Ngo-2010–2019
Ukuba NgabaNgcwele Bezinsuku Zokugcina Abayisibonelo
Ngo-Okthoba 2018


Ukuba NgabaNgcwele Bezinsuku Zokugcina Abayisibonelo

Ngishiya uthando lwami nesibusiso sami kini, ukuze nizitike ngezwi leNkosi futhi nisebenzise izimfundiso Zayo ezimpilweni zenu.

Lona kube umhlangano okhuthazayo futhi onomlando. Sibheke ikusasa ngomdlandla. Sigqugquzelwe ukuba senze kangcono futhi sibe ngcono. Imilayezo emangalisayo ethunyelwe esuka kulepulpiti ngabaneGunya Elikhulu bethu kanye nabaPhathi-Zikhundla Abakhulu kanye nomculo obulokhu uthinta inhliziyo ngokujulile! Ngiyaninxusa ukuba nifunde lemilayezo, ukuqala kwalelisonto.1 Izwakalisa umqondo nentando yeNkosi kubantu Bayo, namuhla.

Uhlelo olusha lokufunda olugxile emakhaya, olusekelwa yiBandla lunamandla okukhulula amandla emindeni, njengoba umndeni ngamunye ulandela ngonembeza nangokucophelela ukuguqula ikhaya lawo libe yindawo yokukholwa. Ngiyethembisa ukuthi ngesikhathi usebenza ngokukhuthala ukushintsha ikhaya lakho kube ngelokufunda ivangeli, ngokuhamba kwesikhathi izinsuku zakho zeSabatha ngempela ziyoba nenjabulo. Abantwana bakho bazojabulela ukuzifunda nokuziphila izimfundiso zoMsindisi, futhi nomthelela wesitha empilweni yakho nasekhaya lakho uzoncipha. Izinguquko emndenini wakho zizomangalisa futhi zisekele.

Ngesikhathi salomhlangano siye saqinisa ukuzimisela kwethu ukwenza umzamo obalulekile wokuhlonipha iNkosi uJesu Kristu njalo lapho sikhuluma ngeBandla Lakhe. Ngiyakuthembisa ukuthi ukunaka kwethu ngamandla ukusebenzisa igama elifanele leBandla likaMsindisi kanye namalungu alo kuzoholela ekwandeni kokholo kanye nasekutholakaleni kwamandla amakhulu angokomoya amalungu eBandla Lakhe.

Manje ake sibuyele esihlokweni samathempeli. Siyazi ukuthi isikhathi sethu ethempelini sibaluleke kakhulu ngokuphathelene nensindiso nokuphakanyiswa kwethu ngokunjalo nokwemindeni yethu.

Ngemumva kokuthola izimiso zethu zasethempelini nokwenza izivumelwano ezingcwele noNkulunkulu, umuntu ngamunye wethu udinga ukuqiniswa okuqhubekayo ngokomoya kanye nokufundiswa okungenzeka kuphela endlini yeNkosi. Futhi okhokho bethu bayasidinga ukuba sisebenze njengalabo ababamele.

Cabanga ngomusa omkhulu nokulunga kukaNkulunkulu, owathi, ngaphambi kwesisekelo somhlaba, wanikeza indlela yokunika izibusiso zethempeli kulabo abafa ngaphandle kolwazi lwevangeli. Lezi zimiso ezingcwele zasethempelini ngezasendulo. Kimi lokho okwakudala kuyajabulisa futhi bungobunye ubufakazi bobuqiniso bazo.2

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ukuhlasela kwesitha kukhula kakhulu, ngamandla kanye nangokwehluka.3 Isidingo sethu sokuba sethempelini njalo asikaze sibe sikhulu kangaka. Ngiyanincenga ukuthi nibheke ngomkhuleko ukuthi nisisebenzisa kanjani isikhathi senu. Beka isikhathi ekusaseni lakho nelomndeni wakho. Uma ufinyelela kahle ethempelini, ngikunxusa ukuthi uthole indlela yokwenza isikhathi njalo neNkosi—ukuba sekhaya laYo elingcwele—bese uyasigcina leso sikhathi ngokuqiniseka nangenjabulo. Ngiyakuthembisa ukuthi iNkosi izoletha izimangaliso Eyaziyo ukuthi uyazidinga njengoba uzidela ukuze unikele futhi ukhonze emathempelini Ayo.

Njengamanje sinamathempeli anikezelwe ayi-159. Ukunakekelwa nokulungiswa okufanele kwalawomathempeli kubaluleke kakhulu kithi. Ngokuhamba kwesikhathi, amathempeli nakanjani adinga ukuvuselelwa nokwenziwa kabusha. Ukufeza lokho, sekwenziwa izinhlelo manje zokwenza kabusha nokuvuselela iThempeli laseSalt Lake namanye amathempeli esizukulwane sokuqala. Imininingwane ngalemiklamo izokwabiwa njengoba isakhiwa.

Namuhla sijabulela ukumemezela izinhlelo zokwakha amanye amathempeli ayi-12. Lawomathempeli azokwakhiwa kulezi zindawo ezilandelayo: eMendoza, e-Argentina; eSalvador, eBrazil; eYuba City, eCalifornia; ePhnom Penh, eCambodia; ePraia, eCape Verde; eYigo, eGuam; ePuebla, eMexico; e-Auckland, eNew Zealand; eLagos, eNigeria; eDavao, ePhilippines; eSan Juan, ePuerto Rico; naseWashington County, e-Utah.

Ukwakha nokugcina amathempeli kungenzeka kungashintshi impilo yakho, kepha ukuchitha isikhathi sakho ethempelini kungayishintsha nakanjani. Kulabo asebenesikhathi eside bengayi ethempelini, ngiyanikhuthaza ukuba nizilungiselele futhi nibuyele ngokushesha okukhulu. Bese ke nginimema ukuba nikhonze ethempelini futhi nithandaze ukuze niluzwe ngokujulile uthando loMsindisi olungapheli ngani, ukuze ngamunye wenu athole ubufakazi bakhe bokuthi Uhola lomsebenzi ongcwele futhi ongapheli.4

Bafowethu nodadewethu, ngiyanibonga ngokholo lwenu kanye nemizamo yenu yokusekela. Ngishiya uthando lwami nesibusiso sami kini, ukuze nizitike ngezwi leNkosi futhi nisebenzise izimfundiso Zayo ezimpilweni zenu. Ngiyaniqinisekisa ukuthi isambulo siyaqhubeka eBandleni futhi sizoqhubeka kuze“kufezeke izinhloso zikaNkulunkulu, futhi uJehova Omkhulu uyothi umsebenzi usufeziwe.”5

Ngiyanibusisa ngokholo olwengeziwe Kuye nangomsebenzi Wakhe ongcwele, ngokholo nokubekezela ukuze nibekezelele izinselelo zenu empilweni. Ngiyanibusisa ukuba nibe Abangcwele Bezinsuku Zokugcina abayisibonelo. Ngiyanibusisa futhi ngifakaza ukuthi uNkulunkulu uyaphila! UJesu unguKristu! Leli yiBandla Lakhe. Singabantu baKhe, egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo leMfundiso

  1. Bheka imiyalezo yomhlangano omkhulu ku-inthanethi ku-LDS.org nasohlelweni lokusebenza lwe-Gospel Library. Zizoshicilelwa kwi- Ensign kanye nakwi- Liyahona. Amaphephabhuku eBandla, kuhlanganise i- New Era kanye ne- Friend (uMngani), alethwa ngeposi noma alayishwe ku-inthanethi, ayingxenye ebalulekile yohlelo lwakho lwezifundo zevangeli.

  2. Bheka, isibonelo, u-Eksodusi 28; 29; uLevitikusi 8.

  3. Bheka uMosiya 4:29.

  4. Bheka uWilford Woodruff, “The Law of Adoption,” inkulumo eyethulwe emhlanganweni omkhulu weBandla, ngo-Ephr. 8, 1894. UMongameli uWoodruff uthe: “Asikaqedi [nge]sambulo. Asikaqedi [ngo]msebenzi kaNkulunkulu. … Ngeke uphele lomsebenzi uze wenziwe kahle” (Deseret Evening News, Ephr. 14, 1894, 9).

  5. Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 142.