Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMarku 14


HJS, NgokukaMarku 14:20–26. Qhathanisa noMarku 14:22–25

UJesu umisa isidlo esingcwele ukukhumbula umzimba negazi lakhe.

20 Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi, Thathani nidle,

21 Bhekani, lokhu ngokwenu ukuba nikwenze ekukhumbuleni umzimba wami; ngokuba ngokwenza lokhu njalo-njalo nizokhumbula ukuthi ngalelihora nganginani.

22 Futhi wathatha inkomishi, futhi emuva kokuba esebongile, wabanika; futhi bonke baphuza kuyo.

23 Futhi wayesethi kubo, Lokhu kuyisikhumbuzo segazi lami elichithelwa abaningi, netestamente elisha engininika lona; ngokuba niyofakaza ngami emhlabeni wonke.

24 Futhi ngokwenza lesi simiso njalo, nizongikhumbula ngaleli hora enganginani ngalo nengaphuza ngalo nani kulenkomishi, ngisho ngesikhathi sokugcina sobufundisi bami.

25 Ngiqinisile ngithi kini, Niyofakaza ngalokhu; ngokuba ngeke ngisaphuza isithelo sesivini nani, kuze kube yilolosuku engisiphuza ngalo kabusha embusweni kaNkulunkulu.

26 Base bedabuka, bamkhalela.

HJS, NgokukaMarku 14:36–38. Qhathanisa noMarku 14:32–34

EGetsemane, ngisho abayiShumi namBili abawuqondi ngokuphelele umsebenzi kaJesu njengoMesiya.

36 Futhi bafika endaweni eyayibizwa ngeGethsemane, okwakuyinsimu; abafundi baqala ukumangala kakhulu, nokuba bakhathazeke kakhulu, nokuba bakhononde ezinhliziyweni zabo, bezibuza ukuthi ngabe lona nguMesiya na.

37 Futhi uJesu ezazi izinhliziyo zabo, wathi kubafundi bakhe, Hlalani lapha, ngesikhathi ngisayokhuleka.

38 Futhi wahamba noPetru, noJakobe, noJohane, wabakhuza wathi kubo, Umoya wami ulusizi kakhulu, ngisho kuze kube sekufeni; hlalani lapha futhi nilinde.