Ngo-2010–2019
Lapho Kukhona Ifu Nokukhanya Kwelanga, Nkosi, Hlala Nami!
Ingqungquthela yebandla lonke yango-Okthoba 2019


Lapho Kukhona Ifu Nokukhanya Kwelanga, Nkosi, Hlala Nami!

Ngiyafakaza ukuthi “lapho kukhona ifu nokukhanya kwelanga” iNkosi izohlala nathi, ukuze “izinhlupheko zethu [zigwinywe] enjabulweni kaKristu.”

Enye yezingoma zethu esizithandayo izwakalisa ukunxusa ngokuthi, “Lapho kukhona ifu nokukhanya kwelanga, Nkosi, hlala nami!”1 Ngake ngaba sendizeni lapho isondela esiphephweni esikhulu. Ngilunguze ngefasitela, ngabona ingubo eminyene yamafu ngezansi kwethu. Imisebe yelanga elishonayo yabonakala emafwini, yawenza ukuba akhanye ngokukhanya okukhulu. Ngokushesha, indiza yehla phakathi kwamafu asindayo, kwathi masinyane sambozwawubumnyama obukhulu obasenza singakuboni ukukhanya okukhulu esasikubonile emizuzwini embalwa edlule.2

Isithombe
Imisebe yelanga elishonayo
Isithombe
Amafu amnyama

Amafu amnyama angaba khona futhi nasezimpilweni zethu, okungasenza singakuboni ukukhanya kukaNkulunkulu futhi kusenze sizibuze ukuthi ingabe lokho kukhanya kusakhona yini kithi. Amanye alawo mafu awukunyinyitheka, ukukhathazeka, nezinye izinhlobo zokugula ngokwengqondo nangomuzwa. Kungaphazamisa indlela esizibona ngayo thina, abanye, ngisho noNkulunkulu imbala. Zithinta abesifazane nabesilisa bayo yonke iminyaka kuzo zonke izingxenye zomhlaba.

Okulimaza ngokufanayo yifu lokungabaza elingathinta abanye abangakaze babhekane nalezi zinselelo. Njenganoma yiliphi ilunga lomzimba, ingqondo ingaba nokugula, ukuhlukumezeka, nokuphazamiseka kwamakhemikhali. Lapho izingqondo zethu zihlupheka, kuyafaneleka ukuba sifune usizo oluvela kuNkulunkulu, kulabo abaseduzane nathi, nakochwepheshe bezokwelapha nabezempilo ngokwengqondo.

“Bonke abantu—owesilisa nowesifazane—badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Umuntu ngamunye uyindodana noma yindodakazi ethandekayo yomoya ezalwa ngabazali basezulwini, futhi … ngamunye unobunjalo bukaNkulunkulu futhi kunokwenzeka babe njeNgaye.”3 NjengabaZali bethu abaseZulwini noMsindisi wethu, sinomzimba wenyama4 futhi siba nemizwa.5

Bodadewethu abathandekayo, kuyinto ejwayelekile ukuzizwa udabukile noma ukhathazekile ngezikhathi ezithile. Ukudabuka nokukhathazeka yimizwa yomuntu engokwemvelo.6 Kodwa-ke, uma sihlala sidabukile futhi uma izinhlungu zethu zivimba amandla ethu okuzwa uthando lukaBaba wethu oseZulwini kanye eNdodana Yakhe kanye nomthelela kaMoya oNgcwele, lapho-ke kungenzeka ukuthi sihlushwa ukunyinyitheka, ukukhathazeka, noma esinye isimo somuzwa.

Indodakazi yami yake yabhala yathi: “Kwakunesikhathi … [lapho] ngangikhathazeka kakhulu ngaso sonke isikhathi. Ngangihlala ngicabanga ukuthi ukudabuka kuyinto okufanele abantu babe namahloni ngayo, nokuthi kuwuphawu lobuthakathaka. Ngakho-ke ngakugcina kimi ukudabuka kwami. … Ngazizwa ngingelutho okwangempela.”7

Umngane wakuchaza lokhu ngalendlela: “Kusukela ngisemncane, bengilokhu ngilwa nemizwa yokuphelelwa yithemba, ubumnyama, isizungu, nokwesaba kanye nomuzwa wokuthi ngiphukile noma nginesici. Ngenza konke ukufihla ubuhlungu bami nokuba ngingalokothi nginikeze isithombe sokwenzekayo ngaphandle kokuthi ngiyachuma futhi nginamandla.”8

Bangani bami abathandekayo, lokhu kungenzeka kunoma ngubani kithi—ikakhulukazi uma, njengamakholwa esu lenjabulo, sizibeka imithwalo engenasidingo ngokucabanga ukuthi sidinga ukulunga ngokuphelele manje. Imicabango enjengalena ingasiqeda amandla. Ukuzuza ukulunga ngokuphelele kuyinto ezokwenzeka kuyo yonke impilo yethu yasemhlabeni nangale kwayo—futhi kuphela ngomusa kaJesu Kristu.9

Ngokuphambene nalokho, lapho siveza izinkinga zethu ezingomuzwa, sivuma ukuthi asilungile ngokuphelele, sinika abanye imvume yokwabelana ngezinkathazo zabo. Sisonke siyabona ukuthi likhona ithemba futhi akudingeki sihlupheke sodwa.10

Isithombe
IThemba ngokuZa kwesiBili

Njengabafundi baJesu Kristu, senze isivumelwano noNkulunkulu sokuthi “sizimisele ukuthwalisana imithwalo omunye nomunye” futhi “sikhale nalabo abakhalayo.”11 Lokhu kungasho ukuthola ulwazi ngokugula okungomuzwa, ukuthola amacebo angasisiza ukubhekana nalezi zinkinga, futhi ekugcineni sizilethe thina nabanye kuKristu, onguMphilisi oMkhulu.12 Nakuba singazi ukuthi singahlobana kanjani nalokho abanye ababhekene nakho, ukuqinisekisa ukuthi ubuhlungu babo bungobangempela kungaba yisinyathelo sokuqala esibalulekile sokuthola ukuqonda nokwelashwa.13

Kwezinye izimo, imbangela yokunyinyitheka noma ukukhathazeka ingabonakala, kanti kwezinye izikhathi kungaba nzima ukukubona lokho.14 Imiqondo yethu ingahlupheka ngenxa yokukhathazeka15 noma ukukhathala okukhulu,16 kwesinye isikhathi okungaqedwa ngokwenza ushintsho ekudleni, ukulala, nokuvocavoca umzimba. Ngezinye izikhathi, ukwelashwa noma ukuthola imithi ngokuqondiswa wochwepheshe abaqeqeshiwe nakho kungadingeka.

Ukugula kwengqondo noma ngomuzwa okungalashiwe kungaholela ekuzehlukaniseni nabanye, ukungezwani, ubudlelwane obubi, ukuzilimaza, ngisho nokuzibulala imbala. Ngiyakwazi lokhu mathupha, njengoba nobaba azibulala eminyakeni eminingi edlule. Ukushona kwakhe kwakushaqisa futhi umndeni wami nami sadabuka kakhulu. Kungithathe iminyaka ukubhekana nosizi lwami, futhi muva nje ngifunde ukuthi ukukhuluma ngokuzibulala ngezindlela ezifanele empeleni kusiza ukukuvimbela kunokuba kukukhuthaze.17 Manje sengikhulume ngokusobala nabantwana bami ngokufa kukababa futhi ngabona ukwelashwa uMsindisi angakunikeza nhlangothini zombili nesisitho.18

Ngokudabukisayo, abaningi abahlushwa ukunyinyitheka okukhulu bayaziqhelelanisa nabaNgcwele ngoba benomuzwa wokuthi abahambisani nomuntu osezingqondweni zabo. Singabasiza bazi futhi bazizwe ukuthi nabo bangabethu ngempela. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ukunyinyitheka akuwona umphumela wobuthakathaka, futhi akuwona umphumela wesono.19 “Kuyakhula uma kufihliwe kunciphe uma sinozwelo kwabanye.”20 Ngokubambisana, singawadabula amafu okuhlukaniswa kanye nokucwaswa ukuze umthwalo wehlazo ususwe futhi kwenzeke izimangaliso zokwelashwa.

Phakathi nenkonzo Yakhe yasemhlabeni, uJesu Kristu welapha abagulayo nabahluphekile, kodwa umuntu ngamunye kwakudingeka abonise ukholo Kuye futhi enze okuthile ukuthola ukwelashwa Nguye. Abanye babehamba amabanga amade, abanye babelula izandla zabo ukuze bathinte ingubo Yakhe, kanti abanye kwakudingeka bayiswe Kuye ukuze belashwe.21 Uma kukhulunywa ngokuphiliswa, asimudingi yini kakhulu sonke na? “Asizona yini sonke iziceli na?”22

Masilandele indlela kaMsindisi futhi sandise ububele bethu, sinciphise injwayelo yethu ekwahluleleni, futhi siyeke ukuba ngabahloli bangokomoya kwabanye. Ukulalela ngothando ngesinye sezipho ezinkulu esingazinikeza, futhi singakwazi ukusiza ukuthwala noma ukususa amafu asindayo aminyanisa abantu nabangani esibathandayo23 ukuze, ngothando lwethu, babuye bawuzwe uMoya oNgcwele futhi bakubone ukukhanya okuvela kuJesu Kristu.

Uma uhlala uzungezwe “yinkungu yobumnyama,”24 phendukela kuBaba oseZulwini. Akukho ohlangabezane nakho okungashintsha iqiniso laphakade lokuthi ungumntwana Wakhe nokuthi Uyakuthanda.25 Khumbula ukuthi uKristu unguMsindisi noMhlengi wakho, futhi uNkulunkulu unguYihlo. Bayakuqonda. Babone beseduze nawe, bekulalele futhi bekusekele.26 “[Bazokududuza] ezinkathazweni zakho.”27 Yenza konke ongakwenza, futhi uthembele emuseni ohlawulayo weNkosi.

Izinkathazo zakho azibonisi umuntu onguye, kodwa zingakucwengisisa .28 Ngenxa “yeva enyameni,”29 ungase ube nekhono lokuba nozwelo kakhulu kwabanye. Njengoba uqondiswa nguMoya oNgcwele, yabelana ngendaba yakho ukuze “usize ababuthakathaka, uphakamise izandla ezibuthakathaka, futhi uqinise amadolo axegayo.”30

Kulabo bethu njengamanje abazabalazayo noma abeseka umuntu ozabalazayo, masizimisele ukulandela imiyalelo kaNkulunkulu ukuze uMoya Wakhe uhlale unathi.31 Masenze “izinto ezincane neziwubala”32 ezizosinika amandla angokomoya. Njengoba uMongameli uRussell M. Nelson asho, “Akukho okuvula amazulu njengokuhlangana kobumsulwa, ukulalela okuqotho, ukufuna ngobuqotho, ukuzitika ngamazwi kaKristu eNcwadini kaMormoni nsuku zonke, nesikhathi esanele sokuzinikela emsebenzini wethempeli nomlando womndeni.”33

Isithombe
UMsindisi elapha

Sonke masikhumbule ukuthi uMsindisi wethu, uJesu Kristu, “[uthwale] ubuthakathaka [bethu], ukuze izibilini zakhe zigcwaliswe ngesihawu, ngokwasenyameni, ukuze azi … ukuthi angasisiza kanjani ngokobuthakathaka [bethu].”34 Weza “ukuzobopha abanhliziyo ezaphukileyo, … ukuzoduduza bonke abalilayo; … ukubapha amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo.”35

Isithombe
UkuZa kwesiBili

Ngiyafakaza kini ukuthi “lapho kukhona ifu nokukhanya kwelanga” iNkosi izohlala nathi, ukuze “izinhlupheko zethu [zigwinywe] enjabulweni kaKristu,”36 futhi “ kungomusa ukuthi sisindisiwe, emva kwakho konke esingakwenza.”37 Ngiyafakaza ukuthi uJesu Kristu uzobuyela emhlabeni “enokuphilisa emaphikweni akhe.”38 Ekugcineni, “Uyozesula zonke izinyembezi emehlweni [ethu]; akusayikuba khona … ukudabuka.”39 Ngokuba bonke labo “abazoza kuKristu, futhi bapheleliswe kuye,”40 “ilanga alisayikushona; … ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade [kithi], nezinsuku zokulila [kwethu] ziyakuphela.”41 Egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. “Abide with Me!” Hymns, no. 166.

  2. Ngenkathi singaphezu kwamafu, sasingakwazi ukubona ngeso lengqondo ubumnyama obabungaphansi kwezinyawo zethu, futhi ngesikhathi simbozwe wubumnyama ngaphansi, kwakunzima ukubona ngeso lengqondo ukukhanya kwelanga elikhanya ngaphezu kwethu.

  3. UMndeni: IsiMemezelo eMhlabeni Wonke,iLiyahona, yangoMeyi 2017, 145.

  4. “Umoya nomzimba kungumuntu” (IMfundiso neziVumelwano 88:15). “Umzimba wakho uyithempeli lomoya wakho. Futhi indlela osebenzisa ngayo umzimba wakho ithinta umoya wakho” (nguRussell M. Nelson, “Decisions for Eternity,” iLiyahona, yangoNovemba. 2013, 107)

  5. Isibonelo, bheka, u-Isaya 65:19; NgokukaLuka 7:13; 3 Nefi 17:6–7; u-Mose 7:28. Ukufunda ukwazi ngemizwa yethu nokuyazisa kungasisiza siyisebenzise ngendlela eyakhayo ukuze sifane noMsindisi wethu, uJesu Kristu.

  6. Bheka emthonjeni othi “Sadness and Depression,” kidshealth.org/en/kids/depression.html.

  7. I-blog ka-Hermana Elena Aburto, hermanaelenaaburto.blogspot.com/2015/08. Wabhala futhi wathi:

    “Lokho kuvivinywa kwanginika ithuba lokusebenzisa ukholo lwami mayelana nesu lensindiso. Ngoba ngangazi ukuthi uBaba oseZulwini uyangithanda, nokuthi Wayenecebo eliqondene nami kuphela, nokuthi uKristu wayekuqonda kahle engangibhekene nakho.”

    “UNkulunkulu akakuphoxi uma untula ikhono. Ujabulela ukukusiza uthuthuke futhi uphenduke. Akalindele ukuthi ulungise yonke into ngasikhathi sinye. Awudingi ukwenza lokhu wedwa” (iwillhealthee.blogspot.com/2018/09).

  8. Imibhalo yomuntu siqu. Wabuye wabhala wathi: “Amafutha alaphayo eNhlawulo kaMsindisi wami abe ngumthombo wokuthula nesiphephelo ohambweni lwami lonke. Lapho ngizizwa ngingedwa ezinkathazweni zami, ngikhunjuzwa ukuthi Usebhekene nakho konke engibhekene nakho ngenxa yami kakade. … Kukhona ithemba elikhulu ngokwazi ukuthi umzimba wami wakusasa ophelelisiwe novuswe ekufeni ngeke usahlaselwa yilobu buhlungu basemhlabeni.”

  9. Bheka uRussell M. Nelson, “Perfection Pending,” Ensign, ngoNovemba 1995, 86–88; uJeffrey R. Holland, “Be Ye Therefore Perfect—Eventually,” iLiyahona, ngoNovemba 2017, 40–42; J. Devn Cornish, “Am I Good Enough? Will I Make It?iLiyahona, ngoNovemba 2016, 32–34; uCecil O. Samuelson, “What Does It Mean to Be Perfect?New Era, Jan. 2006, 10–13.

  10. Kubalulekile ukukhuluma ngalezi zinkinga nabantwana bethu, imindeni, kanye nabangani emakhaya ethu, kumawadi, nasemiphakathini.

  11. uMosiya 18:8–9.

  12. Bheka uRussell M. Nelson, “Jesus Christ–the Master Healer,” iLiyahona, ngoNovemba. 2005, 85–88; uCarole M. Stephens, “The Master Healer,” iLiyahona, ngoNovemba 2016, 9–12.

  13. Ukwazi ukuthi singazibona kanjani izimpawu kithi nakwabanye kungaba wusizo. Singafunda futhi ukuthola izindlela zokucabanga ezingalungile noma ezingenampilo nokuthi singazisusa kanjani ngezilungile nezinempilo.

  14. Ukunyinyitheka kungabangelwa futhi yizinguquko zempilo ezinhle—njengokuzalwa komntwana noma ukuthola umsebenzi omusha—futhi kuyinto engenzeka lapho izinto zilungile empilweni yomuntu.

  15. Bheka encwadini ethi “Understanding Stress,” Adjusting to Missionary Life (2013), 5–10.

  16. Bheka inkulumo kaJeffrey R. Holland ethi, “Like a Broken Vessel,” iLiyahona, ngoNovemba. 2013, 40.

  17. Bheka inkulumo ka Dale G. Renlund, “Understanding Suicide” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org; “Talking about Suicide” (ividiyo), ChurchofJesusChrist.org; inkulumo kaKenishi Shimokawa, “Understanding Suicide Warning Signs,iLiyahona, yango-Okthoba. 2016, 35–39.

  18. “Ukuqala ukwelapheka kudinga ukukholwa okufana nokomntwana eqinisweni elingenakuguqulwa lokuthi uBaba oseZulwini uyakuthanda futhi usinikeze indlela yokwelapheka. INdodana Yakhe Ethandekayo, uJesu Kristu, yanikela ngempilo Yayo ukusinika lokho kwelashwa. Kepha asikho isixazululo somlingo, alikho ibhalsamu elilula lokuphilisa, futhi ayikho indlela elula eya ekhambini eliphelele. Ukwelashwa kudinga ukholo olunzulu kuJesu Kristu nasemandleni Akhe angapheli okwelapha” (nguRichard G. Scott, “To Heal the Shattering Consequences of Abuse,” iLiyahona, yangoMeyi 2008, 42). Lapho kunenkinga, sivame ukuthambekela ukuyilungisa. Kodwa-ke, akudingeki ukuthi sizilungise thina noma abanye. Akudingeki ukuba senze konke ngokwethu. Ezikhathini eziningi empilweni yami, ngifune abelaphi ukuze ngithole usizo lokubhekana nezikhathi ezinzima.

  19. Bheka incwadi NgokukaJohane 9:1–7.

  20. Jane Clayson Johnson, Silent Souls Weeping (2018), 197.

  21. Bheka NgokukaMathewu 9:2–7, 20–22; 14:35–36; NgokukaMarku 1:40–42; 2:3–5; 3 uNefi 17:6–7.

  22. UMosiya 4:19; bheka futhi nenkulumo kaJeffrey R. Holland, “Are We Not All Beggers?iLiyahona, yangoNovemba 2014, 40–42.

  23. Bheka incwadi KwabaseRoma 2:19; 13:12; bheka futhi nenkulumo kaJeffrey R. Holland, “Come unto Me” (Brigham Young University devotional, Mar. 2, 1997), speeches.byu.edu.

  24. 1 Nefi 8:23; bheka futhi ku 1 Nefi 12:4, 17; 3 Nefi 8:22.

  25. Bheka AmaHubo 82:6; KwabaseRoma 8:16–18; IMfundiso neziVumelwano 24:1; 76:24; uMose 1:1–39.

  26. Bheka incwadi ethi Adjusting to Missionary Life, 20; bheka futhi uMika 7:8; NgokukaMathewu 4:16; NgokukaLuka 1:78–79; NgokukaJohane 8:12.

  27. uJakobe 3:1; bheka futhi Kwabase-Efesu 5:8; KwabaseKolose 1:10–14; uMosiya 24:13–14; u-Alima 38:5. Funda isibusiso sakho somphatriyakhe noma ucele isibusiso sobupristi ukuze uzwe futhi ukhumbule ukuthi uBaba oseZulwini ukuthanda kangakanani nokuthi ufuna ukukubusisa.

  28. Bheka II KwabaseKorinte 4:16–18; IMfundiso Nezivumelwano 121:7–8, 33; 122:5–9.

  29. II KwabaseKorinte 12:7.

  30. IMfundiso Nezivumelwano 81:5; bheka futhi u-Isaya 35:3.

  31. Bheka uMoroni 4:3; IMfundiso Nezivumelwano 20:77.

  32. u-Alima 37:6.

  33. Bheka inkulumo kaRussell M. Nelson ethi, “Isambulo seBandla, Isambulo seziMpilo Zethu,” iLiyahona, yangoMeyi 2018, 95.

  34. u-Alima 7:12; bheka futhi u-Isaya 53:4; 2 Nefi 9:21; Mosiya 14:4.

  35. u-Isaya 61:1–3; bheka futhi NgokukaLuka 4:18.

  36. u-Alima 31:38; bheka futhi u-Alima 32:43; 33:23.

  37. 2 Nefi 25:23.

  38. uMalaki 4:2; 3 Nefi 25:2.

  39. Isambulo 21:4.

  40. uMoroni 10:32.

  41. u-Isaya 60:20.