ImiBhalo eNgcwele
Etere 13


Isahluko 13

U-Etere ukhuluma ngeJerusalema eNtsha eyokwakhiwa eMelika yinzalo kaJosefa—Uyaphrofetha, uyaxoshwa, ubhala umlando wamaJarede, futhi ubikezela ngokubhujiswa kwamaJarede—Impi igcwala ezweni lonke.

1 Manje mina, Moroni, sengiyaqhubeka nokuqedela umbhalo wami mayelana nokubhujiswa kwalabo bantu ebengibhala ngabo.

2 Ngokuba bheka, bawenqaba wonke amazwi ka-Etere; ngokuba ngempela wabatshela ngazo zonke izinto, kusukela ekuqaleni komuntu; futhi nokuthi emva kokuthi amanzi esephele nya ebusweni balelizwe laba yizwe elikhethekileyo ngaphezu kwawo wonke amanye amazwe, izwe elikhethiweyo leNkosi; ngalokho-ke iNkosi ifuna ukuthi bonke abantu bayisebenzele abahlala ebusweni balo;

3 Futhi nokuthi kwakuyindawo ye Jerusalema eNtsha, eyokwehlela phansi ivela ezulwini, kanye nendawo engcwele yeNkosi.

4 Bheka, u-Etere wazibona izinsuku zikaKristu, futhi wakhuluma mayelana ne Jerusalema eNtsha kulelizwe.

5 Futhi waphinde wakhuluma mayelana nendlu ka-Israyeli, kanye ne Jerusalema lapho uLehi eyophuma khona—emva kokuthi isibhujisiwe iyophinde yakhiwe futhi, idolobha elingcwele eNkosini; ngalokho-ke, ayiyukuba yiJerusalema entsha ngokuba yayisesikhathini sakudala; kepha iyophinde yakhiwe futhi, futhi ibe yidolobha elingcwele leNkosi; futhi iyokwakhiwa endlini ka-Israyeli—

6 Futhi nokuthi iJerusalema eNtsha kufanele yakhiwe kulelizwe, yakhelwe insali yenzalo ka Josefa, obekunesibonelo ngokuphathelene nalezi zinto.

7 Ngokuba njengoba uJosefa aletha uyise ezweni lase Gibithe, ngisho kanjalo wafela khona; ngalokho-ke, iNkosi yayikhipha insali yenzalo kaJosefa ezweni laseJerusalema, ukuze ibe nomusa kuyo inzalo kaJosefa ukuze ingabhubhi, ngisho nanjengoba yaba nomusa kuyise kaJosefa ukuthi angabhubhi.

8 Ngalokho-ke, insali yendlu kaJosefa iyomiswa kulelizwe; futhi liyokuba yizwe lefa layo; futhi iyokwakhela iNkosi idolobha elingcwele, njengeJerusalema yakudala; futhi ayiseyikuxutshwa nabanye nanini, kuze kube ngumhla wokuphela lapho sekudlula umhlaba.

9 Futhi kuyoba khona izulu elisha kanye nomhlaba omusha; futhi kuyoba njengakudala ngaphandle nje kokuthi okudala sekudlule, futhi zonke izinto sezizintsha.

10 Futhi emva kwalokho kuza iJerusalema eNtsha; futhi babusisiwe abahlala kuyo, ngokuba yibo labo izingubo zabo ezimhlophe ngenxa yegazi leMvana; futhi yibo labo ababalwa nensali yenzalo kaJosefa, okwakungeyendlu ka-Israyeli.

11 Futhi emva kwalokho kuza iJerusalema yakudala; kanye nabahlala kuyo, babusisiwe, ngokuba bahlanzwe egazini leMvana; futhi yibo labo ababe hlakaziwe futhi baqoqwa babuyiswa emagumbini amane omhlaba, kanye nasemazweni asenyakatho, futhi bahlanganyela ekugcwalisekeni kwesivumelwano uNkulunkulu asenza noyise, u-Abrahama.

12 Futhi ngesikhathi lezi zinto sezenzeka, zigcwalisa umbhalo ongcwele othi, yibo labo ababengaboku qala, abayokuba ngabokugcina; futhi yibo labo okwakungabokugcina, abayokuba ngabokuqala.

13 Futhi ngase ngizobhala okuningi, kepha ngenqatshelwa; kepha zazizinkulu futhi zimangalisa iziphrofetho zika-Etere; kepha bamthatha njengento engelutho, futhi bamxosha; futhi wazifihla emgodini wedwala emini, kwathi ebusuku waphuma wabuka lezo zinto ezazizokwenzeka kubantu.

14 Futhi ngesikhathi ehleli emgodini wedwala waqedela insalela yalombhalo, ebuka ukubhujiswa okwehlela abantu, ebusuku.

15 Futhi kwenzeka ukuthi ngawo lowo nyaka axoshwa ngawo phakathi kwabantu kwaqala kwaba khona impi enkulu phakathi kwabantu, ngokuba babebaningi abeza phambili, okwakungabantu abanamandla, futhi bafuna ukubulala uKoriyantuma ngamacebo abo obubi ayimfihlo, osekukhulunywe ngawo.

16 Manje uKoriyantuma, esezifundisile, ngabo bonke ubuciko bempi kanye nangabo bonke ubuqili bomhlaba, ngalokho-ke walwa nabo labo ababefuna ukumbulala.

17 Kepha akazange aphenduke, ngokunjalo namadodana akhe namadodakazi akhe amahle; ngokunjalo namadodana namadodakazi amahle kaKohori; ngokunjalo namadodana namadodakazi amahle kaKorihori; futhi ukuphetha, akuzange kube khona namunye wamadodana namadodakazi amahle kubo bonke ubuso balelizwe owaphenduka ezonweni zakhe.

18 Ngalokho-ke, kwenzeka ukuthi ngonyaka wokuqala u-Etere ehlala emgodini wedwala, kwabakhona abaningi abantu ababulawa ngenkemba yalawo maqembu ayimfihlo, ayelwa noKoriyantuma ukuze athole umbuso.

19 Futhi kwenzeka ukuthi amadodana kaKoriyantuma alwa kakhulu futhi opha kakhulu.

20 Futhi ngonyaka wesibili izwi leNkosi leza ku-Etere, lithi makahambe ayophrofetha ku Koriyantuma ukuthi, uma engaphenduka, kanye nabo bonke abomuzi wakhe, iNkosi yayizomnika umbuso wakhe futhi ibasindise abantu—

21 Ngaphandle kwalokho bayobhujiswa, kanye nabo bonke abomuzi wakhe ngaphandle kwakhe. Futhi nguye kuphela owayezophila ukuze abone ukugcwaliseka kwalezo ziphrofetho ezakhulunywa mayelana nabanye abantu ababezothola izwe ukuze libe yifa labo; futhi uKoriyantuma wayezongcwatshwa yibo; futhi wonke umuntu uyobhujiswa ngaphandle kuka Koriyantuma.

22 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma akaphendukanga, ngokunjalo nabomuzi wakhe, ngokunjalo nabantu; futhi izimpi aziphelanga; futhi bafuna ukumbulala u-Etere, kepha wababalekela waphinda wayocasha emgodini wedwala.

23 Futhi kwenzeka ukuthi kwavela uSharedi, futhi naye ngokunjalo walwa noKoriyantuma; futhi wamehlula, kangangokuthi ngonyaka wesithathu wamletha ekuthunjweni.

24 Futhi amadodana kaKoriyantuma, ngonyaka wesine, amehlula uSharedi, futhi aphinda awubuyisela futhi umbuso kuyise.

25 Manje kwaqala kwaba khona impi ebusweni bonke balelizwe, wonke umuntu neqembu lakhe elwela lokho ayekufuna.

26 Futhi kwakukhona abaphangi, futhi ukuphetha, zonke izinhlobo zobubi kubo bonke ubuso balelizwe.

27 Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wamthukuthelela kakhulu uSharedi, futhi wahamba namabutho akhe wayolwa naye; futhi bahlangana ngolaka olukhulu, futhi bahlanganela esigodini sikaGiligali; futhi impi yaba nzima kakhulu.

28 Futhi kwenzeka ukuthi uSharedi walwa naye isikhathi esingange zinsuku ezintathu. Futhi kwenzeka ukuthi uKoriyantuma wamehlula, futhi wamxosha kwaze kwaba ufika emathafeni aseHeshiloni.

29 Futhi kwenzeka ukuthi uSharedi waphinda walwa naye futhi kulawo mathafa; futhi bheka, wamehlula uKoriyantuma, wamphoqa ukuba abaleke abuyele emuva futhi esigodini sakwaGiligali.

30 Futhi uKoriyantuma waphinda walwa noSharedi esigodini sakwaGiligali, lapho amehlula khona uSharedi futhi wambulala.

31 Futhi uSharedi wamlimaza uKoriyantuma ethangeni lakhe, kangangokuthi akazange aphindele ukuyolwa isikhathi esingangeminyaka emibili, ngaleso sikhathi bonke abantu ebusweni bezwe babechitha igazi, futhi kwakungekho namunye owayengabavimba.