Ngo-2012
Yingani Sidinga AbaProfethi?
Mashi 2012


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uMashi 2012

Yingani Sidinga AbaProfethi?

Ngoba uBaba Wasezulwini uthanda Abantwana Bakhe, Akabashiyile ukuba baphile kulempilo yangenyama ngaphandle kwendlela eqondile kanye nokululekwa. Izifundiso zikaBaba wethu Wasezulwini azijwayelekile, ngokubikezelayo, azisebenzi njengalezo ongazithola kwiphephabekhi esitolo samabhuku. Ziyinhlakanipho sakonke okunamandla, owazi konke okungumbuso omkhulu loyo othanda abantwana Bakhe. Okuqukethwe emagameni Akhe imfihlo yeminyaka—isikhiye senjabulo kulempilo kanye nasemhlabeni ozayo.

uBaba Wasezulwini ubonakalisa lokuhlanipha kubantwana Bakhe emhlabeni ngabasebenzi abangabaprofethi Bakhe (bona uAmosi 3:7). Kusukela esikhathini sikaAdamu, uNkulunkulu wayekhuluma nabantwana Bakhe ngabaprofethi abakhethiweyo abanegunya lokuveza intando Yakhe futhi bayale abanye. Abaprofethi bangabothisha abakhuselwe futhi bangofakazi abakhethekile bakaJesu Krestu (bona D&C 107:23). Abaprofethi abakhulumi kuphela nabantu besikhathi sabo, kepha futhi bakhuluma kubantu kwizikhathi zonke. Amazwi abo ezwakala kwiminyaka eminingi njengetestamente lentando kaNkulunkulu kubantwana Bakhe.

Namuhla akuhlukile kuneminyaka eyadlulayo. iNkosi ayithandi abantu banamuhla ukwedlula labo bezikhathi ezadlulayo. Ezinye zemiyalezo enendumiso yokuBuyiswa kweBandla likaJesu Krestu ukuthi uNkulunkulu uyaqhubeka akhulume nabantwana Bakhe! Akafihlekanga phakathi ezulwini kepha ukhuluma namuhla njengoba Yena enza ezikhathini zasemandulo.

Okuningi okuvezwa yiNkosi kubaprofethi Bakhe kuhloswe ukuba kusivekele osizini sisodwa futhi njengomphakathi. Uma uNkulunkulu akhuluma, Uyenza kanjalo ukuba afundise, akhusele, angcwelise, futhi axwayise abantwana Bakhe. Uma umuntu kanye nomphakathi bengalaleli imiyalelo kaBaba Wasezulwini, bazifaka engozini yokuba necala, ukuhlupheka, kanye nokusebenza kanzima.

uNkulunkulu uthanda abantwana Bakhe bonke. Yingakho esicela thina ngobuqotho ngabaprofethi Bakhe. Njengoba sifuna okuhle kakhulu kulabo esibathandayo bethu, uBaba waseZulwini ufuna okuhle kakhulu ngathi. Yingakho imiyalelo Yakhe ibaluleke kakhulu futhi ngesinye isikhathi isheshile. Yingakho akasilahlile namuhla kepha uyaqhubeka ngokwembula intando Yakhe kithina ngabaprohethi Bakhe. Inhlanhla yethu kanye nehlanhla yezwe iphenduka ekuzweni kwethu kanye nokulalela izwi elimbuliwe likaNkulunkulu kubantwana Bakhe.

Imiyalelo kaNkulunkulu enganayo intengo kubantu itholakala eBhayibhelini, kwiNcwadi kaMomoni, kwiMfundiso kanye Neziivumelwano, futhi Nomklomelo Wenani Eliphezulu Ekungezeni, iNkosi ikhuluma nathi ngabasebenzi Bakhe, njengoba futhi azophinda kwinkomfa jikelele ezayo.

Kubobonke abacabanga ukuthi into enjena ingaba khona—bangahle babuze, “Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nathi namuhla?”—ngenhliziyo yami yonke Ngiyanimema ukuba “nize futhi nibone” (uJohane 1:46). Funda izwi likaNkulunkulu njengoba litholakala ezincwadini ezingcwele. Lalela kwinkomfa jikelele ngendlebe efisa ukuzwa izwi likaNkulunkulu elilethwe ngabaprofethi Bakhe bezinsuku zokugcina. Woza, uzwe, futhi ubone ngenhliziyo yakho! Uma wena ufuna “ngenhliziyo enobuqotho, ngesifiso sangempela, nokholo kuKrestu, [uNkulunkulu] uzakuveza iqiniso layo kuwe, ngamandla Womoya Ongcwele” (uMoroni 10:4). Ngawo lamandla, Ngiyazi ukuthi uJesu Krestu uyaphila futhi ukhombisa iBandla Lakhe ngomprofethi ophilayo, futhi nangaye uMongameli uThomas S. Monson.

Bafowethu kanye nodade, uNkulunkulu ukhuluma nathi namuhla. Futhi ufisa ukuthi bonke abantwana Bakhe bezwe futhi balalele izwi Lakhe. Njengoba senza njalo, iNkosi izakusibusisa futhi isiphakamisele phezulu, kulempilo futhi nasemihlabeni ezayo.