Ngo-2010–2019
Ukuhlanganisa Umndeni KaNkulunkulu
Ngo-Ephreli 2017


Ukuhlanganisa Umndeni KaNkulunkulu

UNkulunkulu uBaba ufuna abantwana Bakhe babuyele ekhaya, beyimindeni begcwele inkazimulo.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngijabulela ithuba lokuba nani ekuqaleni kwalokhu kuhlangana komhlangano omkhulu. Nginamukela ngemfudumalo enkulu.

Umhlangano omkhulu selokhu waba yisikhathi sokuhlangana kwabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngenxa yokukhula, asisakwazi ukuhlangana ndawonye endaweni eyodwa siqu, kodwa iNkosi isisinike izindlela zokuba izibusiso zomhlangano omkhulu zifinyelele kuwe noma ngabe ukuphi. Noma kuncomeka ukubona ukuhlangana kwabaNgcwele kulendawo enkulu Yomhlangano, thina esima kuleli pulpiti sihlezi sicabanga ngezigidi zabantu abahlangene nathi emhlabeni wonke jikelele ukuze babukele futhi balalele umhlangano. Abaningi benu bahlanganyele nemindeni yabo; abanye kungenzeka bahlanganyele nabangani noma amalungu eBandla.

Noma yikuphi lapho ukhona futhi noma ngabe ulizwa kanjani izwi lami, ngicela wazi ukuthi nakuba ungekho lapha nathi ngokomzimba, siyakuzwa ukuthi unathi ngomoya. Sethemba ukuthi nonke nizozizwa nimunye nathi—ukuthi nizowezwa amandla omoya ozayo noma yinini lapho ibandla lamakholwa lihlangana egameni likaJesu Kristu.

Ngizizwe ngithinteka ukuba ngikukhulume nani ngolunye uhlobo lombuthano namuhla. Loluhlobo alwenzeki nje ngemuva kwezinyanga eziyisithupha kuphela, njengoba kwenzeka emihlanganweni emikhulu. Kunalokho, lombuthano ubululokhu uqhubeka kusukela ezinsukwini zokuqala zokuBuyiselwa kweBandla, futhi ubukulokhu ukhula ngamandla eminyakeni yamuva nje. Ngikhuluma ngombuthano womndeni kaNkulunkulu.

Ukuchaza ngalombuthano, kungabangcono kakhulu ukuqala ngaphambi kokuba sizalwe, ngaphambi kwalokhu iBhayibheli elikubiza ngokuthi ku “sekuqaleni” (Genesise 1:1). Ngaleso sikhathi, sasihlala noBaba oseZulwini njengabantwana Bakhe bomoya. Lokhu kuyiqiniso ngokuphathelene nabo bonke abantu abake baphila emhlabeni.

Uyabona, amagama athi “mfowethu” no “dadewethu” akuwona awokubingelelana nje kuphela noma amagama othando. Lawo magama amele iqiniso elingunaphakade: UNkulunkulu unguBaba ngempela wabo bonke abantu; umuntu ngamunye uyilungu lomndeni Wakhe waphakade. Ngenxa yokuthi usithanda ngothando lukaBaba ongenamaphutha, ufuna ukuba siqhubekele phambili futhi sikhule sibe njengaYe. Wamisa uhlelo lokuba size emhlabeni, emindenini, futhi sidlule kulokho okuzosilungiselela ukuba sibuyele kuYe futhi siphile ngendlela aphile ngayo.

Okubaluleke kakhulu kuloluhlelo kwakuyisethembiso sokuthi uJesu Kristu wayezozinikela njengomhlatshelo, ukuze asisindise esonweni nasekufeni. Umsebenzi wethu kulolohlelo wukwamukela umhlatshelo kaMsindisi ngokuhlonipha imithetho nezimiso zevangeli. Mina nawe salemukela loluhlelo. Empeleni, salujabulela, nakuba lokho kwakusho ukuthi siyomshiya uBaba wethu futhi sikhohlwe esadlula kukho ngesikhathi sinaYe laphaya.

Kodwa asilethwanga lapha sisebumnyameni bodwa. Umuntu ngamunye unikwe ingxenye yokukhanya kukaNkulunkulu, okubizwa “Ngokukhanya KukaKristu,” ukuze kusisize sihlukanise phakathi kokuhle nokubi, okulungile nokungalungile. Yingakho kuthi nalabo abaphila benolwazi oluncane ngohlelo lukaBaba noma abangenalo nhlobo bekwazi ukuzwa, ezinhliziyweni zabo, ukuthi izenzo ezithile zinokulunga kodwa ezinye azinakho ukulunga.

Imizwa yethu ngokulungile nokungalungile iba namandla ikakhulukazi lapho sikhulisa khona abantwana bethu. Cishe bonke abazali banesifiso esingokwemvelo sokufundisa abantwana babo okuhle nokubi. Lokhu kuyingxenye yesimangaliso sohlelo lukaBaba oseZulwini. Ufuna abantwana Bakhe baze emhlabeni, ngokulandela isibonelo saphakade semindeni ephila ezulwini. Imindeni iyinhlangano eyisisekelo yendawo yaphakade, ngalokho Uyihlosele ukuba nayo ibe yingxenye eyisisekelo emhlabeni. Nakuba imindeni yasemhlabeni ingalungile ngokuphelele, inika abantwana bakaNkulunkulu ithuba elihle lokwamukelwa emhlabeni ngothando oluthi alufane nalolo esiye saluzwa ezulwini—uthando lwabazali. Imindeni iphinde ibe yindlela enhle kakhulu yokugcina nokudlulisela izimfundiso ezilungile ngokuziphatha nemigomo yeqiniso okungenzeka isiholele kuNkulunkulu futhi.

Yidlanzana elincane kakhulu labantwana baNkulunkulu elithola ukuqonda uhlelo lukaNkulunkulu ngokuphelele kulempilo, kanye nendlela yokuthola izimiso zobuphristi nezivumelwano ezenza amandla oMsindisi enhlawulo asebenze ngokuphelele ezimpilweni zethu. Ngisho nalabo abanabazali abahle kakhulu bangaphila ngokwethembeka ngokuqondene nokukhanya abanakho kodwa bagcine bengezwa ngoJesu Kristu neNhlawulo Yakhe noma bangamenywanga ukuba babhabhadiswe egameni laKhe. Lokhu kuye kwaba yiqiniso kubafowethu nodadewethu abayizigidi ezingenakubalwa emlandweni wonke womhlaba.

Abanye bangase bacabange ukuthi lokhu akulungile. Bangase futhi bakuthathe njengobufakazi bokuthi akukho cebo, azikho izidingo ezikhethekile zensindiso—bazizwe engathi uNkulunkulu olungile, onothando ngeke adale icebo elitholwa yisibalo sabantwana baKhe esincane kangaka. Abanye bangase bacabange ukuthi kusho ukuthi uNkulunkulu wakhetha kusengaphambili ukuthi yibaphi kubantwana baKhe azobasindisa futhi wenza ivangeli laba khona kubo, kulapho labo abangakalizwa ivangeli “bengakhethwanga.”

Kodwa mina nawe siyazi, ngenxa yamaqiniso abuyiselwe ngoMprofethi uJoseph Smith, ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu lunothando kakhulu kunalokho. UBaba wethu oseZulwini uyakhathazeka ngokuhlanganisa nokubusisa wonke umndeni waKhe. Njengoba azi ukuthi akubona bonke abazokhetha ukuhlanganiswa nabanye, uhlelo lwaKhe lunika umntwana waKhe ngamunye ithuba lokwamukela noma ukwenqaba isimemo saKhe. Futhi imindeni iwumnyombo waloluhlelo.

Emakhulwini eminyaka adlule, umphrofethi uMalaki wathi ezinsukwini ezizayo, uNkulunkulu uzothumela u-Elisha ukuba “aphendulele izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise” (Malaki 4:6).

Lesi siphrofetho sasibaluleke kangangokuba uMsindisi wasicaphuna ngesikhathi evakashele amaMelika ngemva koVuko lwaKhe kwabafileyo (bheka ku 3 Nefi 25:5–6). Futhi lapho ingelosi uMoroni ivakashele uMphrofethi uJoseph Smith, nayo futhi iye yacaphuna isiphrofetho ngo-Elisha nezinhliziyo, oyise, nabantwana (bheka UJoseph Smith—Umlando 1:36–39).

Namuhla ngu-Ephreli 1. Ezinsukwini ezimbili kusukela manje, ngo-Ephreli 3, kubalwa iminyaka eyi-181 kusukela osukwini lapho isiphrofetho sikaMalaki sagcwaliseka. Ngalolosuku, u-Elisha weza, futhi wanika uJoseph Smith amandla obuphristi ukuba abophe imindeni ingunaphakade (bheka Mf&V 110:13–16).

Kusukela ngalolosuku kuze kube yimanje, intshisekelo yokuthola umlando womndeni womuntu ngamunye ikhule ngokushesha. Emazingeni akhulayo, abantu babonakala besondele kokhokho babo ngokudlula ukuba nje nelukuluku lokwazi. Imitapo yohlu lozalo, izinhlangano, nezobuchwepheshe ziye zaphuma emhlabeni wonke ukuze zisekele lesi sithakazelo. Amandla e-intaneti okuthuthukisa ukuxhumana aye enza imindeni ikwazi ukusebenzisana ukuze yenze ucwaningo lomlando womndeni ngokushesha nangokuhlolisisa okwakungenzeki ngaphambilini.

Kungani konke lokhu kwenzeka? Ngenxa yokungabi negama elingcono, sikubiza ngo-“moya ka-Elisha.” Ngokufanayo singakubiza “ukugcwaliseka kwesiphrofetho.” Nginikeza ubufakazi bokuthi u-Elisha weza. Izinhliziyo zabantwana—eyami neyakho—ziye zaphendukela koyise, okungokhokho bethu. Uthando onalo ngokhokho bakho yingxenye yokugcwaliseka kwaleso siphrofetho. Kutshalwe kwimizwa yakho ngomuntu onguye. Kodwa kunokwenza ngokudlula i-DNA efuziwe.

Isibonelo, ngesikhathi ulandela ukugqugquzelwa ukuba ufunde ngomlando womndeni wakho, ungase uthole ukuthi isihlobo sakho esikude sinezinye izici zakho zobuso noma isithakaselo ezincwadini njengawe noma ikhono lakho lokucula. Lokhu kungathakaselisa kakhulu futhi kuqondeke kakhulu. Kodwa uma umsebenzi wakho uma lapho kuphela, uzozwa ukuthi kukhona okushodayo. Lokhu kungenxa yokuthi ukuhlanganisa nokwenza umndeni kaNkulunkulu ube munye kudinga okudlula imizwa efudumele kuphela. Kudinga izivumelwano ezingcwele ezenziwe ngokuqondene nezimiso zobuphristi.

Iningi lokhokho bethu abazange bazithole lezi zimiso. Kodwa ngokunikwa nguNkulunkulu, wena uzitholile. Futhi uNkulunkulu ubekwazi ukuthi uzozizwa usondelene nokhokho bakho ngothando futhi uzobe unezobuchwepheshe obudingekayo ukuze ubathole. Ubazi futhi ukuthi uzophila esikhathini lapho ukufinyelela emathempelini angcwele, lapho izimiso zingenziwa khona, kuzoba lula kakhulu kunasemandulo. Futhi Ubazi ukuthi Angakwethemba ukuba ufeze lomsebenzi esikhundleni sokhokho bakho.

Yebo, sonke sinemithwalo yemfanelo eminingi ecindezelayo nebalulekile edinga ukunakwa nedinga isikhathi sethu. Sonke sithola okunye kwalokho iNkosi elindele ukuba sikwenze kungaphezu kwamandla ethu. Ngenhlanhla, iNkosi inika umuntu ngamunye indlela yokuba athole ukuzethemba nokwaneliseka kuyo yonke imisebenzi yethu, lokhu kuhlanganisa nomsebenzi womlando womndeni. Sithola amandla okwenza lokho Akucelayo ngokholo lwethu esilunikwa nguMsindisi lokuthi akukho mthetho “uzosisindisa alungiselele indlela [yethu] ukuze [thina] singafeza izinto aziyalile” (1 Nefi 3:7).

Ngiyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso ngenxa yalokhu esengike kadlula kukho. Eminyakeni eminingi edlule, njengomfundi wasenyuvesi, ngahlangana nendoda eyayisebenza enkampanini yamakhompyutha enkulukazi emhlabeni. Lokhu kwakungezinsuku zokuqala zamakhompyutha, futhi kwenzeka ukuba inkampani yakhe yayimthumele ukuthengisa amakhompyutha eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

Engakubona wukuthi, lendoda eyayidayisa yayingenalo ukholo. Kodwa yasho ngokumangala nentukuthelo, “kulelibandla bebenza lokho abakubiza ‘umlando wesizukulwane,’ befuna amagama abantu abafile, bezama ukuthola okhokho babo. Abantu, ikakhulukazi abesifazane, bebegijima ukuzungeza amakhabethe amafayili, befuna ulwazi emakhadini amancane.” Uma ngikhumbula kahle, wathi abesifazane babegqoke izicathulo zethenisi ukuze bakwazi ukugijima ngokushesha okukhulu. Lendonda yaqhubeka, “Njengoba ngibona ubukhulu balokho ababezama ukukwenza, ngiye ngaqaphela ukuthi ngithole isizathu sokusungulwa kwamakhompyutha.”

Nokho, wayenembile ngokwengxenye. Amakhompyutha angaba yingxenye ebalulekile kwikusasa lomsebenzi womlando womndeni—kodwa hhayi lamakhompyutha ayewathengisa. Umholi ophefumulelwe weBandla wakhetha ukungawathengi amakhompyutha akhe. IBandla lalizolinda ubuchwepheshe obungakaze bucatshangwe ngaleso sikhathi. Kodwa ngifundile eminyakeni eminingi ukuthi ngisho nobuchwepheshe obungcono kakhulu ngeke buthathe indawo yesambulo sasezulwini, njengaleso umholi weBandla asithola. Lona ngumsebenzi womoya, futhi iNkosi iwuqondisa ngoMoya Wayo oNgcwele.

Emasontweni ambalwa adlule, bengisebenza ngomlando womndeni wami nomeluleki eduze kwami nomunye umsizi owayesocingweni. Esikrinini sekhompyutha esiphambi kwami kwakunenkinga okwakumele ngiyixazulule edlula amandla ami enyama. Ngabona amagama amabili, athunyelwe kimi ngezimangaliso zobuchwepheshe, abantu okungenzeka ukuba balinde izimiso zasethempelini. Kodwa inkinga kwakungukuthi amagama ayehlukile, kodwa kwakunesizathu sokukholelwa ukuthi kungaba awomuntu oyedwa. Umsebenzi wami wawungukuthola ukuthi yikuphi okuyiqiniso.

Ngacela abeluleki bami ukuba bangitshele. Bathi, “Cha, kumele ukhethe” Futhi babeqiniseke ngokuphelele ukuthi ngangizolithola iqiniso. Ikhompyutha, namandla ayo onke nolwazi, yangishiyela isibusiso sokugqolozela lawo magama esikrinini, ngihlaziye ulwazi olukhona, ngifune olunye ucwaningo, ngithandaze ngenhliziyo futhi ngithole lokho okuyiqiniso. Ngesikhathi ngithandaza, ngazi ngokuqinisekile lokho okwakumele ngikwenze—njengoba ngake ngenza kwezinye izimo lapho engangidinga khona ukuncika kusizo lwasezulwini ukuze ngixazulule inkinga.

Asazi ukuthi yiziphi izimangaliso uNkulunkulu ayoziphefumulela abantu ukuba bazenze ukuze basize emsebenzini waKhe wokuhlanganisa abantu BaKhe. Kodwa akukhathaliseki ukuthi yikuphi ukusungulwa okuyisimangaliso okungeza, ukusebenza kwakho kuzodinga ukusebenza koMoya ebantwini abafana nami nawe. Lokhu akumele kusimangaze. Phela, lawa ngamadodana namadodakazi athandekayo kaNkulunkulu. Uzothumela noma yikuphi ukuphefumulelwa okudingekayo ukuze abanike ithuba lokubuyela kuYe.

Eminyakeni edlule intsha yeBandla iye yaphendula umoya ka-Elisha ngendlela ekhuthazayo. Abaningi manje sebenemvume yeskhashana yokungena ethempelini futhi bayisebenzisa kaningi. Izindawo zokubhabhadiswa zasethempelini zisebenza kakhulu kunakuqala; amanye amathempeli kuye kwadingeka ukuba ashintshe izikhathi zawo ukuze akwazi ukumelana nezibalo ezikhuphukile zabantu abasha abeza ethempelini.

Kwakungavamile kepha kwakukhuthazwa ukuba intsha ilethe amagama okhokho bayo ethempelini. Manje lokhu sekuyinjwayelo, futhi kaningi yintsha ngokwayo ebatholile okhokho bayo.

Ngaphezu kwalokho, intsha eningi ithole ukuthi ukunikela ngesikhathi sayo ekwenzeni ucwaningo lomlando womndeni kuqinise ubufakazi bayo ngohlelo lwensindiso. Kukhulise umthelela woMoya ezimpilweni zayo futhi kwehlise umthelela wesitha. Kubasizile ukuba bazizwe besondelene nemindeni yabo futhi besondelene neNkosi uJesu Kristu. Bafunde ukuthi lomsebenzi uyasindisa hhayi abafileyo kuphela; usisindisa sonke (bheka kwi Mf&V 128:18).

Intsha ibambe umbono ngendlela enhle; manje abazali bayo badinga ukuyifica. Manje sekunabantu abaningi abamukele umbhabhadiso ezweni lomoya ngenxa yomsebenzi owenziwe yintsha, futhi balinde ezinye izimiso ezenziwa abadala kuphela emathempelini kulomhlaba. Umsebenzi wokuhlanganisa umndeni kaBaba oseZulwini akuwona nje owentsha, futhi akuwona owogogo nomkhulu nje. Owawonke umuntu. Sonke singabahlanganisi.

Lona ngumsebenzi wesizukulwane sethu, lokho uMphostoli uPawulu akubiza “uhlelo lokwengamela lokuphelela kwezikhathi,” lapho ethi uNkulunkulu “uzobuthela ndawonye zonke izinto kuKristu, kokubili ezisezulwini, nalezo ezisemhlabeni; nakuye imbala” (AbaseEfesu 1:10). Lokhu kwenziwe kwenzeka ngomsebenzi wenhlawulo yeNdodana kaNkulunkulu Ethandekayo, uJesu Kristu. Ngenxa yaKhe, amalungu emindeni yethu, “lawo ayedediselwe kude ngezinye izikhathi aye asondezwa ngegazi likaKristu. Ngoba ungukuthula kwethu, lowo kokubili okwenze, futhi waphula umphakathi wodonga oluhlukanise phakathi kwethu” (AbaseEfesu 2:13–14). Ukuzwile lokhu, njenganami, lapho uzwa ukukhula kothando uma ubuka isithombe sikakhokho. Ukuzwile ethempelini lapho igama elisekhadini libonakala ligaphezulu kokuba yigama nje, futhi waba nomuzwa wokuthi lomuntu wayekwazi futhi ezwa uthando lwakho.

Ngifakazela ukuthi uBaba uNkulunkulu ufuna ukuba nabantwana baKhe ekhaya futhi, beyimindeni begcwele inkazimulo. UMsindisi uyaphila. Uhola futhi abusise lomsebenzi, futhi uyasiqapha futhi asiqondise. Uyanibonga emisebenzini yenu yokwethembeka yokuhlanganisa umndeni kaYise, futhi nginithembisa usizo enilufunayo nolunidingayo. Egameni likaJesu Kristu, amen.