ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 3


Isahluko 3

INkosi uBenjamini iyaqhubeka nenkulumo yayo—INkosi uMninimandla Onke izosebenza phakathi kwabantu isedokodweni lobumba—Igazi lizophuma kuzo zonke iziqu zoboya ngesikhathi Yona ihlawulela izono zomhlaba—Elayo yilona kuphela igama okuza ngalo insindiso—Abantu bangamkhumula umuntu wemvelo futhi babe ngabaNgcwele ngeNhlawulo—Ukuhlupheka kwababi kuzoba njengechibi lomlilo kanye nesibabuli. Cishe ngonyaka we 124 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi phezu kwalokho bafowethu, ngicela nilalele, ngokuba nginokuthile okuningi engizokukhuluma kini; ngokuba bhekani, nginezinto engizonitshela zona mayelana nalokho okuzofika.

2 Futhi lezo zinto engizonitshela zona zambulwe kimi ngengelosi evela kuNkulunkulu. Futhi yathi kimi: Vuka; futhi ngavuka, futhi bheka yayimi phambi kwami.

3 Futhi yathi kimi: Vuka, futhi uzwe amazwi engizokutshela wona; ngokuba bheka; ngize ukuzomemezela kuwe izindaba ezimnandi zokuthokoza okukhulu.

4 Ngokuba iNkosi iyizwile imithandazo yakho, futhi yakwehlulela ngokulunga kwakho, futhi yangithuma ukuthi ngizomemezela kuwe ukuze uthokoze; nokuthi umemezele kubantu bakho, ukuze nabo ngokunjalo bagcwaliswe ngenjabulo.

5 Ngokuba bheka, isikhathi siyeza, futhi asikho kude kakhulu, ukuthi ngamandla, iNkosi uMninimandla Onke ebusayo, eyayinguye, futhi enguye evela kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade, iyokwehla ivela ezulwini yehlele phakathi kwabantwana babantu, futhi iyohlala edokodweni lobumba, futhi iyohamba phakathi kwabantu, yenza izimangaliso ezinamandla, njengokuphilisa abagulayo, ukuvusa abafileyo, yenze izishosha zihambe, izimpumputhe zithole ukubona kwazo, kanye nezithuli ukuthi zizwe, futhi yelaphe zonke izinhlobo zezifo.

6 Futhi iyokhipha odeveli, noma imimoya emibi ehlala ezinhliziyweni zabantwana babantu.

7 Futhi bheka, iyohlushwa yizilingo, kanye nobuhlungu bomzimba, indlala, ukoma, kanye nokukhathala, ngisho nangaphezulu kwalokho umuntu angakuzwa, ngaphandle kokuthi kuze kube uyafa; ngokuba bheka, luyoba lukhulu kakhulu usizi kuyo ngenxa yobubi kanye nezinengiso zabantu bayo, kangangoba igazi liyophuma kuzo zonke iziqu zoboya.

8 Futhi iyobizwa ngokuthi nguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, uBaba wezulu nomhlaba, uMdali wazo zonke izinto kusukela ekuqaleni; futhi unina uyobizwa ngokuthi nguMariya.

9 Futhi bheka, uza kwabakhe, ukuze insindiso ize kubantwana babantu ngisho nangokukholwa egameni lakhe; futhi ngisho nasemva kwakho konke lokhu bayomthatha njengomuntu, futhi bayothi unodeveli, futhi bayombhaxabula, futhi bambethele.

10 Futhi uyovuka ngosuku lwesithathu kwabafileyo; futhi bheka, umi ukwahlulela umhlaba, futhi bheka, zonke lezi zinto zenziwa ukuze ukwahlulela okulungileyo kuze kubantwana babantu.

11 Ngokuba bheka, futhi phezu kwalokho igazi lakhe lihlawulela izono zalabo abawa ngesiphambeko sika-Adamu, labo abafa bengayazi intando kaNkulunkulu mayelana nabo, noma abona ngokungazi.

12 Kodwa maye, maye kulowo owaziyo ukuthi uyahlubuka kuNkulunkulu! Ngokuba insindiso ayizi konjalo ngaphandle kokuthi kube ngokuphenduka kanye nokholo eNkosini uJesu Kristu.

13 Futhi iNkosi uNkulunkulu ithumele abaphrofethi bayo abangcwele phakathi kwabo bonke abantwana babantu, ukumemezela lezi zinto kuyo yonke imindeni, izizwe, kanye nezilimi, ukuze ngalokho noma ngubani oyokholwa ukuthi uKristu uyokuza, yibo futhi labo abangathola ukuthethelwa kwezono zabo, futhi bathokoze ngokuthokoza okukhulu, kube sengathi usefikile vele phakathi kwabo.

14 Nokho iNkosi uNkulunkulu yabona ukuthi abantu bayo babengontamo lukhuni, futhi yabamisela umthetho, ngisho umthetho kaMose.

15 Futhi ziningi izimpawu, nezimangaliso, nezifanekiso, kanye nokufana akuveza kubo, mayelana nokuza kwakhe; futhi phezu kwalokho nabaphrofethi abangcwele bakhuluma kubo mayelana nokuza kwakhe; kodwa nokho bazenza lukhuni izinhliziyo zabo, futhi bangaqonda ukuthi umthetho kaMose wawungasizi ngalutho ngaphandle kokuthi kwakungenxa yenhlawulo yegazi lakhe.

16 Futhi ngisho noma ngabe kwakunokwenzeka ukuthi abantwana abancane babengona babengenakusindiswa; kodwa ngithi kini babusisiwe; ngokuba bheka, njengoba ngo-Adamu, noma ngokwemvelo, bewa, ngisho ngokunjalo igazi likaKristu lihlawulela izono zazo.

17 Futhi phezu kwalokho, ngithi kini, aliyikuba bikho elinye igama eliyonikwa nanoma iyiphi enye indlela noma isu okungafika ngalo insindiso kubantwana babantu, kuphela kulo kanye nangalo igama likaKristu, iNkosi, uMninimandla Onke.

18 Ngokuba bheka iyahlulela, futhi ukwahlulela kwayo kulungile; futhi umntwana omncane akabhubhi ofa ebuntwaneni bakhe; kodwa abantu baziphuzela bona uqobo usizi ngaphandle kokuthi bazithobe futhi babe njengabantwana abancane, futhi bakholwe ukuthi insindiso yeza, futhi iza, futhi isazoza, kulo futhi nangalo igazi elihlawulayo likaKristu, iNkosi uMninimandla Onke.

19 Ngokuba umuntu wemvelo uyisitha kuNkulunkulu, futhi selokhu aba yiso kusukela ngokuwa kuka-Adamu, futhi uyokuba yiso, phakade naphakade, ngaphandle kokuthi avumele ukuholwa nguMoya oyiNgcwele, futhi amkhumule umuntu wemvelo futhi abe ngongcwele ngenhlawulo kaKristu iNkosi, futhi abe njengomntwana, avume, azehlise, azithobe, abekezele, agcwale uthando, athande ukuvumela zonke izinto iNkosi ebona kufanelekile ukuthi izibeke phezu kwakhe, ngisho njengomntwana evumela uyise.

20 Futhi ngaphezu kwalokho, ngithi kini, isikhathi siyofika lapho ulwazi lomSindisi luyokwanda lugcwale kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.

21 Futhi bhekani, uma leso sikhathi sifika, akekho namunye oyotholakala engenacala phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwabantwana abancane, kuphela ngokuphenduka nangokukholwa egameni leNkosi uNkulunkulu uMninimandla Onke.

22 Futhi ngisho nangaso lesi sikhathi, uma sewubafundisile abantu bakho izinto iNkosi uNkulunkulu wakho akuyale ngazo, ngisho nangaleso sikhathi abatholakali bengenacala phambi kukaNkulunkulu, kuphela kuyokuba ngokwamazwi engiwakhulume kuwe.

23 Manje sengiwakhulumile amazwi iNkosi uNkulunkulu engiyale ngawo.

24 Futhi isho kanje iNkosi: Ayokuma njengobufakazi obugqamile ngokumelene nalaba bantu, ngosuku lokwahlulela; ngalokho-ke bayokwahlulelwa, wonke umuntu njengokwemisebenzi yakhe, noma ngabe mihle, noma ngabe mibi.

25 Futhi uma imibi bayoboniswa ububi bamacala abo uqobo kanye nezinengiso, okubenza bashwabane phambi beNkosi babe sesimweni sosizi kanye nokuhlupheka okungenakuphela, lapho bengasenakubuya nanini; ngakho-ke baziphuzele bona uqobo usizi.

26 Ngakho-ke, baphuze enkomishini yolaka lukaNkulunkulu, ukulunga okungasenakuhoxiswa nanini kubo kunokuba kuhoxise ukuthi u-Adamu wawa ngenxa yokudla kwakhe isithelo esasingavunyelwe; ngalokho-ke, umusa awusenakukwazi ukubathola nanini ingunaphakade.

27 Futhi ukuhlupheka kwabo kunjengechibi lomlilo nesibabuli, amalangabi alo angacisheki, futhi intuthu yalo ekhuphukela phezulu phakade naphakade. Ingiyale kanjena-ke iNkosi. Amen.