ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 7


Isahluko 7

UJakobe uyaqhubeka nokufunda ku-Isaya: U-Isaya ukhulumisa okukaMesiya—UMesiya uyoba nolimi lwabafundile—Uyonikeza umhlane Wakhe kubashayi—Akayikuthotshiswa—Qhathanisa no-Isaya 50. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Yebo, ngokuba isho kanje iNkosi: Ngabe ngehlukene nawe, noma ngabe ngikulahlile ingunaphakade na? Ngokuba isho kanje iNkosi: Iphi incwadi kamama wakho yesahlukaniso na? Ngabe ngininike bani, noma yimuphi kwengibakweletayo enginithengise kubo na? Yebo, ngabe nginithengise kubani na? Bheka, ngenxa yobubi benu nizithengisile futhi ngenxa yeziphambeko zenu umama wenu ngehlukene naye.

2 Ngalokho-ke, ngesikhathi ngifika, kwabe kungekho muntu; ngesikhathi ngimemeza, yebo, akubanga bikho namunye ophendulayo. O ndlu ka-Israyeli, ngabe isandla sami sifinyeziwe yini sampela nje ukuthi asinakukwazi ukukhulula, noma ngabe anginamandla okukhulula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngomisa ulwandle, ngenza imifula yabo ibe yihlane kanye nezinhlanzi zabo zinuke ngenxa yamanzi ashileyo, futhi ziyafa ngenxa yokoma.

3 Ngembathisa amazulu ngobumnyama, futhi ngenza indwangu yesaka ibe yisimbozo sawo.

4 INkosi uNkulunkulu inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi kini, O ndlu ka-Israyeli. Uma senikhathele ivuka ukusa nokusa. Ivusa indlebe yami ukuthi ngizwe njengabafundileyo.

5 INkosi uNkulunkulu iyivulile indlebe yami, futhi angizange ngihlubuke, noma ngibheke emuva.

6 Nganika umhlane wami kumshayi, kanye nezihlathi zami kulabo ababehluthula izinwele. Angibusithelisanga ubuso bami ehlazweni kanye nasekufelweni ngamathe.

7 Ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyongisiza, ngakho-ke angiyikuthotshiswa. Ngakho-ke ngibumisile ubuso bami njengetshe eliqine kakhulu, futhi ngiyazi ukuthi angiyikujabha.

8 Futhi iNkosi iseduze, futhi iyongithola ngingenacala. Ngubani oyomelana nami na? Masime ndawonye. Ngubani oyisitha sami na? Makasondele eduze kwami, futhi ngiyomshaya ngamandla omlomo wami.

9 Ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyongisiza. Kanye nabo bonke labo abayongisola, bheka, bonke bayoguga njengengubo, futhi inundu iyobadla.

10 Ngubani phakathi kwenu oyesabayo iNkosi, olilalelayo izwi lenceku yayo ohamba ebumnyameni futhi engenakho ukukhanya na?

11 Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enizihaqa ngezinhlansi, hambani ekukhanyeni komlilo wenu kanye nasezinhlansini lezo eniziphembile. Niyothola lokhu ngesandla sami—niyolala phansi ngosizi.