Ngo-2010–2019
Ukuba nguMelusi
Ngo-Okthoba 2018


Ukuba nguMelusi

Ngiyethemba ukuthi labo obasizayo bazokubona njengomngani bephinde bebone ukuthi, kuwe, baneqhawe kanye nomuntu abangakwazi ukukhuluma naye.

Ngonyaka odlule, umtwana waseNhlanganweni yabaNtwana engahlangana naye eChile waletha ukumamatheka ebusweni bami. Wathi, “Sawubona, nginguDavide. Ungakhuluma ngami emhlanganweni omkhulu na?”

Ngesikhathi ngingedwa, ngike ngazindla ngokungibingelela kukaDavide okwakungalindelekile. Sonke siyafuna ukubonwa. Sifuna ukubaluleka, ukukhunjulwa, nokuzizwa sithandwa.

Bodadewethu nabafowethu, nonke ngabanye nibalulekile. Ngisho kungakhulunywa ngawe emhlanganweni omkhulu, uMsindisi uyakwazi futhi uyakuthanda. Uma uzibuza ukuthi ngabe lokhu kuyiqiniso yini, kufanele kuphela uzindle ngokuthi “[U]kuqophile entendeni yezandla [Zakhe].”1

Uma sazi ukuthi uMsindisi uyasithanda, singase sizibuze ukuthi singamkhombisa kanjani siyamthanda na?

UMsindisi wabuza uPetru wathi, “Uyangithanda na … ?”

UPetru waphendula wathi, “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Yipha amawundlu ami.”

Ngesikhathi ebuzwa lombuzo othi “Uyangithanda na?” okwesibili nangokwesithathu, UPetru wadabuka kepha waluqinisekisa uthando lwakhe wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye, Yipha izimvu zami.2

Ngabe uPetru wayengakakhombisi yini ukuthi wayengumlandeli onothando kaKristu na? Kusukela beqala ukubonana ogwini lolwandlwe, washiya “masinyane” amanetha ukuze alandele uMsindisi.3 UPetru waba ngumdobi wabantu oqotho. Waphelezela uMsindisi emsebenzini Wakhe wobufundisi futhi wasiza ekufundiseni abanye ivangeli likaJesu Kristu.

Kodwa manje iNkosi evuke ekufeni yayazi ukuthi Yayingeke isaba seduze noPetru, imkhombisa ukuthi kufanele asebenze kanjani futhi nini. Ngenkathi uMsindisi engekho, uPetru wayezodinga ukuholwa nguMoya, azitholele yena isambulo, bese ebanesibindi nokholo lokwenza okuthile. Ngenxa yokugxila ezimvwini Zakhe, uMsindisi wayefisa ukuba uPetru enze lokhu Yena ayezokwenza ukuba wayekhona. Wacela uPetru ukuba abe ngumelusi.

Ngenyanga edlule ka-Ephreli, uMongameli uRussel M. Nelson wasimema nathi ngokufanayo ukuba sondle izimvu zikaBaba ngokungcwele futhi lokho sikwenze ngokusiza.4

Ukuze sisamukele ngokugcwele lesi simemo, kufanele sibe nenhliziyo kamelusi futhi siziqonde kahle izidingo zezimvu zeNkosi. Ngakho-ke siba kanjani ngabelusi iNkosi edinga ukuba sibe yibo na?

Njengayo yonke imibuzo, singabheka kuMsindisi wethu, uJesu Kristu—uMelusi Omuhle. Izimvu zikaMsindisi zazaziwa futhi zibaliwe, zazigadiwe, futhi zaziqoqelwe ndawonye emhlanjini kaNkulunkulu.

Ukwaziwa nokuBalwa

Njengoba sizama ukulandela isibonelo soMsindisi, kufanele siqale sizazi futhi sizibale izimvu Zakhe. Sinikwe umsebenzi wokunakekela abantu nemindeni ethile ukuze siqinisekise ukuthi wonke umhlambi weNkosi ubaliwe futhi akekho okhohlakele. Noma kunjalo, ukubala akuphathelene ngempela nezinombolo; kumayelana nokuqinisekisa ukuthi umuntu ngamunye uyaluzwa uthando lukaMsindisi ngomuntu omsebenzelayo. Ngaleyo ndlela, wonke umuntu angabona ukuthi uyaziwa nguBaba oseZulwini onothando.

Isithombe
UMsindisi kanye nemvana

Muva nje ngihlangane nentombazane enikwe umsebenzi wokuba isize udade oneminyaka cishe ephindwe kahlanu kuneyayo. Ndawonye, bathola ukuthi bobabili bathanda umculo. Uma kuvakasha lentombazane, bacula amaculo ndawonye, futhi babelana ngamaculo abawathandayo. Bakha ubungani obubusisa izimpilo zabo bobabili.

Ngiyethemba ukuthi labo obasizayo bazokubona njengomngani baphinde babone ukuthi, kuwe, baneqhawe kanye nomuntu abangakwazi ukukhuluma naye—umuntu ozaziyo izimo zabo futhi abaseke emathembeni nasemaphusheni abo.

Muva nje ngemukela ukwenza umsebenzi wokuba ngisize udade mina nalowo osebenza nami esasingamazi kahle. Ngesikhathi sibonisana noJess, umhlanganyeli wami osizayo oneminyaka eyi-16, ngokuhlakanipha wathi, “Sidinga ukumazi.”

Isithombe
UDade uCordon nomhlanganyeli wakhe osizayo

Sanquma ngokushesha ukuthi kwakufanele sizithathe isithombe sithumele nomyalezo wokuzazisa. Ngabamba umakhalekhukhwini, uJess wacindezela inkinobho ukuze sithathe isithombe. Ithuba lethu lokuqala lokusiza kwakungumzamo wabahlanganyeli.

Ngesikhathi sivakasha okokuqala, sambuza udadewethu ukuthi ngabe kwakukhona yini esasingamkhulekela ngakho. Wasitshela ngenkinga ebucayi ayebhekene nayo futhi wathi angayamukela kakhulu imikhuleko yethu. Ukukhuluma kwakhe iqiniso nokusethemba kwaletha uthando phakathi kwethu ngokushesha. Kwaze kwayisibusiso esihle ukumkhumbula emkhulekweni yami yemihla ngemihla.

Ngesikhathi ukhuleka, uzoluzwa uthando lukaJesu Kristu ngalabo obasizayo. Yabelana nabo ngalolothando. Iyona yiphi indlela engcono yokondla izimvu Zakhe ngaphandle kokuthi uzisize ukuthi zizwe uthando Lwakhe—ngawe na?

Ukugadwa

Indlela yesibili yokuba nenhliziyo kamelusi ukugada izimvu Zakhe. Njengamalunga eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sikwazi ukunyakazisa, siqinise, silungise, futhi sakhe kabusha cishe noma yini. Siyashesha ukuhlangabeza isidingo ngosizo noma ngesitsha sokudla. Kodwa ngabe kukhona okunye na?

Ngabe izimvu zethu ziyazi yini ukuthi sizigade ngothando nokuthi sizothatha izinyathelo zokuzisiza na?

Ku Mathewu sifunda ukuthi:

“Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo … :

“Ngokuba ngangilambile, nangipha ukudla; ngangomile, nangiphuzisa; ngangingumfokazi, nangingenisa: …

“Khona bayakuyiphendula abalungileyo ngokuthi: Nkosi, sakubona nini ulambile sakupha ukudla, noma womile sakuphuzisa, na?

Sakubona nini ungumfokazi sakungenisa na?”5

Bafowethu nodadebethu, igama elibalulekile ngelithi sakubona. Abalungile babona labo abaswele ngoba babegadile futhi beqaphele. Nathi singaba yiso eligadayo ukuze sisize futhi siduduze, sigubhe futhi siphuphe imbala. Ngesikhathi kukhona esikwenzayo, singaqiniseka ngesethembiso esikuMathewu: “Njengokuba nikwenzile komunye walaba … , nikwenzile kimi.”6

Isithombe
UMsindisi enakekela imvu

Umngani—esizomubiza ngoJohn—wangixoxela ngokungenzeka uma sibona isidingo somunye esingabonakali ngokusobala: “Kwake kwenzeka udade wasewadini lami wazama ukuzibulala. Emva kwezinyanga ezimbili, ngathola ukuthi akekho noyedwa kumgwamanda wethu owaya kumyeni wakhe ukuyoxoxa naye ngalesi sehlakalo esibuhlungu. Ngeshwa, nami akukho engangikwenzile. Ekugcineni, ngamcela umyeni wakhe ukuba siyodla isidlo sasemini. Wayeyindoda enamahloni, evame ukuthula. Kodwa ngenkathi ngithi, ‘Umkakho uzame ukuzibulala. Ngiyacabanga kufanele ukuthi lokho kukuqeda amandla. Ungathanda mhlawumbe ukukhuluma ngalokho na?’ wehluleka ukuzibamba wakhala. Saba nengxoxo enhle yokujwayelana futhi saba nokwethembana okukhulu ngemizuzwana nje.”

UJohn waphinde wathi, “Ngicabanga ukuthi sesajwayela ukuletha ukudla kunokuthi sithole indlela yokubhekana nesimo ngeqiniso nangothando.”7

Izimvu zethu kungenzeka zizwe ubuhlungu, zilahleke, noma ziziphambukele zona; njengabelusi, kufanele sibe ngabokuqala ukubona izidingo zazo. Singalalela futhi sikhombise uthando ngaphandle kokwehlulela siphinde sinikeze ithemba nosizo ngokuholwa ukuqonda kukaMoya oNgcwele.

Bodadewethu nabafowethu, umhlaba ugcwele ithemba ngenxa yezenzo zenu zomusa ezikhuthazayo enizenzayo. Ngesikhathi ufuna ukuholwa yiNkosi mayelana nokuthi ungalukhombisa kanjani uthando Lwakhe futhi ubone izidingo zalabo obasizayo, amehlo akho azovuleka. Umsebenzi wakho ongcwele onikwe wona wokusiza ukunika ilungelo elivela kuNkulunkulu lokuthola intshisekelo. Ungayifuna leyontshisekelo ngethemba.

Ukuqoqelwa emHlanjini kaNkulunkulu

Okwesithathu, sifuna izimvu zethu ziqoqelwe emhlanjini kaNkulunkulu. Ukuze sikwenze lokho, kufanele sicabange ngokuthi bakuphi endleleni yabo yesivumelwano futhi sikuthande ukuhamba nabo ohanjweni lwabo lokholo. Sinelungelo elingcwele lokuba sizazi izinhliziyo zabo futhi sibakhombe kuMsindisi wabo.

Isithombe
Izimvu zilandela uMelusi Omuhle

Udade Josivini waseFiji waba nobunzima bokubona indlela yakhe eya phambili endleleni yesivumelwano—okwangempela. UMngani wakhe wabona ukuthi uJosivini wayengakwazi ukubona imibhalo engcwele kahle ukuba ayifunde. Wanikeza uJosivini izibuko zokufunda ezintsha nepensela eliphuzi khona ezogqamisa lapho okukhulunywa khona ngoJesu Kristu eNcwadini kaMormoni. Okwaqala njengesifiso sokumsiza kanye nokumlekelela afunde imibhalo engcwele kwagcina sekusiza uJosivini aye ethempelini okokuqala emva kweminyaka engama-28 abhabhadiswa.

Isithombe
UDade uJosivini
Isithombe
UDade uJosivini esethempelini

Noma ngabe izimvu zethu ziqinile noma zibuthakathaka, zeneme noma zisosizini, singenza isiqiniseko sokuthi akekho ohamba yedwa. Singabathanda noma ngabe bakuphi ngokomoya futhi sibalekelele sibakhuthaze bathathe isinyathelo esilandelayo esiya phambili. Ngesikhathi sikhuleka futhi sifuna ukuqondisisa inzinhliziyo zabo, ngiyafakaza ukuthi uBaba oseZulwini uzosihola futhi noMoya Wakhe uzohamba nathi. Sinethuba lokuba “izingelosi [ezibazungezile]” ngesikhathi Yena ehamba phambi kobuso kwabo.8

Isithombe
UMelusi Omuhle nezimvu Zakhe

INkosi iyasimema ukuba sondle izimvu Zayo, sizinakekele njengoba yayingenza Yona. Isimema ukuba sibe ngabelusi besizwe sonke, bawo wonke amazwe. (Futhi-ke yebo, Gosa u-Uchtdorf, siyabathanda futhi siyabadinga abelusi bamaJalimane.) Futhi Uyafisa ukuba abantu Bakhe abasha bahlanganyele kuloludaba.

Intsha yethu ingaba ngabelusi abanamandla kakhulu. Njengoba uMongameli uRussell M. Nelson eshilo, bayintsha enhle kakhulu iNkosi eyake yabathumela kulomhlaba.” “Bayimimoya emihle”, “enosizo olukhulu” elandela uMsindisi.9 Cabanga nje ngamandla azolethwa yilabelusi ngesikhathi benakekela izimvu Zakhe! Uma sisebenzisana nalentsha, sizobona izimangaliso.

Mantombazane nabafana, siyanidinga! Uma ungenawo umsebenzi wokusiza abanye, khuluma nomongameli wakho weNhlangano yoSizo yabesiFazane noma womgwamanda wamagosa. Bazokujabulela ukuthanda kwakho ukuqinisekisa ukuthi izimvu Zakhe ziyaziwa futhi zibaliwe, zigadiwe, futhi ziqoqelwe ndawonye emhlanjini kaNkulunkulu.

Mhla sekufika isikhathi lapho sizoguqa khona ezinyaweni zikaMsindisi wethu othandekayo, sesiwondlile umhlambi Wakhe, kungumkhuleko wami ukuthi singakwazi ukuphendula njengoba uPetru aphendula ethi: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”10 Lezi, zimvu Zakho, ziyathandwa futhi ziphephile, futhi zisekhaya. Egameni likaJesu Kristu, amen.