Ngo-2010–2019
Qhubeka Nokubekezela
Ephreli 2010


Qhubeka Nokubekezela

Izifundo esizitholayo uma sibekezela zakha isimilo, zisimamisa izimpilo zethu, futhi zandisa injabulo yethu.

Ngeminyaka yo-1960, usolwazi waseNyuvesi yaseStanford walinga abantwana abaneminyaka emine ngenhloso yokubavivinya ngokufisa kwabo ukwenza okuthile. Wabeka uswidi omkhulu phambi kwabo wase ebatshela ukuthi babengawudla ngaleso sikhathi noma, uma babelinda imizuzu eyishumi nanhlanu, babengagcina sebedla ababili oswidi.

Emva kwalokho wabe esebashiya bodwa abantwana ukuze yena abukele esibukweni esibonakalisa nhlangothi zombili ukuthi kwakwenzekani. Abanye abantwana bawudla ngokushesha uswidi; abanye babekwazi ukulinda imizuzwana nje ngaphambi kokuthi bavumele isilingo sokudla. Bangamaphesenti angamashumi amathathu kuphela abakwazi ukulinda.

Lolu cwaningo lwaluthandeka, futhi lo solwazi waqhubeka nocwaningo lwakhe kweminye imikhakha ngoba, wathi, “zimbalwa izinto ongazenza ngabantwana abazama ukungawudli uswidi.” Ngokuhamba kwesikhathi, wabalandela abantwana ezimpilweni zabo sebekhulile wase ebona okuthile: labo bantwana ababengakwazanga ukulinda baba nobunzima empilweni sebekhulile futhi babehluleka ukuziphatha ngendlela efanele, kwathi labo ababefunde ukulinda bavama ukuba nethemba empilweni futhi baba nogqozi lokwenza izinto, benza kahle nasezifundweni zabo esikoleni futhi benza nemali engconywana, futhi bakha ubudlelwano obuhle nabanye abantu.

Okwaqala njengesivivinyo sabantwana noswidi kwaphenduka kwaba wucwaningo olubalulekile olwaluveza ukuthi ukufunda ukulinda—ukubekezela—yisimilo esibaluleke kakhulu esingaholela empumelelweni.1

Ukulinda Kungaba Nzima

Ukulinda kungaba nzima. Abantwana bayakwazi lokho, ngokunjalo nabadala. Siphila esikhathini lapho esidayiselwa khona ukudla okusheshayo, sikwazi nokuthumela imiyalezo masinyane, sikwazi nokuthola amafilimu ngesikhathi esiwafuna ngaso, sithola nezimpendulo zemibuzo engasho lutho ngokunjalo nejulile. Asikuthandi ukulinda. Abanye bezwa sengathi inhliziyo ishaya ngamandla uma kudingeke ukuthi balinde isikhathi eside kulayini esitolo.

Ukubekezela—ikhono lokuzithiba okwesikhashana—kuyisimilo esithandeka kakhulu futhi esingandile. Sifuna lokhu esikufunayo futhi sikufuna manje. Ngakho-ke, ukucabanga nje ngokubekezela kungaba yinto engathandeki kahle, futhi embi.

Noma kunjalo, ngaphandle kokubekezela, asikwazi ukujabulisa uNkulunkulu; asikwazi ukuphelela du. Impela, ukubekezela kuyasihlanza kulungise nokuqonda kwethu, kusinika nenjabulo, kusenza sigxile kwesikwenzayo futhi kusinikeza ithemba lokuthula.

Njengabazali siyazi ukuthi kuwubuwula ukunikeza izingane zethu konke ezikufunayo. Kodwa izingane akusizona zodwa ezonekayo uma zinikwa konke ezikufunayo ngokushesha. UBaba wethu oseZulwini uyakwazi nalokhu abazali abalungile abakwazi ngokuhamba kwesikhathi ukuthi: ukuze izingane zikhule ngokuphelele futhi zibe yikho konke ezidalelwe kona, kumele zifunde ukulinda.

Ukubekezela Akusikona Ukulinda nje Kuphela

Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi, umndeni wami wabalekela ezweni elisha. Ngangihlezi ngingumfundi ophasa kahle esikoleni kwaze kwaba isikhathi lapho sifika khona ezweni laseJalimane eseNtshonalanga. Lapho-ke, indlela engangifunda ngayo yayehlukile kakhulu. Izifundo zezwe esasizifunda esikoleni zazizintsha kimi. Izifundo zomlando esasizifunda nazo zazehlukile kakhulu. Ngaphambilini, ngangikade ngifunda ulimi lwesiRashiya; manje ngase ngifunda ulimi lwesiNgisi. Lokhu kwaba nzima kimi. Impela, kwakuba khona izikhathi lapho engangikholwa khona ukuthi cha ulimi lwami lwalungadalelwe nhlobo ukukhuluma isiNgisi.

Ngenxa yokuthi zonke izifundo ezazifundwa zazizintsha futhi zingajwayelekile kimi, ngasalela emuva. Okokuqala ngqa empilweni yami, ngaqala ukuzibuza ukuthi kazi ngihlakaniphe ngokwanele yini ukuba ngifunde.

Ngenhlanhla nganginothisha owangifundisa ukuba ngibekezele. Wangifundisa ukuthi ukusebenza ngokuzimisela njalo—ukubekezela ngokuphikelela—yikho okwakuzongisiza ngifunde.

Ngokuhamba kwesikhathi, izifundo ezazinzima zavele zacaca bha—ngisho nesiNgisi. Kancane kancane ngaqala ukubona ukuthi uma ngangihlezi ngizimisela njalo, ngangizokwazi ukufunda. Akuzange kufike kalula, kodwa ngokubekezela, kwafika.

Ngenxa yalokho engadlula kukho, ngafunda ukuthi ukubekezela akukona nje ukulindela ukuthi into yenzeke—ukubekezela kwakudinga ukuthi ngiqhubeke nokuzikhandla ukuze ngifeze izinjongo zami ezinhle futhi ngingadangali uma imiphumela ingaveli ngokushesha noma ngaphandle kwemizamo.

Nasi isifundo esivelayo lapha: ukubekezela akusikona ukuhlala uthule nje, futhi akusikona ukwehluleka ukwenza utho ngenxa yokwesaba. Ukubekezela kusho ukulinda kube kukhona okwenzayo futhi uqine. Kusho ukuhlala entweni ethize nokwenza konke okusemandleni—ukusebenza, ukuba nethemba nokholo; ukuthwala ubunzima ngesibindi, ngisho kucaca ukuthi izifiso zethu azifezeki ngokushesha. Ukubekezela akusikona ukuqina njekuphela, kodwa futhi kusho ukuqina ngqi!

Ukungabekezeli, ngakolunye uhlangothi, kuwuphawu lokuzinaka wena kuphela. Kuyisimilo somuntu ohlezi ezinaka yena kuphela nemizwa kanye nesimo sakhe. Sibangwa yilesi simo esivame ukuba khona esiholela ekutheni abantu bacabange ukuthi impilo yabo nezinkinga zabo zibalulekile kunezabanye nokuthi abanye abantu bangabalingisi abasekelayo kuleli shashalazi lempilo lapho bona bodwa bengabalingisi abahamba phambili.

Kwaze kwahluka-ke lokhu, bafowethu abathandekayo, nomthetho iNkosi esibekele wona njengamadoda anikwe ubuphristi.

Ukubekezela, Umgomo Wobuphristi

Njengamadoda anikwe ubuphristi nabamele iNkosi uJesu Kristu, kufanele sibasize abanye ngokuhambisana nesibonelo Sakhe. Kunesizathu sokuba kucishe kube yizo zonke izifundo eziphathelene nobuholi bobuphristu ezifika esigabeni se-121 seMfundiso neziVumelwano. Emavesini ambalwa nje, iNkosi isifundisa konke ngobuholi bobuphristi. “Akukho mandla noma umthelela ongagcinwa noma okufanele ugcinwe ngobuphristi, ngaphandle kokubonisa, ngokuba nenhliziyo ende, ngobubele nangobumnene, nangothando olungazenzisi.” 2

Lezi zimilo nokwenziwayo okuchazwa kulama vesi kuyisisekelo sokubekezela okufana nokukaNkulunkulu futhi kuhlangene nemisebenzi emihle yobuphristi nobuphatriyakhe. Lezi zimilo zizokunika amandla kanye nenhlakanipho ukuze ukwazi ukukhulisa ubizo lwakho, nangesikhathi ushumayela ivangeli, nangesikhathi ujwayelana namalungu omgwamanda wobuphristi okuwo, nokunika lolo sizo lobuphristi olubaluleke kakhulu—okuwusizo olunothando ngaphakathi kwezindonga zekhaya lakho.

Asohlezi sikhumbula ukuthi esinye sesizathu sokuba uNkulunkulu asethembe ngobuphristi ukusisiza ukuba sikwazi ukulungela izibusiso zaphakade ngokulungisa isimilo sethu ngokubekezela okudingekayo ngesikhathi sinika usizo lobuphristi.

Njengoba neNkosi isibekezelela, nathi asibabekezelele labo esibasizayo. Yiba nokuqonda ukuthi nabo, njengathi, abanakho ukuphelela du. Nabo bayawenza amaphutha njenganathi. Nabo bayabadinga abantu abazobakholwa ngisho bungekho ubufakazi njenganathi.

Ungalinge umdele omunye umuntu. Nawe ungalinge uzidele.

Ngikholwa wukuthi omunye nomunye wethu, nganoma yisiphi isikhathi, siyasiqonda isimo senceku emfanekisweni kaKristu eyayinecala lemali enkosini neyazinxusela kuyo ithi “Ake ungibekezelele Nkosi.”3

Indlela Nesikhathi seNkosi

Abantwana bakwa-Israyeli balinda iminyaka engamashumi amane ehlane ngaphambi kokuba bafike ezweni lesethembiso. UJakobe walinda iminyaka emide eyisikhombisa elinde uRaheli. Amajuda alinda iminyaka engamashumi ayisikhombisa eBabiloni ngaphambi kokuba bakwazi ukubuyela ukuyokwakha ithempeli kabusha. AmaNefi alinda uphawu lokuzalwa kukaKristu, ngisho bazi ukuthi uma uphawu lungafiki, babezobhubha. Izivivinyo zikaJoseph Smith ngesikhathi esejele laseLiberty zabanga ukuthi ngisho umphrofethi kaNkulunkulu azibuze ukuthi, “Kuyoze kube nini na?”4

Kuzo zonke lezi zimo, uBaba oseZulwini wayenenhloso ngokufuna ukuthi abantwana Bakhe balinde.

Omunye nomunye wethu ubizelwe ukuba makalinde ngendlela yakhe. Silindela izimpendulo zemikhuleko yethu. Silindela izinto esizibona zisilungele ngaleso sikhathi size singakwazi ukuqonda ukuthi kungani uBaba oseZulwini ethatha isikhathi ukuba aphendule.

Ngikhumbula ngesikhathi ngilungiselela ukuqeqeshelwa ukuba ngumshayeli wendiza yezempi. Sachitha isikhathi esiningi ngenkathi siqeqeshwa okokuqala emasosheni ngokuzivocavoca imizimba. Namanje angikazi kahle ukuthi kwakubaluleke ngani lokugijima okungapheli ukulungiselela ukuba ngumshayeli wezindiza. Noma kunjalo-ke, sagijima, sagijima saphinde sagijima futhi.

Ngesikhathi ngisagijima ngaqala ukuqaphela okuthile okwakungikhathaza ngempela. Njalo ngangihlezi ngidlulwa amadoda abhemayo, aphuzayo nayenza zonke izinto eziphambene nevangeli, ikakhulu, iZwi lokuHlakanipha.

Ngikhumbula ngicabanga ukuthi, “Mana! Akumele engabe ngikwazi ukugijima ngingakhathali na?” Kodwa ngangikhathele, futhi ngangedlulwa ngabantu ababengalilandeli nhlobo iZwi lokuHlakanipha. Ngiyavuma, ngangikhathazekile ngaleso sikhathi. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngabe lesi sithembiso siyiqiniso noma cha.

Impendulo ayizange ifike ngokushesha. Kodwa ekugcineni ngafunda ukuthi izethembiso zikaNkulunkulu azihlezi zifezeka masinyane noma ngalendlela esilindele ngayo; zifika ngesikhathi Sakhe futhi ngezindlela Zakhe. Eminyakeni elandelayo ngabuthola ubufakazi obucace bha bezibusiso zesikhashana ezitholwa yilabo abalalela iZwi lokuHlakanipha—ezengezwa ezibusisweni zomoya ezifika ngokushesha uma silandela noma yimiphi imithetho kaNkulunkulu. Uma sengibheka emuva, ngiqinisekile ukuthi yize izibusiso zeNkosi zingafiki ngokushesha, ziyafika zona.

Ukubekezela Kudinga Ukholo

UBrigham Young wasifundisa ukuthi uma kwakufika into ayengayiqondi ngokuphelele, wayethandaza eNkosini athi “Ngiphe ukubekezela ukuze ngikwazi ukulinda ngize ngiqonde”.5 UBrigham emva kwalokho wayeqhubeka nokukhuleka aze ayiqonde leyonto.

Kumele sifunde ukuthi kwicebo leNkosi, ukuqonda kwethu kufika “umthetho phezu komthetho, isiyalezo phezu kwesiyalezo.”6 Kafushane, ulwazi nokuqonda sikukhokhela ngokubekezela.

Kukaningi lapho okwenzeka njengamanje sikuqonde kangcono sesibheka emumva. Kukaningi lapho sibona khona isandla seNkosi ezimpilweni zethu sezidlule kudala izivivinyo. Kujwayelekile ukuthi izikhathi ezinzima ezimpilweni zethu zakhe isimilo sethu ziphinde zihlanganise indlela yamathuba akusasa, ukuqonda kwakusasa kanye nenjabulo yakusasa.

Ukubekezela, isiThelo soMoya

Ukubekezela imfanelo kaNkulunkulu engalapha imiphefumulo, engaqaqa ingcebo yolwazi nokuqonda futhi engaguqula amadoda namakhosikazi ajwayelekile kuthi abengcwele futhi abe yizingelosi. Ukubekezela kuyisithelo soMoya okwangempela.7

Ukubekezela kuqonde ukuhlala nento kuze kube yisekugcineni. Kusho ukuzithiba okwesikhashane ukuze sithole izibusiso kusasa. Kusho ukulawula ulaka nokungakhulumi amazwi angenamusa. Kusho ukumelana nokubi yize kubukeka engathi okubi kucebisa abanye abantu.

Ukubekezela kusho ukuthi wamkele izinto ezingashintsheki uphinde uzibheke ngesibindi, ngomusa nangokholo. Kusho “ukuzimisela ukuvuma kuzozonke izinto lezo uNkulunkulu azibona ukuba zifanele ukuba zithinte thina, futhi njengengane elalela ubaba wayo” 8 Ekugcineni, ukubekezela ukuthi “ugxile ubambelele, futhi unganyakaziseki ekugcineni imiyalelo yeNkosi”9 ngawo wonke amahora ezinsuku zonke, ngisho kunzima ukwenza njalo. Ngamazwi kaJohane oweMbulayo,“Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu yanye … nokukholwa nguJesu.”10

Ukubekezela yinqubo yokuphelela. UMsindisi uqobo wathi uma sibekezela siphethe imiphefumulo yethu.11 Noma, ukuhumusha ngesiGriki, ekubekezeleni kwakho uzuza ukuzithiba komphefumulo wakho.12 Ukubekezela kusho ukuhlala okholweni, wazi ukuthi ngesinye isikhathi sikhula kakhulu ekulindeni kunasekutholeni. Lokhu kwakuyiqiniso ngezikhathi zikaMsindisi. Kuyiqiniso nasezikhathini zethu ngoba siyayalelwa kulezi zinsuku zokugcina ukuthi “qhubekani nokubekezela nize niphelelisiwe.”13

INkosi Iyasibusisela Ukubekezela Kwethu

Ukuhumusha uMhubi wakudala, uma silinda iNkosi ngokubekezela, izothambekisa ngakuthina. Izozwa izikhalo zethu. Izositakula kumgodi omubi ibeke izinyawo zethu kwidwala eliqinile. Iyofaka iculo elisha emilonyeni yethu, futhi siyodumisa uNkulunkulu. Baningi abaseduze kwethu abayokubona futhi bazokwethemba iNkosi.

Bafowethu abathandekayo, umsebenzi wokubekezela ufingqeka kanje: gcina imiyalelo, themba uNkulunkulu uBabawethu oseZulwini; Musize ngobumnene nangothando lukaKristu; yiba nokholo nethemba kuMsindisi, uphinde ungalahli ithemba. Izifundo esizitholayo uma sibekezela zakha isimilo, zisimamisa izimpilo zethu, futhi zandisa injabulo yethu. Zizosisiza ukuthi sibe abaphristi abafanelwe nabalandeli beNkosi uJesu Kristu abathembekile.

Kuwumkhuleko wami ukuthi ukubekezela kube yisidalo sethu njengabantu abanobuphristi bukaNkulunkulu onaMandla, ukuthi sizoba nesibindi sokwethemba izithembiso zeNkosi nesikhathi sakhe; ukuthi sizophatha abanye ngokubekezela nangozwelo lolu esilufunayo nathi; nokuthi sizoqhubeka ekubekezeleni size sipheleliswe. Egameni elingcwele likaJesu Kristu, ameni.