Ngo-2010
Indlela Yakho eya EThempelini
Okthoba 2010


“Indlela Yakho eya EThempelini,” iLiyahona, Okth 2010, 72–75

Isifundo Sabantwana

Indlela Yakho eya EThempelini

Ngabe uyazi ukuthi yiliphi ithempeli eliseduze kakhulu nawe na? Dweba isithombe salelo thempeli, usilengise lapho uzosibona khona nsuku zonke.

Ithempeli yindlu yeNkosi. Yindawo lapho sifunda khona ngoBaba oseZulwini, senza izivumelwano (noma izethembiso) Naye, futhi sithola izibusiso ezinkulu. Ethempelini, senzela thina namalungu omndeni ashonile umsebenzi obalulekile. Ethempelini kwenziwa imisebenzi okubalwa kuyo ukubhabhadisela abafileyo, ukwembathiswa, kanye nokuboshwa. Lokhu kubizwa ngezimiso zasethempelini.

Okwenzeka Ngaphakathi Kwethempeli

Imibhabhadiso Yabafileyo

Uma usuneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, ungabhabhadiswa futhi uqiniswe njengelungu leBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Okhokho bakho abaningi bashona bengabhabhadiswanga futhi bengaqiniswanga. Yize imizimba yabo ifile, imimoya yabo isaphila ezweni lemimoya, lapho bengafundiswa khona ivangeli likaJesu Kristu.

Uma usuneminyaka eyi-12 ubudala, ungaya ethempelini uyosiza lababantu ngokubhabhadiswa futhi uqiniswe egameni labo. Bangabe sebekhetha ukuthi bayafuna ukwamukela umbhabhadiso nokuqiniswa noma cha. Uzogqoka okumhlophe kodwa uma ubhabhadiselwa abafileyo, njengoba nje wenza uma kubhabhadiswa wena uqobo.

Cela abazali bakho ukuthi bakusize wenze uhlu lwamalungu omndeni ashone engabhabhadiswanga eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Thola ukuthi ngabe ukhona yini oke waya ethempelini ukuyobabhabhadisela.

Ukwembathiswa

Esinye sezibusiso ezinkulu zethempeli ukwembathiswa. Ukwembathiswa kusho “isipho.” Uma uthola ukwembathiswa kwakho, uzofunda kabanzi ngohlelo lwensindiso futhi wenze izivumelwano. Izivumelwano yizethembiso esizenza noBaba oseZulwini. Njengoba uzigcina lezo zivumelwano, uzilungiselela ukuhlala noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu ngolunye usuku.

Ngaphakathi kwethempeli kunegumbi elihle, elinokuthula elibizwa ngegumbi lesilestiyali. Egunjini lesilestiyali sizizwa sisondelene noBaba oseZulwini kanye noJesu Kristu, futhi sizwa okuncane kwalokho esizokuzwa ngokuhlala Nabo embusweni wesilestiyali.

Ukuboshelwa Isikhathi Nephakade

Lapho owesilisa nowesifazane beshada ethempelini, baguqa e-altare bese beboshelwa isikhathi nephakade. Lokhu kusho ukuthi bona nabantwana babo bangahlanganiswa ndawonye njengomndeni waphakade. Hlela ukushada ethempelini ngelinye ilanga. Lesi yisibusiso esikhulu kunazo zonke ethempelini.

Imvume Yokungena Ethempelini

Ithempeli liyindawo engcwele. Obhishobhi kanye nomongameli bamagatsha bayaqinisekisa ukuthi labo abangena ethempelini bazilungiselele futhi bayafaneleka. Ngaphambi kokuya ethempelini, uzoba nengxoxo ekhethekile nombhishobhi wakho noma umongameli wegatsha lakho. Uzobuza ukuthi ngabe unabo yini ubufakazi beBandla, uyayigcina yini imiyalo, uyabasekela yini abaholi beBandla, uyalihlonipha yini iZwi lokuHlakanipha, uyakukhokha yini okweshumi, futhi nokuthi ngabe uthembekile yini kukho konke okwenzayo nokushoyo. Uzokusiza wazi okufanele ukwenze ukuze ukufaneleke ukungena ethempelini.

Lungiselela Manje Ukungena Ethempelini

UBaba oseZulwini unika izibusiso eziningi kulabo abaphila ngokulunga futhi nabaya ethempelini. Kubalulekile ukulungiselela ukungena ethempelini ngenkathi usemncane.

UBaba oseZulwini uyakuthanda futhi ufuna uzithole izibusiso zethempeli. Uzokubusisa ngokuzenzela wena kanye nabanye izimiso zasethempelini. Noma ungeke ukwazi ukungena ethempelini manje, uma kukhona ithempeli eliseduze, ungavakashela amagceke ethempeli futhi uzwe umoya okhona lapho. Ungagcina futhi isithombe sethempeli ekhaya kini ukuze sikukhumbuze ngokubaluleka kwethempeli. Phila ngokulunga ukuze ukufaneleke ukungena endlini yeNkosi.

Bheka nasi isibuko esikulesi sithombe. Amanye amagumbi okuboshwa anezibuko njengalesi. Ngenxa yokuboshwa ethempelini, imindeni yethu, njengokubonakalayo kulesi sibuko, ingaqhubeka ingunaphakade.

Bheka igumbi lesilestiyali kulesi sithombe nasesithombeni esisekhasini 64. Uzizwa kanjani lapho ubona igumbi lesilestiyali na?

Ithempeli laseBoston eMassachusetts. Linikelwa ngo-Okt. 1, 2000.

Igumbi lokubopha, iThempeli lase-Aba eNigeria.

Igumbi lesilestiyali, iThempeli laseNuku’alofa eTonga.