Mayelana neziBopho zaseThempelini

Mayelana neziBopho zaseThempelini

Umndeni ubalulekile kwiSu likaNkulunkulu

Umndeni: Isimemezelo eMhlabeni Wonke” sithi “umshado phakathi kwendoda nowesifazane umiswe nguNkulunkulu nokuthi umndeni ubalulekile ohlelweni loMdali lwesiphetho saphakade sabantwana Bakhe” (i-Ensign noma iLiyahona, ngoNovemba. 2010, 129).

Injabulo enkulu ekuphileni itholakala emndenini onothando. Lokhu kunjalo naphezu kweziphazamiso nezinselele eziningi zokuphila. Ukwakha imindeni eqinile kudinga imizamo. Kodwa imizamo enjalo ingaletha injabulo kulempilo nasempilweni kwaphakade. Ngisho nasemindenini lapho ubudlelwano bunzima, ivangeli likaJesu Kristu linganikeza ithemba, induduzo, kanye nokwelapheka.

Kwisu likaBaba oseZulwini lwenjabulo, indoda nomfazi bangaba ndawonye kuze kube phakade. Igunya lokuhlanganisa imindeni kuze kube phakade libizwa ngokuthi amandla okubopha. Ngamandla afanayo uJesu awanikeza abaPhostoli Bakhe ngesikhathi somsebenzi Wakhe emhlabeni (NgokukaMathewu 16:19). Ngakho-ke umshado waphakade ubizwa ngokuthi isibopho. Abantwana abazalwe noma bokutholwa emishadweni yaphakade enjalo nabo bangaboshwa emindenini yabo ingunaphakade.

Ngokungafani nemishado ehlala kuphela “kuze kube yilapho nahlukaniswa ukufa,” ukuboshwa ethempelini kuqinisekisa ukuthi ukufa akukwazi ukuhlukanisa abantu abathandekayo. Ukuze imishado iqhubeke ngemva kokufa, kufanele iboshwe endaweni efanele nangegunya elifanele. Indawo efanele yithempeli futhi igunya elifanele ubuphristi bukaNkulunkulu (IMfundiso neziVumelwano 132:7, 15–19).

Indoda nomfazi ababophile ethempelini benza izivumelwano neNkosi futhi bazenze omunye komunye. Lezi zivumelwano ziyabaqinisekisa ukuthi ubudlelwano babo buzoqhubeka ngemuva kwalempilo uma beneqiniso ezibophezelweni zabo. Bayazi ukuthi akukho, ngisho nokufa, okungabahlukanisa. Labo abashadile kufanele babheke umshado wabo njengobuhlobo babo basemhlabeni ababazisa kakhulu. Phela umuntu oshade naye uyena yedwa ngaphandle kweNkosi esiyalwe ukuba simthande ngenhliziyo yethu yonke (IMfundiso neziVumelwano 42:22).

Igumbi lokuBopha eThempelini ePayson, e-Utah

Umshado Ongunaphakade Ubalulekile

UMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985) wafundisa: “Mhlawumbe umshado uyisinqumo esibaluleke kunazo zonke futhi unemiphumela efinyelela kude kakhulu, ngokuba awunikezi injabulo esheshayo kuphela, kodwa futhi unikeza nenjabulo yaphakade. Akuthinti kuphela abantu ababili abathintekile, kodwa futhi nemindeni yabo, ikakhulukazi abantwana babo nabantwana babantwana babo, kusukela ezizukulwaneni zangamuva” (“The Importance of Celestial Marriage,” i-Ensign ngo-Okhtoba. 1979, 3).

Isivumelwano somshado waphakade siyadingeka ukuze uphakanyiswe. Ukuphakanyiswa ukuphila okuphakade—uhlobo lwempilo uNkulunkulu ayiphilayo. Uphelele. Uhlala enkazimulweni enkulu. Unalo lonke ulwazi, wonke amandla, nakho konke ukuhlakanipha. Unothando, umusa, nesihe. UnguBaba oseZulwini wawo wonke umuntu emhlabeni. Ngolunye usuku singafana Naye. Lokhu ukuphakanyiswa.

Ukuphakanyiswa kuyisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu angasinika abantwana Bakhe (IMfundiso neziVumelwano 14: 7). Kuwumvuzo wabo bonke abazibonakalisa bethembekile eNkosini. Labo abakwenzayo bayophila ezingeni eliphezulu kakhulu lombuso wesilestiyali.

INkosi yembula kuJoseph Smith:

“Embusweni wesilestiyali kunamazulu noma amabanga amathathu; futhi ukuze afumane eliphezulu kunawo wonke, umuntu kufanele angene kulolu hlelo lobuphristi [okungukuthi isivumelwano esisha nesaphakade somshado]; futhi uma engangeni kulolu hlelo, ngeke alifumane” (IMfundiso neziVumelwano 131:1–3).

Ngesikhathi sihlonipha izivumelwano zethu, singaqiniseka ukuthi sizoba nabathandekayo bethu ingunaphakade. INkosi ithembisile:

“Uma indoda ithatha umfazi ngezwi lami, elingumthetho wami, nange sivumelwano esisha nesaphakade, futhi kuqiniswe kubo nguMoya oNgcwele wesethembiso, yilowo ogcotshiweyo, engibeke kuye lamandla ne zikhiye zalobu buphristi; … futhi uma [behlala] kuso isivumelwano sami, … kuyokwenziwa kubo ngokuphathelene nazo zonke izinto noma yini inceku yami ekubekile phezu kwabo, manje nakulo lonke iphakade; futhi kuyoba namandla ahlanganisayo uma sebengasekho emhlabeni” (IMfundiso neziVumelwano 132:19).

INkosi iyazi ukuthi akubona bonke abantwana Bayo abayoba nethuba lokushada kule mpilo. Uthembise ukuthi bonke abamukela ivangeli futhi balwela ukugcina izivumelwano zabo bazothola ithuba lokushada futhi babe nabantwana kule mpilo noma kwelandelayo.

Zonke Izizukulwane Zixhumene

Isimemezelo somndeni sithi “isu elingcwele lenjabulo lenza ubudlelwano bomndeni buqhubeke ngale kwethuna. Izimiso ezingcwele kanye nezivumelwano ezitholakala emathempelini angcwele zenza kube lula ukuthi umuntu ngamunye abuyele ebukhoneni bukaNkulunkulu kanye nokuthi imindeni ihlanganiswe ingunaphakade.”

Amandla okubopha asuka kubazali aye ebantwaneni, kuzo zonke izizukulwane kusukela ekuqaleni komhlaba. UMongameli uJoseph Fielding Smith (1876–1972) wafundisa ukuthi abantwana abazalelwa esivumelwaneni—kanye nalabo ababoshwe kubazali babo ethempelini—“banezabelo ezibusisweni zevangeli ezingaphezu kwalezo ezingatholwa yilabo abangazalwanga kanjalo. Bangathola ukuqondiswa okukhulu, ukuvikeleka okukhulu, ugqozi olukhulu oluvela kuMoya weNkosi; futhi-ke awekho amandla angabaphuca abazali babo” (Doctrines of Salvation, comp. U-Bruce R. McConkie [1955], 2:90).

Abantwana abazalwa ngabazali ababoshiwe ethempelini bazalwa esivumelwaneni. Ngakho, bayingxenye yomndeni waphakade, osekelwe phezu kokwethembeka kwabo. Abantwana abangazalwanga esivumelwaneni bangaba yingxenye yomndeni waphakade uma abazali babo bemvelo noma abazali ababamukele sebeboshiwe omunye komunye. Isimiso sokuboshwa kwabantwana kubazali senziwa ethempelini kuphela. Ukwelula lezi zibusiso kubo bonke abantu, singakwazi futhi ukuba abammeleli kulabo abangasekho. Ngale ndlela, yonke imindeni ingaba ndawonye kuze kube phakade.

Isithembiso sokuthi imindeni yethu ingaba ndawonye ngemva kokufa senza ukuphila kube nenjongo eyengeziwe. Sisikhuthaza ukuba sibe nokholo futhi sithembeke. Siyabukhulisa futhi siyabuqinisa ubudlelwane emindenini. Kusisiza ukuba sithole injabulo nethemba njengoba sibhekana nezinselele zokuphila. Futhi ukwazi ukuthi sizoba ndawonye futhi kuletha induduzo nokuthula ngenkathi sibhekene nokuzwa ubuhlungu noma ukufa kwalabo esibathandayo.

Isimiso sokuboshwa siyisipho esikhulu kunazo zonke sikaNkulunkulu kubantwana Bakhe. Sisenza sikwazi ukubuyela ukuyohlala Naye kanye nabo bonke esibathandayo ingunaphakade. Sinikeza izibusiso ezimangalisayo zalokhu kuphila kanye nokulandelayo. Siyisikhumbuzo esihlala njalo sisikhumbuza ukuthi imindeni iwumgogodla wohlelo lukaNkulunkulu kanye nasenjabulweni yethu lapha naphakade. Sisinikeza ukuthula, ithemba, nenjabulo kubo bonke abasamukela ngokwethembeka.