Umlando weBandla
UJoseph Smith nomShado wesiThembu


“UJoseph Smith nomShado wesiThembu,” IziHloko zomLando weBandla

“UJoseph Smith nomShado wesiThembu”

UJoseph Smith nomShado wesiThembu

AbaNgcwele beziNsuku zokuGcina bakholelwa wukuthi ukuthatha umfazi munye—umshado wendoda eyodwa nowesifazane oyedwa—kungumthetho weNkosi omile ngomshado.1 Ngezikhathi zasebhayibhelini, iNkosi yayala abanye babantu Bayo ukuba balandele umkhuba womshado wesithembu—umshado wendoda eyodwa nabafazi abaningi.2 Amanye amalungu okuqala eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina awemukela futhi awuhlonipha lomyalelo owawunikwe ngabaphrofethi baNkulunkulu.

Emva kokuthola isambulo esasimyala ukuba alandele umkhuba womshado wesithembu, uJoseph Smith waganwa ngabafazi abaningi futhi wase emema labo ayesondelene nabo ukuba bawulandele lomkhuba. Lomgomo waba yinselelo enkulu ngezikhathi zokuBuyiselwa—kuJoseph yena siqu nakwamanye amalungu eBandla. Umshado wesithembu waluvivinya ukholo futhi wavusa imibango kanye nokuphikiswa. Bancane abaNgcwele beziNsuku zokuGcina abakwemukela ekuqaleni ukubuyiselwa kwalomkhuba wasebhayibhelini owawungajwayelekile kubo. Kodwa abaningi ngokuhamba kwesikhathi bafakaza ngokwenzeka kubo ngokomoya okwabenza bangabe besaba nakho ukunqikaza futhi nokwabanika amandla okuwemukela lomkhuba.

Imininingwane eminingi mayelana nalomkhuba wasekuqaleni womshado wesithembu ayaziwa ngoba ababewenza babecelwa ukuba bawugcine uyimfihlo. Ngakho ke mincane imibhalo yomlando mayelana nomshado wesithembu wokuqala: yimibhalo embalwa ekhona yangalesosikhathi esinika imininingwane, futhi singeke sathembela kulokho okukhunjulwayo ngalomkhuba.. AbaNgcwele baxoxa izindaba eziningi ezibalulekile mayelana nalomkhuba womshado wesithembu owawenziwa nguJoseph Smith kanye nabanye abaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nomshado wesithembu wokuqala, bheka ku “Plural Marriage in The Church of Jesus Christ of Latter-day Saints,” Gospel Topics Essays, topics.lds.org.

Ezinye Izihloko Ezikhuluma Ngalomkhuba: Joseph Smith Jr., Emma Hale Smith, Fanny Alger, Nauvoo Expositor