ImiBhalo eNgcwele
Moroni 5


Isahluko 5

Indlela yokubusisa iwayini lesidlo esingcwele iyachazwa. Cishe ngonyaka weNkosi wama 401 kuya kowama 421.

1 Indlela yokubusisa iwayini—Bheka, babethatha isitsha, bese bethi:

2 O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela, egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise leli wayini emiphefumulweni yabo bonke abaliphuzayo, ukuze bakwenze bekhumbula igazi leNdodana yakho, elachithelwa bona; ukuze bakhombise kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayayikhumbula njalo, ukuze babe noMoya wayo njalo. Amen.