Ngo-2011
Izoba Ngakanani Eyakho Injabulo
Februwari 2011


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uFebuwari 2010

Izokuba KangakananiInjabulo Yakho

Izinto eziletha injabulo zimbalwa empliweni emnandi futhi ezithatha isikhathi eside njengokwazi ukuthi usize abanye ukwamkela ivangeli likaJesu Krestu elibuyisiwe ezinhlizweni zabo. Ukuba naleyo njabulo kuyithuba lawonke oyilungu leBandla. Ngenkathi sibhabhadiswa, senza isifungo sokuthi “sizakuma njengofakazi bakaNkulunkulu ngasosonke isikhathi nakuzo zonke izinto, futhi kuzozonke izindawo lapho [esingaba] khona, noma kusekufeni, ukuthi [thina] singakhululwa nguNkulunkulu, futhi singabalwa nalabo besizukulwane sokuqala, ukuthi [thina] sibe nokuphila obunaphakade” (uMozaya 18:9).

Wonke amalungu amukela ingxenye yomsebenzi anikezwe wona eBandleni ukuthatha ivangeli likaJesu Krestu liye emhlabeni, noma kuphi futhi inkani besaphila. iNkosi yakusho lokhu ngokusobala: “Bheka, Ngikuthumela ngaphandle ukuba ufakaze futhi uxwayise abantu, futhi kwenzeka kumuntu wonke oke walulekwa ukuba axwayise umakhelwane wakhe” (D&C 88:81). Abafundisi ngokupheleleyo banamandla okufundisa labo abangewona amalungu eBandla. Amalungu eBandla angaba namandla okuthola labo iNkosi ebalungiselele abafundisi bezenkolo ukuba babafundise.

Kumele sizilungiselele ngokholo lwethu ukuthi iNkosi iyeyalungiselela abantu labo abasizungezile ukuba bafundiswe. Uyabazi ukuthi bangobani nokuthi bangazilungisela nini, futhi Angasihola thina kubo ngamandla kaMoya oyiNgcwele futhi asiphe amazwi okubamema ukuba bafundiswe. Isithembiso iNkosi eyasinika umfundisi wezenkolo ngo1832 kuyisithembiso futhi Esinikeza thina sithole abantu abalungele ukufundiswa ngabafundisi bezenkolo: “Ngizothumela kubona umduduzi ozoba fundisa iqiniso nangendlela ozohamba ngayo; noma-ke ngempela ukholelwa, Ngizomthweza umqhwele futhi nezikhali” (D&C 79:2–3).

Futhi nesithembiso sokujabula sikamfundisi onokholo kuyinto yethu njengamalungu akholiwe anikezela ngenhliziyo kumsebenzi wobufundisi.

“Futhi manje, uma ukujabula kwakho kukhulu ngomphefumulo owodwa olethwe kimina embusweni kaBaba wami, kuyoba kakhulu kangakanani ukujabula kwakho uma ungaletha imiphefumulo eminingi kimina!

“Bheka, unevangeli lami phambi kwakho, kanye netshe lami, kanye nensindiso yami.

“Cela kuBaba ngegama lami, ngokholo ukholelwe ekutheni uzozuza, futhi uzoba noMoya oNgcwele, owambula izinto zonke ezifanelekile kubantwana babantu” (D&C 18:16–18).

Ekungezeleleni kuMoya oyiNgcwele ukusiza thina ukuba sibone futhi simeme labo abalungele ukufundiswa, iNkosi ibizile futhi ifundise abaholi ukuba basibonise indlela. Encwadini yomhlaka Februwari 28, 2002, ubuMongameli Bokuqala babeka igunya elikhulisiwe ngomsebenzi wobufundisi koBhishobhu kanye nakumawodi.1 Ngosizo lwamawodi noma ikhansela legatsha, ikomiti lobupristi elinegunya likhulisa uhlelo lobufundisi kwiyunithi. Kulo loluhlelo imibono yokuthi amalungu angathola kanjani labo asebelungele ukufundiswa ngabafundisi bezenkolo. Kunomuntu obiziweyo njengewodi noma umholi wegatsha lemishini. Lowo mholi wemishini unobudlelwane nalabo abangabafundisi ngokuphelele kanye nalabo abazohlola.

Ziningi izindlela ezingcono ongahlangabezana nomsebenzi wakho ukusiza ukuthola abantu abazofundiswa ngabafundisi bezenkolo. Indlela engconywana iyoba ngengcono kakhulu.

Thandaza ukuba uholwe nguMoya oyiNgcwele. Khuluma nabaholi bendawo kanye nabafundisi, ubuze kubona izeluleko kanye nokubathembisa bona usizo lwakho. Gqugquzela labo abanawe kulomsebenzi. Futhi ube wufakazi ngaso sonke isikhathi kulokho okushoyo nokwenzayo ukuthi uJesu unguKrestu nokuthi uNkulunkulu uphendula imithandazo.

Ngiyafakaza ukuthi uMoya oyiNgcwele uzokuhola kulabo abafuna iqiniso njengoba uthandaza futhi usebenzela ukwelulekwa. Futhi ngiyazi ngokufunda ukuthi ukujabula kwakho nalabo abakhetha ukuthatha ivangeli ezinhlizweni zabo bese-ke ubekezele okholweni.

Amanothi

  1. Bona “Izindaba zebandla: iWodi kanye nomfundisi weGatsha Umsebenzi Ogcizelelwe,” iLiahona, Aug. 2002, 4.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

  • Ukufundisa, Ubizo Olukhulu luyasitshela thina ukuthi sikhuthaze labo esibafundisayo ukulungiselela injongo yokusiza bona ukuba baphile ngemithetho abayifundileyo (bona ikhasi 159). Kanye nomndeni cabanga ukuthola izibusiso zomsebenzi womfundisi njengoba kushiwo nguMongameli uEyring futhi, uma ugqugquzelwe, mema umndeni ukuba ubeke izinjongo ngokwabelana ngevangeli.

  • Cabanga ucabangisise nomndeni wakho izindlela zokwabelana ngevangeli, ukukhumbula ukwelulekwa kukaMongameli uErying ukuthi, “indlela elula yileyo ezoba ngcono.” Ukufunda kabanzi ngokucabangisisa, bona Ukufundisa, Ubizo Olukhulu, ikhasi 160.