ImiBhalo eNgcwele
Mose 7


Isahluko 7

(Disemba 1830)

U-Enoke uyafundisa, uhola abantu, futhi ususa izintaba—Idolobha laseSiyoni liyamiswa—U-Enoke ubona ukuza kweNdodana yoMuntu, umnikelo Wayo ohlawulayo, novuko lwabaNgcwele—Ubona ukuBuyiselwa, ukuQoqwa, ukuZa kweSibili, nokubuya kweSiyoni.

1 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wayiqhuba inkulumo yakhe, ethi: Bhekani, ubaba u-Adamu wazifundisa lezi zinto, futhi abaningi bakholwa futhi baba nga madodana kaNkulunkulu, futhi abaningi abakholwanga, futhi bafa besezonweni zabo, futhi babheke phambili ngo kwesaba, besebuhlungwini, belindele intukuthelo eshisayo yolaka lukaNkulunkulu ukuba ithelwe kubo.

2 Futhi kusuka ngaleso sikhathi u-Enoke waqala ukuphrofetha, ethi kubantu: Ngesikhathi ngisahamba, futhi ngime endaweni iMahuja, futhi ngikhala eNkosini, kwavela izwi ezulwini, lithi—Jika, wenyukele entabeni iSimeyoni.

3 Futhi kwenzeka ukuthi ngajika futhi ngenyukela kuleyontaba; futhi ngesikhathi ngisame kuleyontaba, ngabona amazulu evuleka, futhi ngembathiswa ngenkazimulo;

4 Futhi ngabona iNkosi; futhi yayime phambi kobuso bami, futhi yakhuluma nami, ngisho njengomuntu ekhuluma nomunye, ubuso nobuso; futhi yathi kimi: Buka, ngizokutshengisa umhlaba isikhathi sezizukulwane eziningi.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona esigodini saseShum, futhi bheka, abantu abaningi ababehlala ematendeni, okwakungabantu baseShum.

6 Futhi phezu kwalokho iNkosi yathi kimi: Buka; futhi ngabuka ngasenyakatho, futhi ngabona abantu baseKhanana, ababehlala ematendeni.

7 Futhi iNkosi yathi kimi: Phrofetha; futhi ngaphrofetha, ngathi: Bheka abantu baseKhanana, abaningi, bazoya empini behlelelwe ukulwa nabantu baseShum, futhi bayobabulala kangangoba bayobabhubhisa baphele nya; futhi abantu baseKhanani bayozihlukanisa kulelizwe, futhi lelizwe ngeke libe nalutho futhi ngeke liveze lutho, futhi akusophinde kuhlale abanye abantu lapho ngaphandle kwabantu baseKhanana;

8 Ngokuba bhekani, iNkosi iyoqalekisa lelizwe ngokushisa okukhulu, futhi ukungabi nalutho kwalo kuyoqhubeka phakade; futhi kwabakhona ubumnyanma obeza kubantwana baseKhanana, ngangangoba badeleleka phakathi kwabo bonke abantu.

9 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yathi kimi: Buka; futhi ngabuka, futhi ngabona izwe laseSharona, nezwe lika-Enoke, nezwe lase-Omineri, nezwe laseHeni, nezwe laseShemi, nezwe laseHena, futhi nezwe laseHananniha, nabo bonke abantu bakhona;

10 Futhi iNkosi yathi kimi: Hamba uye kulabantu, uthi kubo—Phendukani, funa ngiphume futhi ngibashaye ngesiqalekiso, futhi bafe.

11 Futhi wanginika umyalelo wokuthi kufanele ngi bhabhadise egameni likaBaba, neleNdodana, egcwele umusa neqiniso, nelika Moya oNgcwele, ofakaza ngoBaba nangeNdodana.

12 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke waqhubeka nokubiza bonke abantu, ngaphandle kwabantu baseKhanani, ukuba baphenduke;

13 Lwalu lukhulu ukholo luka-Enoke kangangoba wabahola abantu baNkulunkulu, futhi izitha zabo zeza ukuzolwa nabo; wakhuluma izwi leNkosi, futhi umhlaba wazamazama, ne zintaba zabaleka, ngisho ngokomyalo wakhe; ne mifula yamanzi yakhishwa endleleni yayo; futhi nokubhonga kwamabhubesi kwezwakala kuphuma ehlane; futhi zonke izizwe zesaba kakhulu, lali namandla kakhulu izwi lika-Enoke, futhi ayemakhulu kakhulu amandla olimi uNkulunkulu ayemnike lona.

14 Kwavela izwe futhi phansi ekujuleni kolwandle, futhi kwaba kukhulu ukwesaba kwezitha zabantu baNkulunkulu, kangangoba babaleka bama kude futhi bahamba phezu kwalelozwe elaliphuma ekujuleni kolwandle.

15 Futhi imidondoshiya yalelozwe, nayo, yamela duke; futhi bonke abantu abalwa noNkulunkulu baqalekiswa;

16 Futhi kusuka ngaleso sikhathi kwaba nezimpi nokuchitheka kwegazi phakathi kwabo; kodwa iNkosi yeza yazohlala nabantu bayo, futhi bahlala ngokulunga.

17 Ukwesaba iNkosi kwaba kuzo zonke izizwe, yayinkulu ngaleyondlela inkazimulo yeNkosi, eyayi kubantu bayo. Futhi iNkosi yali busisa lelozwe, futhi babusiswa phezu kwezintaba, naphezu kwezindawo eziphezulu, futhi baphumelela.

18 Futhi iNkosi yabiza abantu bayo nge Siyoni, ngokuba babe nhliziyonye futhi bemqondomunye, futhi babehlala ngokulunga; futhi kwakungekho ompofu phakathi kwabo.

19 Futhi u-Enoke waqhubeka nokushumayela kwakhe ngokulunga kubantu baNkulunkulu. Futhi kwenzeka ngezinsuku zakhe, ukuthi wakha idolobha elalibizwa ngokuthi yiDolobha lobuNgcwele, ngisho iSiyoni.

20 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wakhuluma neNkosi; futhi wathi eNkosini: Impela iSiyoni iyohlala ngokuphepha phakade. Kodwa iNkosi yathi ku-Enoke: iSiyoni ngiyibusisile, kodwa insali yabantu ngiyiqalekisile.

21 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yatshengisa u-Enoke bonke abantu basemhlabeni; futhi wabona, futhi bheka, iSiyoni, ngokuhamba kwesikhathi, yathathwa yayiswa ezulwini. Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Bheka lapho ngihlala khona phakade.

22 Futhi u-Enoke waphinde wabona insali yabantu okwakungamadodana ka-Adamu; futhi ayeyinhlanganisela yayo yonke inzalo ka-Adamu ngaphandle kwenzalo kaKayini, ngokuba inzalo kaKayini yayi mnyama, futhi yayingenandawo phakathi kwabo.

23 Futhi emva kokuba iSiyoni isithathwe yayiswa ezulwini, u-Enoke wabona, futhi bheka, zonke izizwe zomhlaba zase ziphambi kwakhe;

24 Futhi kwadlula izizukulwane ngezizukulwane; futhi u-Enoke wayesephezulu futhi ese phakanyisiwe, ngisho esese sifubeni sikaBaba, nakweseNdodana yoMuntu; futhi bheka, amandla kaSathane ayesephezu kwabo bonke ubuso bomhlaba.

25 Futhi wabona izingelosi zehla ziphuma ezulwini; futhi wezwa izwi elikhulu lithi: Maye, maye kubantu basemhlabeni.

26 Futhi wabona uSathane; futhi wayene ketango elikhulu esandleni sakhe, futhi laligubuzele bonke ubuso bomhlaba ngo bumnyama; futhi wabheka phezulu futhi wahleka, ne zingelosi zakhe zajabula.

27 Futhi u-Enoke wabona izingelosi zehla ziphuma ezulwini, zifakaza ngoBaba neNdodana; uMoya oNgcwele wehlela kwabaningi, futhi bahlwithwa ngamandla asezulwini bayiswa eSiyoni.

28 Futhi kwenzeka ukuthi uNkulunkulu wasezulwini wabuka insali yabantu, futhi wakhala; futhi u-Enoke wafakaza ngalokho, ethi: Kwenzeka kanjani ukuthi amazulu akhale, futhi achithe izinyembezi zawo njengemvula phezu kwezintaba na?

29 Futhi u-Enoke wathi eNkosini: Kwenzeka kanjani ukuthi unga khala, ngokuba ungcwele, futhi uvela kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade na?

30 Futhi ukuba kwakungenzeka ukuthi umuntu abale izinxenye zonke zomhlaba, yebo, izigidi zemihlaba ezinjengalona, ngeke kube yisiqalo sobungako be ndalo yakho; futhi amakhethini akho aseluliwe namanje; futhi nakuba kunjalo uselapho, futhi nesifuba sakho siselapho; futhi ulungile, futhi unomhawu nomusa ingunaphakade;

31 Futhi uyithathile iSiyoni wayisa esifubeni sakho, wayehlukanisa nayo yonke indalo yakho, kusuka kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade, futhi akukho lutho ngaphandle ko kuthula, ukulunga, futhi ne qiniso lapho kuhlala khona isihlalo sakho sobukhosi; futhi umusa uyohamba phambi kobuso bakho futhi ungabi nasiphetho; kwenzeka kanjani ukuthi ungakhala na?

32 INkosi yathi ku-Enoke: Bheka laba abafowenu; bangumsebenzi we zandla zami uqobo, futhi ngibanike ulwazi lwabo, ngosuku engabadala ngalo; futhi eNsimini yase-Edene, ngamnika umuntu ilungelo lakhe lokuzikhethela;

33 Futhi kubafowenu ngithe, futhi ngabanika umyalelo, wokuthi maba thandane, nokuthi bakhethe mina, uYise; kodwa bheka, abanalo uthando, futhi bazonda igazi labo uqobo;

34 Futhi umlilo wolaka lwami wokhelekile ngokumelene nabo; futhi ekungajabulini kwami okushisayo ngizothumela izikhukhula phezu kwabo, ngokuba intukuthelo yami enkulu yokhelekile ngokumelene nabo.

35 Bheka, nginguNkulunkulu; iNdoda yobuNgcwele yigama lami; iNdoda yokuHlakanipha okuPheleleyo yigama lami; futhi ongaPheliyo nongunaPhakade yi gama lami, futhi.

36 Ngalokho-ke, ngingazelula izandla zami futhi ngiyibambe yonke indalo engiyenzileyo; phezu kwalokho iso lami lingayibuka ngokujulileyo, futhi phakathi kwayo yonke imisebenzi yezandla zami akukaze kube khona ububi obungaka njengalobu obuphakathi kwabafowenu.

37 Kodwa bheka, izono zabo ziyoba phezu kwamakhanda oyise; uSathane uyoba nguyise, futhi usizi luyoba yisiphetho sabo; futhi amazulu wonke ayobakhalela, ngisho wonke umsebenzi wezandla zami; ngalokho-ke akufanele yini amazulu akhale, ngokubona ukuthi laba bazozwa buhlungu na?

38 Kodwa bheka, laba amehlo akho ababukayo bayobhubha ngezikhukhula; futhi bheka, ngizobavalela, ngibalungisele itilongo.

39 Futhi lowo engimkhethileyo ukhalile phambi kobuso bami. Ngalokho-ke, wezwa ubuhlungu ngenxa yezono zabo; kangangoba beyophenduka ngosuku lapho oKhethiweyo wami eyobuyela kimi, futhi kuze kube yilolo suku bayoba se buhlungwini obukhulu;

40 Ngalokho-ke, ngenxa yalokho amazulu ayokhala, yebo, nawo wonke umsebenzi wezandla zami.

41 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yakhuluma ku-Enoke, futhi yamtshela u-Enoke zonke izenzo zabantwana babantu; ngalokho-ke u-Enoke wazi, futhi wabubuka ububi babo, nosizi lwabo, futhi wakhala futhi welula izingalo zakhe, futhi inhliziyo yakhe yavuvukala yaba banzi njengephakade; nezibilini zakhe zagcwala isihawu; futhi lonke iphakade lathuthumela.

42 Futhi u-Enoke futhi wambona uNowa, nomdeni wakhe; ukuthi isizukulwane samadodana onke kaNowa kwakufanele sisindiswe ngensindiso yesikhashana;

43 Ngalokho-ke u-Enoke wabona ukuthi uNowa wakha umkhumbi; futhi iNkosi yakuthokozela lokho, futhi yawuvikela ngesandla sayo uqobo; kodwa phezu kwensali yababi izikhukhula zeza futhi zabagwinya.

44 Futhi ngesikhathi u-Enoke ekubona lokhu, waba nomunyu womphefumulo, futhi wabakhalela abafowabo, futhi wathi emazulwini: Ngizokwenqaba ukududuzeka; kodwa iNkosi yathi ku-Enoke: Phakamisa inhliziyo yakho, futhi ujabule; futhi buka.

45 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wabuka; futhi kusuka kuNowa, wabona yonke imindeni yomhlaba; futhi wakhala eNkosini, ethi: Ngabe luyofika nini usuku lweNkosi na? Ngabe igazi loLungileyo liyochithwa nini, ukuze bonke abalilayo ba ngcweliswe futhi bazuze ukuphila okuphakade na?

46 Futhi iNkosi yathi: Kuyoba maphakathi nesikhathi, ezinsukwini zobubi nempindiselo.

47 Futhi bheka, u-Enoke walubona usuku lokuza kweNdodana yoMuntu, ngisho enyameni; nomphefumulo wakhe wajabula, uthi: oLungileyo uphakanyisiwe, futhi iMvana ibulewe kusuka ekuselweni komhlaba; futhi ngokholo ngisesifubeni sikaBaba; futhi bheka, iSiyoni inami.

48 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wawubuka umhlaba; futhi wezwa izwi lisuka ezibilini zawo lithi; Maye, maye kimi, unina wabantu; ngizwa ubuhlungu, ngikhathele, ngenxa yobubi babantwana bami. Ngiyo phumula nini, futhi ngihlanzwe kukho ukungcola osekuphume kimi na? UmDali wami uzongingcwelisa nini, ukuze ngiphumule, nokulunga kuhlale isikhashana ebusweni bami na?

49 Ngesikhathi u-Enoke ezwa umhlaba ulila, wakhala, futhi wanxusa eNkosini, ethi: O Nkosi, ubungeke uwuzwele umhlaba na? Ubunge babusise abantwana baNowa na?

50 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke waqhubeka nokunxusa eNkosini, ethi: Ngiyakucela, O, Nkosi, egameni loZelwe Yedwa wakho, ngisho uJesu Kristu, ukuthi ube nomusa kuNowa nenzalo yakhe, ukuze umhlaba ungabe usambozwa yizikhukhula futhi.

51 Futhi iNkosi ayikwazanga ukuzibamba; futhi yavumelana no-Enoke, futhi yafunga kuye ngesifungo, ukuthi yayiyozivimba izikhukhula; ukuthi iyobanxusa abantwana baNowa;

52 Futhi wathumela isimemezelo esingaguquleki, ukuthi insali yenzalo yakhe kufanele njalo itholakale phakathi kwazo zonke izizwe, ngesikhathi umhlaba usamile;

53 Futhi iNkosi yathi: Ubusisiwe lowo uMesiya uyoza ngenzalo yakhe; ngokuba wathi—Ngingu Mesiya, iNkosi yaseSiyoni, iDwala laseZulwini, elibanzi njengephakade; lowo ongena ngesango futhi akhuphukele phezulu ngami akasoze awa; ngalokho-ke, babusisiwe labo esengikhulume ngabo, ngokuba bayoza nga maculo enjabulo yaphakade.

54 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wanxusa eNkosini, ethi: Ngesikhathi iNdodana yoMuntu isiza enyameni, ngabe umhlaba uyophumula na? Ngiyakucela, ngitshengise lezi zinto.

55 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Buka, futhi wabuka futhi wabona iNdodana yoMuntu iphakanyiselwa kuso isiphambano, ngendlela yabantu;

56 Futhi wezwa izwi elikhulu; namazulu adabuka; nendalo yonke kaNkulunkulu yalila; nomhlaba wabubula; namadwala aqhekezeka; nabangcwele bavuka, futhi ba qheliswa kwesobunene seNdodana yoMuntu, ngemiqhele yenkazimulo;

57 Futhi ngobuningi be mimoya eyayise tilongweni yavuka, futhi yama kwesobunene sikaNkulunkulu; futhi insali yagcinwa emaketangweni obumnyama kwaze kwaba ukwahlulelwa kosuku olukhulu.

58 Futhi phezu kwalokho u-Enoke wakhala wanxusa eNkosini, ethi: Ngabe uyophumula nini umhlaba na?

59 Futhi u-Enoke wayibona iNdodana yoMuntu yenyukela kuBaba; futhi wacela eNkosini, ethi: Ubungeke yini uze futhi emhlabeni na? Ngokubona ukuthi unguNkulunkulu, futhi ngiyakwazi, futhi ufungile kimi, futhi wangiyala ukuba ngicele egameni loZelwe Yedwa wakho; ungenzile, futhi wanginika ilungelo lokuya esihlalweni sakho sobukhosi, futhi hhayi ngokwami, kodwa ngomusa wakho; ngalokho-ke ngiyakucela ukuthi ubungeke yini uze futhi emhlabeni.

60 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Njengoba ngiphila, ngisho kanjalo-ke ngizoza nge zinsuku zokugcina, ngezinsuku zobubi nempindiselo, ukuzogcwalisa isifungo engisenzileyo kuwe ngokuphathelene nabantwana baNowa;

61 Futhi usuku luyeza lapho umhlaba uyo phumula khona, kodwa ngaphambi kwalolo suku amazulu ayo gqunqiswa, isisitho sobumnyama siyowumboza umhlaba; namazulu ayozamazama, ngokunjalo nomhlaba; futhi izinkathazo ezinkulu ziyoba phakathi kwabantwana babantu, kodwa abantu bami ngiyobagcina;

62 Futhi ukulunga ngizokuthumela phansi kusuka ezulwini; futhi iqiniso ngizolithumela lisuka phakathi emhlabeni, ukuze lifakaze ngoZelwe Yedwa wami; ukuvuka kwakhe kwabafileyo; yebo, futhi novuko lwabo bonke abantu; futhi ukulunga neqiniso ngiyokwenza kushanele umhlaba njengesikhukhula, ukuze kuqoqe abakhethiweyo bami kuwo womane amagumbi omhlaba, endaweni engiyoyilungisa, iDolobha eliNgcwele, ukuze abantu bami babophe izinkalo zabo, futhi ukuba balindele isikhathi sokuza kwami; ngokuba liyoba lapho itabernakele lami, futhi liyobizwa ngeSiyoni, iJerusalema eNtsha.

63 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Ngaleso sikhathi wena nalo lonke idolobha lakho niyohlangana nabo khona, futhi siyobemukela ezifubeni zethu, futhi bayosibona; futhi siyobasingatha, futhi nabo bayosisingatha, futhi siyokwangana;

64 Futhi lapho kuyoba yindawo yami engihlala kuyo, futhi kuyoba iSiyoni, eyovela kuyo yonke indalo engiyenzileyo; futhi esikhathini se minyaka eyinkulungwane umhlaba uyo phumula.

65 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke walubona usuku lokuza kweNdodana yoMuntu, ezinsukwini zokugcina, izohlala emhlabeni ngokulunga isikhathi senkulungwane yeminyaka;

66 Kodwa ngaphambi kwalolo suku wabona izinkathazo ezinkulu phakathi kwababi; futhi walubona ulwandle, ukuthi lwalunolaka, nezinhliziyo zabantu ziphela amandla, bebheke ngokwesaba ukwahlulela kukaMninimandla Onke uNkulunkulu, okufanele kuze kwababi.

67 Futhi iNkosi yamtshengisa u-Enoke zonke izinto, ngisho kwaze kwaba sekupheleni komhlaba; futhi walubona nosuku lwabalungileyo, ihora lokuhlengwa kwabo, futhi bazuza injabulo ephelele;

68 Futhi zonke izinsuku zeSiyoni, ngezinsuku zika-Enoke, zazingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu eminyaka.

69 Futhi u-Enoke nabo bonke abantu bakhe babehamba noNkulunkulu, futhi wayehlala phakathi kweSiyoni; futhi kwenzeka ukuthi iSiyoni yayingasekho, ngokuba uNkulunkulu wayemukela esifubeni sakhe uqobo; futhi kusuka ngaleso sikhathi kwanda isisho esithi: iSiyoni yemuka.