Amasu Okufunda
HJS, U-Eksodusi 34


HJS, U-Eksodusi 34:1–2, 14. Qhathanisa no-Eksodusi 34:1–2, 14; Mf&V 84:21–26

UNkulunkulu ubhala umthetho ezibhebheni zamatshe ezazilungiswe ngu Mose kodwa ubuPhristi buka Melkisedeki kanye nezimiso zabo uyakususa kubantwana bakwa-Israyeli. Ubanika umthetho wemiyalelo yenyama.

1 Futhi iNkosi yathi kuMose, “Zibazele ezinye izibhebhe zamatshe, njengezokuqala, ngizophinde ngibhale kuzo, amazwi omthetho, njengoba ayebhaliwe okokuqala ezibhebheni owaziphulayo; kodwa akuseyikuba njengasekuqaleni, ngokuba ngizobususa ubuphristi phakathi kwabo; ngakho-ke uhlelo lwami olungcwele, nezimiso zalo, ngeke lusahamba phambi kwabo; ngokuba ubukhona bami ngeke busahamba phakathi kwabo, ukuze ngingababhubhisi.”

2 Kodwa ngizobanika umthetho njengakuqala, kodwa kuyokuba ngumthetho omiswe ngomyalelo wenyama; ngokuba ngifungile entukuthelweni yami, ukuthi ngeke bangene lapho ngikhona, ekuphumuleni kwami, ezinsukwini zokuzulazula kwabo. Ngakho-ke yenza njengoba ngikuyalile, ulunge ekuseni, wenyuke ekuseni uze entabeni iSinayi, uze kimi, esicongweni sentaba.

UJehova yilo lodwa igama abantu beTestamente eliDala abayazi ngalo iNkosi uJesu Kristu.

14 Ngokuba awuyikukhonza omunye unkulunkulu; ngokuba iNkosi, igama layo elinguJehova, inguNkulunkulu onesikhwele.