Amasu Okufunda
Develi


Develi

WuSathane. Udeveli uyisitha sokulunga futhi nesalabo abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu. Uyindodana yomoya kaNkulunkulu ngempela futhi ngesinye isikhathi wake waba yingelosi eyayisegunyeni lapho kukhona khona uNkulunkulu (Isaya 14:12; 2 Nefi 2:17). Kodwa, wahlubuka empilweni eyandulela eyasemhlabeni futhi wakholisa inxenye yesithathu yabantwana bomoya baBaba ukuba bahlubuke naye (Mf&V 29:36; Mose 4:1–4; Abr. 3:27–28). Baphonswa ngaphandle kwasezulwini, balelwa ithuba lokuba bathole imizimba efayo futhi nokuba bezwe impilo yasemhlabeni, futhi bazolahlwa ingunaphakade. Selokhu udeveli aphonswa ngaphandle kwasezulwini, yilokhu afuna njalo ukukhohlisa abesilisa nabesifazane futhi nokubaholela kude nomsebenzi kaNkulunkulu ukuze enze bonke abantu ukuba babe sosizini njengaye (IsAmb. 12:9; 2 Nefi 2:27; 9:8–9).

Ibandla likadeveli

Yizo zonke izinhlangano ezimbi futhi zomhlaba ezisemhlabeni eziphendukezela ivangeli elimsulwa neliphelele du futhi nezilwa neMvana kaNkulunkulu.