Ngo-2022
Ungesabi—INkosi Inawe
NgoJuni 2022


“Ungesabi, INkosi Inawe,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJulayi 2022.

UMyalezo waNyanga Zonke weFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha), ngoJulayi 2022

Ungesabi—INkosi Inawe

Lomyalezo uvela kwinkulumo yengqungquthela yebandla lonke yango-Okthoba 2018.

Ukwesaba akuyona into entsha. Kusukela ezikhathini zasendulo, ukwesaba kuye kwathiya umbono wabantwana baNkulunkulu. Encwadini 2 AmaKhosi, inkosi yaseSiriya yayithumele amabutho ukuba athumbe futhi abulale umprofethi u-Elisha.

“Isikhonzi [sika-Elisha] sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku [ka-Elisha] kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenzenjani?” (2 AmaKhosi 6:15).

Yayikhulunyiswa ukwesaba.

“[U-Elisha] wathi: ‘Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.

“U-Elisha wakhuleka, wathi: ‘Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone. UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.” (2 AmaKhosi 6:16–17).

Kungenzeka ukuthi sibe nazo noma singabi nazo izinqola zomlilo ezithunyelwa ukuzoqeda ukwesaba kwethu nokunqoba izinqinamba zethu, kodwa isifundo sisobala. INkosi inathi, sisemqondweni Wayo, futhi iyasibusisa ngezindlela Zayo kuphela.

Uma sithembela ngokweqiniso eNkosini nasezindleleni Zayo, uma senza umsebenzi Wayo, ngeke sizesabe izimo zomhlaba noma sikhathazeke ngazo. INkosi isibhekile, Iyasinakekela, futhi Ime nathi.