Ngo-2011
Ima Ezindaweni Ezinobungcwele
Novemba 2011


Ima Ezindaweni Ezinobungcwele

Ukukhuluma noBaba wethu waseZulwini—ngemithandazo yethu Kuye futhi nogqozi Lwakhe kithi—kudingekile ukuze thina simelane nobunzima kanye nezivivinyo zomhlaba.

Bafowethu kanye nodade bami abathandekayo, sizwile imiyalezo emihle namuhla, futhi ngibonga omunye nomunye kulabo abayebazibandakanya. Sibonga kakhulukazi uGosa uRobert D. Hales ukuba abe nathi futhi sizizwa singcono. Siyakuthanda, Bob.

Njengoba ngicabangisisa ukuthi yini engifuna ukuyisho kinina namuhla, Ngizizwa nginethezekile ukwabelana ngeminye yemicabango kanye nemizwa leyo enginyicabanga ukuba ibalulekile futhi ifanelekile. Ngithandazela ukuba ngingaholwa ekuphawuleni kwami.

Ngiphilile kulomhlaba iminyaka engu 84. Ukunikeza umbono omncane, Ngizalwe ngonyaka uCharles Lindbergh owandiza ngebhanoyi lokuqala unomphela kusukela eNew York ukuya eParis ngenjini eyodwa vo, ibhanoyi elalinesihlalo esisodwa. Okuningi kushintshile kusukela ngalesosikhathi seminyaka engu 84 eyadlula. Umuntu usenesikhathi esininigi eya futhi aphinde abuya enyangeni. Ngokweqiniso, ukufunda ngemibhalo yezosayensi kube yiqiniso namuhla. Futhi leloqiniso, sibonga ithekinoloji yesikhathi sethu, iyashintsha ngokusheshayo asikwazi nakancane ngisho nokumelana nayo—noma ukumelana nayo ngokuphelele. Kulabo bethu abasakhumbula ukushayela ucingo kanye nemishini yokubhalala, ithekinoloji yamanje iyamangaza kakhulu.

Futhi okushinstha ngezinga elikhulu ukuziphatha komphakathi. Indlela yokuziphatha leyo eyake yacatshwanga ukuthi iyafaneleka noma ukungalungi ngokwenhliziyo akubekezelwelwa kuphela kepha kubukwa ngabaningi njengento evumelekile.

Ngafunda kamuva kwi Jenali yase Wall Street ucwezu lombhalo nguJonathan Sacks, urabi ophethe eBrithani. Ezinye zezinto, uyabhala: “Ngokupheleleyo umphakathi waseNtshonalanga ngeminyaka yo1960 kwakunoshinstho mayelana nokulunga ngokwenhliziyo, ukuyekela usiko lwabantu lokuzihola. Konke okudingayo, ehlabelela AmaBeatles, uthanda. Indlela yokulunga ngokwenhliziyo yamaJudeo-angamaKrestu yalahlwa. Endaweni yayo kweza [isisho]: [Yenza] noma yini ekusebenzelayo. Imithetho Yeshumi yabhalwa njengeMibono Ehlakaniphileyo Eyishumi.”

uRabbi Sacks uyazila:

“Sizebenzise isikhathi sethu sokulunga ngokwenhliziyo esefana nokusebenzisa imali yethu ngokungacabangisisi kahle. …

Kunezindawo ezinkulu zo[mhlaba] lapho inkolelo iyinto eyasemandulo futhi alikho izwi elisho isiko lokuthenga, sebenzisa, mbhatha, bonisa, ngokuba ufanelekile. Umlayezo ukuthi ukulunga kwenhliziyo okwasemandulo, ukuba nemicangano elungile okwalabo abangaqinile, umyalo owodwa ophambili ukuthi ‘Wena akumele utholwe.’”1

Bafowethu kanye nodade bethu, lokhu—ngelishwa—kuchaza okukhulu ngomhlaba wethu. Sigoqa izandla zethu ngokudumala futhi sizibuze ukuthi sizakuphumelela kanjani kuwolomhlaba na? Cha. Ngempela, sinevangeli lika Jesu Krestu ezimpilweni zethu, futhi siyazi ukuthi ukulunga ngokwenhliziyo akukona okwasemandulo, futhi imicabango engaphakathi kwethu ikhona kithina ukuba isihole, futhi nokuthi sizoziphendulela ezonweni zethu.

Noma-ke umhlaba usushintshile, imithetho kaNkulunkulu isemi njalo. Ayishintshile; ayisoze ishintshe. Imithetho Yeshumi injalo nje—iyimithetho. Aku yona imicabango. Iyimfanelo edingekayo namuhla njengoba yinjalo ngenkathi uNkulunkulu anikeza izingane zakwa Israyeli. Uma silalela, sizwa umsindo oyizwi oluvela kuNkulunkulu, elikhuluma nathi lapha nalapho.

“Wena awusoze waba nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

“Wena awusoze wenze noma yiziphi izithixo. …

“Wena awusoze wathatha igama leNkosi uNkulunkulu wakho ngeze. …

“Khumbula ukugcina usuku lwesabatha, lingcwele. …

“Hlonipha uyihlo nonyoko. …

“Ungabulali.

“Ungaphingi.

“Ungebi.

“Ungabeki ubafakazi bamanga. …

“Ungafisi okwabanye.”2

Umbhalo ngokuzigcina kwethu; awuvumelekile ukuthi kuxoxiswane ngayo. Utholakala hhayi kuphela kwiMithetho Yeshumi kepha nakuNtshumayelo yaseNtabeni, enikezwe kithina nguMsindisi ngenkathi Ephila lapha emhlabeni. Itholakala kuzozonke izifundo zakhe. Itholakala emagameni wesambula samanje.

Ubaba Wethu waseZulwini uyafana nayizolo, namuhla, futhi nakunaphakade. uMprofethi uMomoni usitshela ukuthi uNkulunkulu “akashintshi kukho konke okwaphade kuya konke okungunaphakade.”3 Kulomhlaba lapho yonke into icishe ibukeka ishintshile, Ukungashinsthi kwakhe kuyinto leyo esingathembela kuyona, into yogugaxa leyo esingabambezela ngokuqinileyo futhi sivikeleke, uma kwenzeka sithathwa ngamanzi angaziwa.

Kungabukeka kuwena ngesinye isikhathi ukuthi labo abasemhlabeni bezwa ukujabula okwedlula wena. Abanye benu bangazizwa benqabelekile ngombhalo wokuziphatha kwethu loyo thina eBandleni esiwugcinayo. Bafowethu kanye nodade bethu, Ngikhuluma ngokuqinile kinina,ukuthi akunalutho olungaletha injabulo ezimpilweni zenu noma uxolo olukhulu emphefumulweni yethu kuno Moya ongeza kithina njengoba silandela uMsindisi futhi sigcina imiyalelo. LoMoya awusoze wabanathi kulemisebenzi leyo umhlaba ngobuningi uzibandakanya nawo. uMpostoli uPawuli wamemezela iqiniso: “Umuntu ojwayelekileyo akatholi kuphela izinto zoMoya kaNkulunkulu: ngokuba azihlakaniphile kuyena: futhi angeke azazi yena, ngokuba zehlukile ngokomoya.”4 Amgama umuntu ojwayelekile angabhekiswa kunoma ngubani wethu uma sivumela ukuba njalo.

Kumele siqhaphe kulomhlaba ososhintshile kakhulu kulokho okungokomoya. Kubaluleke kakhulu ukuba singavumeli lokho okungavumelani namazinga ethu, sinqabe esimeni sokungavumeli lokho esikufisa kakhulu: impilo engunaphakade embusweni kaNkulunkulu. Izimvula ezinamandla zizakunetha eminyangweni yethu ngezinye izikhathi, ngokuba azigwemeki ziyingxenye yokuphila ngokwenyama. Thina, kepha-ke, sizakuzilungiselela kangcono ukuhlangabezana nazo, sifunde kuzona, futhi sizinqobe uma sinevangeli ezimpilweni zethu kanye nothando loMsindisi ezinhlizweni zethu. uMprofethu uIzaya wamemezela, “Umsebenzi waloyo olungileyo uzakuba ngowoxolo; futhi nomphumela wokulunga noxolo kanye nesiqiniseko sangunaphakade.”5

Njengendlela yokuba e mhlabeni kepha hhayi ukuba ngo womhlaba, kubalulekile ukuba sikhulume noBaba wethu waseZulwini ngomthandazo. Yena ufuna senze njalo; Uzakuphendula imithandazo yethu. uMsindisi wasiyala, njengoba kubhaliwe ku 3 Nifayi 18, ukuba “ubuke futhi uthandaze ukuze ungalingeki; ngokuba uSathane ufisa ukuthola wena. …

“Ngakho-ke kumele uthandaze ngasosonke isikhathi kuBaba egameni lami;

“Futhi noma kungaba yini oyicelayo icele kuBaba egameni lami, lokho okulungileyo, ukholelwe ukuba uzakuthola, bheka kuzakunikezwa kuwena.”6

Ngathola ubufakazi bami bamandla omthandazo ngenkathi ngineminyaka engu 12 ubudala. Ngasebenza kanzima ukuhola imali futhi ngakwazi ukuzibekela amadola amahlanu. Lokhu kwakuyisikhathi Sokudumala Okukhulu, ngenkathi amadola amahlanu ayeyimali eningi—ikakhulukazi kumfana oneminyaka engu 12 ubudala. Nganikezela ngawowonke amakhoyini ami, ayemahlanu, kubaba wami, futhi wasenginikeza iphepha elingamadola amahlanu. Ngiyazi ukuthi ngangifuna ukuthenga into engangiyihlosile ukuyithenga ngalawo amadola amahlanu, kepha-ke yonke leminyaka angisakhumbuli ukuthi kwakuyini. Ngikhumbula nje kuphela ukuthi leyo mali yayibaluleke kangakanani kimina.

Ngalesosikhathi, sasinganawo umshini wokuhlamba, umama wami wayethumela njalo evikini izingubo zethu ezazidengekile ukuba zihlanjwe. Emva kwezinsuku ezimbalwa, umthwalo esasikubiza ngokuthiwa “izingubo ezimanzi” zazithunyelwa kithi, bese uMama azihange elayinini ngaphandle ukuze ziwome.

Ngangifihle iphepha eliyimali engamadola amahlanu ephokwetheni lebhulukwe lami. Njengoba ungahle ucabangele, ibhulukwe lami lathunyelwa ukuyohlanjwa kanye nemali eyayiphakathi ephokwetheni. Ngenkathi ngibona ukuthi kwenzekeni, Ngangikhathazekile kakhulu. Ngangazi ukuthi amaphokethe ayabhekisiswa endaweni yokuhlamba izingubo ngaphambi kokuba zihlanjwe. Uma imali yami ingazange itholakale futhi ithathwe ngalesosikhathi, Ngangazi futhi nginesiqiniseko sokuthi imali izakukhishwa ngesikhathi sokuhlanjwa futhi izakutholwa yisisebenzi engeke sazi ukuthi imali izakubuyiselwa kubani, noma wayezokuba nesifiso sokwenza njalo. Amathuba ami okuthola amadola amahlanu ami wayemancane kakhulu—iqiniso lelo umama wami othandekayo alisho ngenkathi ngimtshela ukuthi ngishiye imali yami ephoketheni lami.

Ngangiyifuna leyo mali; Ngangiyidinga leyo mali, Ngayisebenzela kanzima ukuhola leyo mali. Ngasengibona ukuthi kwakunento eyodwa kuphela engahle ngiyenza. Ekugcineni ngaphendukela kuBaba wami waseZulwini ngacela Yena ukuba agcine imali yami ephoketheni iphephile ngendlela thize kuze kufike isikhathi lapho izingubo ezimanzi zethu zibuye.

Emva kwezinsuku ezinde ezimbili, ngenkathi ngazi ukuthi kuyisikhathi senqola eletha izingubo zethu ezimanzi, ngahlala eduzane nefasitela, ngilindile. Ngenkathi inqola ima, inhliziyo yami yayishaya kakhulu. Masishane ngenkathi izingubo zethu ezimanzi zisendlini, Ngathatha ibhulukwe lami ngagijimela ekamelweni lami. Ngafaka izandla zami ezichachazelayo ephokwetheni. Ngenkathi ngingatholi lutho, Ngacabanga ukuthi konke kulahlekile. Bese iminwe yami yathinta lelo phepha elingamadola amahlanu elalimanzi. Ngenkathi ngiyikhipha phakathi ephokethini, ngagcwala inkululeko. Ngathandaza ngehliziyo ngibonga uBaba wami waseZulwini, ngokuba ngangazi ukuthi Yena uphendulile umthandazo wami.

Kusukela ngalesosikahthi eside esadlula, Ngiyengaba nemithandazo ephendulekile engasoze yabalwa. Alikho ilanga elidlulayo ngingazange ngikhulume noBaba wami waseZulwini ngomthandazo. Ubudlelwane engibukhonzile—lobo engingaphambuka uma ngingahlukana nabo. Uma ungenabo ubudlelwane ubunjalo noBaba wakho wase Zulwini, Ngiyanxusa ukuba usebenzele kuleyo njongo. Njengoba wenza njalo, uzakuzuza ugqozu kanye nokuholwa Nguye empilweni yakho—yezidingo zonke thina uma sifuna ukuphumelela ngokomoya ngalesikhathi siphila lapha emhlabeni. Ugqozu olunjena kanye nokuholwa kuyizipho asinikeza zona mahala uma sizifuna. Ziyigugu!

Njalo ngiba nokuzithoba futhi ngiyabonga ngasosonke isikhathi uma uBaba wami waseZulwini ekhuluma nami ngogqozi Lwakhe. Ngifundile ukulibona, ngilithembe, ngililandele. Esikhathini esiningi ngiyengathola lolugqozi. Esinye sesehlakalo esikhulu senzeka ngoAgasti 1987 ngesikhathi sokubusisa kweThempeli iFrankfurt laseJalmani. uMongameli uEzra Taft Benson uyekade enathi osukwini lokuqala noma amabili okubusisa kepha wabuyela ekhaya, kwase kuba yithuba lami lokuphatha imihlangano esele.

Ngomgqibelo sabanomhlangano wamalungu ethu angamaDutch abakusifunda seThempeli iFrankfurt. Ngangijwalene nomunye wabaholi bethu ophezulu waseNetherlands, uMfowethu uPeter Mourik. Ngaphambi kokuqala umhlangano, Ngaba nomcabango okuthi uMfowethu uMourik kumele abizwe ukuba akhuluma kumalungu angamaDutch ngesikhathi somhlangano futhi, ngokufanele, kumele abe ngozokhuluma ekuqaleni. Azange ngabona ethempeleni ekuseni lobo, ngadlulisa inothi kuGosa uCarlos E. Asay, uMongameli wethu weNdawo, ngibuza ukuba uPeter Mourik wayekhona emhlanganweni. Ngaphambi kokuba ngisukume ngiqale umhlangano, Ngathola inothi evela kuGosa uAsay achaza ukuba uMfowethu uMourik wayekade angekho emhlanganweni, nokuthi wayebambekile kwenye indawo, nokuthi wayehlose ukuba khona emhlanganweni wokubusisa ithempeli ngosuku olulandelayo kanye nabasebenzela isisteki

Ngenkathi ngima endaweni yokukhuluma ngamukela abantu futhi ngichaza uhlelo, ngathola umcabango futhi ukuthi kumele ngimemezele uPeter Mourik njengomkhulumi ozoqala. Lokhu kwaphenduleka kwimicabango yami yonke, ngoba ngangiceda ukuzwa ngoGosa uAsay ukuthi uMfowethu uMourik ngempela wayengekho ethempelini. Ngathembela kugqozi, kepha-ke, ngamemezela ukuhlabelela okuzonikezwa ikhwaya kanye nomthandazo futhi ngachaza ukuthi ozokhuluma ekuqaleni kuzakuba nguMfowethu uPeter Mourik.

Ngenkathi ngibuyela esihlalweni sami, Ngabuka uGosa uAsay; Ngabona emangele ebusweni bakhe. Emveni kwalokho wangisthela ukuthi ngenkathi ngimemezela uMfowethu uMourik njengozokhuluma ekuqaleni, azange akholwe akuzwa ngezindlebe zakhe. Wayesethi uyakwazi ukuthi ngayithola inothi yakhe futhi ukuthi uye wayifunda, futhi wayengaqondi kungani ngamemezela uMfowethu uMourik njengozokhuluma, kepha ngangazi ukuba akekho ethempelini.

Ngalesosikhathi konke lokhu kwenzeka, uPeter Mourik wayesemhlanganweni emahovisini wesifunda ePortstrasse. Njengoba umhlangano wakhe wawuqhubekela phambili, wayesephendukela kuGosa uThomas A. Hawkes Jr., owayemele okuphathelene nesifunda ngalesosikhathi, “Ungashesha kangakanani ukungisa ethempelini?”

iGosa uHawkes, owayeziwa ngokushayela ngesivinini ngenqola yakhe, waphendula, “Kuzothatha amaminthi amahlanu ukuthi ngikuse khona. Kepha yingani udinga ukuya ethempelini?”

uMfowethu uMourik wavuma ukuthi wayengazi ukuba yingani wayedinga ukuya ethempelini kepha wayazi ukuthi kumele aye khona. Bobabili bahamba ngalesosikhathi baya ethempelini.

Ngesikhathi ikhwaya enkulu icula, Ngaqalaza, ngicabanga ukuthi noma kunini ngingabona uPeter Mourik. Angizange Ngesimanga, kepha-ke, angizange ngisabe. Ngaba nethemba elihle, elingangabazeki ukuthi konke kuzolunga.

uMfowethu uMourik wangena ngomyango ophambili wethempeli ngaphambi kokuba umthandazo wokuvula uphela, futhi angazi nokuthi wayebekwe yini lapho. Njengoba wayejahile eholweni, wabona ubuso bami kumonitha futhi wezwa ngimemezela, “Manje sizakuzwa kuMfowethu uPeter Mourik.”

Ngokumangala kweGosa uAsay, uPeter Mourik ngokushesha wangena elumini wase ethatha indawo yakhe kuphodiyamu.

Ngemva komhlangano, uMfowethu uMourik kanye nami saxoxa ngokwenzekile ngemva kokuba athathe ithuba lokukhuluma. Ngadlinza ngogqozi olweza ngalelosuku hhayi kuphele kimi kepha nakuPeter Mourik. Lesosifundo esimangazayo silethe ubufakazi obungaphikiseki kimi ngokubaluleka bokufaneleka ukuthola ugqozi olunjalo futhi ulithembe—futhi ulilandele—uma liza. Ngiyazi ngokungangabazi ukuthi iNkosi yayifuna labo abekade bekhona kulowomhlangano wokubusisa iThempeli laseFrankfurt ukuzwa amandla, obufakazi obuthintayo benceku Yakhe uMfowethu uPeter Mourik.

Bafowethu nodade abathandekayo, ukukhuluma noBaba wethu waseZulwini—kanye nemithandazo yethu Kuye futhi nogqozi Lwakhe—kudingekile ukuze thina simelane nobunzima kanye nezivivinyo zomhlaba. iNkosi iyasimema, “Zilethe eduzane nami futhi Ngizakuziletha eduzane nakuwe; ngifune ngokuzimisela futhi uzangithola.”7 Njengoba senza njalo, sizakuzwa uMoya Wakhe ezimpilweni zethu, osinikeza isifiso kanye nesibindi sokuma ngamandla futhi siqine ngokulunga—“ima … ezindaweni ezingcwele, futhi singanyakazi.”8

Njengoba imimoya ishinstha izungeza thina futhi ukulunga kwenhliziyo komphakathi kuqhubeka kuwela phansi phambi kwamehlo ethu, asikhumbuleni isithembiso esihle seNkosi kulabo abathembele Kuye: “Ungesabi; ngokuba Nginawe: ungaphatheki kabi; ngokuba mina nginguNkulunkulu: Ngizakunikeza amandla; yebo, Ngizakusiza; yebo, Ngizakuphakamisa isandla sakho ngesandla sami sokudla esilungile.”9

Isithembiso esingaka! Akube yisithembiso sethu, Ngithandaza ngokuzimisela egameni elingcwele leNkosi yethu kanye Nomsindisi, uJesu Krestu, amen.