe
UJesu Kristu

I Stand at the Door and Knock[Ngima Emnyango Ngingqongqoze], nguJ. Kirk Richards

Zicabange uhlala eGalile lasendulo, eminyakeni eyizi-2,000 edlule. Wena nabangani bakho nimenywe enkonzweni yentsha esinagogeni lendawo, enesikhulumi esiyisimenywa esikhethekile: uJesu waseNazaretha. Futhi ngesikhathi esithile emlayezweni Wakhe, uJesu umema intsha ezilalelini ukuba imbuze imibuzo.

Imibuzo enjani ocabanga ukuthi ungayizwa?

Ngicabanga ukuthi eminye imibuzo ingakhombisa amasiko nezimo zangaleso sikhathi. Kodwa ngikholwa impela ukuthi iningi layo lingazwakala njengemibuzo esinayo namhlamje.

Isibonelo, eTestamenteni Elisha, abantu babuza uMsindisi imibuzo efana nalena:

  • Ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?1

  • Ngabe ngamukelekile? Ngabe ngingowakhona?2

  • Uma umfowethu engona, koze kube kangaki ngimthethelela na?

  • Kuzokwenzekani kulo mhlaba esikhathini esizayo? Ngabe ngizophepha na?4

  • UngaKwazi yini ukupholisa othandekayo wami?5

  • Ngabe yini iqiniso?6

  • Ngazi kanjani uma ngihamba ngendlela efanele?7

Ingabe sonke asizibuzi into efanayo ngezikhathi ezithile? Phakathi namakhulu eminyaka, imibuzo ayizange ishintshe kakhulu. Futhi nozwelo loMsindisi kulabo abayibuzayo. Uyazi ukuthi impilo ingaba yinkinga futhi idide kangakanani. Uyazi ukuthi kulula kangakanani ukuduka endleleni yethu. Uyazi ukuthi sibuye sikhathazeke ngekusasa. Futhi Uthi kimi nawe, njengoba Asho kubalandeli Bakhe kudala:

  • “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki.”8

  • “Mina ngiyindlela [ne]qiniso.”9

  • “Ngilandeleni.”10

Uma unezinqumo ezibalulekile okufanele uzenze, uJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe elibuyisiwe kuyisinqumo esihle kakhulu. Uma unezinqumo ezibalulekile okufanele uzenze, uJesu Kristu kanye nevangeli Lakhe elibuyisiwe kuyisinqumo esihle kakhulu.

­ Isikhomba kuJesu Kristu ukuze sithole amandla Akhe. Ngigcina ikhophi ephaketheni lami ngaso sonke isikhathi. Njengoba ngihlangana nabantu emhlabeni wonke abafuna ukwazi ukuthi kungani thina, njengamalungu eBandla likaJesu Kristu, senza esikwenzayo, ngabelana nabo ngaso lesi siqondisi.

For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha) isifundisa amaqiniso aphakade ngoMsindisi neNdlela Yakhe. Imema wena ukuba wenze izinqumo ezisekelwe iqiniso. Futhi yabelana ngezibusiso ezithenjisiwe Azidlulisela kulabo abamlandelayo. Sicela ufunde, uzindle, futhi wabelane ngalesi siqondiso!

Mngenise

UJesu Kristu ufuna ukuba yingxenye yempilo yakho—ukuba khona njalo, nsuku zonke, ezikhathini ezimnandi nezimbi. Akamile nje ekugcineni kwendlela, elinde wena ukuthi uMfice. Uzohamba nawe indlela yonke. UyiNdlela!

Kodwa ngeke Aphoqe indlela Yakhe empilweni yakho. UyaMmema ukuba angene, ngezinqumo zakho. Yingakho isiqondiso sokwenza izinqumo , esinjenge For the Strength of Youth (Okwakha iNtsha), siyigugu kakhulu. Ngaso sonke isikhathi uma wenza isinqumo esilungile esisekelwe amaqiniso aphakade oMsindisi, ubonisa ukuthi uyaMfuna empilweni yakho. Lezo zinqumo zivula amasango ezulu, futhi amandla Akhe eza etheleka empilweni yakho.11

Yenza Ukuxhumana Okuqinile

Ungase ukhumbule ukuthi uMsindisi waqhathanisa labo abezwa futhi benze amazwi Akhe nendoda ehlakaniphile “eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” Wachaza:

“Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha ayiwanga, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.”12

Indlu ayisindi esivunguvungwini ngoba indlu inamandla. Ayisindi futhi ngoba idwala linamandla. Indlu iyasinda kulesi siphepho ngoba inamathele ngokuqinile kulelo dwala eliqinile. Amandla okuxhumana nedwala abalulekile.

Ngokufanayo, njengoba sakha izimpilo zethu, kubalulekile ukwenza izinqumo ezinhle. Futhi kubalulekile ukuqonda iqiniso laphakade loMsindisi. Kodwa amandla esizowadinga ukuze simelane nezivunguvungu zempilo afika lapho sixhuma izinqumo zethu noJesu Kristu kanye nemfundiso Yakhe. Ilokho i- For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) esisiza sikwenze.

Isibonelo, abangani bakho bangase bazi ukuthi uzama ukungasebenzisi ulimi olucasulayo noma olulimazayo. Bangase bakubone ufinyelela kuleyo ngane esikoleni abantu abaningi abavele bayizibe noma bayiqhwage. Kodwa ingabe bayazi ukuthi wenza lezi zinqumo ngoba uJesu Kristu wafundisa ukuthi “bonke abantu bangabafowenu nodadewenu—kuhlanganise … abantu abahlukile kini”?13

Abangani bakho bangase bazi ukuthi uya esontweni njalo ngeSonto. Bangase baqaphele lapho uvala ingoma ethile noma wenqaba isimemo sokubuka ifilimu ethile. Kodwa ingabe bayazi ukuthi wenza lezi zinqumo ngoba “unobudlelwane obujabulisayo besivumelwano noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu,” nokuthi njengengxenye yalokho kuzibophezela ekulandeleni uMsindisi, uyabonga “ukuba noMoya oNgcwele njengomngani wakho njalo”?14

Abantu bangase bazi ukuthi awuphuzi noma awubhemi noma usebenzise ezinye izidakamizwa eziyingozi. Kodwa ingabe bayazi ukuthi wenza lezi zinqumo ngoba uJesu Kristu wafundisa ukuthi “umzimba wakho ungcwele,” “isipho esimangalisayo esivela kuBaba oseZulwini,” esenziwe ngomfanekiso Wakhe?15

Abangani bakho bangase bazi ukuthi ngeke ukhohlise noma uqambe amanga nokuthi uthatha imfundo njengento ebalulekile. Kodwa ingabe bayazi ukuthi lokhu kungenxa yokuthi uJesu Kristu wafundisa ukuthi “iqiniso liyonikhulula”?

Ngaphezu kwakho konke, ingabe abangani bakho bayazi ukuthi wenza lezi zinqumo ezingathandwayo ngezinye izikhathi ukuze uhlale uthembekile kwimigomo kaKristu ngoba wazi ukuthi “uJesu Kristu ungamandla akho”?

UngaMandla Akho

Ngininikeza ubufakazi bami obuqinisekile bokuthi uJesu Kristu uyindlela eya kwikusasa eliqhakazile nelikhazimulayo—ikusasa lenu. Futhi UyiNdlela eya kwimanje elikhanyayo nelikhazimulayo. Hamba endleleni Yakhe, futhi Uzohamba nawe. Ungakwenza lokhu!

Bangani bami abasha abathandekayo, uJesu Kristu ungamandla enu. Qhubeka uhambe Naye, futhi uyokusiza ukuba undize “ngamaphiko njengezinkozi”18 ubheke enjabulweni yaphakade akulungiselele yona.