ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 5


Isahluko 5

AbaNgcwele baba ngamadodana kanye namadodakazi kaKristu ngokholo—Ngenxa yalokho babizwa ngegama likaKristu—INkosi uBenjamini ibanxusa ukuthi baqine futhi banganyakaziswa emisebenzini emihle. Cishe ngonyaka we 124 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje, kwenzeka ukuthi ngesikhathi inkosi uBenjamini isikhulume kanjalo kubantu bayo, yathumela phakathi kwabo, ifisa ukwazi kubantu bayo ukuthi ngabe babewakholwa yini amazwi eyayiwakhulume kubo.

2 Futhi bonke bakhala ngazwi linye, bethi: Yebo, siyawakholwa wonke amazwi owakhulumile kithi; futhi phezu kwalokho, sazi kahle ngawo kanye nangobuqiniso bawo, ngenxa yoMoya weNkosi uMninimandla Onke, owenze ushintsho olukhulu kithi, noma ezinhliziyweni zethu, kangangokuthi asisakuthandi ukwenza okubi, kodwa ukwenza okuhle njalo.

3 Futhi thina, uqobo ulwethu, phezu kwalokho, ngobuhle obungapheliyo bukaNkulunkulu, kanye nezibonakaliso zikaMoya wakhe, sinokuqonda okukhulu ngalokho okuzayo; futhi ukube bekudingekile, besingaphrofetha ngazo zonke izinto.

4 Futhi wukholo esibenalo ezintweni inkosi yethu ekhulume ngazo kithi olusilethele lolulwazi olukhulu, ngalokho-ke sijabula ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

5 Futhi sizimisele ukungena esivumelwaneni noNkulunkulu wethu ukuthi senze intando yakhe, futhi silalele imiyalelo yakhe ezintweni zonke ayosiyala ngazo, zonke izinsuku zethu ezisasisalele, ukuze singaziletheli phezu kwethu ukuhlupheka okungapheliyo, njengoba kukhulume ingelosi, ukuze singaphuzi enkomishini yolaka lukaNkulunkulu.

6 Manje, lawa ngamazwi inkosi uBenjamini eyayiwafisa kubo; ngakho-ke yathi kubo: Nikhulume amazwi ebengiwafisa; futhi isivumelwano enisenzile yisivumelwano esilungile.

7 Manje, ngenxa yesivumelwano enisenzile nizobizwa ngokuthi ningabantwana baKristu, amadodana akhe, kanye namadodakazi akhe; ngokuba bhekani, ngalolusuku unizele ngokomoya; ngokuba nithi izinhliziyo zenu zishintshile ngokukholwa egameni lakhe; ngakho-ke, nizelwe nguye futhi seningamadodana kanye namadodakazi akhe.

8 Futhi ngaphansi kwaleligama nikhululiwe, futhi alikho elinye igama eningakhululwa ngalo. Alikho elinye igama elinikeziwe ukusindiswa okuyoza ngalo; ngakho-ke, ngifuna ukuthi namukele uKristu nibizwe ngegama lakhe, nonke nina eningene esivumelwaneni noNkulunkulu ukuthi nilalele kuze kube sekupheleni kwezimpilo zenu.

9 Futhi kuyokwenzeka ukuthi lowo owenza lokhu uyotholakala esandleni sokunene sikaNkulunkulu, ngokuba uyolazi igama ayobizwa ngalo; ngokuba uyobizwa ngegama likaKristu.

10 Manje kuyokwenzeka, ukuthi lowo ongamemukeli uKristu abizwe ngegama lakhe kufanele abizwe ngelinye igama; ngalokho-ke, uyozithola esesandleni sokhohlo sikaNkulunkulu.

11 Futhi ngifuna ukuthi nikhumbule, ukuthi leli yigama engathi ngizoninika lona elingenakusulwa nanini, ngaphandle kokuthi kube ngenxa yesiphambeko; ngalokho-ke, qaphelani ukuthi ningaphambuki, ukuze leligama lingasulwa ezinhliziyweni zenu.

12 Ngithi kini, ngifuna ukuthi nize nikhumbule ukuligcina libhaliwe njalo leligama ezinhliziyweni zenu, ukuze ningatholakali ngasesandleni sokhohlo sikaNkulunkulu, kodwa ukuthi nilizwe futhi nilazi izwi eniyobizwa ngalo, futhi ngokunjalo, negama ayonibiza ngalo.

13 Ngokuba umuntu angayazi kanjani inkosi angazange ayisebenzele, futhi engumuntu ongaziwa kuyo, futhi ekude nemicabango kanye nezinjongo zenhliziyo yayo na?

14 Futhi phezu kwalokho, ngabe umuntu angayithatha yini imbongolo engekamakhelwane wakhe, ayigcine na? Ngithi kini, Cha; akayikuvuma ngisho nokuthi idle phakathi komhlambi wakhe, kodwa uyayixosha ayikhiphele ngaphandle. Ngithi kini, kuyoba njalo ngisho naphakathi kwenu uma ningalazi igama enibizwa ngalo.

15 Ngakho-ke, ngifuna ukuthi nigxile futhi ninganyakaziswa, nikhule njalo ekwenzeni imisebenzi emihle, ukuze uKristu, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla Onke, anenze nibe ngabakhe, ukuze nilethwe ezulwini, ukuze nizuze insindiso yaphakade kanye nokuphila okuphakade, ngokuhlakanipha, nangamandla, nangokulunga, kanye nangesihawu salowo owadala izinto zonke, ezulwini nasemhlabeni, onguNkulunkulu ongaphezu kwakho konke. Amen.