ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 24


Isahluko 24

U-Israyeli uzoqoqwa futhi uzothokozela ukuphumula ngeminyaka eyinkulungwane—ULusifa walahlwa ngaphandle kwasezulwini ngenxa yokuhlubuka—U-Israyeli uzoyinqoba iBabiloni (umhlaba)—Qhathanisa no-Isaya 14. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba iNkosi izoba nesihawu kuJakobe, futhi isazomkhetha u-Israyeli, futhi ibabeke ezweni labo uqobo; abafokazi bayohlanganiswa nabo, futhi bayonamathela endlini kaJakobe.

2 Futhi abantu bayobathatha bababuyisele endaweni yabo; yebo, kusuka kude le emikhawulweni yomhlaba; futhi bayobuyela emazweni abo esethembiso. Futhi bayoba ngabendlu ka-Israyeli, futhi izwe leNkosi liyoba ngelezinceku kanye nezincekukazi; futhi bayobathatha babathumbe labo ababe kade bebathumbile; futhi bayobusa phezu kwabacindezeli babo.

3 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku ukuthi iNkosi iyokunika ukuphumula, ezinsizini zakho, nasekwesabeni kwakho, nasebugqilini obunzima owenziwa ukuthi usebenze kubo.

4 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku, ukuthi uyosho lesisaga ngenkosi yaseBabiloni, uthi: Uphela kanjani umcindezeli, umuzi wegolide uphela kanjani!

5 INkosi iluphulile udondolo lwababi, ubhoko lwababusi.

6 Lowo oshaya abantu entukuthelweni ngokushaya okunganqamukiyo, lowo obusa izizwe ngolaka, uhlushiwe, futhi akekho namunye okunqandayo.

7 Wonke umhlaba usekuphumuleni, futhi uthule; baqhumuka ngokuhlabelela.

8 Yebo, imisayipuresi iyathokoza ngawe, futhi ngokunjalo nemisedari yaseLebanoni, ithi: Selokhu walaliswa phansi akukho mgawuli okhuphukela kithi.

9 Isihogo ngaphansi sinyakaziselwe wena ukukuhlangabeza ekubuyeni kwakho; sikuphehlela abafileyo, ngisho nabo bonke abakhulu bomhlaba; siphakamisele phezulu ezihlalweni zabo zobukhosi wonke amakhosi ezizwe.

10 Bonke bayokhuluma futhi bathi kuwe: Ngabe nawe futhi usubuthakathaka njengathi na? Ngabe nawe usufana nathi na?

11 Ubukhosi bakho buhliselwe phansi ethuneni; umsindo wamavayolina akho awuzwakali; izimpethu zenekiwe phansi kwakho, futhi izimpethu ziyakumboza.

12 Ngabe uwe kanjani ezulwini, O Lusifa, ndodana yokusa! Ngabe unqunyelwe phansi yini, wena owenza buthakathaka izizwe!

13 Ngokuba uthe enhliziyweni yakho: Ngizonyukela ezulwini, ngizophakamisela isihlalo sami sobukhosi ngaphezulu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; phezu kwalokho ngizohlala entabeni yomhlangano, ngasekugcineni kwasenyakatho;

14 Ngizokwenyukela ngaphezulu kwamafu; ngizokuba njengoPhakeme kaKhulu.

15 Kodwa uyokwehliselwa phansi esihogweni, ekugcineni komgodi.

16 Labo abakubonayo bayokubhekisisa, futhi bayokuthi: Ngabe nguye yini lomuntu owenza ukuthi umhlaba udikize, lowo owazamazamisa imibuso na?

17 Futhi owenza umhlaba waba njengehlane, wabhubhisa amadolobha awo, futhi wangayivula indlu yeziboshwa zakhe na?

18 Wonke amakhosi ezizwe, yebo, wonke, alele ngodumo, yileyo naleyo yawo endlini yayo.

19 Kepha wena ulahlwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekile, futhi insalela yalabo ababulewe, bagwazwa ngenkemba, labo abehlela ezansi ematsheni omgodi; njengesidumbu sinyathelwa ngaphansi kwezinyawo.

20 Awuyikuhlanganiswa nabo ekungcwatshweni, ngenxa yokuthi ulibhubhisile izwe lakho futhi wabulala abantu bakho; inzalo yabenzi bobubi ayiyikuba nasithunzi nanini.

21 Lungiselela ukubulala abantwana bakhe ngenxa yobubi boyise, ukuze bangavuki, noma bazuze izwe, noma bagcwalise ubuso bomhlaba ngamadolobha.

22 Ngokuba ngiyobavukela, kusho iNkosi yamaBandla, futhi ngibulale eBabiloni igama, kanye nensalela, nendodana, kanye nomshana, kusho iNkosi.

23 Phezu kwalokho ngiyoyenza ibe yifa likanondwebu, kanye namachibi amanzi; futhi ngiyoyishanela ngomshanelo wembubhiso, kusho iNkosi yamaBandla.

24 INkosi yamaBandla ifungile, ithi: Ngempela njengoba ngikucabangile, kuyokwenzeka kanjalo; futhi njengokunquma kwami, kuyokuma kanjalo—

25 Ukuthi ngiyoletha um-Asiriya ezweni lami, futhi ezintabeni zami ngimnyathele ngaphansi kwezinyawo; ngaleso sikhathi ijoka lakhe liyosuka kubo, futhi nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.

26 Lena yinhloso ehloswe phezu komhlaba wonke; futhi lesi yisandla eselulelwe phezu kwezizwe zonke.

27 Ngokuba iNkosi yamaBandla ikuhlosile, futhi ngubani oyokuchitha na? Futhi isandla sayo seluliwe, futhi ngubani oyosibuyisela emuva na?

28 Ngonyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi sibikezelo.

29 Ungathokozi wena, Filistiya yonke, ngenxa yokuthi induku yalowo okushayile yephukile; ngokuba empandeni yenyoka kuyophuma umantshingeyana, futhi isithelo sakhe siyokuba yinyoka endizayo enomlilo.

30 Futhi izibulo lompofu liyokondliwa, futhi abasweleyo bayolala phansi bavikeleke; futhi ngiyoyibulala impande yakho ngendlala, futhi uyobulala insalela yakho.

31 Hewula, O sango; khala O dolobha; wena, Filistiya yonke, uncibilikile; ngokuba kuyovela enyakatho intuthu, futhi akekho namunye oyoba yedwa ngezikhathi zakhe ezibekiwe.

32 Uma kunjalo ziyonika yiphi impendulo izithunywa zesizwe na? Ukuthi iNkosi iyitholile iSiyoni, futhi abampofu babantu bayo bayophephela kuyo.