ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 29


Isahluko 29

Abaningi beZizwe bayoyenqaba iNcwadi kaMormoni—Bayothi, Asilifuni elinye iBhayibheli—INkosi ikhuluma ezizweni eziningi—Iyokwahlulela umhlaba ngezincwadi eziyobe zibhaliwe. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Kepha bheka, kuyoba khona abaningi—ngalolo suku lapho sengiqhubeka nokwenza umsebenzi omangalisayo phakathi kwabo, ukuze ngikhumbule izivumelwano zami engizenzile kubantwana babantu, ukuze ngelule isandla sami futhi okwesibili ukubuyisela abantu bami, okungabendlu ka-Israyeli;

2 Futhi phezu kwalokho, ukuze ngikhumbule izethembiso engazenza kuwe, Nefi, futhi ngokunjalo nakuyihlo, ukuthi ngiyoyikhumbula inzalo yenu; futhi nokuthi amazwi enzalo yenu ayovela ephuma emlonyeni wami eya kuyo inzalo yenu; futhi amazwi ami ayohamba ngamandla aye nasemikhawulweni yomhlaba, abe yisibonakaliso kubantu bami, okungabendlu ka-Israyeli;

3 Futhi ngenxa yokuthi amazwi ami ayohamba ngamandla—abaningi beZizwe bayothi: IBhayibheli! IBhayibheli! Sinalo iBhayibheli, futhi angeke kube khona elinye iBhayibheli.

4 Kepha isho kanje iNkosi uNkulunkulu: O ziwula, bayoba nalo iBhayibheli; futhi liyovela kuwo amaJuda, abantu bami bakudala besivumelwano. Futhi ngabe bawabonga ngani amaJuda ngalelo Bhayibheli abalithola kuwo na? Yebo, ngabe abeZizwe baqondeni na? Ngabe bayazikhumbula yini izinhlupheko, nemisebenzi, nemizamo emikhulu yamaJuda, kanye nenkuthalo yawo kimi, ekuletheni insindiso kwabeZizwe na?

5 O nina beZizwe, nike nawakhumbula amaJuda, abantu bami bakudala besivumelwano na? Cha; kepha niwaqalekisile, futhi nawazonda, futhi anizange nifune ukuwabuyisa. Kepha bhekani, ngiyozibuyisa zonke lezi zinto phezu kwamakhanda enu uqobo; ngokuba mina Nkosi angibakhohliwe abantu bami.

6 Wena siwula, oyokuthi: IBhayibheli, thina sinalo iBhayibheli, asilidingi elinye iBhayibheli. Ngabe nalithola yini iBhayibheli ngaphandle kokuthi kwaba ngenxa yamaJuda na?

7 Anazi yini ukuthi kunezizwe eziningi kunesisodwa na? Anazi yini ukuthi Mina, Nkosi Nkulunkulu wenu, ngibadalile bonke abantu, futhi nokuthi ngiyabakhumbula labo abaseziqhingini zolwandle; futhi nokuthi ngibusa emazulwini phezulu nasemhlabeni phansi; futhi ngiletha izwi lami kubantwana babantu, yebo, ngisho naphezu kwazo zonke izizwe zomhlaba na?

8 Ngalokho-ke nivungamelani, ngenxa yokuthi niyothola okuningi ngezwi lami na? Anazi yini ukuthi ubufakazi bezizwe ezimbili bungubufakazi kini bokuthi mina nginguNkulunkulu, nokuthi ngikhumbula isizwe esisodwa njengesinye na? Ngalokho-ke, ngikhuluma amazwi afanayo kwesinye isizwe njengakwesinye. Futhi uma izizwe ezimbili ziyoba khona ndawonye nobufakazi bezizwe ezimbili buyoba khona ndawonye futhi.

9 Futhi ngikwenza lokhu ukuze ngikhombise kwabaningi ukuthi ngiyafana izolo, namuhla, naphakade; futhi nokuthi ngikhuluma amazwi ami njengokuthanda kwami. Futhi ngenxa yokuthi ngikhulume izwi elilodwa akufanele nicabange ukuthi ngeke ngisalikhuluma elinye; ngokuba umsebenzi wami awukakapheli; noma ngeke uphele kuze kube sekupheleni komuntu, noma kusukela kuleso sikhathi kuyaphambili ingunaphakade.

10 Ngalokho-ke, ngenxa yokuthi ninalo iBhayibheli akufanele nicabange ukuthi liqukethe wonke amazwi ami; noma nicabange ukuthi angizange ngenze okunye okuningi ukuthi kubhalwe.

11 Ngokuba ngiyala bonke abantu, empumalanga nasentshonalanga, enyakatho, naseningizimu, kanye naseziqhingini zolwandle, ukuthi bawabhale amazwi engiwakhuluma kubo; ngokuba ezincwadini eziyobhalwa ngiyowehlulela umhlaba, wonke umuntu ngokwemisebenzi yakhe, ngokwalokho okubhaliwe.

12 Ngokuba bheka, ngiyokhuluma kumaJuda futhi ayokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kumaNefi futhi nawo ayokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kwezinye izizwana zendlu ka-Israyeli, engiziholele kude; futhi nazo ziyokubhala lokho; futhi ngokunjalo ngiyokhuluma kuzo zonke izizwe zomhlaba futhi nazo ziyokubhala lokho.

13 Futhi kuyokwenzeka ukuthi amaJuda ayokuba namazwi amaNefi, futhi namaNefi ayokuba namazwi amaJuda; futhi amaNefi kanye namaJuda ayokuba namazwi ezizwana ezilahlekile zika-Israyeli; futhi izizwana ezilahlekile zika-Israyeli ziyokuba namazwi amaNefi kanye nawamaJuda.

14 Futhi kuyokwenzeka ukuthi abantu bami, okungabendlu ka-Israyeli, bayoqoqelwa ekhaya emazweni okungawabo; futhi nezwi lami ngokunjalo liyohlanganiswa libe linye. Futhi ngiyobakhombisa labo abalwa nezwi lami kanye nabantu bami, okungabendlu ka-Israyeli, ukuthi nginguNkulunkulu, futhi nokuthi ngavumelana no-Abrahama ukuthi ngiyoyikhumbula inzalo yakhe ingunaphakade.