Ngo-2010–2019
Izinhliziyo Zabantwana Ziyophenduka
Ngo-Okthoba 2011


Izinhliziyo Zabantwana Ziyophenduka

Ngimema intsha yeBandla ukuba ifunde futhi izuze kuMoya ka-Eliya.

Njengoba silifunda, futhi siliphila ivangeli likaJesu Kristu, ukulandelana kuhlale kusifundisa. Ngokwesibonelo, cabanga ngezifundo esizifunda ngezinto ezingokomoya ezisemqoka kwizehlakalo ezinkulu ezenzeka lapho kubuyiselwa ivangeli likaMsindisi kulezi zinsuku zokugcina.

KwisiXhobo esiNgcwele, uJoseph Smith wabona futhi wakhuluma noBaba waPhakade kanye noJesu Kristu. Phakathi kwezinye izinto, uJoseph wafunda ngesimo sangempela sobuNkulunkulu nangokuqhubeka kokwambulelwa. Lombono obabazekayo waqalisa “ihlelo lokuphelela kwezikhathi” (Kwabase-Efesu 1:10) futhi ungesinye sezigameko ezibalulekile emlandweni womhlaba.

Cishe eminyakeni emithathu emveni kwalokho, kuphendulwa umkhuleko wakhe onentshisekelo kusihlwa ngomhlaka 21 kuSeptemba, 1823, igumbi lokulala likaJoseph lagcwala ukukhanya laze “lakhanya ngaphezulu kwasemini” (Joseph Smith—uMlando 1:30). Umuntu onesithunzi wavela eceleni kombhede wakhe, wambiza umfana omncane ngegama, futhi esho nokusho ukuthi “wayeyisithunywa esivela kuNkulunkulu … nokuthi igama lakhe kwakunguMoroni” (ivesi 33). Wamfundisa uJoseph ngokuvela kweNcwadi kaMormoni. UMoroni wabe esecaphuna encwadini kaMalaki eTestamenteni eliDala, esebenzisa amagama athe ukwehluka kulawa asetshenzisiwe eBhayibhelini leNkosi uJames:

“Bheka, ngizokwembula kini ubuPhristi, ngesandla sika-Eliya umprofethi, ngaphambi kokuza kosuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi.

“…Futhi uyotshala ezinhliziyweni zabantwana izethembiso ezenziwa koyise, nezinhliziyo zabantwana ziyophendukela koyise. Uma kwakungenjalo, umhlaba wonke wawuyochithakala uphele nya ngesikhathi sokuza kwakhe” (amavesi 38, 39).

Imiyalelo kaMoroni kumprofethi owayesemncane ekugcineni kwabalwa kuyo izindaba ezimbili eziphathwayo ezisemqoka: (1) iNcwadi kaMormoni kanye (2) namazwi kaMalaki abikezela indima ka-Eliya ekuBuyiselweni “kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade” (Izenzo 3:21). Ngakho-ke, lezi zehlakalo eziyisingeniso zokuBuyiselwa zasivezela ukuqonda okuyikho ngobuNkulunkulu, zagcizelela ukubaluleka kweNcwadi kaMormoni, futhi zandulela umsebenzi wensindiso nowokuphakanyiswa kwabaphilayo nabafileyo. Lokhu kulandelana okusinika ugqozi kuyasifundisa ngezinto ezingokomoya ezibaluleke kakhulu kuNkulunkulu.

Umlayezo wami ugxile enkonzweni nakuMoya ka-Eliya owabikezelwa nguMoroni emiyalelweni yakhe yokuqala kuJoseph Smith. Ngentshisekelo ngikhulekela usizo lukaMoya oNgcwele.

INkonzo ka-Eliya

U-Eliya wayengumprofethi weTestamente eliDala okwenziwa ngaye izimangaliso ezinkulu. Wavala amazulu, futhi akukho mvula eyana kwa-Israyeli wasemandulo iminyaka emithathu. Wandisa ukudla namafutha kamfelokazi. Wavusa umfana omncane ekufeni, futhi waletha umlilo owawuvela ezulwini ephonsa inselelo kubaprofethi bakaBali. (Bheka I AmaKhosi 17–18.) Ekupheleni kwenkonzo ka-Eliya yasemhlabeni, “wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu” (II AmaKhosi 2:11) futhi waguqulwa.

“Esambulweni sezinsuku zokugcina sifunda ukuthi u-Eliya wayephethe amandla okubopha obuPristi bukaMelkisedeki futhi nokuthi wayengumprofethi wokugcina owayephethe lamandla ngaphambi kwesikhathi sikaJesu Kristu” (Bible Dictionary, “Elijah”). Umprofethi uJoseph Smith wachaza wathi, “Umoya, amandla, nobizo lukaEliya, wukuthi ninamandla okuphatha ukhiye … wokuphelela kobuPristi bukaMelkisedeki … ; kanye … nokuzuza … zonke izimiso zombuso kaNkulunkulu” (Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith [2007], 311; kugcizelelwe). Leligunya elingcwele lokubopha libalulekile ukuze izimiso zobupristi zibe ngezoqobo futhi zibophe emhlabeni nasezulwini.

U-Eliya wavela noMose Entabeni Yokuguqulwa Isimo (bheka NgokukaMathewu 17:3) wanikeza uPetru, uJakobe, noJohane leligunya. U-Eliya waphinde wavela noMose nabanye ngomhlaka 3 ku-Ephreli, 1836, eThempelini laseKirtland futhi wanikeza okhiye abafanayo kuJoseph Smith no-Oliver Cowdery.

Umbhalo uthi u-Eliya umprofethi wema phambi kukaJoseph no-Oliver wathi:

“Bhekani, isikhathi sesifike ngokugcwele, okwakhulunywa ngaso ngomlomo kaMalaki—efakaza ngokuthi kufanele athunyelwe [u-Eliya], ngaphambi kokuza kosuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi—

“Ukuphendulela izinhliziyo zoyise kubantwana, nabantwana koyise, funa umhlaba wonke ushaywe ngesiqalekiso—

“Ngakho-ke, izikhiye zaloluhlelo lokwengamela sezibekwa ezandleni zenu; futhi ngalokhu seningazi ukuthi usuku olukhulu nolwesabekayo lweNkosi seluseduze, ngisho emnyango” (D&C 110:14–16).

Ukubuyiselwa kwegunya lokubopha ngu-Eliya ngo-1836 kwakudingeka ukulungiselela umhlaba ukuZa kwesiBili futhi kwaqala intshisekelo enkulu kakhulu neyomhlaba wonke yokucwaninga ngomlando womndeni.

UMoya Nomsebenzi ka-Eliya

UMprofethi uJoseph Smith washo nokusho wathi: “Umsebenzi omkhulu uNkulunkulu asinikeze wona kulomhlaba ukufuna asebashona bethu. … Ngoba kuyadingeka ukuthi amandla okubopha abe sezandleni zethu ukuze abantwana nabafileyo bethu sibabophele ukuphelela kwezikhathi—isikhathi sokuhlangabezana nezethembiso ezenziwe nguJesu Kristu ngaphambi kokusekelwa komhlaba ukuze kusindiswe umuntu. … Yingakho-ke, uNkulunkulu athi, ‘Ngizokuthumelela u-Eliya umprofethi’” (Teachings: Joseph Smith, 475).

UJoseph uphinde wachaza wathi:

“Kepha ngabe iyini injongo [yokuza kuka-Eliya] na? noma ngabe izogcwaliseka kanjani na? Izikhiye kufanele zilethwe, umoya ka-Eliya kufanele uze, kufanele kumiswe iVangeli, abaNgcwele bakaNkulunkulu kufanele baqoqwe, kwakhiwe iSiyoni, futhi abaNgcwele bakhuphuke njengabasindisi eNtabeni iSiyoni [bheka u-Obadiya 1:21].

“Kepha bazokuba kanjani ngabasindisi eNtabeni iSiyoni na? Ngokwakha amathempeli abo … nokuhamba bayothola zonke izimiso … ukuze kuzuze bonke okhokho babo abafileyo … ; futhi nali iketanga elibophela izinhliziyo zoyise kubantwana, nabantwana koyise, okufeza umsebenzi ka-Eliya” (Teachings: Joseph Smith, 472–73).

IGosa uRussell M. Nelson ufundise ukuthi uMoya kaEliya “ukubonakaliswa koMoya oNgcwele okufakazela ukuthi umndeni uvela kuNkulunkulu” (“A New Harvest Time,” i-Ensign, yangoMeyi 1998, 34). Lelithonya elihlukile likaMoya oNgcwele lidonsela abantu ukuba babakhombe, babhale ngabo phansi, futhi babazise okhokho babo kanye namalungu omndeni wabo—abesikhathi esedlule nabamanje.

UMoya ka-Eliya uthinta abantu ngaphakathi nangaphandle kweBandla. Kodwa njengamalungu eBandla likaKristu elibuyiselwe, sinomsebenzi wangokwesivumelwano wokuba sifune okhokho bethu futhi sibanikeze izimiso ezisindisayo zevangeli. “Ngaphandle kwethu bangepheleliswe” (KumaHeberu 11:40; bheka futhi encwadini enesihloko esithi Teachings: Joseph Smith, 475). Futhi “ngeke nathi ngaphandle kwabafileyo bethu senziwe sipheleliswe” (iMf&V 128:15).

Ngalezi zizathu senza ucwaningo lomlando womndeni, sakha amathempeli, futhi senza izimiso zokubamela. Ngalezi zizathu u-Eliya wathunyelwa ukuthi abuyise igunya lokubopha elibopha emhlabeni nasezulwini. Singabameli beNkosi emsebenzini wensindiso nokuphakanyiswa okuzovimbela “umhlaba wonke [ukuthi ungashaywa] ngesiqalekiso” (iMf&V 110:15) lapho Ebuya futhi. Lokhu kungumsebenzi wethu nesibusiso esikhulu.

Isimemo Esizukulwaneni Esikhulayo

Manje sengimema ukunaka kwezintombi, izinsizwa, nabantwana besizukulwane esikhulayo njengoba ngigcizelela ukubaluleka koMoya ka-Eliya ezimpilweni zenu namuhla. Umyalezo wami ubhekiswe eBandleni lilonke—kodwa ikakhulukazi kini.

Abaningi benu bangacabanga ukuthi umsebenzi womlando womndeni uzokwenziwa ikakhulukazi ngabantu abadala. Kepha angazi mkhawulo weminyaka ochazwe emibhalweni engcwele noma eziqondisweni ezimenyezelwe ngabaholi beBandla ezikhawulela lomsebenzi obalulekile kubantu abadala asebekhulile. Ningamadodana namadodakazi kaNkulunkulu, ningabantwana besivumelwano, nabakhi bombuso. Akudingeki ukuthi ulinde uze ufike eminyakeni enqunyelwe ukuze ufeze isibopho sakho sokusiza emsebenzini wensindiso yomndeni wesintu.

INkosi yenze ukuba osukwini lwethu kutholakale usizo olumangalisayo olwenza ukwazi ukufunda futhi uwuthande lomsebenzi owenziwa nguMoya ka-Eliya. Ngokwesibonelo, i-FamilySearch iyiqoqo lamarekhodi, osizo, nezinsizakalo ezifinyeleleka kalula ngamakhompyutha omuntu ngamunye kanye nobuchwepheshe obuphathwa ngezandla, okwenzelwe ukusiza abantu ukuthola nokubhala umlando womndeni wabo. Lolusizo luyatholakala nasezikhungweni zomlando womndeni ezisezakhiweni zeBandla lethu emhlabeni jikelele.

Akukona nje ukuqondana kwezinto ukuthi i-FamilySearch namanye amathuluzi avele ngesikhathi lapho intsha ijwayelene kakhulu nobuchwepheshe obuningi bolwazi nezokuxhumana. Iminwe yakho iqeqeshelwe ukubhala imiyalezo ukusheshisa nokuqhubekisela phambili umsebenzi weNkosi—hhayi nje ukuxhumana ngokushesha nabangane bakho. Amakhono nesiphiwo esibonakala kubantu abaningi abasebasha namuhla kungamalungiselelo okulekelela emsebenzini wensindiso.

Ngimema intsha yeBandla ukuba ifunde futhi izuze kuMoya ka-Eliya. Ngiyakukhuthaza ukuthi ufunde, ucwaninge ngokhokho bakho, futhi uzilungiselele ukwenza imibhabhadiso ngokumelwa endlini yeNkosi yezihlobo zakho ezifileyo (bheka iMf&V 124:28–36). Futhi ngiyaninxusa ukuba nisize abanye abantu ukuthi nabo bayikhombe imindeni yabo.

Ngesikhathi niphendula ngokholo kulesi simemo, izinhliziyo zenu zizophendukela kobaba. Izethembiso ezenziwa ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe zizotshalwa ezinhliziyweni zenu. Isibusiso senu sikamphatriyakhe, nesimemezelo saso sohlu lozalo, sizonixhumanisa nalabobaba futhi sibe nenjongo kini. Uthando lwenu nokubonga kokhokho benu kuzokhula. Ubufakazi benu nokuguqukela kuMsindisi buzojula futhi buhlale njalo. Futhi ngiyanethembisa ukuthi nizovikelwa ethonyeni elikhulayo lesitha. Njengoba nibamba iqhaza futhi niwuthanda lomsebenzi ongcwele, nizovikelwa ebusheni benu nasezimpilweni zenu zonke.

Bazali nabaholi, ngicela nisize abantwana nentsha yenu ukuthi bafunde futhi bazizwele ngokwabo uMoya ka-Eliya. Kepha ningawuhleli ngokweqile lomsebenzi noma ninikeze imininingwane eminingi kakhulu noma nibaqeqeshe kakhulu. Memani intsha ukuba iwuhlole lomsebenzi, izizamele , futhi izifundele yona (bheka uJoseph Smith—Umlando 1:20). Noma yimuphi umuntu osemusha angakwenza lokhu engikuphakamisayo, esebenzisa izifundo tezitholakala ku lds.org/familyhistoryyouth. Umgwamanda wobuPristi buka-Aroni kanye nobumongameli bekilasi lamaNtombazane ungadlala indima ebalulekile ekusizeni yonke intsha ukuba yazi ngalolusizo oluyisisekelo. Intsha iya ngokuya idinga ukuba ngabafundi abenza futhi ngaleyo ndlela abathola ukukhanya okwengeziwe nolwazi ngamandla kaMoya oNgcwele—futhi hhayi nje abafundi abavumela okwenzeka kubo kuphela (bheka ku 2 Nefi 2:26).

Bazali nabaholi, nizomangala nonke ukuthi izingane zenu kanye nentsha yeBandla baba nekhono kangakanani ngalamathuluzi. Eqinisweni, nizofunda izifundo ezibalulekile kulentsha ngokuwasebenzisa ngempumelelo lamathuluzi. Intsha ingawusizo kakhulu kubantu asebekhulile abangaphatheki kahle noma abesatshiswa wubuchwepheshe noma abangajwayelene ne-FamilySearch. Nizozibala futhi izibusiso zenu eziningi njengoba abantu abasha bechitha isikhathi esiningi emsebenzini womlando womndeni nasemsebenzini wasethempelini nesikhathi esincane emidlalweni yama-video, kwi-Intanethi, nakuFacebook.

UTroy Jackson, uJaren Hope, kanye no-Andrew Allan bangabaphathi bobuPristi buka-Aroni ababizwa ngumbhishobhi ngokushisekeliswa ukuthi bazoba yithimba lokufundisa ngomlando womndeni ewadini yabo. Lezi zinsizwa zimele iningi lenu ngokulangazelela ukufunda nokufisa ukusiza.

UTroy uthe, “Ngangivame ukuza esontweni ngizihlalele nje, kepha manje sengiyabona ukuthi ngidinga ukuya ekhaya ngiyokwenza okuthile. Sonke singawenza umlando womndeni.”

UJaren wabika ukuthi njengoba afunda kabanzi ngomlando womndeni, wabona “ukuthi lawa kwakungewona amagama nje kuphela kodwa ayengabantu bangempela. Ngaya ngokuya ngijabula ngokuyisa amagama ethempelini.”

Kanti u-Andrew yena uphawule wathi, “Umlando wondeni ngiwunake ngothando nangamandla ebengingazi ukuthi nginawo. Njengoba ngilungiselela isonto ngalinye ukuba ngifundise, ngangivame ukuqhutshwa nguMoya oNgcwele ukuba ngenze okuthile futhi ngizame ezinye zezindlela ezifundiswe esifundweni. Ngaphambi kwalokho, umlando womndeni wawuyinto esabekayo. Kodwa ngisizwa nguMoya ngikwazile ukulufeza ubizo lwami futhi ngisize abantu abaningi ewadini yethu. ”

Bafowethu nodadewethu abancane abathandekayo, umlando womndeni awulona nje uhlelo noma umsebenzi othandekayo oxhaswe yiBandla; kunalokho, uyingxenye ebalulekile yomsebenzi wensindiso nokuphakanyiswa. Nilungiselelwe lolu suku nokwakha umbuso kaNkulunkulu. Nilapha emhlabeni manje ukusiza kulomsebenzi okhazimulayo.

Ngiyafakaza ukuthi u-Eliya wabuyela emhlabeni futhi wabuyisa igunya elingcwele lokubopha. Ngiyafakaza ukuthi okuboshwe emhlabeni kungaboshwa nasezulwini. Futhi ngiyazi ukuthi intsha yesizukulwane esikhulayo inendima ebalulekile engayidlala kulomsebenzi omkhulu. Ngifakaza ngalokhu egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.