Ngo-2010–2019
“Naphezu Kwezincekukazi Ngalezo Zinsuku Ngiyakuthulula uMoya Wami”
Ephreli 2010


“Naphezu Kwezincekukazi Ngalezo Zinsuku Ngiyakuthulula uMoya Wami”

Siyazi ukuthi siphumelele uma siphila ngendlela eyenza ukuthi sifanelekele, samukele, futhi siyazi indlela yokulandela uMoya.

Onyakeni odlule ngihlangane nabesifazane abayizinkulungwane babaNgcwele beziNsuku zokuGcina emazweni amaningi. Uhlu lwezinselele lab’odade abahlangabezana nazo lude futhi luthena amandla. Kunezinkinga zomndeni, ukuvivinywa ngokuphathelene nokonga, izinhlekelele, izingozi, kanye nokugula. Kunokuthikaziseka okuningi futhi akukho ukuthula nenjabulo eningi. Kungakhathaliseki imiyalezo yabezindaba ethandwa kakhulu esho okuphambene, akekho ocebe ngokwanele, omuhle ngokwanele, noma ohlakaniphe ngokwanele ukuba agweme impilo yasemhlabeni

Imibuzo ebuzwa odade ibalulekile futhi inokuqonda. Bazwakalisa uvalo ngekusasa, usizi ngabakulindele okungafezekanga, ukungakwazi ukuthatha izinqumo okuthile, kanye nomuzwa ongasekho wokuzihlonipha. Babuye babonise nesifiso esijulile sokwenza okulungile.

Sekukhule phakathi kwami ubufakazi obahlulayo bobugugu bamadodakazi kaNkulunkulu. Okuningi kakhulu kuxhomeke kubo. Ekuvakasheleni kwami laba odade, ngizwe ukuthi akukaze kube nesidingo esikhulu sokholo olwengeziwe nokulunga komuntu siqu. Akukaze kube nesidingo esikhulu semindeni kanye namakhaya aqinile. Akukaze kube nokuningi okungenziwa ukusiza abanye abaswele. Ngabe umuntu ulongeza kanjani ukholo, aqinise imindeni, futhi anikeze usizo na?1 Ngabe owesifazane kulezi zinsuku zethu uzithola kanjani izimpendulo zemibuzo yakhe futhi ame aqine futhi anganyakaziswa amelane nokuphikiswa kanye nobunzima obumangalisayo na?

Isambulo Somuntu Siqu.

Owesifazane omuhle uyazi ukuthi akanaso isikhathi, amandla, noma ithuba elanele lokunakekela bonke abantu noma lokwenza zonke izinto ezifanele inhliziyo yakhe elangazelela ukuzenza. Ukuphila akuzolanga kwabesifazane abaningi, futhi usuku ngalunye lubonakala lufuna kufezwe izinto eziyisigidi, eziningi zazo ezibalulekile. Owesifazane omuhle kumelwe ahlale amelana nemilayezo ehehayo kanye nekhohlisayo evela emithonjeni eminingi emtshela ukuthi unelungelo lokuba nesikhathi esengeziwe enganaki imithwalo yakhe yemfanelo nokuthi ufanelwe ukuphila okulula nokuzimela. Kodwa ngesambulo somuntu siqu, angabeka izinto eziza kuqala kahle futhi aziqondise ekuphileni ngokuzethemba.

Ikhono lokuba ufanelekele, wamukele, futhi wenze lokho owambulelwe khona yikhono elilodwa elibalulekile kakhulu elingatholakala kulempilo. Ukufanelekela uMoya weNkosi kuqala ngokuba ube nesifiso salowo Moya futhi kusho izinga elithile lokufanelekela. Ukugcina imiyalelo, ukuphenduka, kanye nokuvuselela izivumelwano ezenziwe ngenkathi ubhabhadiswa kuholela esibusisweni sokuba noMoya weNkosi njalo.2 Ukwenza nokugcina izivumelwano zethempeli kubuye kulethe ukuqina kanye namandla empilweni yowesifazane. Izimpendulo eziningi zemibuzo elukhuni zitholakala ngokufunda imibhalo engcwele ngoba imibhalo engcwele iwusizo esambulweni.3 Ukuqonda okutholakala emibhalweni engcwele kuyanqwabelana ngokuhamba kwesikhathi, ngakho-ke kubalulekile ukuchitha isikhathi esithile emibhalweni engcwele zinsuku zonke. Umthandazo wansuku zonke ubalulekile ukuze sihlezi sinoMoya weNkosi .4 Labo abafuna usizo ngempela ngomkhuleko nangokufunda imibhalo engcwele ngokuvamile banephepha nepenseli eduze ukuze babhale imibuzo futhi balobe abakuzwa enhliziyweni nabakucabangayo.

Isambulo singeza ihora ngehora nesikhathi ngesikhathi uma senza izinto ezifanele. Uma abesifazane bondla abanye njengoba noKristu ayebondla abanye, amandla kanye nokuthula kungehla ukuze kubaqondise lapho kudingeka usizo. Ngokwesibonelo, omama bangezwa usizo oluvela kuMoya ngisho noma izingane ezikhathele, ezinomsindo zikhalela ukunakwa, kodwa bangaqhelelana noMoya uma bethukuthelela izingane zabo. Ukuba sendaweni efanele kusivumela ukuba sithole isiqondiso. Kudinga umzamo wokuzimisela ukususa izithikamezo, kodwa ukuba noMoya wesambulo kwenza kwenzeke ukunqoba ukuphikiswa nokuphikelela okholweni ezinsukwini ezinzima nasemisebenzini evamile edingekayo. Isambulo somuntu siqu sisinika ukuqonda kokumelwe sikwenze zinsuku zonke ukukhulisa ukholo nokulunga komuntu siqu, ukuqinisa imindeni namakhaya, nokucinga labo abadinga usizo lwethu. Ngoba isambulo somuntu siqu umthombo wamandla ovuselelekayo njalo, kungenzeka ukuba nomuzwa wokuba nosizo oluningi ngisho nasezikhathini zeziyaluyalu.

Sitshelwa ukuthi sithembele kulowo Moya osiholela “ekwenzeni ukulunga, ekuhambeni ngokuzithoba, nokwahlulela ngokulunga.”5 Sitshelwa futhi ukuthi loMoya uzokhanyisela izingqondo zethu, ugcwalise imiphefumulo yethu ngenjabulo, futhi usisize sazi zonke izinto okumele sizenze.6 Isambulo somuntu siqu esithenjisiwe sifika lapho sisicela, sisilungiselela, futhi siya phambili ngokholo, sithemba ukuthi sizothululelwa kithi.

Inhlangano Yosizo yabesiFazane—Iyafundisa, Ifaka ugqozi, futhi Iyaqinisa

Ngaphezu kwalokho, iNkosi ngokuhlakanipha kwaYo inikeze Inhlangano Yosizo yabesiFazane ukusiza amadodakazi waYo kulezi zinsuku zokugcina. Uma isebenza ngendlela efaka ugqozi, iphakamisa abesifazane futhi ibakhiphe ezweni elinezinkinga ibayise endleleni yokuphila ebalungiselela izibusiso zokuphila okuphakade. Lenhlangano inomthwalo wemfanelo oyinhloko wokusiza odade bakhulise ukholo nokulunga komuntu siqu, baqinise imindeni namakhaya, futhi bafune labo abaswele. NgeNhlangano Yosizo Yabesifazane, odade bangathola izimpendulo zemibuzo yabo futhi babusiswe ngamandla omoya ahlangene odade bonke. Inhlangano Yosizo yabesiFazane iqinisa isimo sangempela nesaphakade samadodakazi kaNkulunkulu. Iyisibopho esingcwele, ingukukhanya okuqondisayo, nenqubo yokuqapha efundisa futhi ifake abesifazane ugqozi lokuba baqine futhi banganyakaziswa. Isiqubulo sayo, “Uthando alusoze lwaphela,”7 sihlanganisa bonke abesifazane abahle.

Uma intombazane ithuthukela eNhlanganweni Yosizo yabesiFazane noma uma owesifazane ebhabhadiselwa kuleli Bandla, uba yingxenye yodade abamqinisayo ekulungiseleleni kwakhe ukuphila okuphakade. Ukungena eNhlanganweni Yosizo yabesiFazane kubonisa ukuthi owesifazane angathenjwa futhi kuncikwe kuye ukuba ahlanganyele ngokuphawulekayo kuleli Bandla. Uyaqhubeka nokuthuthuka njengomuntu siqu ngaphandle kokuthola ukuqashelwa noma udumo lwangaphandle oluningi.

Umongameli wesibili kazwelonke weNhlangano Yosizo , u-Eliza R. Snow, usho lokhu kodade: “Sifuna ukuba abesimame ngezenzo zonke, hhayi ngokomqondo wegama labahluleli bomhlaba, kodwa sibe abangane abafanelekayo boNkulunkulu nabaNgcwele. Esimweni esihlelekile singasizana hhayi kuphela ngokwenza okuhle kodwa nangokuzicwengisa, futhi kungakhathaliseki ukuthi kuza abambalwa noma abaningi ukuzosiza ngalomsebenzi omkhulu, abazogcwalisa izikhundla ezihloniphekile eMbusweni kaNkulunkulu. … Abesifazane kumelwe babe abesifazane futhi hhayi izingane ezidinga ukutotoswa nokukhuzwa sonke isikhathi. Ngiyazi sidinga ukwaziswa kodwa uma singakutholi konke ukwaziswa esicabanga ukuthi kusifanele, yikuphi okubalulekile? Siyazi ukuthi iNkosi ibeke umthwalo wemfanelo ophakeme phezu kwethu, nokuthi asikho isifiso noma ukulangazelela iNkosi ekutshale ezinhliziyweni zethu okungenakufezeka, nokuthi okuhle kakhulu esingakwenza kithi nakwabanye ukuzicwenga nokuzikhulisa kukho konke okuhle futhi sibe nesithunzi sokufanelekela leyo mithwalo yemfanelo.”8

Ukulinganisa Impumelelo

Abesifazane abahle bahlala benesifiso sokwazi ukuthi bayaphumelela yini. Ezweni lapho izilinganiso zempumelelo zivame ukuhlanekezelwa, kubalulekile ukufuna ukwaziswa nokuqiniswa emithonjeni efanele. Ukucaphuna ohlwini olutholakala ku-Preach My Gospel, senza kahle uma sithuthukisa isimilo sikaKristu futhi sizama ukulihlonipha ivangeli laKhe ngokuyikho du. Senza kahle uma sifuna ukuzithuthukisa nokwenza okusemandleni. Senza kahle uma sithuthukisa ukholo nokulunga komuntu siqu, siqinisa imindeni namakhaya, futhi nokucinga nokusiza abaswele. Siyazi ukuthi siphumelele uma siphila ngendlela eyenza ukuthi sifanelekele, samukele, futhi siyazi indlela yokulandela uMoya. Uma senze okusemandleni, sisengahlangabezana nokudumazeka, kodwa angeke sidumazeke ngathi. Singazizwa siqinisekile ukuthi iNkosi ijabulile uma sizwa uMoya usebenza kithi.9 Ukuthula, injabulo, kanye nethemba kuyatholakala kulabo abalinganisa impumelelo ngendlela efanele.

Isambulo encwadini kaJoweli sithi ezinsukwini zokugcina, amadodana namadodakazi kaNkulunkulu azophrofetha futhi iNkosi izothululela uMoya waYo ezincekwini zaYo nasezincekukazini zaYo.10 UMongameli uSencer W. Kimball usiphindile lesi siphrofetho uma ethi:

“Okuningi kokukhula okukhulu okuza kuleli Bandla ezinsukwini zokugcina kuzoza ngoba abaningi babesifazane abahle balelizwe (phakathi kwabo okuvame ukuba nomuzwa wangaphakathi wokugxila okholweni) bazodonseleka kuleli Bandla ngobuningi. Loku kuzokwenzeka kuze kube sezingeni lokuthi abesifazane baleli Bandla babonise ukulunga nokucacisa ekuphileni kwabo nasezingeni lokuthi abesifazane baleli Bandla babonwa njengabagqamile nabahlukile—ngezindlela ezijabulisayo—kwabesifazane balelizwe. …

“Ngakho-ke kuzokwenzeka ukuthi abesifazane baleli Bandla abayisibonelo bazoba ibutho elinamandla ekukhuleni ngokwenani nangokomoya kwaleli Bandla ezinsukwini zokugcina.”11

Nginikeza ubufakazi bami bokuthi ivangeli likaJesu Kristu liyiqiniso. INkosi incike emadodakazini aYo ukuthi enze ingxenye yawo ekuqiniseni amakhaya aseSiyoni nokwakha umbuso waYo emhlabeni. Uma besifuna futhi besifanelekela isambulo somuntu siqu, iNkosi izothululela uMoya waYo ezincekukazini zaYo ezinsukwini zokugcina. Egameni likaJesu Kristu, ameni.