ImiBhalo eNgcwele
Moroni 9


Incwadi yesibili kaMormoni eya endodaneni yakhe uMoroni.

Itholakala esahlukweni 9.

Isahluko 9

AmaNefi kanye namaLamani bonakele futhi baphuphile—Bazwisana ubuhlungu futhi bayabulalana—UMormoni ukhulekela ukuthi umusa kanye nobuhle kuhlale kuMoroni ingunaphakade. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401.

1 Ndodana yami ethandekayo, ngiyaphinda futhi ngiyakubhalela ukuze wazi ukuthi ngisaphila; kepha ngibhala ngalokho okuthize okungikhathazayo.

2 Ngokuba bheka, ngibe nempi enzima namaLamani, esinganqobanga kuyo; futhi u-Akhiyentasi usewile ngenkemba, futhi kanjalo noLuramu kanye no-Emroni; yebo, futhi silahlekelwe ngabaningi bamadoda ethu akhethekileyo.

3 Manje bheka, ndodana yami, ngiyesaba hleze amaLamani azobabhubhisa laba bantu; ngokuba abaphenduki, futhi uSathane ubaphehla njalo ukuthi bathukuthelelane omunye nomunye.

4 Bheka, ngisebenza nabo njalo; futhi uma ngikhuluma izwi likaNkulunkulu ngokuqina bayaqhaqhazela futhi bangithukuthelele; futhi uma ngingakusebenzisi ukuqina baqinisa izinhliziyo zabo ngokumelene nalo; ngalokho-ke, ngiyesaba hleze uMoya weNkosi useyekile ukusebenza kubo.

5 Ngokuba sebethukuthela kakhulu ngendlela yokuthi kimi sekubonakala sengathi abasakwesabi ukufa; futhi sebelahlekelwe wukuthandana; futhi bomele igazi kanye nempindiselo njalo.

6 Manje, ndodana yami ethandekayo, naphezu kobulukhuni babo, thina masisebenze ngokukhuthala; ngokuba uma siyeka ukusebenza, siyolethwa ekulahlweni ngecala; ngokuba sinomsebenzi okufanele siwenze ngesikhathi sisekulelidokodo lobumba, ukuze sisinqobe isitha sakho konke ukulunga, futhi siphumuze imiphefumulo yethu embusweni kaNkulunkulu.

7 Manje sengibhala okuthile mayelana nezinhlupheko zalaba bantu. Ngokuba ngokolwazi engiluthole ku-Amoroni, bheka, amaLamani aneziboshwa eziningi, azithatha embhoshongweni kaSheriza; futhi kwakungamadoda, abesifazane, kanye nabantwana.

8 Futhi abayeni kanye noyise balabo besifazane kanye nabantwana bababulala; futhi bondla abesifazane ngenyama yabayeni babo, kanye nabantwana ngenyama yoyise; futhi akukho manzi, ngaphandle kwamancane nje, ababanika wona.

9 Futhi naphezu kwezingaka izinengiso zamaLamani, azizedluli ezabantu bethu eMoriyantumu. Ngokuba bheka, amaningi amadodakazi amaLamani bawathatha bawabopha; futhi emva kokubaphuca lokho okwakuthandeka kakhulu futhi kuyigugu ngaphezu kwezinto zonke, okungubumsulwa

10 Futhi emva kokuthi sebenze lento, bababulala ngendlela enonya kakhulu, bebazwisa ubuhlungu emizimbeni yabo beze befa; futhi emva kokuthi sebekwenzile lokhu, badla inyama yabo njengezilwane zasendle, ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo; futhi bakwenza lokhu njengophawu lokuba nesibindi.

11 O ndodana yami ethandekayo, kungenzeka kanjani ukuthi abantu abanjengalaba, abangena mpucuko—

12 (Futhi yiminyaka embalwa nje kuphela esidlulile, futhi babengabantu abaphucuzekile kanye nabathandekayo)

13 Kepha O ndodana yami, kungenzeka kanjani ukuthi abantu abanjengalaba, abathokoza ezinengisweni kangaka—

14 Singalindela kanjani ukuthi uNkulunkulu uzosimisa isandla sakhe ekusahluleleni na?

15 Bheka, inhliziyo yami iyakhala ithi: Maye kulaba bantu. Woza ngokwahlulela, O Nkulunkulu, futhi ufihle izono zabo, nobubi babo, kanye nezinengiso phambi kobuso bakho!

16 Futhi phezu kwalokho, ndodana yami, kukhona abafelokazi abaningi kanye namadodakazi abo abasele eSheriza; kanye naleyo ngxenye yokudla amaLamani angayithathanga, bheka, impi kaZenefi ithathiwe, futhi bashiywa ukuthi bazulazule baye noma kuphi lapho bengaya khona ukuyofuna ukudla; futhi abaningi abesifazane abadala bayaquleka endleleni bafe.

17 Futhi ibutho enginalo libuthakathaka; futhi amabutho amaLamani aphakathi kweSheriza nami; futhi ngobuningi balabo ababalekele empini ka-Aroni babulawe yiwo ngesihluku esibi.

18 O ukonakala kwabantu bami! Abanakuhleleka nasihawu. Bheka, ngingumuntu nje, futhi nginamandla omuntu nje, futhi ngeke ngisayiphoqelela imiyalelo yami.

19 Futhi sebeqinile ebubini babo; futhi sebegcwele unya ngokufanayo, abashiyi lutho, omdala noma omncane; futhi bathokozela zonke izinto ngaphandle kwalokho okuhle; futhi ukuhlupheka kwabesifazane bethu kanye nezingane zethu kubo bonke ubuso balelizwe kwedlula izinto zonke; yebo, ulimi alunakukuchaza, futhi akunakubhalwa.

20 Manje, ndodana yami, angisezukuhlala kulesimo esibi kangaka. Bheka, uyabazi ububi balaba bantu; uyazi ukuthi abanamigomo, futhi nemizwa seyithuntubezekile; futhi ububi babo sebedlula lobo bamaLamani.

21 Bheka, ndodana yami, ngeke ngibakhulumele kuNkulunkulu hleze angishaye.

22 Kepha bheka, ndodana yami, wena ngiyakukhulumela kuNkulunkulu, futhi ngethemba kuKristu ukuthi uyosindiswa; futhi ngiyakhuleka kuNkulunkulu ukuthi ayisindise impilo yakho, ukuze uzibonele ukubuyela kwabantu bakhe kuye, noma ukubhujiswa kwabo nya; ngokuba ngiyazi ukuthi kufanele babhubhe ngaphandle kokuthi baphenduke futhi babuyele kuye.

23 Futhi uma bebhubha kuyokuba njengokwamaJarede, ngenxa yentando yezinhliziyo zabo, befuna igazi kanye nempindiselo.

24 Futhi uma kungukuthi bayabhubha, siyazi ukuthi iningi labafowethu lembukele kumaLamani, futhi baningi abanye nabo abasazokwembukela kuwo; ngalokho-ke, bhala izinto ezithile ezimbalwa, uma kwenzeka usinda futhi mina ngifa futhi ngingabe ngisakubona; kepha ngiyethemba ukuthi ngisazokubona masinyane; ngokuba nginemibhalo engcwele engizoyiletha kuwe.

25 Ndodana yami, thembeka kuKristu; futhi sengathi lezi zinto engizibhalile zingekukhathaze, ukuthi zikudonsele phansi ekufeni; kepha sengathi uKristu angakuphakamisa, futhi sengathi ukuhlupheka kwakhe kanye nokufa, nokukhombisa umzimba wakhe kobaba bethu, kanye nesihawu sakhe nokuba nenhliziyo ende kwakhe, nethemba lenkazimulo yakhe kanye nelokuphila okuphakade, kungahlala engqondweni yakho ingunaphakade.

26 Futhi sengathi umusa kaNkulunkulu uBaba, isihlalo sakhe sobukhosi esiphezulu emazulwini, kanye neNkosi yethu uJesu Kristu, ohlezi ngakwesokunene samandla akhe, kuze kube zonke izinto ziba phansi kwakhe, ungaba nawe, futhi uhlale nawe ingunaphakade. Amen.