Ngo-2010–2019
AbaVikeli besiMemezelo soMndeni
Ngo-Ephreli 2015


AbaVikeli besiMemezelo soMndeni

Masisize ukwakha umbuso kaNkulunkulu ngokuma ngesibindi nangokuba abavikeli bomshado, bobuzali, kanye nabekhaya.

Kuyithuba elihle nentokozo ukuba yingxenye yalomhlangano omuhle wamantombazane namakhosikazi. Saze sabusiseka njengabesifazane ukuba sihlanganyele ndawonye kusihlwa ngobunye nangothando.

Isithombe
isithombe sikaMarie Madeleine Cardon

Ngisanda kufunda indaba kaMarie Madeleine Cardon, owemukela kanye nomndeni wakhe, umyalezo wevangeli elibuyiselwe likaJesu Kristu kubefundisi bevangeli bokuqala ababizelwa ukuyosebenzela eTaliya ngonyaka ka-1850. Wayeyintombazane eyayineminyaka eyi-17 noma eyi-18 ngesikhathi bebhabhadiswa. Ngelinye iSonto, ngesikhathi umndeni wakhe unenkonzo yokudumisa ekhaya labo phezulu ezintabeni ze-Alps enyakatho neTaliya, isixuku samadoda anolaka, ehlangene nabefundisi bendawo, sazungeza umuzi saqala ukumemeza, sifuna abefundisi bevangeli balethwe ngaphandle. Angicabangi ukuthi ayefuna ukufundiswa ivangeli—ayefuna ukubalimaza nje. KwakunguMarie omncane owaphuma endlini wayobhekana nesixuku.

Aqhubeka nokumemeza kwawo okunolaka nokufuna kwawo ukuba abefundisi bevangeli balethwe ngaphandle. UMarie waphakamisa iBhayibheli lakhe ngesandla ewayala ukuba ahambe. Wawatshela ukuthi abefundisi labo babevikelwe nguye nokuthi babengeke bekwazi ukulimaza ngisho unwele olulodwa emakhanda abo. Lalela nanka amazwi akhe: “Bonke bema bethukile. … UNkulunkulu wayenami. Nguye owabeka lawo mazwi emlonyeni wami, kungenjalo ngabe angikwazanga ukuwakhuluma. Kwaba nokuthula, masinyane. Leso sixuku samadoda esasinamandla nolaka saphelelwa ngamandla phambi kwentombazane ebuthaka, eqhaqhazelayo, kodwa eyayingesabi lutho.” Abefundisi bacela isixuku ukuba sihambe, sakwenza lokho singenamsindo futhi sihlazekile, sinokwesaba nokuzisola. Umhlambi omncane wawuqedelela umhlangano wabo ngokuthula.1

Niyayibona yini kodwa lentombazane enesibindi, elingana nabaningi benu, ima phambi kwesixuku futhi ivikela inkolo yayo esanda kuyithola ngesibindi nokuzethemba na?

Bodadewethu, bancane kithi okuzodingeka babhekane nesixuku esinolaka, kodwa kukhona impi eqhubekayo kulomhlaba lapho kuhlaselwa khona izimfundiso zethu eziyisisekelo futhi neziyigugu kakhulu kithi. Ngikhuluma ngokuphathelene nemfundiso yomndeni. Ubungcwele bekhaya kanye nezinjongo ezibalulekile zomndeni kuyaphikiswa, kuyagxekwa, futhi kuhlaselwa nxazonke.

Ngesikhathi uMongameli uGordon B. Hinckley eqala ukufunda “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke” eminyakeni engama-20 edlule kulonyaka, sakubonga futhi sakuthanda ukucaca, ukuzwakala kalula, kanye nobuqiniso kwalombhalo owawuyisambulo. Asizange sazi ngaleso sikhathi ukuthi sasizozidinga kangaka lezi zimemezelo eziyisisekelo ezweni lanamuhla njengesilinganiso esingasisebenzisa ukwahlulela zonke izimfundiso zomhlaba ezintsha esizithola kwabezindaba, kwi-intanethi, kwabafundile, kumabonakude nakumabhayisikobho, kanye nakulabo abashaya imithetho imbala. Isimemezelo ngomndeni sesiyisilinganiso sethu esisisebenzisayo uma sahlulela izimfundiso zomhlaba, futhi ngiyafakaza ukuthi lemigomo ebekwe kulemibhalo iseyiqiniso nanamhlanje njengoba kwakunjalo nangesikhathi umphrofethi kaNkulunkulu esinika yona cishe eminyakeni engama-20 eyadlula.

Ngingakhuluma ngokusobala na? Impilo ayivamisile ukuhamba ngendlela esihlele ngayo, futhi sazi kahle kamhlophe ukuthi akubona bonke abesifazane abaphila lokhu okuchazwa yisimemezelo ezimpilweni zabo. Kusabalulekile ukuyiqonda nokuyifundisa indlela yeNkosi futhi sizame ukuphila ngaleyo ndlela ngakho konke okusemandleni ethu.

Sonke sinendima esiyidlalayo kulolohlelo, futhi sonke sibaluleke ngokulinganayo emehlweni eNkosi. Kumele sikhumbule ukuthi uBaba oseZulwini uyazazi izifiso zethu ezilungileyo futhi uzozihlonipha izethembiso Zakhe futhi akukho okuzogodlwa kulabo abagcina izivumelwano zabo ngokwethembeka. UBaba oseZulwini unomsebenzi nohlelo ngomuntu ngamunye kepha futhi unesikhathi Sakhe. Okunye okuba nzima kakhulu kulempilo ukwethemba isikhathi seNkosi. Kuyicebo elihle ukuba sibe nezinye izinhlelo empilweni, okuzosisiza sibe ngabesifazane abagcina izivumelwano, futhi abalungile abakha umbuso kaNkulunkulu noma ngabe kwenzekani ezimpilweni zethu. Kumele sifundise amadodakazi ethu ukuthi aphokophelele okuhle kodwa ahlelele lokho okungase kungahambi ngendlela elindelekile.

Njengoba kugujwa unyaka wama-20 wesimemezelo somndeni, ngifisa ukuphonsa inselelo kithi sonke njengabesifazane beBandla ukuba sibe ngabavikeli besimemezelo esithi “Umndeni: Isimemezelo Emhlabeni Wonke.” Njengoba uMarie Madeline Cardon avikela abefundisi kanye nenkolo yakhe entsha ngesibindi, nathi kumele sivikele ngesibindi izimfundiso ezambuliwe ezichaza umshado, imindeni, indima yamadoda nabesifazane ngokukaNkulunkulu, kanye nokubaluleka kwamakhaya njengezindawo ezingcwele—ngisho nangesikhathi umhlaba umemeza ezindlebeni zethu ukuthi lemigomo eyakudala, iyavimbela, noma ayisahambisani nalesi sikhathi. Wonke umuntu, ngisho kuthiwa sinjani isimo sakhe somshado noma unabantwana abangaki, angaba ngumvikeli wohlelo lweNkosi njengoba luchaziwe kwisimemezelo somndeni. Uma kuwuhlelo lweNkosi, kufanele kube wuhlelo lwethu nathi!”

Kukhona imigomo emithathu efundiswayo kulesi isimemezelo engicabanga ukuthi idinga ngempela abavikeli abaqinile. Owokuqala umshado phakathi kwendoda nowesifazane. Emibhalweni engcwele sifundiswa ukuthi, “Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane.”2 Ukuze sithole ukugcwala kwezibusiso zobuphristi, kufanele kube khona umyeni nomkakhe ababoshwe endlini yeNkosi, besebenzisana ngokulunga futhi begcina ngokwethembeka izivumelwano zabo. Yilo-ke uhlelo lweNkosi lolu lwabantwana Bayo, futhi azikho izimfundiso noma ukugxeka kwezwe okungashintsha lokho okushiwo yiNkosi. Kufanele siqhubeke nokuba yizibonelo zemishado elungileyo, sisifune leso sibusiso ezimpilweni zethu, futhi sibe nethemba noma siza kancane. Masibe ngabavikeli bomshado ngendlela iNkosi ewumise ngayo sibe siqhubeka nokukhombisa uthando nozwelo kulabo abanemibono eyehlukile.

Umgomo olandelayo odinga ukuba siwuvikele ukuphakamisa indima edlalwa ngomama nobaba ngokukaNkulunkulu. Sifundisa abantwana bethu ngogqozi ukuba baphokophelele impumelelo kulempilo. Sifuna ukuqiniseka ukuthi amadodakazi ethu ayazi ukuthi angakwazi ukufeza futhi abe yilokho akufisayo. Siyethemba ukuthi bazokuthanda ukufunda, nokufundiswa, babe neziphiwo, futhi mhlawumbe bafane noMarie Curie noma u-Eliza R. Snow.

Ngabe siyawafundisa yini amadodana namadodakazi ethu ukuthi akukho ukuhlonishwa okukhulu, futhi nokuthi asikho sikhundla esiphezulu, noma indima ebalulekile kulempilo kunaleyo yokuba ngumama noma ngubaba na? Ngethemba ukuthi ngesikhathi sikhuthaza abantwana bethu ukuthi baphokophelele okuhle kakhulu empilweni siyabafundisa futhi ukuhlonipha nokuphakamisa indima yomama nobaba ohlelweni lukaBaba oseZulwini.

Umntwana wethu ongumagcino, u-Abby, wabona ithuba elihle kakhulu lokuma njengomvikeli wendima yokuba ngumama. Ngolunye usuku wathola isaziso esivela esikoleni somntwana wakhe esasithi babezoba nosuku lokwaziswa ngemisebenzi esikoleni. Abazali bamenywa ukuba babhalise uma befuna ukuza esikoleni ukuzofundisa abantwana ngemisebenzi abayenzayo, u-Abby waba nentshisekelo yokuba abhalisele ukuzokhuluma ngobunina. Abamphendulanga esikoleni, futhi kwathi ngesikhathi usuku lokwaziswa ngemisebenzi selusondela, washayela isikole ucingo, ecabanga ukuthi mhlawumbe babedukelwe yisicelo sakhe. Abahleli babheka baze bathola othisha ababili abavuma ukuba u-Abby eze ukuzokhuluma nabantwana ngosuku lokwaziswa ngemisebenzi.

Ngesikhathi ebafundisa abantwana ngendlela enesasasa, u-Abby wabafundisa ukuthi njengomama kufanele azi ngemithi yokwelapha, ngokuphathelene nengqondo yomuntu, ngenkolo, ngokufundisa, ngomculo, ngezincwadi zokufunda, ngezobuciko, ngezimali, ngokuhlobisa, ngokunakekela izinwele, ngokushayela, ngemidlalo, ngokupheka, kanye nokunye okuningi. Abantwana bahlabeka umxhwele. Waphetha ngokukhumbuza abantwana ukuba babhalele onina izincwajana zokubonga ezikhombisa ukubabonga ngemisebenzi yothando abayitholayo nsuku-zonke. U-Abby waba nomuzwa wokuthi abantwana baqala ukubuka onina ngendlela eyehlukile nokuthi ukuba ngumama noma ukuba ngubaba kuyinto enenzuzo kakhulu. Uphinde wafaka isicelo sokuza futhi ngosuku lokwazisa ngemisebenzi kulonyaka wamenywa ukuba azofundisa emakilasini ayisithupha.

Isithombe
owesifazane ophethe isithombe sabantwana

U-Abby washo lokhu ngokwakwenzekile efundisa abantwana: “Ngibona sengathi kungaba lula kulomhlaba ukuba umntwana abone sengathi ukuba ngumzali kungumsebenzi onesisindo esingesikhulu noma obuye ngisho ube yinkathazo edingekayo. Ngifuna wonke umntwana azizwe ebaluleke kakhulu kumzali wakhe, futhi mhlawumbe ukubatshela ukuthi kubaluleke kangakanani kimi ukuba ngumzali kungabasiza bakubone konke abazali babo ababenzela kona nokuthi bakwenzelani.”

Umphrofethi wethu esimthandayo, uMongameli uThomas S. Monson, uyisibonelo esihle kakhulu sokuhlonipha abesifazane nobunina, ikakhulukazi unina. Ekhuluma ngomama basemhlabeni, wathi: “Sonke masilazise leliqiniso; akekho ongakhohlwa ngumama akhumbule uNkulunkulu. Akekho ongakhumbula umama amkhohlwe uNkulunkulu. Ngobani na? Yingoba labantu bobabili abangcwele, uNkulunkulu nomama [wasemhlabeni], abahlanganyeli kwindalo, othandweni, ngokuzinikela, nasekuletheni usizo, bamunye.”3

Umgomo wokugcina okufanele siwuvikele ubungcwele bekhaya. Kufanele sithathe leligama okubuye kukhulunywe ngalo ngokulibukela phansi siliphakamise. Lelo gama lithi umphathi wekhaya. Sonke—abesifazane, amadoda, intsha, nabantwana, abashadile nabangashadile—singasebenzela ukuba ngabaphathi bekhaya. Kufanele “siwaphathe amakhaya ethu” abe yizindawo zokuhleleka, zokuphephela, zobungcwele, kanye nokulondeka. Amakhaya ethu kufanele kube yizindawo lapho uMoya weNkosi uzwakala khona ngokugcwele futhi nalapho imibhalo engcwele nevangeli kufundwa, kufundiswa, futhi kuphilwa khona. Kungaba khona umehluko omkhulu emhlabeni uma bonke abantu bengazibona njengabaphathi bamakhaya alungileyo. Masilivikele ikhaya njengendawo elandela ithempeli ngobungcwele.

Bodadewethu, ngiyajabula ukuba ngowesifazane kulezi zinsuku zokugcina. Sinamathuba abanye abesifazane abangaphambi kwethu abangakaze babe nawo. Masisize ukwakha umbuso kaNkulunkulu ngokuma ngesibindi nangokuba abavikeli bomshado, bobuzali, kanye nabekhaya. INkosi idinga ukuthi sibe nesibindi, siqine, futhi sibe ngamabutho anganyakaziseki azovikela uhlelo Lwakhe futhi afundise isizukulwane esizayo ngamaqiniso Akhe.

Ngiyafakaza ukuthi uBaba oseZulwini uyaphila futhi uyasithanda ngabanye. Indodana Yakhe, uJesu Kristu, ingumSindisi nomHlengi wethu. Nginishiya nalobu bufakazi egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka kuMarie Madeline Cardon Guild, “Marie Madeline Cardon Guild: An Autobiography,” cardonfamilies.org/Histories/MarieMadelineCardonGuild.html; bheka futhi kuMarie C. Guild autobiography, circa 1909, Church History Library, eSalt Lake City, e-Utah.

  2. 1 KwabaseKhorinte 11:11.

  3. nguThomas S. Monson, “Behold Thy Mother,” Ensign, ngoJanuwari. 1974, 32.