Ngo-2011
Amathuba okuthi Senze Okuhle
Meyi 2011


Amathuba okuthi Senze Okuhle

Indlela yeNkosi yokusiza labo abahluphekile ngezinto zesikhashana kudinga abantu ngenxa yothando bazingcwelisa bona futhi lokho abanakho kuNkulunkulu kanye nasemsebenzini Wakhe.

Bafowethu nodadebethu, injongo yomyalezo wami ukuhlonipha nokujabulela okwenziwe yiNkosi futhi wenza ukusiza abampofu kanye nabasweleyo phakathi kwabantwana Bakhe emhlabeni. Uthanda abantwana Bakhe abahluphekile futhi nalabo abafuna ukusizwa. Futhi Yena udale izindlela zokubusisa bonke abadinga usizo kanye nalabo abazolunikeza.

Ubaba Wethu waseZulwini uyayizwa imithandazo yabantwana Bakhe kumhlaba wonke abacela ukudla ukuze badle, izimpahla ukuze bembeze imizimba yabo, kanye nokubanikeza isithunzi esingahle sifike ngokuba bakwazi ukuzondla bona ngokwabo. Lezo zikhalo zafinyelela Kuye ngesikhathi ebeka amadoda kanye nabesifazane emhlabeni.

Ufunda ngalezidingo lapho uhlala khona futhi nasemhlabeni jikelele. Inhliziyo yakho iyagoqozeka ngemizwa yozwelo. Uma uhlangana nomunye umuntu ohluphekayo ukuthola umsebenzi, uba nozwelo likufisa ukumsiza. Uyezwa uma uya endlini yomfelokazi futhi ubone ukuthi akanakho ukudla. Uyazizwa uma ubona izithombe zezingane ezikhalayo zihlezi ezindongeni eziwile zekhaya labo ezimosheke ngenxa yokuzamazama komhlaba noma ngomlilo.

Ngokuba iNkosi iyezwa izikhalo zabo futhi ubathanda ngothando olujulile, kusukela ekuqaleni kwesikhathi wenza indlela yokuthi abafundi Bakhe basize. Uye wamema izingane Zakhe ukuthi banikele ngesikhathi sabo, ngalokho abanakho futhi basebenzisane Naye ukusiza abanye.

Indlela Yakhe yokusiza kwesinye isikhathi ibizwa ngokuthi ukuphila ngokomthetho oNgcwelisiwe. Ngesinye isikhathi indlela Yakhe yayibizwa nge uhlu lobumbano. Ngesikhathi sethu kubizwa ngohlelo lwezenhlalakahle zeNkonzo.

Amagama kanye nemininingwane yokusebenza kungaqulwa ukuze kweneliseke izidingo kanye nezimo zabantu. Kepha njalo Izindlela zeNkosi ukusiza labo abahluphekayo okwesikhashana kudinga abantu labo ngothando bazenzele bona umthetho wobungcwelisa nalokho abanakho kuNkulunkulu nasemsebenzi Wakhe.

Umemile futhi wasiyala thina ukuthi sabelane emsebenzini wakhe ukuphakamisa labo abahluphekileyo. Senze isivumelwane ukwenza lokhu emanzini wokubhabhadisa futhi nasemathempelini angcwele kaNkulunkulu. Siye savuselela isivumelwano ngeSonto ngenkathi samukela isidlo seNkosi.

Injongo yami namuhla ukuchaza ezinye zamathuba lowo asinikeze wona ukusiza abanye abahluphekileyo. Angeke ngikhulume ngabo bonke ngesikhathini esincane esinaso sindawonye. Ithemba lami ukuvuselela nokukhulisa ukuzinikela kwenu ukuba nenze.

Kuneculo mayelana nokumenywa yiNkosi kulomsebenzi engangilicula ngenkathi ngisengumfana osemncane. Ebuncaneni bami ngangibheke kakhulu ebumnandini bengoma kunamandla wamagama. Ngiyathandaza ukuthi nizwe amagama omculo ezinhlizweni zenu namuhla. Make silalele amazwi futhi:

Ngenzile okuhle emhlabeni namuhla na?

Ngike ngasiza umuntu owayedinga usizo na?

Ngike ngajabulisa odabukileyo ngase ngenza omunye ukuba azizwe ejabulile?

Uma kungenjalo, angiphumelelanga ngempela.

Ingabe kukhona umuntu onomthwalo osindayo wenziwa waba lula namuhla

Ngokuba ngangizimisele ukwabelana?

Ingabe ogulayo nalowo okhatheleyo basiziwe endleleni yabo na?

Ngenkathi bedinga usizo lwami bengikhona na?

Ngakho-ke wenze utho ngaphezulu

kunokuphupha ngomuzi omkhulu ophezulu.

Ukwenza okuhle kuyinjabulo, injabulo eyeqile engakaleki,

Isibusiso somsebenzi nothando.1

iNkosi njalo ithumela imibiko esivusayo kithi sonke. Kwesinye isikhathi kuba wumuzwa osheshayo wozwelo kumuntu odinga usizo. Ubaba angahle ayizwe uma ebona ingane iwa futhi ilimele idolo. Umama angahle ayizwe uma ezwa ukukhala kokwesaba kwengane yakhe ebusuku. Indodana noma indodakazi ingahle izwe uzwelo kumuntu obukeka sengathi uphatheke kabi noma owesabayo esikoleni.

Sonke sesikesaba nozwelo lokuzwa ubuhlungu kwabanye futhi esingabaziyo. Njengokuthi, njengoba uzwile imibiko yamagagasi igijima inqamula iPhasifikhi emva kokuzamazama komhlaba eJapani, uzizwa ukhathazekile ngalabo abangahle balimale.

Imizwa yozwelo yeza kwizinkulungwane ezivela kini abafundile ngezikhukhula eQueensland,eAustralia. Imibiko yezindaba yayicishe ifanisele izinombolo zalabo abadinga usizo. Kepha abaningi benu bezwa ubuhlungu ngalabantu. Umbiko osivusayo waphendulwa ngabantu abangu 1,500 noma ngaphezulu kwamalungu eBandla angamavolintela eAustraliya abeza ukuzosiza futhi banethezekise.

Baphendula imizwa yabo yozwelo ngokuthatha isinqumo sokwenza ngezivumelwano zabo. Ngizibonile izibusiso eziza kumuntu odinga ukuthola usizo futhi nakumuntu othatha ithuba ukuba alinikeze.

Abazali abahlakaniphile babona ezidingweni zabanye indlela yokukuletha izibusiso ezimpilweni zamadodana abo kanye namadodakazi. Abantwana abathathu muva nje baphethe izindishi eziphethe ukudla kwasihlwa okumnandi emnyango wethu. Abazali babo bebazi ukuthi sidinga usizo, futhi bafaka abantwana babo ethubeni lokusebenzela thina.

Abazali babusisa umndeni wethu ngomsebenzi wabo omkhulu. Ngokukhetha kwabo bavumele abantwana babo ukuba babelane ekunikezeni, bakhulisa izibusiso kubazukulu babo ngokuzayo. Ukumoyizela kwezingane ngenkathi beshiya ikhaya lethu kwangenza ngaba nethemba lokuthi kuzokwenzeka. Bazobatshela abantwana babo ngenjabulo ababenayo benikezela ngomusa umsebenzi weNkosi. Ngiyakhumbula lowomuzwa okuwaneliseka ngempela ebuncaneni bami njengoba ngetomula utshani kamekhelwane wami ngivunyelwe ngubaba wami. Uma ngimenyiwe ukuba ngibe ngophayo, ngikhumbula futhi ngikholwe amazwi eculo elithi “Umsebenzi omnandi, Nkulunkulu wami, Nkosi yami.”2

Ngiyazi lamagama ayebhalwe ukuchaza injabulo eza ngokudumisa iNkosi ngosuku lweSabatha. Kepha lezozingane ezaziphethe ukudla zime emnyango wethu zezwa injabulo phakathi kweviki yokwenza umsebenzi weNkosi. Futhi abazali babona ithuba lokwenza okuhle futhi thela injabulo phezu kwezizukulwane zabo.

Indlela yeNkosi yokunakekela labo abaswelayo inikeza elinye ithuba kubazali ukuba babusise abantwana babo. Ngibonile esontweni ngelinye iSonto. Ingane esencane yanikeza kubhishubhu umnikelo ovela emndenini wakhe ngenvilophu ngenkathi engena esontweni ngaphambi komhlangano wesidlo senkosi.

Bengimazi umndeni kanye nomfana. Umndeni ubuqeda ukwazi ngomunye umuntu ewodini obehluphekileyo. Ubaba womfana wayekhulume okuthile okufana nalokhu emntwaneni ngenkathi ebeka ngokuzithoba umnikelo wokuzila ongavamile kwi emvilophu “Sizilile namuhla futhi sathandazela labo abahluphekile. Ngicela unikeze lemvilophu kubhishobhu. Ngiyazi uzonikeza usizo kulabo abahluphekile kakhulu kunathi.”

Esikhundleni sobuhlungu bendlala ngalelo Sonto, umfana uzokhumbula usuku ngokukhazimula okufudumele. Ngangikwazi ukusho ngokumoyizela kwakhe nangendlela ephatha ngayo i-emvilophu wayiqinisa ukuthi uzwa ukwethenjwa okukhulu kukababa wakhe ukuba athwale umnikelo womndeni kwabahluphekile. Uzokhumbula lolosuku ngenkathi engudikhoni futhi mhlawumbe ingunaphakade.

Ngabona ukujabula okufanayo ebusweni babantu abasiza iNkosi eIdaho eminyakeni eminigi eyadlula. Idamu iTeton lagqabuka ngoMgqibelo, kaJune, 1976. Abantu abayishumi nanye bafa. Izinkulungwane kwakufanele zishiye amakhaya azo ngemizuzwana embalwa. Amanye amakhaya amuka namanzi. Izindlu ezingamakhulu zenziwa zaba ngezokuhlala kuphela ngemizamo emikhulu okwedlula abanini bazo.

Labo abezwa lenhlekelele baba nozwelo, abanye futhi bezwa ubizo lokwenza okuhle. Omakhelwane, obhishobhu, omongameli Benhlangano Yabesimame Ekhulilekile, abaholi bekhoramu, othisha, kanye nothisha bokuvakasha bashiya amakhaya kanye nemisebenzi beyokuhlanza izindlu emoshwe yizikhukhula zabanye.

Abashadikazi abanye bebuya eRexburg ekuvakasheni emva nje kwezikhukhula. Abazange baye ukuyobheka indlu yabo. Kunalokho, bathola ubhishobhu wabo ukubuza ukuthi bangasiza kuphi. Wabakhombisa umndeni odinga usizo.

Emva kwezinsuku ezimbalwa baya ukuyobheka umzi wabo. Seyihambile, yemukile nezikhukhula. Basuka bahamba babuyela kuBhishobhu babuza, “Manje ungathanda ukuthi senzeni”?

Noma kukuphi lapho uhlala khona, uye wasibona isimanga sozwelo kuguquka kuba ukwenza kokungazicabangeli. Mhlawumbe bekungeke kwenzeke kwinhlekelele enkulu kangaka. Ngiyibonile kwikhoramu yobupristi lapho umzalwane ephakama ukuchaza izidingo zomlisa noma owesifazane ofuna ithuba lomsebenzi ukuze azondle yena kanye nomndeni wakhe. Ngezwa ubuhlungu kulelo gumbi, kepha abanye banikeza amagama wabantu abangahle baqashe umuntu odinga umsebenzi.

Kwenzakani kwikhoramu yobupristi futhi kwenzekalani ezindlini ezahamba nezikhukhula e-Idaho ngenye yemibono ecacisa indlela yeNkosi, yokusiza labo abadinga usizo kakhulu ukuthi bakwazi ukuzimela. Sizwa sinozwelo, futhi siyazi ukuthi kufanele senze ngendlela yeNkosi ukuze sisize abanye.

Sigubha iminyaka engu 75 sikhumbula okuthile mayelane nohlelo lwenhlalakahle yeBandla kulonyaka. Yaqala ngokuba inhlangabezane nezidingo zalabo abalahlekelwa umsebenzi, amapulazi, kanjalo nezindlu ngesikhathi lapho kwabakhona ubuNzima Obukhulu kweZomnotho.

Izidingo zesikhashana ezinkulu zabantwana bakaBaba Wasezulwini zibuyile futhi esikhathini sethu njengoba benakho futhi njengoba befisa ngezikhathi zonke. Imithetho kwisisekelo sohlelo lwezenhlalakahle leBandla ayiyona yesikhathi esisodwa noma indawo eyodwa. Eyezikhathi zonke kanye nezindawo zonke.

Leyo mithetho eyomoya futhi eyaphakade Ngenzwa yilesosizathu, ukubaqonda kanye nokubafaka phansi ezinhlizweni zethu kusisiza ukuthi sikwazi ukubona nokuthatha amathuba ukusiza noma yinini noma yikuphi lapho iNkosi isibizela khona.

Nayi eminye imithetho engiholayo mina uma ngifuna ukusiza ngendlela yeNkosi futhi uma nami ngisizwa ngabanye.

Okukuqala, bonke abantu bajabula kakhulu futhi bazizwa benokuzihlonipha okukhulu uma bekwazi ukuzenzela ngokwabo kanye nemindeni yabo beseke bese belule isandla kwabanye ngokubanakekela. Ngangijabulile ngalabo abangisizile ukuba ngihlangabezane nezidingo zami. Ngangijabulile kakhulu eminyakeni eminingi ngenxa yalabo abangisiza ukuba ngikwazi ukuzimela. Futhi-ke ngiye ngajabulela labo abangibonise ukuthi ngingasebenzisa kanjani okwami okuseleyo ukuze ngosize abanye.

Ngifunde ukuthi indlela yokuba nokusalayo ukuba usebenzise kancane kunalokhu okuholayo. Ngalokho okuseleyo ngikwazile ukufunda ukuthi kuyiqiniso ukuthi isandla esiphayo sibusisiwe ukwedlula esamkelayo. Lokho kungenxa yokuthi uma sinikeza usizo ngendlela yeNkosi, Uyasibusisa.

uMongameli uMarion G. Romney wathi maqondana nomsebenzi wezenhlalakahle “Ngeke ubempofu ngokuphisana kulomsebenzi.” Futhi-ke wacaphuna uMongameli wemishini, uMelvinnb}J. Ballard, kanjena: “Umuntu angeke aphe isikhokho eNkosini ngaphandle kokuthola isinkwa esiphelele emva kwalokho.”3

Ngithole lokho ukuthi kuyiqiniso empilweni yami. Uma nginozwelo kubantwana bakaBaba waseZulwini ngempela, Uzoba nozwelo kimi.

Umthetho wesibili wevangeli okade ungihola emsebenzini wezenhlalakahle ngamandla kanye nesibusiso sobumbano. Uma sihlanganisa izandla sisebenzela abantu abahluphekile, iNkosi ihlanganisa izinhliziyo zethu. uMongameli J. Reuben Clark Jr. uyibeka kanjena: “Lokho kupha … kulethe … umuzwa ofanayo wobuzalwane njengabesilisa bonke abazilolongayo kanye nabasebenzisanayo engadini yezenhlala kahle noma amaprojekthi.”4

Lokhu kukhula kobudlelwane bobuzalwane kuyiqiniso kulowo owamukelayo kanjalo nalowo ophayo. Kuze kube manje, indoda engangibhuca udaka kuhlangothi nohlangothi emzini wakhe wezikhukhula eRexburg wezwa ubudlelwane phakathi kwakhe nami. Futhi wazizwa enesithunzi ngokwenza konke angakwenzela yena kanye nomndeni wakhe. Uma sisebenze sodwa, sobabili ngabe silahlekelwe isibusiso sikamoya.

Lokho kusiholela kumthetho wesithathu wokwenza umsebenzi wezenhlalakahle ungisebenzele: Hlanganisa umndeni emsebenzi wakho ukuze bafunde ukunakekelana njengoba benakekela abanye. Amadodana namadodakazi akho asebenzisana nawe ukuba basebenzele abanye abasweleyokungenzeka basizane uma omunye wabo anezidingo ezithile.

Umthetho wesine obalulekile wezenhlalakahle yeBandla engawufunda ngisengubhishobhu. Yeza emva kokulandela umthetho wencwadi engcwele ethi kufanele sifune labo abahluphekayo. Kungumsebenzi kaBishobhu ukufuna nokunikela usizo kulabo abaludingayo emva kwakho konke bona nomndeni wabo ababengakwenza. Ngithole ukuthi iNkosi ithumela uMoya Oyingcwele ukuthi kwenzeke “ukufuna, futhi nokutholakala”5 ekunakekeleni abampofu njengoba enza yena ekutholeni iqiniso. Kodwa ngafunda futhi ukuthi umongameli Wenhlangano Yabesimame Ekhululekile ekufuneni. Angasithola isambulo ngaphambi kokuba usithole.

Abanye benu bazodinga ugqozi ezinyangeni ezizayo. Ukugubha iminyaka engu 75 sikhumbula okuthile ngohlelo lwezenhlalakahle lweBandla, amalungu umhlaba jikelele azomenywa ukuba abambe iqhaza ngosuku olulodwa enza lomsebenzi. Abaholi kanye namalungu bazo funa isambulo njengoba belungisa ukuthi iprojekthi izoba yini.

Ngizokunika imibono emithathu njengoba nilungiselela umsebenzi weprojekthi.

Okukuqala zilungiselele wena nalabo obaholayo ngokomoya. Uma ngempela izinhliziyo zithanjiswe ngokuhlawulwa koMsindisi ungabona kahle injongo zeprojekthi njengesibusiso somoya, kanye nesenyama yabantwana bakaBaba waseZulwini.

Umbono wami wesibili ukukhetha abazuzi bemisebenzi yenu phakathi kombuso noma emphakathini onezidingo ezizothinta izinhliziyo zalabo abazonikela umsebeni. Abantu enibasebenzelayo bazokuzwa uthando lwabo. Lokho kungenza bazizwe bejabulile, njengoba iculo lithembisa, kunokuhlangabezana kuphela nezidingo zabo zesikhashana.

Umbono wami wokugcina ukulungiselela ukuthatha emandleni wabumbano womndeni, wamakhoramu,wezinhlangano ezinomthelela,kanye nabantu abasemphakathini wangakini. Imizwa yobumbano izokwandisa imiphumela emihle ngemisebenzi oyinikelayo. Futhi leyo mizwa yobumbano emndenini, eBandleni, nasemphakathini izokhula ibe ngumlando ophila isikhathi eside emva kokuba iprojekthi iphelile.

Leli yithuba lami lokukutshela ukuthi ngikuthanda kangakanani wena. Ngomsebenzi wothando owunike iNkosi, ngamkele ukubonga okukhulu kubantu obasizile engihlangane nabo emhlabeni jikelele.

Uthola indlela yokuba phakamisela phezulu njengoba usiza endleleni yeNkosi. Wena nabafundi boMsindisi nithela isinkwa senu phezu kwamanzi ngemisebenzi, nabantu enibasisizile bazamile ukungipha isinkwa sokubonga emva kwalokho.

Ngithola ukubonga okufanayo okuvela kubantu abake basebenza nawe. Ngikhumbula ngolunye usuku ngimile eduzane kukaMongameli uEzra Taft Benson. Besixoxa ngomsebenzi wezenhlalakahle Ebandleni leNkosi. Wangimangaza ngokuba nogqozi lobusha ngenkathi ethi, “Ngiyawuthanda lomsebenzi, futhi ngumsebenzi!”

Ngenxa kamnumzane ngelula ukubonga ngomsebenzi wakho ukusebenzela abantwana bakaBaba wethu waseZulwini. Uyakwazi futhi uyayibona imizamo yakho, ukuhlakanipha, nokuzinikela kwakho. Ngiyathandaza ukuthi uzokunika isibusiso sokubona izithelo zemisebenzi yakho enjabulweni yalabo obasizile futhi wabasiza ngomandla eNkosi.

Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu uBaba bayaphila futhi uyayizwa imithandazo yethu. Ngiyazi ukuthi uJesu unguKrestu. Wena nalabo obasebenzelayo ningahlanzwa futhi nikhuliswe ngokusebenzela Yena futhi nigcine imiyalelo Yakhe. Ungakwazi njengoba ngazi ngamandla kaMoya Oyingcwele ukuthi uJoseph Smith wayengumprofethi kaNkulunkulu owabuyisa iBandla eliphilayo leqiniso, yilo leli. Ngiyafakaza ukuthi uMongameli uThomas S. Monson ungumprofethi ophilayo kaNkulunkulu. Uyisibonelo esikhulu esibonisa ukuthi iNkosi yenzani: ihamba yenza okuhle. Ngithandaza ukuthi singathatha amathuba ethu “okuphakamisa izandla[ezi] lengela phansi, futhi siqinise amadolo axegayo.”6 Egameni elingcwele likaJesu Krestu, amen.