ImiBhalo eNgcwele
Alima 44


Isahluko 44

UMoroni uyala amaLamani ukuthi enze isivumelwano soxolo noma babulawe—UZerahemina uyasenqaba lesi siphakamiso, impi iyaqala futhi—Amabutho kaMoroni ayawanqoba amaLamani. Cishe ngonyaka wama 74 kuya kowama 73 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi nempela bema futhi bahlehla benza isikhala phakathi kwabo nawo. UMoroni wathi kuZerahemina: Bheka, Zerahemina, asifuni ukuthi sibe ngabantu begazi. Niyazi ukuthi senisezandleni zethu, kepha asifuni ukuthi sinibulale.

2 Bhekani, asiphumelanga ukuthi sizolwa nani ukuze sichithe igazi lenu ukuze sizuze amandla; futhi asifuni ukuletha noma ngubani ejokeni lokuthunjwa. Kodwa lokhu kuyiso kanye isizathu nina enize ngaso ukuzolwa nathi; yebo, futhi nisithukuthelele ngenxa yenkolo yethu.

3 Kodwa manje, niyabona ukuthi iNkosi inathi; futhi niyabona ukuthi inilethile ezandleni zethu. Manje ngifuna ukuthi niqonde ukuthi lokhu sikwenzelwe ngenxa yenkolo yethu kanye nokholo lwethu kuKristu. Manje niyabona ukuthi aninakukwazi ukuluqeda lolu kholo lwethu.

4 Manje seniyabona ukuthi lolu wukholo lweqiniso oluvela kuNkulunkulu; yebo, niyabona ukuthi uNkulunkulu uzosisekela, asigcine, futhi asilondoloze, uma nje sethembeka kuye, nasokholweni lwethu, kanye nasenkolweni yethu; futhi nanini iNkosi ayinakusiyekelela ukuthi sibulawe ngaphandle kokuthi siwele esiphambekweni futhi siluphike ukholo lwethu.

5 Manje, Zerahemina, ngiyakuyala, egameni lalowo Nkulunkulu onamandla onke, oqinise izingalo zethu ukuze sithole amandla phezu kwenu, ngokholo lwethu, ngenkolo yethu, kanye nangamasiko ethu okukhonza, kanye nangebandla lethu, kanye nangokusekelwa okungcwele okufanele sibonge abafazi bethu kanye nabantwana bethu ngakho, ngaleyo nkululeko esenza sibambelele ezindaweni zethu kanye nasezweni lethu; yebo, futhi kanjalo nangokugcina izwi elingcwele likaNkulunkulu, okufanele silibonge ngayo yonke injabulo yethu; futhi nangakho konke okuthandeka kakhulu kithi—

6 Yebo, futhi lokhu akusikho kuphela; ngiyaniyala ngazo zonke izifiso eninazo ukuba niphile, ukuthi nilethe lapha izikhali zenu zempi futhi angeke sifune igazi lenu, kodwa sizozisindisa izimpilo zenu, uma nje ningahamba futhi ningaphinde nibuye ukuzolwa nathi.

7 Manje, uma ningakwenzi lokhu, bhekani, nisezandleni zethu, futhi ngizoyala abantu bami ukuthi banihlasele, banizwise amanxeba okufa emizimbeni yenu, ukuze ningabe nisababikho; futhi ngaleso sikhathi sizoke sibone ukuthi ngubani ozoba namandla phezu kwalabantu; yebo, sizobona ukuthi ngubani ozolethwa ekuthunjweni.

8 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi uZerahemina eseyizwile lenkulumo weza ngaphambili wabeka inkemba yakhe kanye nocelemba wakhe, kanye nomnsalo wakhe ezandleni zikaMoroni, futhi wathi kuye: Bheka, nazi izikhali zethu zempi; sizoziletha kuwe, kodwa ngeke sivume ukuthi senze isifungo kuwe sibe sazi, ukuthi sizosiphula, futhi ngokunjalo nabantwana bethu; kodwa-ke zithathe izikhali zethu zempi, bese usivumela ukuthi sihambe siye ehlane; ngaphandle kwalokho sizozigcina izinkemba zethu, futhi sizofa noma sinqobe.

9 Bheka, thina asibona abokholo lwenu; asikholwa ukuthi wuNkulunkulu lona osilethe ezandleni zenu; kodwa sikholwa wukuthi wubuqili benu obunivikelile ezinkembeni zethu. Bheka, yizivikelo zesifuba zenu kanye nezihlangu zenu ezinivikelile.

10 Manje ngesikhathi uZerahemina eseqedile ukukhuluma lamazwi, uMoroni wayibuyisela inkemba kanye nezikhali zempi, ayezemukele, kuZerahemina, ethi: Bheka, sizoyiqeda lengxabano.

11 Manje angisakwazi ukuwabuyisa amazwi engiwakhulumile, ngakho-ke njengoba iNkosi iphila, aninakwemuka ngaphandle kokuthi nemuke nesifungo sokuthi ngeke nisaphinde nibuye ukuzolwa nathi. Manje njengoba nisezandleni zethu sizolichitha igazi lenu ligcwale phansi, noma nivumele lemibandela engiyiphakamisile.

12 Manje ngesikhathi uMoroni esewashilo lamazwi, uZerahemina wathatha inkemba yakhe, futhi wamthukuthelela uMoroni, futhi wagijima waya phambili ukuze ambulale uMoroni; kodwa ngesikhathi ephakamisa inkemba yakhe, bheka, omunye wamabutho kaMoroni wayishaya yawa, futhi yephuka ngasesibambweni, futhi phezu kwalokho wamshaya uZerahemina ngendlela yokuthi wasusa isikhumba sakhe sezinwele sawela phansi. Futhi uZerahemina wasuka kubo wangena phakathi kwamabutho akhe.

13 Futhi kwenzeka ukuthi isosha elalimi eduzane, lelo elashaya lasusa isikhumba sezinwele zikaZerahemina, lasicosha isikhumba leso esasiphansi ngezinwele, futhi lasibeka echosheni lenkemba yalo futhi lasiphakamisela phezulu phambi kwabo lithi kubo ngezwi elikhulu:

14 Ngisho njengoba lesi sikhumba sezinwele siwele phansi, okuyisikhumba somholi wenu, ngokunjalo nani nizowela phansi ngaphandle kokuthi nilethe izikhali zenu zempi bese nihamba nesivumelwano sokuthula.

15 Manje ayemaningi, ngesikhathi ezwa lamazwi futhi esibona isikhumba esasiphezu kwenkemba, angenwa wukwesaba; futhi amaningi eza ngaphambili azilahla phansi izikhali zawo zempi ezinyaweni zikaMoroni, futhi angena esivumelwaneni sokuthula. Futhi ngangobuningi balawo angena esivumelwaneni avunyelwa ukuthi ahambe aye ehlane.

16 Manje kwenzeka ukuthi uZerahemina wathukuthela kakhulu, futhi wabaphehla ababesele bamasosha akhe ukuthi bathukuthele, ukuthi balwe ngamandla amakhulu namaNefi.

17 Manje noMoroni wathukuthela, ngenxa yenkani yamaLamani; ngakho-ke wayala abantu bakhe ukuthi bawahlasele futhi bawabulale. Futhi kwenzeka ukuthi baqala bawabulala; yebo, futhi amaLamani nempela alwa ngezinkemba zawo kanye nangamandla awo.

18 Kodwa bheka, izikhumba zawo ezazisobala kanye nezimbungculu zawo kwakusengozini yezinkemba ezibukhali zamaNefi; yebo, bheka ahlatshwa futhi ashaywa, yebo, futhi nempela awa masinyane kakhulu phambi kwezinkemba zamaNefi; futhi aqala ukuthi ashanelwe, ngisho njengoba isosha likaMoroni laliphrofethile.

19 Manje uZerahemina, ngesikhathi esebona ukuthi cishe bonke base bezobulawa, wakhala kakhulu kuMoroni, ethembisa ukuthi wayezosenza isivumelwano nabo futhi ngokunjalo nabantu bakhe, uma nje bengasindisa izimpilo zabo ezase zisele, nokuthi babengeke besaphinda nanini beze bazolwa nabo.

20 Futhi kwenzeka ukuthi uMoroni wenza ukuthi ukubulala kuyekwe futhi phakathi kwalabantu. Futhi wazithatha izikhali zempi kumaLamani; futhi emva kokuthi esengene esivumelwaneni sokuthula nawo avunyelwa ukuthi ahambe aye ehlane.

21 Manje isibalo sabafileyo babo asibalwanga ngenxa yobukhulu baleso sibalo; yebo, isibalo sabafileyo sabo sasisikhulu kakhulu, kumaNefi kanye nakumaLamani.

22 Futhi kwenzeka ukuthi babaphonsa abafileyo babo emanzini aseSidoni, futhi izidumbu zabo sezikhukhulekile zaze zayongcwatshwa ekujuleni kolwandle.

23 Futhi amabutho amaNefi, noma kaMoroni, abuyela emakhaya kanye nasemihlabeni yawo.

24 Futhi waphela kanjalo-ke unyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwabehluleli phezu kwabantu baNefi. Futhi waphela kanjalo-ke umbhalo ka-Alima, owawubhalwe ezingcwepheni zikaNefi.