Amasu Okufunda
Jesu Kristu


Jesu Kristu

Amagama athi Kristu (igama lesiGriki) noMesiya (igama lesiHeberu) asho ukuthi “ngogcotshiweyo.” UJesu Kristu yiZibulo likaBaba emoyeni (Heb. 1:6; Mf&V 93:21). Nguye Yedwa oZelwe nguBaba enyameni (Joh. 1:14; 3:16). UnguJehova (Mf&V 110:3–4) futhi wagcotshwa ngaphambilini obizweni Lwakhe olukhulu ngaphambi kokudalwa komhlaba. Ngaphansi kokuyalelwa nguBaba, uJesu wadala umhlaba kanye nakho konke okukuwo (Joh. 1:3, 14; Mose 1:31–33). Wazalwa nguMariya eBetlehema, waphila impilo engenasono, futhi wahlawulela izono zabantu bonke ngokupheleleyo ngokuchitha igazi Lakhe nangokunikela ngempilo Yakhe esiphambanweni (Math. 2:1; 1 Nefi 11:13–33; 3 Nefi 27:13–16; Mf&V 76:40–42). Wavuka ekufeni, ngaleyo ndlela eqinisekisa uvuko lwabo bonke abantu ekugcineni. NgeNhlawulo kanye nangoVuko lukaJesu, labo abaphendukayo ezonweni zabo futhi nabathobela imiyalelo kaNkulunkulu bangaphila ingunaphakade noJesu kanye noBaba (2 Nefi 9:10–12; 21–22; Mf&V 76:50–53, 62).

UJesu Kristu ngumuntu omkhulu kakhulu owake wazalwa kulomhlaba. Impilo yakhe iyisibonelo esipheleleyo sokuthi kufanele bonke abantu baphile kanjani. Yonke imikhuleko, izibusiso, kanye nezimiso zobuphristi kufanele zenziwe egameni Lakhe. UyiNkosi yamakhosi, ngumDali, ngumSindisi, futhi unguNkulunkulu womhlaba wonke.

UJesu Kristu uzokuza futhi ngamandla kanye nangenkazimulo ukuzobusa emhlabeni ngesikhathi semiNyaka eyiNkulungwane. Ngosuku lokugcina, uzokwahlulela bonke abantu (Alima 11:40–41; JS—Math. 1).

Isifingqo ngempilo Yakhe (ngokulandelana kwezehlakalo)

Igunya

INhloko yeBandla

Inkazimulo kaJesu Kristu

Isibonelo sikaJesu Kristu

Izinhlobo noma izimpawu zikaKristu

Iziphrofetho ngokuzalwa kanye nokufa kukaJesu Kristu

Ubufakazi obenziwayo ngoJesu Kristu

Ukuba-khona kukaKristu ngaphambi kwempilo yasemhlabeni

Ukubizwa ngegama likaJesu Kristu

Ukubusa kukaKristu ngemiNyaka eyiNkulungwane

Ukuvela kukaKristu emva kokufa

UmaHluleli