ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 28


Isahluko 28

Abayisishiyagalolunye kubafundi abayishumi nambili bayafisa futhi bathenjiswa ukuba yizindlalifa embusweni kaKristu uma befa—AmaNefi amaThathu ayafisa futhi anikwa amandla phezu kokufa ukuze ahlale emhlabeni uJesu aze aphinde abuye futhi—Ayaguqulwa futhi abona izinto okungavunyelwe ukuthi zikhulunywe, futhi kumanje asebenza phakathi kwabantu. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Futhi kwenzeka ngesikhathi uJesu esewashilo lamazwi, wakhuluma kubafundi bakhe, ngamunye ngamunye, ethi kubo: Yini eniyifisayo kimi, emva kokuba sengihambile ngaya kuBaba na?

2 Futhi bonke bakhuluma, ngaphandle kwabathathu, bethi: Sifisa ukuthi emva kokuthi sesihlale saze safika eminyakeni ejwayelekile yokukhula, ukuthi ubufundisi bethu, osibizele kubo, bufike esiphethweni, ukuze size kuwe ngokushesha embusweni wakho.

3 Futhi wathi kubo: Nibusisiwe ngokuba nifisa lento kimi; ngakho-ke, emva kokuthi senineminyaka engamashumi ayisikhombisa neminyaka emibili yobudala niyokuza kimi embusweni wami; futhi niyothola ukuphumula kanye nami.

4 Ngesikhathi esekhulumile kubo, waphendukela kulabo abathathu, wathi kubo: Nina nifisa ukuthi nginenzeleni, uma sengihambile ngaya kuBaba na?

5 Futhi badabuka ezinhliziyweni zabo, ngokuba abazange balokothe bayikhulume kuye leyonto ababeyifisa.

6 Futhi wathi kubo: Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, futhi nifise leyonto uJohane, othandekayo wami, owayenami ebufundisini bami, ngaphambi kokuthi ngiphakanyiselwe phezulu ngamaJuda, ayifisa kimi.

7 Ngakho-ke, nibusisiwe kakhulu nina, ngokuba aniyuku kuzwa ukufa; kepha niyophila ukuze nibone zonke izenzo zikaBaba kubantwana babantu, ngisho kuze kube zonke izinto ziyagcwaliseka ngokwentando kaBaba, lapho ngiyoza ngenkazimulo yami namandla asezulwini.

8 Futhi aniyikuzizwa nanini izinhlungu zokufa; kepha ngesikhathi sengiza ngenkazimulo yami niyoguqulwa ngokuphazima kweso esimweni sokufa niye esimweni sokungafi; futhi ngaleso sikhathi niyobusiswa embusweni kaBaba.

9 Futhi phezu kwalokho, aniseyikuzwa buhlungu ngesikhathi nisese nyameni, noma usizi ngaphandle kokuthi kube ngenxa yezono zomhlaba; futhi konke lokhu ngizokwenza ngenxa yalento eniyifisile kimi, ngokuba nifise ukuthi nilethe imiphefumulo yabantu kimi, ngesikhathi umhlaba usamile.

10 Futhi ngenxa yalesi sizathu niyoba nenjabulo egcwele; futhi niyohlala phansi embusweni kaBaba; yebo, injabulo yenu iyogcwala, ngisho njengoba uBaba enginike injabulo egcwele; futhi niyokuba ngisho njengami, futhi nami nginjengoBaba; futhi uBaba kanye nami simunye;

11 Futhi uMoya oyiNgcwele ufakaza ngoBaba kanye nangami; futhi uBaba unika abantwana babantu uMoya oyiNgcwele, ngenxa yami.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uJesu esewakhulumile lamazwi, wabathinta bonke ngamunye ngamunye ngomunwe wakhe ngaphandle kwabathathu ababezohlala, futhi emva kwalokho wabe eseyahamba.

13 Futhi bheka, amazulu avuleka, futhi bahlwithelwa ezulwini, futhi babona futhi bezwa izinto ezingakhulumeki.

14 Futhi benqatshelwa ukuthi bakhulume; futhi abanikwanga amandla okuthi bakhulume lezo zinto ababezibonile futhi bazizwa;

15 Futhi noma babesemzimbeni noma ngaphandle komzimba, abakwazanga ukusho; ngokuba kubo kwaba sengathi kwaba khona ukuguqulwa kwesimo sabo, ukuthi baguqulwa kulomzimba wenyama baya esimweni sokungafi, ukuze bakwazi ukubona izinto zikaNkulunkulu.

16 Kepha kwenzeka ukuthi baphinda futhi bafundisa ebusweni bomhlaba; nokho abazange bafundise ngezinto ababezizwile futhi bazibona, ngenxa yomyalelo abawunikwa ezulwini.

17 Manje, noma baba ngabafayo noma baba ngabangafi, kusukela ngosuku lokuguqulwa kwesimo sabo, angazi;

18 Kepha yilokhu engikwaziyo, ngokombhalo onikiwe—bahamba ebusweni bezwe, futhi babafundisa bonke abantu, bebahlanganisa ngobuningi ebandleni njengokukholwa entshumayelweni yabo; bebabhabhadisa, futhi ngobuningi balabo ababhabhadiswayo banikwa uMoya oyiNgcwele.

19 Futhi baphonswa etilongweni yilabo okwakungebona abebandla. Futhi amatilongo awakwazanga ukubagcina, ngokuba adabuka kabili.

20 Futhi baphonswa ngaphansi komhlaba; kepha bawushaya umhlaba ngezwi likaNkulunkulu, kangangokuthi ngamandla akhe bakhishelwa ngaphandle kwezinzulu zomhlaba; futhi ngalokho-ke abakwazanga ukumba imigodi eyayenele ukuthi yayingababamba.

21 Futhi kathathu baphonswa esithandweni somlilo futhi bangathola myocu.

22 Futhi kabili baphonswa emphandwini wezilwane zasendle; futhi bheka badlala nezilwane kuhle kwengane nezinyane elincelayo, futhi bangathola myocu.

23 Futhi kwenzeka ukuthi bahamba ngalendlela phakathi kwabo bonke abantu baNefi, futhi balishumayela ivangeli likaKristu kubo bonke abantu ebusweni bezwe; futhi baphendukela eNkosini, futhi bahlanganyela ebandleni likaKristu, futhi ngalendlela abantu baleso sizukulwane babusiswa, njengokwamazwi kaJesu.

24 Manje mina, Mormoni, ngenza isiphetho sokukhuluma mayelana nalezi zinto okwesikhashana.

25 Bheka, ngase ngizowabhala amagama alabo ababengeke bakuzwe ukufa, kodwa iNkosi yenqaba; ngakho-ke angiwabhali, ngokuba afihliwe emhlabeni.

26 Kepha bheka, ngibabonile, futhi bangisebenzele.

27 Futhi bheka bayokuba phakathi kwabeZizwe, futhi abeZizwe ngeke babazi.

28 Futhi phezu kwalokho bayokuba phakathi kwamaJuda, futhi amaJuda ngeke abazi.

29 Futhi kuyokwenzeka, ngesikhathi iNkosi ibona sekulungile ngokuhlakanipha kwayo ukuthi bayosebenza kuzo zonke izizwana ezihlakazekile zakwa-Israyeli, kanye nasezizweni zonke, imindeni, izilimi kanye nakubantu, futhi bayokhipha kuzo abantu abaningi babalethe kuJesu, ukuze isifiso sabo sifezeke, futhi kanjalo nangenxa yamandla akholwisayo kaNkulunkulu akubo.

30 Futhi banjenge zingelosi zikaNkulunkulu, futhi uma beyokhuleka kuBaba egameni likaJesu bangazibonakalisa kunoma yimuphi umuntu ababona kulungile kubo.

31 Ngakho-ke, mikhulu futhi iyamangalisa imisebenzi eyokwenziwa yibo, ngaphambi kosuku olukhulu oluzayo futhi lapho bonke abantu kufanele ngempela bame ngaphambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu;

32 Yebo ngisho naphakathi kwabeZizwe kuyoba khona omkhulu nomangalisayo umsebenzi oyokwenziwa yibo, ngaphambi kwalolo suku lokwahlulela.

33 Futhi ukuba beninayo yonke imibhalo engcwele elanda ngayo yonke indaba yemisebenzi emangalisayo kaKristu, beniyokwazi, ngokwamazwi kaKristu, ukuthi lezi zinto kufanele ngempela zenzeke.

34 Futhi maye kulowo ongeke awalalele amazwi kaJesu, futhi kanjalo nawalabo abakhethileyo futhi wabathumela phakathi kwabo; ngokuba labo abageyikuwemukela amazwi kaJesu kanye namazwi alabo abathumileyo abemukeli yena; futhi ngakho-ke akayikubemukela ngosuku lokugcina.

35 Futhi bekuyoba ngcono ukuba babe ngazalwanga. Ngokuba nicabanga ukuthi ningakugwema yini ukulunga kukaNkulunkulu owoniweyo, onyathelwe ngaphansi kwezinyawo zabantu, ukuze ngalokho kuze insindiso na?

36 Manje bheka, njengoba ngikhulumile mayelana nalabo iNkosi ebakhethile, yebo, ngisho nalabo abathathu abahlwithelwa phezulu emazulwini, engingazi noma bahlanzwa yini besuswa ekubeni ngabafayo bayiswa esimweni sokungafi—

37 Kepha bhekani, ngesikhathi sengibhalile, ngibuzile eNkosini, futhi ingambulele ukuthi kudingeke ukuthi kube khona uguquko olwenzekayo emizimbeni yabo, kungenjalo kudingekile ukuthi kufanele bakuzwe ukufa;

38 Ngakho-ke, ukuze bangakuzwa ukufa kwaba khona uguquko olwenzekayo emizimbeni yabo, ukuze bangabuzwa ubuhlungu noma usizi ngaphandle kokuthi kube ngokwezono zomhlaba.

39 Manje lolu guquko lwalungalingani nalolo oluyokwenzeka ngosuku lokugcina; kepha kwaba khona uguquko olwenzeka kubo, kangangokuthi uSathane wayengezukwazi ukuba namandla phezu kwabo, wayengezukwazi ukubalinga; futhi bangcweliswa besenyameni, ukuze babe ngcwele, futhi nokuthi amandla omhlaba ayengezukwazi ukubabamba.

40 Futhi kwakufanele bahlale bekulesi simo kuze kube wusuku lokwahlulela lukaKristu; futhi ngalolo suku babezobe sebethola ukuguqulwa okukhulu, futhi bemukelwe embusweni kaBaba bangaphinde baphume nanini, kepha bahlale noNkulunkulu ingunaphakade emazulwini.