ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 8


Isahluko 8

UJakobe uyaqhubeka nokufunda ku-Isaya: Ngezinsuku zokugcina, iNkosi iyoyiduduza iSiyoni futhi iqoqe u-Israyeli—Labo abahlengiweyo bayokuza kuyo iSiyoni babe nokuthokoza okukhulu—Qhathanisa no-Isaya 51 kanye no 52:1–2. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngilaleleni, nina enilandela ukulunga. Bhekani kulo idwala lapho eniqhezulwe khona, kanye nakuyo imbobo yomgodi enikhishwe kuwo.

2 Bhekani ku-Abrahama, uyihlo, kanye nakuye uSara, onizalayo; ngokuba nguye yedwa engambizayo, futhi ngambusisa.

3 Ngokuba iNkosi iyoyiduduza iSiyoni, iyoziduduza zonke izindawo ezichithiweyo zayo; futhi iyokwenza ihlane layo libe njenge-Edene, kanye nogwadule lwayo lube njengensimu yeNkosi. Injabulo kanye nentokozo kuyotholakala kuyo, ukubonga kanye nezwi lokuhlabelela.

4 Ngilaleleni, bantu bami; futhi ningiphe indlebe, O sizwe sami; ngokuba umthetho uyovela kimi, futhi ngiyokwenza ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kubantu.

5 Ukulunga kwami kuseduze; insindiso yami isihambe phambili, futhi ingalo yami iyokwahlulela abantu. Iziqhingi ziyogilinda, futhi ziyothembela engalweni yami.

6 Phakamiselani amehlo enu emazulwini, futhi nibuke emhlabeni ngaphansi, ngokuba amazulu ayoshabalala njengomusi, futhi umhlaba uyoguga njengengubo; futhi labo abahlala kuwo bayokufa ngendlela efanayo. Kepha insindiso yami iyoma ingunaphakade, nokulunga kwami akuyikuqedwa.

7 Ngilaleleni, nina enazi ukulunga, abantu izinhliziyo zabo engibhale umthetho wami kuzo, ningakwesabi ukusolwa ngabantu, noma nesabe izethuko zabo.

8 Ngokuba inundu iyobadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu. Kepha ukulunga kwami kuyoma ingunaphakade, futhi nensindiso yami isizukulwane ngesizukulwane.

9 Vuka, vuka! Yembatha amandla, O ngalo yeNkosi; vuka njengasezinsukwini zasendulo. Ngabe awusiye yini lona owanquma uRahabi, futhi wagwaza udrako na?

10 Awusiyena yini lona owomisa ulwandle, amanzi olwandle olukhulu; owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yabahlengiweyo ukuze bawele na?

11 Ngakho-ke, abahlengiweyo beNkosi bayobuya, futhi beze ngokuhlabelela eSiyoni; intokozo engunaphakade nobungcwele kuyoba semakhanda abo; futhi bayothola ukujabula nentokozo; usizi nokukhala kuyobaleka.

12 Nginguye; yebo, nginguye lowo oniduduzayo. Bheka, ungubani wena, ukuthi ungesaba umuntu, oyokufa, futhi oyindodana yomuntu, oyokwenziwa abe njengotshani na?

13 Futhi ukhohliwe yini yiNkosi umenzi wakho, eyaneka amazulu, futhi yabeka isisekelo somhlaba, futhi wesabile njalonjalo mihla yonke, ngenxa yokufutheka komcindezeli, sengathi uselindele ukubhubhisa na? Futhi kuphi ukufutheka komcindezeli na?

14 Othunjiweyo osekudingisweni uyashesha, ukuze akhululwe, futhi ukuze angafeli emgodini, noma ukuze isinkwa sakhe angasesweli.

15 Kepha ngiyiNkosi uNkulunkulu wakho, omagagasi akhe ayahlokoma; iNkosi yamaBandla yigama lami.

16 Futhi ngiwafakile amazwi ami emlonyeni wakho, ngakusibekela esithunzini sesandla sami, ukuze ngitshale amazulu futhi ngizibeke izisekelo zomhlaba, futhi ngithi kuyo iSiyoni: Bhekani, ningabantu bami.

17 Vuka, vuka, usukume, O Jerusalema, wena ophuzile esandleni seNkosi inkomishi yokufutheka kwayo—wena ophuze amavovo enkomishini yokuthuthumela akhanyiwe—

18 Akekho namunye ongamhola phakathi kwawo wonke amadodana awazele; nokuba kube khona ongamthatha ngesandla, kuwo wonke amadodana awakhulusile.

19 Lamadodana amabili ezile kuwe, ngubani oyokukhalela—incithakalo kanye nokubhujiswa kwakho, kanye nendlala kanye nenkemba—futhi ngubani engingakududuza ngaye na?

20 Amadodana akho aqulekile, ngaphandle kwalawa amabili; wona alala esihlokweni semigwaqo yonke; njengenkunzi yasendle isenethini, bagcwele ukufutheka kweNkosi, ukukhuza kukaNkulunkulu wakho.

21 Ngakho-ke yizwa lokhu manje, wena ohluphekileyo, futhi odakiweyo, kodwa hhayi ngewayini:

22 Isho kanje iNkosi yakho, iNkosi futhi enguNkulunkulu wakho icelela abantu bayo indlela; bheka, ngithathile esandleni sakho inkomishi yokuthuthumela, amavovo enkomishi yokufutheka kwami; awuseyikuwaphuza futhi nanini.

23 Kepha ngiyoyibeka esandleni sabo labo abakuhluphayo; abathe emphefumulweni wakho: Khothama, ukuze sidlule—futhi uwendlalile umzimba wakho njengomhlabathi nanjengomgwaqo kubo abedlulayo.

24 Vuka, vuka, wembathe amandla akho, O Siyoni; yembatha izingubo zakho ezinhle, O Jerusalema, muzi ongcwele; kusukela manje kuyaphambili akuseyikungena kuwe nanini ongasokile kanye nongahlanzekile.

25 Zithintithe othulini; sukuma, hlala phansi, O Jerusalema; zikhulule kuzo izibopho zentamo yakho, O ndodakazi ethunjiweyo yaseSiyoni.