ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 26


Isahluko 26

UJesu uchaza zonke izinto kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—Abantwana nezingane zikhuluma izinto ezimangalisayo ezingena kubhalwa—Labo abaseBandleni likaKristu banezinto zonke ngokufanayo phakathi kwabo. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esezishilo lezi zinto wasichazela isixuku; futhi wabachazela zonke izinto, ezinkulu nezincane.

2 Futhi wathi: Lemibhalo engcwele, ebeningenayo, uBaba ungiyalile ukuthi ngininike yona; ngokuba kwakuwukuhlakanipha kwakhe ukuthi inikwe izizukulwane ezizayo.

3 Futhi wazichaza zonke izinto, ngisho kusukela ekuqaleni kuze kube yisikhathi lapho eyoza ngenkazimulo yakhe—yebo, ngisho nazo zonke izinto eziyokwenzeka ebusweni bomhlaba, ngisho kuze kube yilapho konke kuyoncibilikiswa wukushisa okuvuthayo, futhi nomhlaba ugoqwe ndawonye njengomqulu, futhi amazulu kanye nomhlaba kudlule;

4 Futhi ngisho kuze kube ngosuku olukhulu kanye nolokuphela, lapho bonke abantu, kanye nemindeni yonke, kanye nezizwe zonke, kanye nezilimi ziyoma phambi kukaNkulunkulu, ukuze zehlulelwe ngemisebenzi yazo, noma ngabe mihle noma ngabe mibi—

5 Uma imihle, bavukele ekuphileni kwaphakade; futhi uma imibi, bavukele osizini; njengoba kulinganisene, okunye kolunye uhlangothi nokunye kolunye uhlangothi, ngokwesihawu, kanye nokulunga, kanye nobungcwele obukuKristu, owayekhona ngaphambi kokuthi umhlaba ubekhona.

6 Manje akunakubhalwa kulencwadi ngisho nengxenye eyodwa yokwekhulu yezinto uJesu azifundisa ngempela kubantu;

7 Kepha bheka izingcwephe zikaNefi ziqukethe ingxenye eningi yezinto azifundisa abantu.

8 Futhi lezi zinto ngizibhalile, eziyingxenyana encane yezinto azifundisa abantu; futhi ngizibhale ngenhloso yokuthi zibuye ziphindwe zilethwe kulaba bantu, zivela kwabeZizwe, njengokwamazwi uJesu awakhulumayo.

9 Futhi uma sebekutholile lokhu, okudingekile ukuthi babe nakho kuqala, ukuvivinya ukholo lwabo, futhi uma kuyokwenzeka ukuthi bazikholwe lezi zinto uma kunjalo izinto ezinkulu ziyokwembulwa kubo.

10 Futhi uma kwenzeka ukuthi bangazikholwa lezi zinto, uma kunjalo izinto ezinkulu ziyogodlwa kubo, kangangoba bayobekwa icala.

11 Bheka, ngase ngizozibhala lezi zinto, konke okwakuqoshwe ezingcwepheni zikaNefi, kepha iNkosi yakwenqaba lokho, ithi: Ngizoluvivinya ukholo lwabantu bami.

12 Ngakho-ke mina, Mormoni, sengibhala izinto engiyalwe ngazo yiNkosi. Manje mina, Mormoni, sengenza isiphetho senkulumo yami, futhi sengiyaqhubeka nokubhala izinto engiyalwe ngazo.

13 Ngakho-ke, ngifuna ukuthi nibone ukuthi iNkosi ngempela yabafundisa abantu, isikhathi esiyizinsuku ezintathu; futhi emva kwalokho yaziveza kubo njalo, futhi yahlephula isinkwa kaningi, futhi yasibusisa, futhi yabanikeza.

14 Futhi kwenzeka ukuthi yabafundisa futhi yabasebenzela abantwana besixuku osekukhulunywe ngaso, futhi yaluqaqa ulimi lwabo, futhi bakhuluma koyise izinto ezinkulu nezimangalisayo, ezinkulu ngisho nangaphezu kwalokho eyayikade ikwambulele abantu; futhi yaluqaqa ulimi lwabo kangangokuthi babengakwazi ukukhuluma.

15 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi isinyukele ezulwini—okwesibili ukuthi izibonakalise kubo, futhi isihambile yaya kuBaba, emva kokuthi isibaphilise bonke abagulayo babo, kanye nabaxhugayo babo, futhi isivule amehlo alabo ababengaboni babo futhi yavula izindlebe zezithuli, futhi seyenze yonke inhlobo yokwelapha phakathi kwabo, futhi yavusa nendoda ekufeni, futhi isiwatshengisile amandla ayo kubo, futhi isinyukele kuBaba—

16 Bheka, kwenzeka ngakusasa ukuthi isixuku sabuthana ndawonye, futhi bonke bazibona futhi bazizwa lezi zingane; yebo, ngisho abantwana bayivula imilomo yabo futhi bakhuluma izinto ezimangalisayo; futhi izinto ezazikhulumayo akuvunyelwanga ukuthi kube khona namunye umuntu ozibhalayo.

17 Futhi kwenzeka ukuthi abafundi uJesu ayebakhethile baqala kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili ukubhabhadisa kanye nokufundisa ngobuningi balabo abeza kubo; futhi ngobuningi balabo ababebhabhadiswa egameni likaJesu bagcwaliswa ngoMoya oyiNgcwele.

18 Futhi abaningi babo babona futhi bezwa izinto ezazingakhulumeki, ezingavunyelwe ukuthi zibhalwe.

19 Futhi bafundisa, futhi basebenzelana omunye nomunye; futhi babane zinto zonke ngokufanayo phakathi kwabo, wonke umuntu enza ngokulunga, komunye nomunye.

20 Futhi kwenzeka ukuthi benza zonke izinto ngisho nanjengoba uJesu ayebayalile.

21 Futhi labo ababhabhadiswa egameni likaJesu babizwa ngebandla likaKristu.