ImiBhalo eNgcwele
Mose 2


Isahluko 2

(Juni–Oktoba ngo1830)

UNkulunkulu udala amazulu nomhlaba—Zonke izimo zempilo ziyadalwa—UNkulunkulu wenza umuntu futhi umnika ukubusa phezu kwazo zonke izinto.

1 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yakhuluma kuMose, ithi: Bheka, ngembula kuwe ngokuphathelene naleli zulu, nangalo mhlaba; wabhale amazwi engiwakhulumayo. NgiyisiQalo nesiPhetho, uNkulunkulu uMninimandla Onke; ngo Zelwe Yedwa wami ngazi dala lezi zinto; yebo, ekuqaleni ngadala izulu, nomhlaba omi kuwo.

2 Futhi umhlaba wawungenasimo, futhi wawungenalutho; futhi ngenza ubumnyama bube phezu kwamanzi amaningi; futhi uMoya wami wawuzula phezu kwamanzi; ngokuba nginguNkulunkulu.

3 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Makubekhona ukukhanya; futhi kwaba khona ukukhanya.

4 Futhi mina, uNkulunkulu, ngakubona ukukhanya, nokuthi ukukhanya kwaku kuhle. Futhi mina, uNkulunkulu, ngakuhlukanisa ukukhanya nobumnyama.

5 Futhi mina, uNkulunkulu, ngabiza ukukhanya ngeMini; ubumnyama, ngabubiza ngoBusuku, futhi lokhu ngakwenza ngezwi lamandla ami, futhi kwenzeka ngesikhathi ngikhuluma; futhi ukuhlwa nokusa kwaba wusuku lokuqala.

6 Futhi phezu kwalokho, mina, uNkulunkulu, ngathi: Makubekhona umkhathi phakathi kwamanzi, futhi kwaba njalo, ngisho ngesikhathi ngikhuluma; futhi ngathi: Mawuhlukanise amanzi kwamanye amanzi; futhi kwenzeka;

7 Futhi mina, uNkulunkulu, ngenza umkhathi futhi ngawahlukanisa amanzi, yebo, amanzi amakhulu angaphansi komkhathi emanzini ayengaphezulu komkhathi, futhi kwaba njalo ngisho ngesikhathi ngikhuluma.

8 Futhi mina, uNkulunkulu, ngabiza umkhathi ngokuthi iZulu; futhi ukuhlwa nokusa kwaba wusuku lwesibili.

9 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Amanzi angaphansi kwezulu mawabuthane ndawonye endaweni eyodwa, futhi kwaba njalo; futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Makubekhona izwe elomileyo; futhi kwaba njalo.

10 Futhi mina, uNkulunkulu, ngabiza izwe elomileyo ngo Mhlaba; futhi ukubuthana ndawonye kwamanzi, ngakubiza ngoLwandle; futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zonke izinto engangi zenzileyo zazi zinhle.

11 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Izwe maliveze utshani, imifino eveza imbewu, imithi yezithelo ethela izithelo, ngezinhlobo zazo, nemithi ithele izithelo, imbewu yazo okufanele ibe kuzo ezweni, futhi kwaba njalo ngisho ngesikhathi ngikhuluma.

12 Futhi izwe lase liveza utshani, imifino yonke eveza imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo, imbewu yayo okufanele ibe kuyo, ngezinhlobo zayo; futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zonke izinto engangizenzile zazi zinhle;

13 Futhi ukuhlwa nokusa kwaba wusuku lwesithathu.

14 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Makubekhona izinkanyiso emkhathini wezulu, ukuhlukanisa imini nobusuku, futhi mazikhombise izibonakaliso, izinkathi, nezinsuku, neminyaka;

15 Futhi mazibe yizinkanyiso emkhathini wezulu ukuze zinike ukukhanya emhlabeni; futhi kwaba njalo.

16 Futhi mina, uNkulunkulu, ngenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu; inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, inkanyiso enkulu kwaba yilanga, inkanyiso encane kwaba yinyanga; nezinkanyezi nazo zenziwa ngisho ngokwezwi lami.

17 Futhi mina, uNkulunkulu, ngazibeka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni.

18 Futhi ilanga ukuba libuse imini, inyanga ibuse ubusuku, futhi ukuhlukanisa ukukhanya nobumnyama; futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zonke izinto engangizenzile zazi zinhle;

19 Futhi ukuhlwa nokusa kwaba usuku lwesine.

20 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Amanzi mawagcwale ngobuningi izilwane eziphilayo, nezinyoni ezindizayo phezu kwezwe emkhathini ovulekileyo wezulu.

21 Futhi mina, uNkulunkulu, ngadala imikhoma emikhulu, nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, ezavezwa amanzi ngobuningi, ngezinhlobo zazo, futhi nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zonke izinto engangizidalile zazi zinhle.

22 Futhi mina, uNkulunkulu, ngazibusisa, ngathi: Zalanani, futhi nande, futhi nigcwalise amanzi olwandle; futhi izinyoni mazande emhlabeni;

23 Futhi ubusuku nokusa kwaba wusuku lwesihlanu.

24 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Izwe maliveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, imfuyo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, futhi kwabanjalo;

25 Futhi mina, uNkulunkulu ngenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nemfuyo ngezinhlobo zayo, nazo zonke izinto ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; futhi mina, uNkulunkulu, ngabona ukuthi zonke lezi zinto zazi zinhle.

26 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi ko Zelwe Yedwa wami, owayenami kusuka ekuqaleni: Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi; futhi kwaba njalo. Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi: Mababuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umhlaba, naphezu kwazo zonke izinto ezinwabuzelayo emhlabeni.

27 Futhi mina, uNkulunkulu, ngadala umuntu ngomfanekiso wami uqobo, ngomfanekiso woZelwe Yedwa wami ngamdala; owesilisa nowesifazane ngabadala.

28 Futhi mina, uNkulunkulu, ngababusisa, ngathi kubo: Zalanani, nande, nigcwalise umhlaba, futhi niwulawule, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwazo zonke izinto eziphilayo ezihambayo emhlabeni.

29 Futhi mina, uNkulunkulu, ngathi kumuntu: Bheka, ngikunike yonke imifino eveza imbewu, esebusweni bawo wonke umhlaba, nayo yonke imithi okuyobakhona isithelo somuthi esiveza imbewu; kuwe kuyoba ukudla.

30 Futhi kuzo zonke izilwane zomhlaba, nakuzo zonke izinyoni zezulu, nakukho konke okunwabuzelayo emhlabeni, engikupha impilo, kuyonikwa yonke imifino ehlanzekile efanele ibe ngukudla; futhi kwaba njalo, ngisho ngesikhathi ngikhuluma.

31 Futhi mina, uNkulunkulu, ngazibona zonke izinto engase ngizenzile, futhi, bheka, zonke izinto engase ngizenzile zazi zinhle kakhulu; ubusuku nokusa kwaba wusuku lwesithupha.