Ngo-2010–2019
Amafasitela eZulu
Ngo-Okthoba 2013


Amafasitela eZulu

Izibusiso zangokomoya nezempilo ziza ezimpilweni zethu ngesikhathi siwuphila umthetho wokweshumi.

Ngifuna ukuchaza izifundo ezimbili ezibalulekile engizifundile ngomthetho wokweshumi. Isifundo sokuqala sigxile ezibusisweni eziza kumuntu ngamunye nasemindenini ngesikhathi behlonipha lomyalelo ngokwethembeka. Isifundo sesibili sicacisa ngokubaluleka kokweshumi ekukhuleni kweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina emhlabeni wonke. Ngikhulekela ukuba uMoya oNgcwele uqinise kithi umuntu ngamunye iqiniso lemigomo engizokhuluma ngayo.

Isifundo Sokuqala—Izibusiso Ezibalulekile kodwa Ezingabonakali Masinyane

Unina kaDade uBednar ungowesifazane othembekile futhi ungumphathi wekhaya onentshisekelo. Kusuka ezinsukwini zokuqala zomshado wakhe, ugcina amabhuku omuzi wakhe ezimali ngokucophelela. Emashumini eminyaka ubale ngokuzinikela imali yomholo neyezindleko zomndeni esebenzisa ileja elula. Ulwazi aseluqoqile eminyakeni edlule lugcwele futhi luyafundisa.

Ngesikhathi uDade uBednar eseyintombazane, unina wayesebenzisa ulwazi kwileja ukucacisa umgomo osemqoka wokuphila ngokulungiselela ikusasa kanye nokuphatha ikhaya ngokuhlakanipha. Ngelinye ilanga ngesikhathi bebuyekeza ndawonye izigaba ezahlukahlukene zezindleko, unina wabona impinda ethandekayo. Izindleko zokuvakashela udokotela nezemithi yomndeni wabo zazincane kakhulu kunokwakulindelekile. Wabe esekhombisa ukuthi lokhu kwakuhambisana nevangeli likaJesu Kristu futhi wayichazela indodakazi yakhe ngeqiniso elinamandla: ngesikhathi siwuphila umthetho wokweshumi, sivamise ukuthola izibusiso ezibalulekile kodwa ezingabonakali masinyane nebezingalindelekile futhi ezinganakekile. Umndeni wawungazange uthole izengezo emholweni wekhaya. Esikhundleni salokho, uBaba oseZulwini onothando wayebanike izibusiso eziwubala ngezindlela ezibukeka zejwayelekile. UDade uBednar usikhumbula njalo lesi sifundo esibalulekile sikanina mayelana nosizo oluza kithi ngamafasitela ezulu, njengoba kwethenjisiwe nguMalaki eTestamenteni eliDala (bheka uMalaki 3:10).

Imvamisa ngesikhathi sifundisa futhi sifakaza ngomthetho wokweshumi, sigcizelela izibusiso ezibonakala masinyane, nezinkulu esizitholayo. Futhi ngempela izibusiso ezinjengalezi ziyenzeka. Kepha ezinye zalezi zibusiso ezahlukene esizithola ngesikhathi sihlonipha lomyalelo zibalulekile kodwa azibonakali masinyane. Izibusiso ezinjengalezi singazibona kuphela uma sinakile ngokomoya futhi siqaphela (bheka I KwabaseKorinte 2:14).

Umfanekiso wama “fasitela” ezulu osetshenziswe nguMalaki uyasifundisa kakhulu. Amafasitela avumela ukukhanya kwemvelo ukuba kungene ngaphakathi. Ngokufanayo, ukukhanyiseleka ngokomoya sikuthola ngamafasitela ezulu kuze ezimpilweni zethu ngesikhathi sihlonipha umthetho wokweshumi.

Isibonelo, isibusiso esingabonakali masinyane kodwa esibalulekile esisitholayo yisipho sangokomoya sokuba nokubonga esenza ukuba sikubonge lokho esinakho okuvimbela izifiso zokuningi esikufunayo. Umuntu onokubonga ucebile ngokweneliseka. Umuntu ongenakho ukubonga uhlupheka esebumpofini bokungeneliseki okungapheli (bheka NgokukaLuka 12:15).

Singaludinga futhi silukhulekele usizo lokuthola umsebenzi osifanele. Kodwa, amehlo nezindlebe zokholo (bheka u-Etere 12:19) kuyadingeka ukuze sikwazi ukubona isipho sangokomoya sobonisisa kangcono okungasinika amandla ukuba sibone amathuba omsebenzi abantu abaningi abangeke bawanake—noma isibusiso sokuthola umsebenzi ngokuzama ngamandla futhi isikhathi eside abanye abantu abangeke bakwenza. Singawufuna futhi silindele ukuwuthola umsebenzi, kodwa isibusiso esiza kithi ngamafasitela asezulwini singasinika amandla okushintsha izimo zethu kunokuba silindele ukuba izimo zethu zishintshwe ngumuntu noma okuthile.

Singaba nesifiso futhi sokusebenzela ukuthola ukunyuswa kweholo emsebenzini esiwenzayo ukuze sikwazi ukuhlinzekela kangconywana izidingo zempilo. Kundingeka sibe namehlo nezindlebe zokholo ukuze sikwazi ukuqaphela kithi ukuba namandla angokomoya najwayelekile (bheka NgokukaLuka 2:52) okwenza okukhulu ngokuncane esinakho, ikhono lokubona ukuthi yikuphi okusemqoka ezimpilweni zethu nokwenza izinto kalula, kanye nekhono elikhulu lokunakekela kahle lokho esesivele sinakho. Singakufuna futhi sikulindele ukunyuselwa iholo, kodwa isibusiso esiza kithi ngamafasitela asezulwini singasinika amandla amakhulu okushintsha izimo zethu kunokuba silindele ukuba izimo zethu zishintshwe ngumuntu noma okuthile.

Ibutho lezinsizwa eNcwadini kaMormoni (bheka u-Alima 53; 56–58) lakhuleka ngentshisekelo ukuba uNkulunkulu aliqinise futhi alikhulule ezandleni zezitha. Okumangazayo wukuthi, leyomikhuleko ayiphendulwanga ngokuthi bathole ezinye izikhali noma kunyuswe isibalo samasosha. Esikhundleni salokho, uNkulunkulu wanika lelibutho elithembekileyo isiqiniseko sokuthi Uzobakhulula, ukuthula emiphefumulweni yabo, kanye nokholo olukhulu nethemba lokukhululwa Nguye (bheka u-Alima 58:11). Ngakho-ke, amadodana kaHelamani aba nesibindi, agxila ngokuphokophelela ukunqoba, futhi ahamba ngamadla awo wonke ukuyolwa namaLamani (bheka u-Alima 58:12–13). Ukuqinisekiswa, ukuthula, kanye nethemba kungabukeka sengathi akusizo izibusiso amabutho asempini angazidinga, kodwa-ke yizo kanye izibusiso lezi zinsizwa ezinesibindi ezazizidinga ukuze zihambe ngamandla ukuyonqoba empini nangokomoya.

Ngesinye isikhathi singacela impumelelo kuNkulunkulu, kodwa Asinike ukuqina emzimbeni nangokwengqondo. Singamnxusa ukuba sichume, kodwa siphiwe umbono obanzi kanye namandla okubekezela, noma singacela ukukhula kodwa sibusiswe ngesipho somusa. Angasipha ukukholwa kanye nokuzethemba ngesikhathi sizama ukufeza izifiso zethu ezinhle. Futhi ngesikhathi sicela usizo lokuba sikhululwe engqondweni, ngokwasenyameni, nasebunzimeni ngokomoya, angasipha ukukwazi ukuthatha izinqumo okuyizo nokuqina.

Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi mina nawe siwuhlonipha futhi siwugcina umthetho wokweshumi, ngempela amafasitela ezulu azovuleka futhi izibusiso zangokomoya nezempilo zizothululwa kunokwaneleyo (bheka uMalali 3:10). Sizokukhumbula futhi okushiwo yiNkosi:

“Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami, usho uJehova.

“Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu” (u-Isaya 55:8–9).

Ngiyafakaza ukuthi ngesikhathi sinaka ngokomoya futhi siqaphela, sizobusiswa ngamehlo abona ngokucacile, izindlebe ezizwa njalo, kanye nezinhliziyo eziqonda ngokugcwele ukubaluleka kokungabonakali masinyane kwezindlela Zakhe, imicabango Yakhe, kanye nezibusiso Zakhe ezimpilweni zethu.

Isifundo Sesibili—Ubulula beNdlela yeNkosi

Ngaphambi kokubizwa kwami ukuzosebenza njengelunga lomGwamanda wabaliShumi namBili, ngafunda kaningana kwiMfundiso neziVumelwano mayelana nomkhandlu owabekwa ukuba uphathe futhi ukhiphe izimali zokweshumi ezingcwele. UMkhandlu wokuPhathwa kokweShumi wabekwa ngesambulo futhi kuwo kukhona ubuMongameli bokuQala, umGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili, kanye nabaBhishobhi abeNgamele (bheka iMf&V 120). Ngesikhathi ngilungiselela ukuya emhlanganweni wami wokuqala walomkhandlu ngoDisemba wonyaka ka-2004, ngalindela ngokulangazelela ithuba elimangalisayo lokufunda.

Ngisazikhumbula izinto engadlula kuzo futhi nengazizwa kulowomkhandlu. Ngathola ukuqonda okukhulu kanye nokuyihlonipha imithetho yeNkosi yezimali ngokuphathelene nomuntu ngamunye, imindeni, kanye neBandla Lakhe. Uhlelo lwezimali oluyisisekelo lweBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina—oluthinta izimali eziyinzuzo nezikhishwayo—luyachazwa kwizigaba 119 no-120 zeMfundiso neziVumelwano. Mabili amazwi atholakala kulezi zambulo asinika isisekelo ngokuphathelene nesikhwama sezimali zeBandla.

Isigaba 119 sisho ngokucacileyo ukuthi wonke amalunga “[a]yokhokha okukodwa eshumini kwayo yonke inzuzo yabo ngonyaka; futhi lokhu kuyoba umthetho omileyo kubo ingunaphakade, … kusho iNkosi” (ivesi 4).

Ebese kuthi, mayelana nokukhishwa kwezimali zokweshumi ngokugunyaziwe, iNkosi yathi, “ziyodayiswa ngumkhandlu, owakhiwe ubuMongameli bokuQala beBandla lami, nombhishobhi nomkhandlu wakhe, nomkhandlu wami omkhulu; futhi nangezwi lami kubo, kusho iNkosi.” (iMF&V 120:1). “Umbhishobhi nomkhandlu wakhe” kanye “nomkhandlu wami omkhulu” okukhulunywa ngayo lulesi sambulo namhlanje lemikhandlu seyaziwa njengabaBhishobhi abeNgamele kanye nomGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili, ngokulandelana kwayo. Lezi zimali ezingcwele zisetshenziswa ebandleni elikhula ngokusheshayo ukubusisa ngokomoya umuntu ngamunye nemindeni ngokwakha nokunakekela amathempeli nezindlu zokukhonza, ukweseka umsebenzi wokushumayela ivangeli, ukuhumusha nokushicilela imibhalo engcwele, ukukhuthaza ukucwaninga ngomlando womndeni, ukuxhasa izikole nemfundo yangokokholo, kanye nokufeza ezinye izinhloso eziningi zeBandla ngokuqondiswa yizinceku zeNkosi ezigcotshiweyo.

Ngiyamangala ngokucaca nangobufishane balezi zambulo ezimbili uma ngiziqhathanisa nezinkimbinkimbi zemihlahlandlela yezimali kanye nezinqubo zokuphatha ezisetshenziswa yizinhlangano eziningi kanye nohulumeni emhlabeni wonke. Zingaphathwa kanjani emhlabeni jikelele lezi zindaba zeBandla elikhulu njengeBandla elibuyiselwe likaJesu Kristu ngemiyalelo emifishane kangaka na? Kimi impendulo icace ngokusobala: lona ngumsebenzi weNkosi, Iyakwazi ukuzenzela umsebenzi Wayo (bheka 2 Nefi 27:20), futhi uMsindisi ushisekelisa aphinde aqondise izinceku Zakhe ngesikhathi zisebenzisa iziqondiso Zakhe futhi zisebenza emsebenzini Wakhe.

Kulowomhlangano wami wokuqala nomkhandlu ngahlabeka umxhwele ngobulula bemigomo eyayisihola ngesikhathi sidingida izindaba sithatha nezinqumo. Mayelana nokusetshenziswa kwezimali zeBandla, kunemigomo emibili eyisisekelo futhi emisiweyo nehlonishwayo. Owokuqala, iBandla lenza konke elikwenzayo ngokuhambisana nezimali ezikhona esikhwameni salo futhi alichithi izimali ezingaphezulu kwalezo ezingenayo. Owesibili, ingxenye yemali engenayo yonyaka ibekwa eceleni ukugcinela izimo nezidingo ezingalindelekile. Eminyakeni ebalelwa emashumini iBandla lifundise amalunga alo umgomo wokubeka eceleni okunye ukudla, uphethiloli, kanye nemali ukunakekela izimo eziphuthumayo ezingavela. IBandla njengenhlangano emisiweyo lilandela yona leyo migomo efanayo efundiswa njalo kumalungu alo.

Ngesikhathi umhlangano uqhubeka, ngazithola ngifisa ukuthi sengathi onke amalungu eBandla angabubona ubulula, ukucaca, ukuhleleka, ubumnene, kanye namandla endlela yeNkosi uqobo (bheka Mf&V 104:16) mayelana nokuphatha izindaba zalesi sikhathi zeBandla Layo. Sengibambe iqhaza eMkhandlwini omayelana nokuthi Kwenziweni ngokweShumi iminyaka eminingi. Unyaka nonyaka kukhulile ukubonga nokuhlonipha kwami izindlela zeNkosi, futhi nezifundo engizifundile zijulile.

Inhliziyo yami igcwele uthando nokubonga ngamalungu aleliBandla athembekileyo nahloniphayo kuzo zonke izizwe, izihlobo, izilimi, nabantu. Njengoba ngihamba umhlaba wonke, ngiyafunda ngamathemba namaphupho eninawo, nangezimo eniphila ngaphansi kwazo ezahlukahlukene nangezinkinga zenu. Sengike ngaya nani ezinkonzweni futhi ngavakasha kweminye yemizi yenu. Ukholo lwenu luqinisa ukholo lwami. Ukuzinikela kwenu kungenza ngizinikele nami kakhudlwana. Futhi ukulunga nokuzimisela kwenu ukulandela umthetho wokweshumi kuyangivuselela ukuba ngibe yindoda, umyeni, ubaba, kanye nomholi weBandla ongcono. Ngiyanikhumbula futhi nginicabange njalo uma ngibamba iqhaza kuMkhandlu omayelana nokuthi Kwenziweni ngokweShumi. Ngiyanibonga ngokulunga nangokwethembeka kwenu njengoba nihlonipha izivumelwano zenu.

Abaholi beBandla elibuyisiwe leNkosi bezwa umthwalo omkhulu mayelana nokunakekela kahle iminikelo engcwele yamalungu eBandla. Sazi kahle ngobungcwele befadingi lomfelokazi.

“Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

“Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi amabili okuyisitebela.

Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni,

“Ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho” (NgokukaMarku 12:41–44).

Ngiyazi ngokuzibonela mathupha ukuthi uMkhandlu omayelana nokuthi Kwenziweni ngokweShumi uqaphele ngokunakekela ifadingi lomfelokazi. Ngizwakalisa ukubonga kuMongameli uThomas S. Monson nabeluleki bakhe ngobuholi babo ngokufeza imisebenzi yalobu buphathi obungcwele. Futhi ngiyalemukela izwi (bheka Mf&V 120:1) nesandla seNkosi eseseka izinceku Zayo ezigcotshiweyo ukuze zifeze lomsebenzi ukumela Yona.

Isimemo nobuFakazi

Ukukhokha okweshumi ngokwethembeka kungaphezulu kokuba ngumsebenzi esinikwe wona nje; kodwa futhi kuyisinyathelo esibalulekile endleleni yokuzingcwelisa komuntu siqu. Kulabo benu abakhokha okweshumi, ngiyanincoma.

Kulabo benu abangawuhloniphi umthetho wokweshumi okwamanje, ngiyanimema ukuba ke nicabange ngezindlela zenu futhi niphenduke. Ngiyafakaza ukuthi ngokuhlonipha kwenu lomthetho weNkosi, nizovulelwa amafasitela ezulu. Ngiyacela ningaluhlehlisi usuku lwenu lokuphenduka.

Ngiyafakaza ukuthi izibusiso zangokomoya nezalesi sikhathi ziza ezimpilweni zethu ngesikhathi siwuphila umthetho wokweshumi. Ngiyafakaza ukuthi izibusiso ezinjengalezi zivamise ukuba zinkulu kodwa zingabonakali masinyane. Ngiyakusho nokusho futhi ukuthi ubulula bendlela yeNkosi obubonakala ngokusobala ngesikhathi kuphethwe izindaba zalesi sikhathi zeBandla Lakhe businika umfanekiso ongasihola umuntu ngamunye nemindeni. Ngiyakhuleka ukuthi sengathi sonke singafunda futhi sizuze kulezi zifundo ezibalulekile, egameni elingcwele leNkosi uJesu Kristu, amen.