Ngo-2010–2019
Inhliziyo Emnene Nethobekile
Ngo-Ephreli 2018


Inhliziyo Emnene Nethobekile

Ubumnene isimilo esichaza uMhlengi futhi sibonakala ngokwenza ukulunga, ukuvumela okuthile ngokuthanda, kanye nokuzithiba okunamandla.

Ngiyathokoza ngethuba enginalo elingcwele lokweseka abaholi beBandla, futhi ngemukela ngenhliziyo yami yonke iGosa uGong neGosa uSoares kumGwamanda wabaPhostoli abaliShumi namBili. Ubufundisi balamadoda athembekileyo buzobusisa abantu nemindeni emhlabeni jikelele, futhi ngiyakulangazelela ukusebenzisana nawo nokufunda kuwo.

Ngiyakhuleka ukuba uMoya oNgcwele usifundise futhi usikhanyisele njengoba sifunda ndawonye mayelana nalobo bunjalo bukaMsindisi1 okufanele sonke sizame ukubulandela.

Ngizonika izibonelo ezimbalwa ezigqamisa lesi simo sobuKristu ngaphambi kokuba ngisikhombe lesi similo kulenkulumo yami. Ngicela nilalelisise isibonelo ngasinye bese nicabanga ngezimpendulo okungaba yizo emibuzweni engizoyibuza.

Isibonelo sokuqala. INsizwa eNothileyo kanye no-Amuleki

ETestamenteni Elisha, sifunda ngensizwa enothileyo eyabuza uJesu yathi, “Mfundisi, ngiyakwenza-ntoni enhle ukuba ngibe-nokuphila okuphakade na?”2 UMsindisi waqala ngokuyiyala ukuba igcine imiyalelo. Okulandelayo iNkosi yanika lensizwa umyalelo owawuqondene nezidingo zayo ngqo ngokunjalo nalokho eyayibhekene nakho.

“UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.

“Yathi insizwa ukuba izwe lelizwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.”3

Qhathanisa impendulo yalensizwa enothileyo nalokho okwehlakalela u-Amuleki, njengoba kuchaziwe eNcwadini kaMormoni. U-Amuleki wayeyindoda eyayikhuthele neyayiphumelele futhi neyayinezihlobo nabangani4abaningi. Uzichaza njengendoda eyabizwa izikhathi eziningi kodwa engalalelanga, indoda eyayizazi izinto zikaNkulunkulu kodwa ingathandi ukuzazi.5 Eyindoda elungile impela, u-Amuleki naye wayekhungwe yizinto zomhlaba njengayo insizwa enothileyo echazwe eTestamenteni Elisha.

Yize noma wayeqinise inhliziyo yakhe ngaphambilini, u-Amuleki walilalela izwi lengelosi, wemukela umprofethi u-Alima emzini wakhe, futhi wamondla. Wavuswa ngokomoya ngesikhathi u-Alima emvakashele futhi wabizelwa ukushumayela ivangeli. U-Amuleki wabe eseshiya “igolide lakhe lonke, nesiliva, kanye nezinto zakhe eziyigugu … ngenxa yezwi likaNkulunkulu [futhi] enqatshwe yilabo abake baba ngabangani bakhe futhi ngokunjalo nanguyise kanye nezihlobo zakhe.”6

Ucabanga ukuthi yikuphi okungumehluko phakathi kwezimpendulo zensizwa enothileyo neka-Amukeli na?

Isibonelo sesibili. uPahorani

Ngesikhathi esibi sempi esichazwe eNcwadini kaMormoni, kwaba khona ukubhalelana izincwadi phakathi kwaMoroni, induna yamabutho amaNefi, kanye noPahorani, umehluleli omkhulu nombusi wezwe. UMoroni, owayenebutho elalintekenteke ngenxa yokungatholi ukwesekwa ngumbuso, wabhalela uPahorani “ngendlela yokubasola”7 futhi wambeka icala kanye nalabo ahola nabo lokungabanaki, lokuvilapha, lokungabakhathaleli, ngisho nelokuba ngamambuka.8

UPahorani wayengamcasukela kalula uMoroni kanye nezinsolo zakhe ezingesilo iqiniso, kodwa akazange. Waphendula ngobubele futhi wachaza ngokuvukelwa kombuso uMoroni ayengakwazi. Emva kwalokho uPahorani washo nokusho wathi:

“Bheka, ngithi kuwe, Moroni, angijabuli neze ngenxa yezinhlupheko zenu ezinkulu, yebo, kuyawudabukisa umphefumulo wami. …

“… Encwadini yakho ungigxekile, kodwa akunandaba; angithukuthele, kodwa ngiyathokoza ngokulunga kwenhliziyo yakho.”9

Ucabanga ukuthi yini ebangela ukuba uPahorani amphendule ngokubekezela uMoroni ngezinsolo ayenazo na?

Isibonelo sesithathu. UMongameli uRussell M. Nelson noMongameli uHenry B. Eyring

Emhlanganweni omkhulu weBandla ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, uMongameli uRussell M. Nelson wachaza ngempendulo yakhe ngesikhathi uMongameli uThomas S. Monson esimema ukuba siyifunde, sizindle ngayo, futhi nokuba siwasebenzise ezimpilweni zethu amaqiniso atholakala eNcwadini kaMormoni. Wathi: “Ngizamile ukusilandela iseluleko sakhe. Phakathi kwezinye izinto, ngenze uhla lokuthi iNcwadi kaMormoni iyini, nokuthi iqinisekisani, nokuthi iphikisani, nokuthi igcwalisani, nokuthi icacisani kanye nokuthi yembulani. Ukubuka iNcwadi kaMormoni ngalamehlo kube wumsebenzi onginike ulwazi olufihlakele futhi nongifaka ugqozi! Ngiphakamisa kini nonke ukuba nani niyifunde.”10

UMongameli uHenry B. Eyring naye futhi wakugcizelela ukubaluleka kwesicelo sikaMongameli uMonson empilweni yakhe. Wathi:

“Sengayifunda iNcwadi kaMormoni nsuku zonke isikhathi esingaphezulu kweminyaka engama-50. Mhlawumbe ngangingacabanga ukuthi amazwi kaMongameli uMonson ayeqondiswe komunye umuntu. Kepha, njengeningi lenu, ngezwa isikhuthazo somphrofethi kanye nesethembiso sakhe singimema ukuba ngenze imizamo emikhulu. …

“Imiphumela ejabulisayo kimi, futhi ngokunjalo nakubaningi benu, ibe yilokho umphrofethi akuthembisile.”11

Ngabe ucabanga ukuthi yini ebangela lezi zimpendulo ezisheshayo futhi neziphuma ezinhliziyweni zalabaholi beBandla leNkosi ngenxa yesimemo sikaMongameli uMonson na?

Angiphakamisi ukuthi lezi zimpendulo ezinamandla ngokomoya zika-Amuleki, uPahorani, uMongameli uNelson, kanye noMongameli u-Eyring zingachazwa yisimilo sikaKristu esisodwa. Empeleni, yizimilo kanye nezimo eziningi ezihlangahlangene ezaholela kulokuvuthwa ngokomoya okuvezwe ezimpilweni zalezi zinceku ezilungile ezine. Kodwa uMsindisi kanye nabaprofethi Bakhe bagqamise isimilo esibalulekile sonke esidinga ukuba sisiqonde ngokugcwele nokuthi sizame ukusifaka ezimpilweni zethu.

Ubumnene

Ngicela nibheke isici iNkosi esisebenzisile ukuzichaza Yona kulombhalo ongcwele olandelayo: “Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene futhi ngithobile ngenhliziyo: khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.”12

Ngokufundisa, uMsindisi wakhetha ukugcizelela ubumnene kuzo zonke izimilo kanye nobuhle ayengakukhetha.

Imfundiso efanayo iyatholakala futhi esambulweni esanikwa umProfethi uJoseph Smith ngonyaka ka-1829. INkosi yasho nokusho yathi, “Funda kimi, futhi ulalele amazwi ami; hamba ngobumnene boMoya wami, futhi uzoba nokuthula kimi.”13

Ubumnene isimilo esichaza uMhlengi futhi sibonakala ngokwenza ukulunga, ukuvumela okuthile ngokuthanda, kanye nokuzithiba okunamandla. Lesi similo sisisiza ukuqonda ngokugcwele izimpendulo ngokulandelana kwazo zika-Amuleki, uPahorani, uMongameli uNelson, kanye noMongameli u-Eyring.

Isibonelo, uMongameli uNelson noMongameli u-Eyring baphendula ngokulunga nangokushesha ngenxa yesimemo sikaMongameli uMonson sokufunda iNcwadi kaMormoni. Yize womabili lamadoda ayesiza ezikhundleni zeBandla ezibalulekile nezibonakalayo futhi ayeyifunde kakhulu imibhalo engcwele iminyaka eminingi, akhombisa ukungangabazi nokungaziphakamisi .

U-Amuleki wavumela intando kaNkulunkulu ngokuthanda, wemukela ubizo lokushumayela ivangeli, futhi washiya konke ngemuva. Futhi noPahorani wabusiswa ngombono kanye nokuzithiba okunamandla kokuba enze okuthile kunokuba aphendule kabi ngesikhathi echazela uMoroni ngezinkinga zokuvukelwa kombuso.

Isimilo sikaKristu sobumnene sivamise ukungaqondakali kulesi sikhathi esiphila kuso. Ubumnene bunamandla, abukho buthaka; bukhuthele, abuvilaphi; bunesibindi, abunavalo; buyazithiba, abenzi ngokweqile; buthobekile, abuzikhukhumezi; futhi bunomusa, abunalo unya. Umuntu onobumnene akacasuki kalula, akazazisi, noma azikhukhumeze futhi ukwamukela kalula ukuphumelela kwabanye.

Kanti ukuzithoba imvamisa kusho ukuthembela kuNkulunkulu nokuba nesidingo sokuholwa nokwesekwa Nguye njalo, okwenza Isimilo sobumnene sehluke kwezinye wukwazi ukwemukela ngokomoya imfundiso kuMoya oNgcwele nakubantu abangabukeka bengenalo ikhono elitheni, abangakwazi okuningi, noma abangafundile, nokungenzeka abekho ezikhundleni ezibalulekile, noma bengabonakala bengenakho okutheni abanganikela ngakho. Khumbula ukuthi uNamani, induna yebutho lenkosi eSiriya, yanqoba kanjani ukuzikhukhumeza futhi yemukela ngobumnene iseluleko senceku yayo sokulalela umphrofethi u-Elisha ukuba ahlambe emfuleni iJordane izikhathi eziyisikhombisa.14 Ubumnene yikho okusivikela ekungabonini okudalwa wukuzikhukhumeza okuvamise ukuvela ngenxa yokwaziwa, izikhundla, amandla, ingcebo, kanye nokutuswa.

Ubumnene—Isimilo sikaKristu neSipho sikaMoya

Ubumnene isimilo esikhuliswa ngokulangazelela, ukusetshenziswa ngokulunga kwelungelo lokukhetha, nokuzama njalo ukugcina ukuthethelelwa kwezono zethu.15 Buyisipho sikamoya futhi esingasifuna ngendlela efanele.16 Kodwa-ke kufanele sikhumbule ukuthi yisiphi isizathu sokuba sinikwe lesi sibusiso, ngisho ukuba sisize abantwana baNkulunkulu.17

Ngesikhathi siza kuMsindisi futhi simlandela, sinikwa amandla okukhula kancane kancane ukuba sibe njeNgaye. UMoya usinika amandla okujwayela ukuzithiba kanye nokuziphatha kahle njalo nangomoya ophansi. Ngakho-ke, ubumnene yilokho esiba yikho njengabafundi beNkosi hhayi into esiyenzayo nje.

“UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba-namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.”18 Noma kunjalo “wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.19 Ulwazi nekhono lakhe kwakungamenza ukuba abe nokuzikhukhumeza. Esikhundleni salokho, isimilo nesipho sikamoya sobumnene ayebusiswe ngaso sanciphisa ukuqhosha empilweni yakhe futhi samkhulisa uMose ukuba asetshenziswe nguNkulunkulu ukufeza izinjongo Zakhe.

INkosi njengesiBonelo sobuMnene

Izibonelo ezinkulu zobumnene futhi nesingazuza kakhulu kuzo zitholakala empilweni yoMsindisi uqobo.

UMhlengi omKhulu, “owehlela phansi kwazo zonke izinto”20 futhi owezwa ubuhlungu, wopha, wafa “ukuba asihlambulule kukho konke ukungalungi,”21 ngobumnene wahlamba izinyawo zabafundi Bakhe ezazigcwele uthuli.22 Ubumnene obunjengalobu buwuphawu olugqamile besimilo seNkosi njengenceku nomholi.

UJesu usinika isibonelo esikhulu kakhulu sokuphendula ngokulunga nangokuthanda ngesikhathi ezwa ubuhlungu obukhulu eGetsemane.

“Esefikile endaweni wathi [kubafundi Bakhe], Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.

“Futhi … waguqa phansi, wakhuleka,

“Wathi: Baba, uma uthanda, susa lesisitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”23

Ubumnene bukaMsindisi kulesigameko adlula kuso esibaluleke iphakade lonke nesasinobuhlungu obuhlabayo bukhombisa kithi sonke ukubaluleka kokubeka ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngaphezulu kokwethu ukuhlakanipha.

Ukuvumela isimo kweNkosi ngokuthanda ngendlela efanayo nangokuzithiba okunamandla kuyamangaza futhi kuyasifundisa sonke. Ngesikhathi isixuku sonogada basethempelini ababehlomile namasosha amaRoma befika eGetsemane ukuzombopha uJesu, uPetru wahosha inkemba yakhe wanquma indlebe yokunene yenceku yomphristi omkhulu.24 UMsindisi wabe eseyithinta indlebe yenceku wayelapha.25 Ngicela niqaphele ukuthi wamsiza futhi wambusisa lowo owayezomthumba esebenzisa amandla asezulwini afanayo nalawo ayengavimba ukuba athunjwe futhi abethelwe.

Ngicela nikhumbule futhi ukuthi kwenzekani mhla iNkosi isolwa futhi ilahlwa ngecala ngaphambi kukaPilatu ukuba ibethelwe.26 UJesu wayesho nokusho ngesikhathi sokukhashelwa Kwakhe wathi, “Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?”27 Noma kunjalo “uMahluleli waPhakade wabaphilayo kanye nabafileyo”28 ngokudidayo wehlulelwa phambi kwebamba lesikhundla sokubuswa kwezwe. “[UJesu] akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.”29 Ubumnene bukaMsindisi buyabonakala ngendlela ayejwayele ukuphendula ngayo, ukuzithiba okunamandla, nokungafuni ukusebenzisa amandla Akhe aphakade ukufeza intando yakhe.

Isethembiso nobuFakazi

UMormoni uthi ubumnene buyisisekelo sawo wonke amandla nezipho zikamoya.

“Ngalokho-ke, uma umuntu enokholo kufanele ukuthi abe nethemba; ngokuba ngaphandle kokholo ngeke libe khona ithemba.

“Futhi phezu kwalokho, bhekani ngithi kini ngeke abe nokholo kanye nethemba, ngaphandle kokuthi eyoba mnene, futhi athobe ngenhliziyo.

“Uma kungenjalo, ukholo lwakhe nethemba lakhe kuyize, ngokuba akekho namunye omukelekile phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwabamnene nabathobile ngenhliziyo; futhi evuma ngamandla kaMoya oyiNgcwele ukuthi uJesu unguKristu, kufanele ukuthi abe nesihe; ngokuba uma engenaso isihe akalutho; ngalokho-ke kufanele ukuthi abe nesihe.”30

UMsindisi washo nokusho wathi, “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.”31 Ubumnene buyingxenye ebalulekile yobunjalo bukaNkulunkulu futhi singabuthola sibukhulise ezimpilweni zethu ngeNhlawulo kaMsindisi nangenxa yayo.

Ngiyafakaza ukuthi uJesu Kristu unguMhlengi wethu ovukileyo nophilayo. Ngiyethembisa futhi ukuthi uzosihola, asivikele, futhi asiqinise ngesikhathi sihamba ngobumnene boMoya Wakhe. Ngiyafakaza ngokuqinisekile ngalamaqiniso nalezi zethembiso egameni elingcwele likaJesu Kristu, amen.