Ngo-2010–2019
Ukunxusa Kodadewethu
Ngo-Okthoba 2015


Ukunxusa Kodadewethu

Sidinga amandla enu, ukuguquka kwenu, ukuzethemba kwenu, ukuhola kwenu, inhlakanipho yenu, namazwi enu.

MaGosa athendekayo, uRasband, uStevenson, kanye noRenlund, thina, Abafowenu, siyanamukela kumGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili. Siyamubonga uNkulunkulu ngezambulo azinika umProfethi Wakhe, uMongameli uThomas S. Monson.

Bafowethu nodadewethu, ngesikhathi sihlangana emhlanganweni omkhulu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, akekho noyedwa wethu owayelindele ushintsho olwaluzothikameza iBandla lonke. IGosa uL. Tom Perry wethula umyalezo onamandla ngendima enganakususwa edlalwa wumshado nomndeni ohlelweni lweNkosi. Sathuka uma ezinsukwini ezimbalwa ezalandela, sathola ulwazi ngesifo somdlavuza esamuthatha kithi.

Noma ngabe impilo kaMongameli uBoyd K. Packer yayingasafani, waqhubeka noku “phikelela” emsebenzini weNkosi. Wayengaphilile ngo-Ephreli odlule, kepha wayezimisele ukuthula ubufakazi bakhe uma esaphefumula. Bese, sekudlule nje izinsuku ezingama-34 emuva kokushona kweGosa uPerry, uMongameli uPacker naye wawela isisitho.

Asibanga nalo iGosa uRichard G. Scott emhlanganweni wethu omkhulu wokugcina, kepha sizindle ngobufakazi bakhe ngoMsindisi obunamandla owayebuthule emihlanganweni eminingi edlule. Futhi ezinsukwini eziyi-12 nje ezedlule, iGosa uScott wabizwa ekhaya futhi waphinde wahlangana nesithandwa sakhe uJeanene.

Ngabusiseka ukuba nabo bonke labaFowethu ezinsukwini zabo zokugcina, ngibala nokuhlangana namalunga omndeni kaMongameli uPacker neGosa uScott ngaphambi kokuba beshone. Kube nzima kimi ukukholwa ukuthi labangani abayigugu abathathu, lezi zinceku zeNkosi eziqotho, sezihambile. Ngibakhumbula kakhulu kunokuba ngingasho.

Ngesikhathi ngicabanga ngalezi zehlakalo ezingalindelekile, umbono owodwa ohlale nami yilokho engikubonile kulamakhosikazi asale ephila. Emqondweni wami kukhona isithombe sikaDade uDonna Smith Packer kanye noDade uBarbara Dayton Perry eceleni kwemibhede yabayeni babo, womabili amakhosikazi egcwele uthando, iqiniso, nokholo olumsulwa.

Ngesikhathi uDade uPacker ehleli eduze komyeni wakhe ngamahora okugcina, wayekhazimula ukuthula okudlula konke ukuqonda.1 Noma wayebona ukuthi umyeni wakhe amuthandayo weminyaka ecishe ibe ama-70 wayesezohamba, wakhombisa ukuthula kukankosikazi ogcwele ukholo. Wayebukeka eyingelosi, njengoba ayebukeka kulesi sithombe sabo ekunikelweni kweThempeli laseBrigham City e-Utah.

Isithombe
UMongameli noDade Packer eThempelini laseBrigham City e-Utah

Ngabona uthando nokholo olufanayo luvela kuDade uPerry. Ukuzinikela kwakhe kumyeni wakhe neseNkosini kwakusobala, futhi kwangihlaba umxhwele.

Isithombe
IGosa noDade uPerry

Ngesikhathi samahora okugcina abayeni babo kuze kube yinamuhla, lamakhosikazi aqotho akhombise amandla nesibindi okuhlezi kukhonjiswa abesifazane abagcina isivumelwano.2 Ngeke ukwazi ukukala umthelela abesifazane abakanje abanawo, hhayi emindenini kuphela kepha naseBandleni leNkosi, njengamakhosikazi, omama, nogogo; njengodade nobabekazi; njengothisha nabaholi; futhi kakhulukazi njengezibonelo futhi nabavikeli bokholo beqiniso.3

Lokhu kube yiqiniso ezikhathini zonke zevangeli kusukela ngezinsuku zika-Adamu no-Eva. Kepha abesifazane balesi sikhathi bahlukile kwabesifazane besinye isikhathi ngoba lesi sikhathi sihlukile kuzo zonke.4 Lokhu kuhluka kuletha izibusiso nemithwalo.

Isithombe
Isithombe sikaMongameli uKimball

Eminyakeni engamashumi amathathu nesithupha edlule, ngonyaka ka-1979, uMongameli uSpencer W. Kimball wanikeza isiprofetho esibalulekile ngomthelela abesifazane abagcina isivumelwano abazoba nawo kwikusasa leBandla. Waprofetha wathi: “Ukukhula okuningi okukhulu okuza kuleli Bandla ezinsukwini zokugcina kuzoza ngoba iningi labesifazane abalungile balelizwe … bazodonseleka eBandleni ngobuningi. Loku kuzokwenzeka kuze kube sezingeni lokuthi abesifazane baleli Bandla babonise ukulunga nokucacisa ekuphileni kwabo nasezingeni lokuthi abesifazane baleli Bandla babonwa njengabagqamile nabahlukile—ngezindlela ezijabulisayo—kwabesifazane basezweni.”5

Bodade abathandekayo, nina eningabalingani bethu ababalulekile kulendima enyukelayo, usuku olwaboniswa uMongameli uKimball lunamuhla. Yinina abesifazane ababona! Izimpilo zenu ezimsulwa, ezinokukhanya, uthando, ulwazi, isibindi, isimilo, ukholo, kanye nokulunga zizodonsa abesifazane abalungile, kanye nemindeni yabo, eBandleni ngobuningi obungaziwa!6

Thina bafowenu, sidinga amandla enu, ukuguquka kwenu, ukuzethemba kwenu, ukuhola kwenu, inhlakanipho yenu, namazwi enu. Umbuso kaNkulunkulu awuphelele futhi awukwazi ukuphelela ngaphandle kwabesifazane abenza izivumelwano ezingcwele bese beyazigcina, abesifazane abakwazi ukukhuluma ngamandla negunya likaNkulunkulu!7

UMongameli uPacker wamemezela ukuthi:

“Sidinga abesifazane abahlelekile futhi abakwazi ukuhlela. Sidinga abesifazane abanamakhono okuphatha abakwazi ukuhlela futhi bahole futhi basize, abesifazane abakwazi ukufundisa, abesifazane abakwazi ukukhuluma. …

“Sidinga abesifazane abanesipho sokubona abazokwazi ukubona okwenzakalayo emhlabeni futhi babone lokho, noma ngabe kusabalale kangakanani, okuphansi nokuyingozi.”8

Namuhla, ngicela ukunezela ngokuthi sidinga abesifazane abakwaziyo ukwenza izinto ezibalulekile zenzeke ngokholo lwabo futhi abangabavikeli abanesibindi bobumsulwa nemindeni emhlabeni oguliswa yisono. Sidinga abesifazane abazinikele ekuholeni abantwana baNkulunkulu endleleni yesivumelwano bebheke ukuphakanyiswa; abesifazane abakwaziyo ukuthola isambulo sabo, abaqonda amandla nokuthula kokwembathiswa kwasethempelini; abesifazane abakwaziyo ukubiza amandla ezulu ukuvikela nokuqinisa abantwana nemindeni; abesifazane abafundisa ngokungesabi.

Empilweni yami yonke, ngibusiswe abesifazane abanjena. Unkosikazi wami osedlulile emhlabeni, uDantzel, wayengowesifazane onjena. Ngiyohlezi ngibonga umthelela aba nawo kimi owashintsha impilo yami kuzo zonke izingxenye zempilo yami, ngisho imizamo yami yokuhola emkhakheni wokuhlinzwa kwenhliziyo ivulekile.

Eminyakeni engamashumi amahlanu nesishiyagolombili edlule ngacelwa ukuba ngihlinze intombazanyana, eyayigula kakhulu iphethwe yisifo senhliziyo eyazalwa naso. Umfowakhe omdala washona ngaphambilini ngenxa yesimo esicishe sifane. Abazali bayo bancengela usizo. Ngangingathembi ukuthi kwakuzohamba kahle kepha ngathembisa ukwenza konke okusemandleni ami ukusindisa impilo yayo. Noma ngenza konke okusemandleni ami, umntwana washona. Kamuva, abazali abafanayo baletha enye indodakazi kimi, ngaleso sikhathi yayinezinyanga eziyi-16 nje, nayo izalwe nenhliziyo enokukhubazeka. Ngaphinda futhi, ngenxa yokucela kwabo, ngayihlinza. Naye lomntwana washona. Lokhu kulahlekelwa kwesithathu emndenini owodwa kwangilimaza.

Ngagoduka ngigcwele usizi. Ngaziphonsa phansi egunjini lokuhlala ngakhala ubusuku bonke. UDantzel wahlala eduze kwami, walalela ngesikhathi ngiphindaphinda ukuthi ngangingeke ngiphinde ngihlinze inhliziyo futhi. Bese, ngehora lesi-5:00 ekuseni, uDantzel wangibuka futhi wangibuza ngothando, “Usuqedile ukukhala na? Ngakho-ke gqoka. Phindela elebhu. Yana emsebenzini! Kumele ufunde okunye. Uma ushiya manje, abanye kuzomele befunde ngendlela ebuhlungu lokho wena osuvele ukwazi.”

O, indlela engangikudinga ngayo ukubona, ukuzikhandla, kanye nothando kukankosikazi wami! Ngabuyela emsebenzini futhi ngafunda kabanzi. Ngaphandle kwenkuthalo kaDantzel enentshisekelo, ngabe angingenanga emkhakheni wokuhlinza inhliziyo futhi ngabe angikwazanga ukuhlinza nokusindisa impilo kaMongameli uSpencer W. Kimball ngo-1972.9

Bodade, niyabubona ubukhulu bomthelela wenu uma nikhuluma lezo zinto ezifika enhlizyweni nasemqondweni wenu eziholwe uMoya na? Umongameli wesikhonkwane ozimisele wangitshela ngomkhandlu wesikhonkwane lapho babebhekene nenkinga elukhuni. Kukhona lapho, abona khona ukuthi umongameli weNhlangano yabaNtwana wesikhonkwane wayengakakhulumi, ngakho-ke wabuza ukuthi wayenakho yini okumfikelayo. Waphendula wathi, “Kahle-hle, kukhona,” wase waqhubeka wabelana ngomcabango owashintsha indlela yonke yomhlangano. Umongameli wesikhonkwane waqhubeka wathi, “Ngesikhathi ekhuluma, uMoya wafakaza kimi ukuthi wayekhulume isambulo esasisifuna singumkhandlu.”

Bodade abathandekayo, noma ngabe luthini ubizo lwakho, noma ngabe zinjani izimo zakho, siyakudinga okunifikelayo, imibono yenu, kanye nentshisekelo yenu. Sidinga ukuthi nikhulume futhi nizwakale kwimikhandlu yasewadini nakwisikhonkwane. Sidinga udade ngamunye oshadile ukuba akhulume “njengomlingani onikelayo kanye nogcwele10 ngesikhathi ehlanganyela nomyeni wakhe ekuholeni umndeni wabo. Noma nishadile noma anishadile, nina bodade ninamakhono kanye nemizwa ekhethekile enikuthole njengezipho ezivela kuNkulunkulu. Thina abafowenu asikwazi ukulingisa umthelela wenu okhethekile.

Siyazi ukuthi isenzo esaphelelisa indalo yonke kwakungukudalwa kowesifazane!11 Siyawadinga amandla enu!

Ukuhlaselwa kweBandla, izimfundiso zalo, kanye nendlela yethu yokuphila kusazokhula. Ngenxa yalokhu, sidinga abesifazane abaqondisisa imfundiso kaKristu futhi abazosebenzisa lokho kuqonda ukufundisa nokusiza ukukhulisa isizukulwane esivika isono.12 Sidinga abesifazane abakwazi ukubona inkohliso ngezimo zayo ezihlukene. Sidinga abesifazane abakwaziyo ukusebenzisa amandla uNkulunkulu awanika labo abagcina isivumelwano futhi abakhombisa izinkolelo zabo ngokuzethemba nangesihe. Sidinga abesifazane abanesibindi kanye nombono kaMama wethu u-Eva.

Bodadewethu abathandekile, akukho okubaluleke kakhulu empilweni yakho ngaphandle kokuguquka kwakho. Abesifazane abaguqukile, abagcina isivumelwano—abesifazane abanjengonkosikazi wami engimuthandayo uWendy—labo izimpilo zabo ezilungile zizogqama ngokukhula emhlabeni owonakalayo futhi abazobonakala behlukile ngezindlela ezinenjabulo.

Ngakho-ke namuhla nginxusa odadewethu beBandla likaJesu Kristu beziNsuku zokuGcina ukuba beze phambili! Thathani isikhundla senu esilungile futhi esidingekayo ekhaya lenu, emphakathini wenu, embusweni kaNkulunkulu—kakhulu kunakuqala. Ngiyaninxusa ukuba nigcwalise isiprofetho sikaMongameli uKimball. Futhi ngiyanethembisa egameni likaJesu Kristu ukuthi ngesikhathi nikwenza lokhu, uMoya oNgcwele uzokhulisa umthelela wenu ngendlela engaziwa!

Ngithula ubufakaza ngobuqiniso beNkosi uJesu Kristu kanye nangamandla Akhe ahlengayo, ahlawulayo, nahlanzayo. Futhi njengomunye wabaPhostoli Bakhe, ngiyanibonga, bodadewethu abathandekile, futhi ngiyanibusisa ukuba nikhule nigcwalise isimilo senu, nigcwalisa enidalelwe khona, ngesikhathi sihamba ingalo nengalo kulomsebenzi ongcwele. Ndawonye sizosiza ukulungiselela umhlaba mayelana nokuZa kwesiBili kweNkosi. Ngalokhu ngiyafakaza njengomfowenu, egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Bheka kuFilipi 4:7.

  2. Lokhu kubala izinyembezi—ekugcineni umyalo wokulilela labo esibathandayo uma sebethola iziqu zalempilo (bheka kwiMfundiso neziVumelwano 42:45).

  3. Bheka umthelela kaRebeka ku-Isaka nomntwana wabo uJakobe kuGenesise 27:46; 28:1–4.

  4. Bheka kuJoseph Fielding Smith, Answers to Gospel Questions, comp. Joseph Fielding Smith Jr., 5 vols. (1957–66), 4:166. Inothi: Zonke izikhathi zazigcinwe endaweni encane emhlabeni futhi zaqedwa wukuhlubuka. Ngokuhlukile, lesi sikhathi angeke sifinyezwe yindawo noma yisikhathi. Sizogcwala umhlaba futhi sihlangane nokuZa kwesiBili kweNkosi.

  5. Teachings of Presidents of the Church: Spencer W. Kimball (2006), 222–23.

  6. Ngesikhathi ngizalwa, amalunga eBandla ayengaphansi kwezi-600,000. Namuhla angaphezulu kwezigidi eziyi-15. Leyo nombolo izoqhubeka ikhule.

  7. UMongameli uJoseph Fielding Smith watshela odade beNhlangano yokuSiza ukuthi, “Ningakhuluma ngegunya, ngoba iNkosi ibeke igunya kini.” Waphinda wathi iNhlangano yokuSiza “inikezwe amandla negunya lokwenza izinto eziningi ezinkulu. Umsebenzi abawenzayo wenziwa ngegunya elingcwele” (“Relief Society—an Aid to the Priesthood,” Relief Society Magazine, Jan. 1959, 4, 5). Lamazwi acashuniwe aphinde asentshenziswa yiGosa uDallin H. Oaks enkulunyweni ayithula emhlanganweni, “The Keys and Authority of the Priesthood,” Ensign noma iLiahona, ngoMeyi 2014, 51.

  8. uBoyd K. Packer, “The Relief Society,” Ensign, Nov. 1978, 8; bheka futhi uM. Russell Ballard, Counseling with Our Councils: Learning to Minister Together in the Church and in the Family (1997), 93.

  9. Bheka kuSpencer J. Condie, Russell M. Nelson: Father, Surgeon, Apostle (2003), 146, 153–56. Inothi: Ngo-1964 uMongameli uKimball wangihlukanisa njengomangameli wesikhonkwane futhi wangibusisa ukuthi izinombolo zokufa zingehla emizamweni yami yokuhola emkhakheni wokuhlinza ingxenye yenhliziyo. Akekho kithi owayazi ukuthi eminyakeni eyisishiyagalombili ezayo, ngangizohlinza uMongameli uKimball owayedinga ukuthola ingxenye yenhliziyo entsha.

  10. “Uma sikhuluma ngomshado njengokubambisana, masikhulume ngomshado njengokubambisana okugcwele. Asifuni abesifazane bethu abaNgcwele eziNsukwini zokuGcina ukuthi babe abalingani abathule noma abalingani abavinjelwe esabelweni saphakade! Sicela nibe umlingani obamba iqhaza futhi ogcwele” (Spencer W. Kimball, “Privileges and Responsibilities of Sisters,” Ensign, Nov. 1978, 106).

  11. “Zonke izinjongo zomhlaba nakho konke okwakusemhlabeni kwakungeke kube yilutho ngaphandle kowesifazane—itshe elibalulekile esakhiweni sobuphristi sendalo” (Russell M. Nelson, “Lessons from Eve,” Ensign, Nov. 1987, 87). “U-Eva waba indalo kaNkulunkulu yokugcina, ukuphelelisa okukhulu kumsebenzi omuhle owawusuwenziwe” (Gordon B. Hinckley, “The Women in Our Lives,” Ensign noma ILiyahona, Nov. 2004, 83).

  12. Bheka kuRussell M. Nelson, “Children of the Covenant,” Ensign, ngoMeyi 1995, 33.