Amasu Okufunda
IJerusalema eNtsha


IJerusalema eNtsha

Yindawo lapho abaNgcwele bezoqoqelana khona futhi nalapho uKristu ezobusa khona yena uqobo kanye nabo ngesikhathi semiNyaka eyiNkulungwane. ISiyoni (iJerusalema eNtsha) izokwakhiwa ezwenikazi laseMelika, futhi umhlaba uzokwenziwa musha futhi uthole inkazimulo yawo yeparadesi (Bha. Kho. 1:10). Kubhekiswe futhi emzini ongcwele ozoza phansi uphuma ezulwini ekuqaleni kwemiNyaka eyiNkulungwane.