ImiBhalo eNgcwele
Alima 6


Isahluko 6

IBandla eZarahemla liyahlanzwa futhi liyahlelwa—U-Alima uya eGidiyoni ukuyoshumayela. Cishe ngonyaka wama 83 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi emva kokuthi u-Alima esenze isiphetho senkulumo ebantwini bebandla, elalimiswe edolobheni laseZarahemla, wagcoba abaphristi kanye namagosa, ngokubabeka izandla zakhe ngokohlelo lukaNkulunkulu, ukuthi bengamele futhi babheke ibandla.

2 Futhi kwenzeka ukuthi lowo owayengeyena owebandla kulabo ababephenduka ezonweni zabo babhabhadiselwa ekuphendukeni, futhi bemukelwa ebandleni.

3 Futhi phezu kwalokho kwenzeka ukuthi lowo owayengowasebandleni kulabo abangaphendukanga ebubini babo futhi bazithobe phambi kukaNkulunkulu—ngisho labo ababephakeme ngenxa yokuzibona kwabo—bona kanye babenqatshwa, futhi amagama abo ayesulwa, ukuze amagama abo angabalwa phakathi kwalabo ababelungile.

4 Futhi ngalendlela baqala ukumisa uhlelo lwebandla edolobheni lakwaZarahemla.

5 Manje ngifuna ukuthi niqonde ukuthi izwi likaNkulunkulu lalitholakala kubo bonke, kangangokuthi babengekho ababenqatshelwe ilungelo lokuhlangana ndawonye ukuthi bezwe izwi likaNkulunkulu.

6 Nokho abantwana baNkulunkulu bayalwa ukuthi baqoqane ndawonye njalo, futhi bahlanganyele ekuzileni kanye nasekuthandazeni okukhulu ukuze kuzuze imiphefumulo yalabo ababengamazi uNkulunkulu.

7 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Alima esenze lemithetho wemuka kubo, yebo, wasuka ebandleni elalisedolobheni lakwaZarahemla, wahamba wawelela ngasempumalanga yomfula iSidoni, esigodini sakwaGidiyoni, lapho kwakwakhiwe idolobha khona, elalibizwa ngedolobha lakwaGidiyoni, elalisesigodini esasibizwa ngokuthi yiGidiyoni, esabizwa ngendoda eyabulawa ngesandla sikaNehori ngenkemba.

8 Futhi u-Alima wahamba waqala ukumemezela izwi likaNkulunkulu ebandleni elalimiswe esigodini sakwaGidiyoni, njengokwambulwa kobuqiniso bezwi elalikhulunywe ngoyise, futhi nanjengokukamoya wesiphrofetho owawukuye, ngokobu fakazi bukaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, oyoza ukuzokhulula abantu bakhe ezonweni zabo, kanye nangohlelo olungcwele ayebizwe ngalo. Futhi kubhalwe kanjalo. Amen.