Wozani, Ngilandeleni 2024
Inhloso Yethu Yinguquko


“Inhloso Yethu Yinguquko,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: INcwadi kaMormoni 2024 (2023)

“Inhloso Yethu Yinguquko,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yezifundo zaseKhaya naseBandleni: 2024

Isithombe
ubaba nabantwana bepha imvu ukudla

Inhloso Yethu Yinguquko

Inhloso yakho konke ukulifunda nokulifundisa ivangeli wukuba ukuguquka kwethu kujule futhi kusisize sifane noJesu Kristu. Ngenxa yalesi sizathu, uma silifunda ivangeli, asifuni nje kuphela ulwazi olusha, kodwa sifuna ukuba “yisidalwa esisha” (2 kwabaseKhorinte 5:17). Lokhu kusho ukuthembela kuBaba oseZulwini noJesu Kristu ukuba basisize siguqule izinhliziyo zethu, imibono yethu, izenzo zethu, ngokunjalo nemvelo yethu uqobo.

Kodwa uhlobo lokulifunda ivangeli oluqinisa ukholo lwethu noluholela kuso isimangaliso sokuguquka alwenzeki masinyane. Luqhubekela phambili nokufunda lufinyelele enhliziyweni yomuntu nasekhaya. Ludinga imizamo evumelanayo, yansuku zonke ngenhloso yokuliqonda nokuliphila ivangeli. Inguquko yeqiniso idinga ithonya likaMoya oNgcwele.

UMoya oNgcwele usiholela eqinisweni futhi ufakaze ngaleloqiniso (bheka NgokukaJohane 16:13). Ukhanyisela izingqondo zethu, asheshise ukuqonda kwethu, futhi athinte izinhliziyo zethu ngokwambulelwa okuvela kuNkulunkulu, ongumthombo walo lonke iqiniso. UMoya oNgcwele uhlanza izinhliziyo zethu. Ufaka ugqozi kithi ukuba sibe nesifiso sokuphila ngeqiniso, futhi uyasihlebela izindlela zokukwenza lokhu. Ngempela, “uMoya oNgcwele … uyaku [si]fundisa konke” (NgokukaJohane 14:26).

Ngenxa yalezi zizathu, emizamweni yethu yokuliphila, ukulifunda, nokulifundisa ivangeli, okokuqala ngaphambi kwakho konke kufanele sifune ukuhambisana noMoya. Lenhloso kufanele ilawule ukukhetha kwethu futhi iqondise imicabango nezenzo zethu. Kufanele sifune konke lokho okumema ithonya likaMoya futhi sikwenqabe konke okulixoshayo lelothonya––ngoba siyazi ukuthi uma singafaneleka ukuba khona phambi kukaMoya oNgcwele, singafaneleka futhi ukuphila lapho kukhona khona uBaba oseZulwini neNdodana Yakhe, uJesu Kristu.