Amasu Okufunda
Ukubethelwa esiphambanweni


Ukubethelwa esiphambanweni

Yinqubo yokubulala ngomthetho yamaRoma, eyayandile ngezikhathi zeTestamente eliSha, lapho umuntu wayebulawa ngokubophela noma ngokubethela izandla nezinyawo zakhe esiphambanweni. Kwakujwayele ukwenziwa kuphela ezigqilini futhi nasezigebengwini eziphansi kakhulu. Ukubethelwa esiphambanweni kwakujwayele ukwandulelwa wukushaywa ngesiswebhu noma ngokushaywa (Marku 15:15). Umuntu owayebethelwa esiphambanweni wayejwayele ukwenziwa athwale isiphambano sakhe ukuya endaweni yokubulala (Joh. 19:16–17). Izingubo zakhe zazijwayele ukuthathwa ngamabutho ayefeza isigwebo (Math. 27:35). Isiphambano sasishayelwa phansi ukuze izinyawo zomuntu zibe yifidi noma amafidi amabili kusuka phansi. Isiphambano sasibhekwa ngamabutho aze afe umuntu osesiphambanweni, kwesinye isikhathi okwakuthatha izinsuku ezintathu (Joh. 19:31–37).

UJesu Kristu wabethelwa esiphambanweni ngoba iqembu labantu ababengakholwa bambeka ngamanga icala lokuvukela uKesari futhi nelokuhlambalaza ngoba wathi uyiNdodana kaNkulunkulu. Ingubo ebubende (Joh. 19:2), umqhele wameva, nezinye izinhlamba kwanikwa uJesu (Math. 26:67; Marku 14:65).